Umnyango wezokuvikela ezweni wenze indumezulu yomcimbi lapha ibizonikela khona ngomfaniswano wesikolwe kulabo bafundi abawudingayo kakhulu.
Lomcimbi obuhambisana nokugutshwa kosuku lwentsha phecelezi youth day ububanjelwe kwashoba ehholo lomphakathi nalapha lomcimbi ubuhanjelwe eminye iminyango okungowezempilo nofike wabeka omahamba nendlwa kuhlolelwa izifo ezahlukenekanjalo nomnyango wezamaphoyisa nobuholi bendawo okuyizinduna nekhansela lesigceme sika Ward 8 ukhansela uMbhekiseni Nkumane.
Izikole bezisina zidedelana ngamakhono ehlukahlukene okubalwa indlamu, umculo wokholo, nezinkondlo nokunye okuningi. Okuphinde kwahlaba umxhwele intsha ukuthola izaluleko komunye wabantu abasebancane osephumelele ngaso isikhali semfundo nongowokuzalwa khona endaweni uSyabonga Nxumalo nosebenzela umnyango wezemfundo ephakeme.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...


No comments:
Post a Comment