Inhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA iqophe umlando izolo ebusuku ngesikhathi iqoka uNkosikazi Fatma Samba Diouf Samoura nodabuka kwelase Senegal esikhundleni sokuba unobhala jikelele walenhlangano.
uNkosikazi Samoura noneminyaka engu 54 ungene esikhundleni ebesiphethwe ngu Mnuz Jerome Valcke nowamiswa ngezinsolo zenkohlakalo ekanye nabanye abebephethe ethimbeni ebeliholwa nguMnuz Sepp Blatter naye owamiswa ngazo izinsolo zokugwazisa. Kulindeleke ukuba aqale umsebenzi wakhe ekuqaleni kwenyanga ezayo uNkosikazi Samoura nogabe ngamava ekuphatheni izinhlangano kwazise ubekwesinye isikhundla kunhlangano yamazwe ngamazwe nabeseyisebenzele iminyaka engu 21.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment