Iqembu lebhola lezinyawo labafanyana abafunda esikoleni sakwaShoba iMlimisi Primary School sibe ngompetha bomncintiswano wabangaphansi kweminyaka engu 13 obubekwe isitolo sezimpahla zokwakha sakwaBuilt it oPongolo.
Lomcintiswano obubanjelwe elokishini laseNcotshane ngempelasonto ubudlalelwa izikole zamabanga aphansi nogcine unqotshwa iMlimisi ngo 6-5 ishaya iSiyethemba sekukhahlelwa amaphenathi emva kokubambana ngo 0-0 emdlalweni.
iMlimisi izizuzele inkomishi nezikhwama umdlali nomdlali kanti futhi nomdlali wemncintiswano uphume kuso lesikole esiqeqeshwa uJacky Mavuso nobuye ebe nguthisha kulesikole esaziwa kakhulu ngokukhiqiza abantu abaningi abavelele emkhakheni eminingi ezweni.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment