Sunday, May 15, 2016

Ukhamba lufuze imbiza kumsubathi osemncane

Sithunyelwe
Nakuba isizulu sithi uMfundisi akamzali uMfundisi kodwa kubukeka uLwandile Zikalala ehamba ezinyathelweni zikababa wakhe ngokuba bukhali kwezemidlalo njengoba izolo egile izimanga emidlalweni yamasekhethi ezikolwe ezakhele iRichards bay.

Lomfanyana oneminyaka eyisikhombisa unqobe umzuliswano we 100 mitres waphinda waba yingxenye ye relay nokumenze wazizuzela izitifiketi ezimbili ngalempumelelo.

uLwandile nofunda eGlobal Christian Academy khona eRichards bay ubukeka eya kude kwezemidlalo njengoba nangesikhathi esafunda kwesinye sezikolwe oPhongolo ubezibandakanya nezokubhukuda,

Kubukeka ukhamba lufuze imbiza ngoba ubaba wakhe uLindelihle Faya Zikalala waziwa kakhulu ngokuthanda ibhola njengoba wayengumdlali webhola kanti manje usengumphathi weqembu elibizwa ngokuthi iJoyouse FC neladla umhlanganiso kumaplay off okuyongena ku SAB eminyakeni edlule. Naphinde abe ngumsunguli womncintiswana webhola obizwa ngeFaya Soccer Challenge noba ngumantuntanendishi ngoba awubi endaweni eyodwa minyaka yonke.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...