Iqembu leKaizer Chiefs nelithathwa njengelinye elikhulu ezweni kuthe kulalwa izolo bese kusabalele uhlu lwabadlali okuthiwa angeke bebonakale kuleliqembu.
Amakhosi nokuyigama eliteketiswa ngalo leliqembu lalowo owayeyibamba ku Orlando Pirates u Kaizer Motaung liqrde isizini linganqobanga ngisho esisodwa isicoco kweze PSL neze Caf. Indlela Amakhosi abedlala ngayo bekungeke kuthuse ukuwabona eliwasha ekuseni ijezi ngisho ezitekini zenkukhu ngendlela yebhola elinhlakanhlaka ebelidlala nokuyeka oqekele bamathuba okushaya amagoli.
Abangeke kuvuselelwe izinkontileka zabo ngu Morgan Gould Yeye Letsholonyane , Ryde Pieterse no Siboniso Gaxa
Abacelwe ukuthi becinge amanye amakhaya yilaba Philani Cele, Ovidy Karuru, Levy Mokgothu, Simphiwe Mtsweni, Shandukani Mulovhedzi, Chris Matombo, Zitha Macheke
Abasohlwini lwabadayiswayo Siyanda Xulu, Bongani Ndulula, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Sula Matovu, Ivan Bukenya
Ababolekiswayo David Zulu (Chippa United) no Andisiwe Mtsila
Okushintshiswane ngaye ngu Keegan Ritchie ku SuperSport United no Sibusiso Khumalo
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment