Kuzodibana amaqembu ahlale ethwesana ubunzima uma edibene okuyi Orlando Pirates ne Supersport United emdlalweni wamanqamu we Nedbank cup.
Ezimnyama zizicabele indlela ebheke kowamanqamu emva kokushaya kabuhlungu i Free State Stars eGloble Park kwelase Free State ngo 4-2 amagoli ezimnyama ashaywe ngu Mohomi nokube umkhonto ogwaze ekhaya namabili kaLuvuyo Memela nogcine eqonkwe njengomdlali wosuku kwase kuba elokugcina lika Thamsanqa Gabuza kwase kuthi awe Stars ashaywa ngu Nkosi naye u Mohomi.
Kanti komunye umdlalo wesibili owandulela owamanqamu obusePitoli phakathi kwe Supersport United ne Baroka FC edume ngokuginqa obhutabadala ngoba ivele izicoboshisele emaqenjini ePSL kulomqhudelwano kepha izolo akubanga njalo ngoba iSupersport ibathele induku ka 2-0 nokube amagoli ashaywe u Bradley Glober no Thuso Phala.
Kusazomenyezelwa usuku nenkundla okuzodlalelwa kuyo.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment