Wednesday, May 4, 2016

asaqhubeka nobandlululo amabhunu oPhongolo

Kungakapheli sikhathi esingakanani kuqubuke umsindo abelungu bebize abantu abamnyama ngezimfene kuthe ngomsombuluko abafana abane nantombazane amabili bohlanga lwamabhunu bashaye babuye bahlukumeza abafanyana abane basendaweni yakwashoba ngesikhathi bebothola bezidobela izinhlanzi emfuleni uPhongolo.

Labafanyana bathi bashaywa ngezimpama kuqhunyiswa izibhamu bekhonjwa ngezizibhamu bekhahlelwa uma bebuza isizathu kulabontamolukhuni bathi babashayela ukuthi abantu abamnyama bayadelela,

Kwavulwa icala esteshini sasoPhongolo emva kokungenelela kuka Mnu Sgcino Myeni ubeumesiya walabafanyana emva kokuthi kwaba namaphoyisa ayebachitha labafanyana ethi abayeMagudu beyovula khona icala. Nokuthe makubeqeda ukuvula icala wabahambisa emakhaya kubo ebusuku.

Kusalindelwe usuku lokuqulwa kwecala

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...