UMongameli wenhlangano ka African National Congress uMnu Jacob Zuma kubikwa ukuthi utshele amalunga esigungu esiphezulu salenhlangano emhlanganweni idonse izinsuku ezintathu ukuthi uma befuna ukumehlisa esikhundleni abamehlise bengalokhu bemkhuluma emasithe.
Lemibiko ebithe chithi saka kumaphephandaba angempelasonto okubalwa iMail & guardian ne Sowetan, uMnu Zuma ukhuluma kanjena nje uphekwe ngokokana kulelihlandla lakhe lesibili enguMongameli wezwe njengoba iqembu le EFF lingamniki ngisho okuncane ukuphumula ephalamende uma ethula inkulumo noma ephendula imibuzo. Sekuyisejwayezi ukuthi njalo uma eke waqala wakhuluma uMsholozi bese ivungama i EFF ngomvumo othi uyikhokha nini imali nokusuke kuqondiswe emalini eyalungisa umuzi kaMongameli oseNkandla.
Ukhuluma kanjena nje uMongameli sekuqubuke izinkulumo eziningi ezithi izinqumo zezwe zithathwa umndeni wezimpunyela zakwa Gupta ezingabanikazi bama bhizinizi amaningi alapha ezweni
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Umculi wekwaito u Busiswa uzozwakala ku album ka Beyonce ethulwe namuhla nglwesihlanu esihloko esithi Lion KIng -The gift, lentokazi yodum...
No comments:
Post a Comment