Wednesday, March 30, 2016

kukhalwa ngamanzi aziphumela ubusuku nemini ngakwaMlogo

Umphakathi owakhele indawo yaseNgwabi okuyisigodi sakwaShoba ukhala ngokuthi sekuneminyaka awagcina amanzi ekubeni ephuma ubuxhaxhaxha epayipini elikhulu elingasesiteshini kwaMlogo, lelipayipi kuthiwa liyazivuzela nje ubusuku nemini.

Elinye ilungu lomphakathi lithe kubukeka bengaziwa noma bayaphilani noma abaphili ngoba kukaningi beyikhuluma indaba yamanzi nezikhulu zaseZululand ziyayazi lenkinga njengoba sezabikelwa kaningi kodwa kungenzeki lutho.

Nakwezinye izindawo khona kwashoba kukhalwa esifanayo ngoba kuthiwa amanzi akhetha izindawo ekubeni kunezinjini ezimbili ezifonsa amanzi phansi nosekunesikhathi zagcina ukuzwakala ziduma.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...