Nguwashiywa emaqenjini ezepolitiki agaqele ukudla iwadi elisha ceke ngaphansi komasipala wasoPongolo okungu wadi 15 ofaka indawo yakwashoba neyase Deckville.
Lamaqembu abonakala engasabazi ubuthongo yinhlangano ka ANC iqembu le IFP nele NFP. Leliwadi libuhlubuke ku wadi 8 ophethwe yiqembu le IFP nelayinqoba emva kokuthi owayenqobile we NFP wakhumula umjezi enkundleni ekhala ngenjenje kwabangakubo.
Nakuba bengakaphanyekwa ezigxotsheni kodwa amahemu hemu athi u ANC ugabe ngo Sgcino Myeni ongomunye wosondonzima balenhlangano ebukeka ingasabazi ubuthongo ngoba usuku nosuku ihlala ihambela imizi, bese iqembu le IFP liza ngoyikhansela kuwadi 8 uMnu Mbhekiseni Nkumane kuthi iqembu le NFP ligadle ngoMnu Njingakayisweli Mavuso odume ngelikaJacky.
Kubukeka kuzowasebenzela amaqembu amaningi kuleliwadi ukunxenxa abavoti kwazise kusasele inyanga yonke kuvotwe.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment