uMfundisi Bheki Sithole webandla le AFM church esifundazweni saseMpumalanga zimphelele izinsuku zokubizwa ngo Brother esontweni njengoba kuthe ngempelasonto esiphuma kuyo wabopha ifindo lomshado nesithandwa sakhe uNkosikazi Lerato Sithole umaMotshwenr ongowakhona eWitbank.
UMfu Sithole nobizwa phecelezi iJunior Pastor ebandleni ungowokuzalwa endaweni yakwaShoba oPhongolo kodwa usezinze eWitbank, lomshado obuyindumezulu ubuhanjelwe abantu abaningi bebandla kanjalo nabanyr abebephuma oPhongolo.
Lezithandani zibopha ifindo lomshado nje kuthe ngo April nonyaka kwaba nomthembiso nokwakudweba isithombe esicace bha ukuthi kungekudala kuzobe kuthiwa shanelani amabala zingane emzini wakwaSithole.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Kuphinde kwaba nokuthuthana ngamandla phakathi kwe EFF nabezokuvikela ephalamande izolo ebusuku ngesikhathi kuzokwethulwa inkuluma yesizwe p...
No comments:
Post a Comment