Inhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA iqophe umlando izolo ebusuku ngesikhathi iqoka uNkosikazi Fatma Samba Diouf Samoura nodabuka kwelase Senegal esikhundleni sokuba unobhala jikelele walenhlangano.
uNkosikazi Samoura noneminyaka engu 54 ungene esikhundleni ebesiphethwe ngu Mnuz Jerome Valcke nowamiswa ngezinsolo zenkohlakalo ekanye nabanye abebephethe ethimbeni ebeliholwa nguMnuz Sepp Blatter naye owamiswa ngazo izinsolo zokugwazisa. Kulindeleke ukuba aqale umsebenzi wakhe ekuqaleni kwenyanga ezayo uNkosikazi Samoura nogabe ngamava ekuphatheni izinhlangano kwazise ubekwesinye isikhundla kunhlangano yamazwe ngamazwe nabeseyisebenzele iminyaka engu 21.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Obengumqeqeshi weqembu la Mazulu FC uBennie McCarthy usehlukene ngesihle naleliqembu lika Mnumzane Sandile Zungu. UBennie nosabambe umklome...
-
UMasipala wasoPhongolo udle umhlanganiso ngokuba nguMasipala ohlanzekile kunabobonke oMasipala basezindaweni zaseMakhaya esifundazweni sakw...
-
Kubikwa ukuthi uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma uyocela isihlobo esihle kusithandwa sakhe seminyaka esakwa Magwaza eNquthu. Lezindaba ezix...
No comments:
Post a Comment