Kubathandi nabalandeli bomculo kaMaskandi ikakhulukazi abasoPhongolo bazobe bethe ne emsakazweni uKhozi fm kwazise umculi odabuka kuyo lendawo u Mlungisi Buthelezi odume ngelesichomane sasoPhongolo uzobe esohlelweni luka Zimiphi Biyela olubizwa ngokuthi Sibhukuda kwesimanzonzo noluzongena ngehora le 11 kuzekuyoshaya elesibili entathakusa.
Lensizwa yaseMphafeni khona oPongolo izobe izokwethula icwecwe layo elisihloko esithi "Isibivabiva" nelikhiphe kulonyaka uthwasa. Kubukeka liya ngokukhula izinga lika Maskandi endaweni yasoPongolo kwazise kunabaculi abafana no Govozile odume ngele Tourist yasoPongolo ozakabi ohlwini lwe Top 10 kuwo lomsakazo. Kanti kuzokhumbuleka ukuthi kwakunomunye umculi owayebizwa ngo Mpukanezimzwani wakhona oPongolo esigodini sakwaBhembe owayecula nenqwaba yabaculi abafana no Mgqumeni, Bhekumuzi Luthuli nabanye.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment