Wednesday, June 29, 2016

Ligwetshiwe ibhova lokuzibeka

Lowo owazamazamisa umhlaba ngo 2012 uSbusiso Gcabashe ngokuzibiza ngomculi ongasekho kaMaskandi uMgqumeni izolo ugwetshwe iminyaka ewu 28 ebhadla ejele ngamacala okudlwengula, ukuzenza umuntu engesiye, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelokushaya.

lendoda eyake yazama ukuphuma ibaleke ejele kusaqala ukuqulwa kwecala layo yazamazamisa umhlaba ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi ingu Mgqumeni yasho nokusho ukuthi ibithetshuliwe idla udaka nobulongwe yaze yasizwa uMholi webandla lakwaShembe owayikhipha kulenkinga yokwenziwa umantindane.

Nakuba esegwetshiwe kodwa umndeni wakwaKhumalo usasho namanje ukuthi lona ngu Mgqumeni yingakho uthe uzosedlulisa isigwebo enkantolo ephakeme lapha uzozama khona ukuthi inkantolo isichithe.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...