uDavid Gatebe ongumgijimi wamabanga amade uwubhale kabusha umlando kulomqhudelwano ngesikhathi ebeka isikhathi esingu 5:18:19 nokube isikhathi esisha esike sabekwa onqobe lomjaho obusuka ePitermarizburg uya eThekwini ngomgqibelo.
Lomgijimi odabuka kwelase North West ubegqiba ingqophamlando yesikhathi engu 5:20:21 eyabekwa ngu Rashiya u Leonid Shvetsov ngonyaka ka 2007.
uGatebe ubebonakala ewuthakasele lomqhudelwana ulandelwe ngu Ludwick Mamabolo nowake wawunqoba lomqhudelwano nobebonakala ezikhululekele ngoba uthe engaqeda ukushaya intambo washaya ingoma kanti no Gatebe uthe engaqeda washaya ama Push-up.
Sisekuwo lomqhudelwano obalwa neminye emikhulu emhlabeni kubese kuthi kwabesilisa kwaphuma u Bongumusa Mthembu endaweni yesithathu nowake waba ngumpetha ngonyaka ka 2014. Kanti kwabesifazane kunqobe owakuleli uNkszn Charne Bosman nodlule seziyela kumaliyede lowo onqobe ngonyaka ophelile u Nkszn Caroline Wotsmann nobesehlaselwa amajaqamba .
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment