Thursday, March 31, 2016

unqunyelwe okatiki Umongameli wezwe ngemali yabakhokhi bentela

Njengoba izakhamuzi zezwe bezilindele ukuzwa ukuthi isigungu samajaji sizophuma nasiphi isixazululo odabeni lokuthi umongameli wezwe uMnu Jacob Zuma akhokhe ingxenye yemali yabakhokhi bentela eyalungisa umuzi wakhe enkandla.

Amajaji anqumele umongameli ukuthi ayikhokhe lemali zingakapheli izinsuku ezingama 48, uphinde wagxekwa uMongameli ngokungawushayi ndiva umyalelo kamvikeli womphakathi uNkosazane Thuli Madonsela wokuthi akhokhe lemali. Loludaba sekudingidwe ngalo isikhathi eside noseludale okukhulu ukuphazamiseka ephalamende kwazise kuyaye kuthi makunezingxoxo iqembu le EFF lisho phezulu ngengila lithi "pay back the money" liqondise kumongameli wezwe

sisazophinda sigudle imbilaphu isandla ngo phethilolo

Abashayeli bezimoto bazolala sebazi ukuthi bazothayisela ngamalini uma betha izomoto uphethilolo noma udizili njengoba kusasa kuzomenyezelwa ukunyuka kwalezizinto ezihambisa imoto.

Umnyango wezamandla nokumbiwa phansi ubike ukuthi lokhu kwenyuka kudalwa ukuntengantenga kwe randi uma liqhathaniswa nezinye izimali emhlabeni.

Wednesday, March 30, 2016

ofuna ukubona izithombe engizishuthe ezulwini akakhokhe uR5000 - Mboro

Kubikwa ukuthi umfundisi odume ngokwenza izimanga uMfundisi uMboro kuthe kuphakathi nenkonzo yephasika kwaqhambuka ukukhanya okusambani kwamthatha waze wabuya ngentambama yalolosuku.

Okhulumela ibandla lika Mboro ukuqinisekisile ukuthi umfundisi wazishutha izithombe ngefoni yakhe eyi Samsung galaxy kulabo abafuna ukuzibona bengakhipha uR5000 kuzothi ngeviki elizayo ekupheleni kwalo bese ezifaka kufacebook page yakhe lomfundisi odume ngokwenza imigilingwane.

kusolwa u V odwetshelwa u Patricia De Lille ku AD

Kubikwa ukuthi isimo sishubile ku Democratic Alliance kwazise kulungiswa uhlu lwabazoqokelwa ezikhundleni zokuba ngoMeya nezinye izikhundla emikhandlwini yomasipala eyehlukene njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya.

UNkosikazi Patricia De Lille nokunguyena Mayor yaseCape Town kubikwa ukuthi ngathi bafuna ukumchitha kulesikhundla alokhu asiqhoqhoba emva kokufaka iqembu lakhe kuDA elalibizwa nge Independent Democracy, ngakolunye uhlangothi uDe Lille kubikwa ukuthi usasilobizela lesikhundla njengoba esafisa ukuphatha elinye ihlandla.


kukhalwa ngamanzi aziphumela ubusuku nemini ngakwaMlogo

Umphakathi owakhele indawo yaseNgwabi okuyisigodi sakwaShoba ukhala ngokuthi sekuneminyaka awagcina amanzi ekubeni ephuma ubuxhaxhaxha epayipini elikhulu elingasesiteshini kwaMlogo, lelipayipi kuthiwa liyazivuzela nje ubusuku nemini.

Elinye ilungu lomphakathi lithe kubukeka bengaziwa noma bayaphilani noma abaphili ngoba kukaningi beyikhuluma indaba yamanzi nezikhulu zaseZululand ziyayazi lenkinga njengoba sezabikelwa kaningi kodwa kungenzeki lutho.

Nakwezinye izindawo khona kwashoba kukhalwa esifanayo ngoba kuthiwa amanzi akhetha izindawo ekubeni kunezinjini ezimbili ezifonsa amanzi phansi nosekunesikhathi zagcina ukuzwakala ziduma.

Monday, March 28, 2016

wakubona kumvalela amathuba ukukhulunyiswa isingisi njalo usonkondlo wasoPhondwane

U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye osonkondlo abasebancane ukuze bavelele njengaye. Nakuba ethi indlela yakhe ayibanga ushukela kulomkhakha njengoba waze wathatha isinqumo sokushintsha isikole sasendaweni ngoba ethi kukhulunywa isingisi kuphela asivumelekile ukuthi kukhulunywe noma kwenziwe izinto ezithinta ulimi lwebele okuyisizulu.

Lelibhobhodlelana elizalwa eMzinsangu kodwa eselizinze oPhondwane libukeka liya kude kulomkhakha wokuhaya njengoba kuthe ngonyaka ophelile wakhipha inkondlo yakhe eyayisihloko esithi "abangani benkohliso" neyamvulela amathuba okubizwa emisakazweni yomphakathi okufaka neMaputaland community radio nokwadala ukuthi nanamuhla miningi imisakazo yomphakathi esayidlala lenkondlo yakhe.

Ikhono lakhe alingabazeki njengoba eqashwa ubuthaphuthaphu uma kuzoba nemishado kanjalo nemingcwabo nosekumdalele ukuthi athathe isinqumo sokukhipha icwecwe elizoba nezinkondlo eziyisithupha nelizobizwa ngokuthi " Hamba nayo".

Nakuba esasengumfundi wamabanga aphezulu esikoleni esibizwa ngo Mlomokazulu uthi akuzukumphazamisa ephupheni lakhe lokuba ngomunye wosonkondlo abahlonishwayo ezweni nasemhlabeni wonkana,

Kulabo abafisa ukuxhumana naye engatholakala kulezinhlamvu zokuloba ezithi 084 626 0295 kanti uyatholakala naku facebook ku SENZO MATHEBULA MASINA

sixoxa ngezithombe imicimbi ehlukahlukene ebiyenzeke ngamaholidi ephasika

Ubezicuphe kanje uMxolisi Mbokazi ongomculi wegospel

Mfu S Shongwe we ACSA

Mfu PS Malinga we Stand still Ministry



Mfu J Ndlangamandla we Good Samaritan Christian Centre eme nethimba lamadumisayo


Ibandla lamaJerico


Ezinye zezinto ebezenzeka kwenye yezinkonzo e Stand Still Ministry


Ithimba labadumisi base Good Samaritan Christian Church


Bekuqhueka inkonzo ebandleni le AFM 

Akasalanga ngaphandle no Snethemba Mbokazi ongumdlali wesginci








Sunday, March 27, 2016

amalangabi e umvoti plaza

 Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqubuka amalangami omlilo kuzigcini phethilolo.
Kusabikwe imizi emibili eshile kanye nazoke izitolo ezakhele lendawo bekungakabikwa muntu olimele noshonile

kuboshwe umdlali wePirates ngenxa yejubane

Amaphoyisa asegoli kubikwa ukuthi abophe umdlali we Orlando Pirates ngenxa yokugijimisa imoto ngejubane lika 173kmp endaweni ka 120kmp. Lesigameko kuthiwa senzeka ngolwesihlanu eGoli.

Anqabile ukukhipha imininingwane ngomdlali ukuthi ngabe ungubani.

Saturday, March 26, 2016

ungundabuzekwayo emhlabeni uHlonpho Kekana

Nakuba kusazothatha iminyaka ukuthi abalandeli bebhola emhlabeni bekhohlwe ingqophamlando yegoli elishaywe u Hlonpho Kekana kudlalwa ne Cameroon kubukeka amathuba eBafana Bafana eya ngokucwila okuthi eyomela izwe ku Afcon ngonyaka obuyayo.

Abafana baka Shakes mashaba badlale ngokulingana ngo 2-2 ne Cameroon nakuba iNingizimu Africa ihambe phambili izikhawu zaze zabambili ngamagoli ka Tukelo Rantie nelika Hlonpho Kekana nokube inguzunga yeshodi ayidonse engakaweqi umugqa wesenta.

Kulindeleke ukuba abafana basekhaya banqobe noma kanjani ngolwesibili uma esephinda edibana emdlalweni olandelayo ngolwesibili lapha eNingizimu Africa

ungundabuzekwayo emhlabeni uHlonpho Kekana

Nakuba kusazothatha iminyaka ukuthi abalandeli bebhola emhlabeni bekhohlwe ingqophamlando yegoli elishaywe u Hlonpho Kekana kudlalwa ne Cameroon kubukeka amathuba eBafana Bafana eya ngokucwila okuthi eyomela izwe ku Afcon ngonyaka obuyayo.

Abafana baka Shakes mashaba badlale ngokulingana ngo 2-2 ne Cameroon nakuba iNingizimu Africa ihambe phambili izikhawu zaze zabambili ngamagoli ka Tukelo Rantie nelika Hlonpho Kekana nokube inguzunga yeshodi ayidonse engakaweqi umugqa wesenta.

Kulindeleke ukuba abafana basekhaya banqobe noma kanjani ngolwesibili uma esephinda edibana emdlalweni olandelayo ngolwesibili lapha eNingizimu Africa

Friday, March 25, 2016

elinye igxathu lokulwa ne HIV

Ibukeka ithatha elinye igxathu impi yokulwa nesandulela ngculazi (hiv) emva kokukhishwa kwephilisi elizonciphisa amathuba okuthola isandulela ngculazi ngamaphesenti awu 90 nelibizwa nge Truveda.

Leliphilisi kubikwa ukuthi lizosiza kakhulu labo abasebudlelwaneni nabantu abanesandulela ngculazi, ngokubika kwe phephandaba icity press kulaba abafisa ukulithola bazodlula kuzozonke izogaba okudlula kuzo uma kuhlolelwa i HIV nokufaka nokufundiswa kabanzi ngayo i HIV.

Kubikwa ukuthi leliphilisi lisabiza uR550 ewu 30 esikoqokoqweni aseyatholakala kodokotela kunemizamo yokithi ligcine lehlile inani libize u R480 , kanjalo kusaxoxiswana nama medical aid ukuba lifakwe ngaphansi kwezifo ezibizwa ngokuthi ama chronic.

kuvuke inyama ogqokweni ngoMabizela

Iqembu le Royal Eagles neliphethwe izimpunyela zakwa Mpisane eThekwini seliqome ukudedela lowo owayengukaputeni weBafana Bafana uMbulelo OJ Mabizela.

UMabizela nongunxiwa alumili mbuya ngenxa yokungaziphathi kahle kubikwa ukuthi nakuzo ezikaMpisane uxoshelwe khona ukungaziphathi ngendlela.

Kubikwa ukuthi nguyena obengubhongoza ethatha abadlali ebahambisa ezindaweni zobumnandi, kanti naye kubuye kwakhalwa ngakho ukweqiwa inkenzo  nokugcina kumthikameza emsebenzini wakhe.

Wednesday, March 23, 2016

kungcono ningehlise esikhundleni kunokungigwaza ngifulathele - Zuma

UMongameli wenhlangano ka African National Congress uMnu Jacob Zuma kubikwa ukuthi utshele amalunga esigungu esiphezulu salenhlangano emhlanganweni idonse izinsuku ezintathu ukuthi uma befuna ukumehlisa esikhundleni abamehlise bengalokhu bemkhuluma emasithe.

Lemibiko ebithe chithi saka kumaphephandaba angempelasonto okubalwa iMail & guardian ne Sowetan, uMnu Zuma ukhuluma kanjena nje uphekwe ngokokana kulelihlandla lakhe lesibili enguMongameli wezwe njengoba iqembu le EFF lingamniki ngisho okuncane ukuphumula ephalamende uma ethula inkulumo noma ephendula imibuzo. Sekuyisejwayezi ukuthi njalo uma eke waqala wakhuluma uMsholozi bese ivungama i EFF ngomvumo othi uyikhokha nini imali nokusuke kuqondiswe emalini eyalungisa umuzi kaMongameli oseNkandla.

Ukhuluma kanjena nje uMongameli sekuqubuke izinkulumo eziningi ezithi izinqumo zezwe zithathwa umndeni wezimpunyela zakwa Gupta ezingabanikazi bama bhizinizi amaningi alapha ezweni

Tuesday, March 22, 2016

okunye ukuhlasela kwamaphekulazikhuni e Brussels

Kungakapheli nezinyanga ezinhlanu kwahlaselwa izwe lase France ngamaphekula zikhuni izolo aphinde agasela kwelase Belgium nalapho aqhumise khona ngamabhomu izindawo ezimbili okuyisikhumbulo sezindiza nesiteshi sezitimela nalapho kubikwe khona ukuthi babalelwa emashumini amathathu abantu abadlule emhlabeni.

Lokuhlasela kuza emva kosuku kuqedwe uphekequlo obelukhona kulelizwe emva kokuthi kwabanjwa ungqondongqondo othintekayo ekubhonjweni kwezwe lase France nowatholakala ezithukuse kulelizwe nowagcina eboshwa.

Kulesigameko kusolakala amadoda amathathu nabonakale kuzithombe eziqoshwa esikhumulweni sezindiza ukuthi yiwona ahlasele lezindawo zombili kanjalo amabili awo kusolwa ukuba abengamadelakufa njengoba leyodwa ebifake izimpahla ezimhlophe kubikwa ukuthi isagcwele amathafa emva kokuthi amanye amabhomu abecushiwe agcine engaqhumanga ngokusho kwe BBC.

Nakuba kungakaqinisekiswa ukuthi lokhu kuhlasela kuhlangene yini nenhlangano yezi honga ebizwa nge ISIS kodwa izivumele ngokwayo ukuthi kukhona ekwaziyo ngalokukhuhlasela.


Sunday, March 20, 2016

izoyibuka nezihlwele iCaf Champions league iChiefs

Ikaizer Chiefs iqhubekile nobhimbelwa izinto njengoba nayizolo idlale ngokulingana ngo 0-0 ne Asec Mimosa emdlalweni we CAF Champions league nokube umphumela ocacisa ngokusobala ukuthi Amakhosi awaqhubekeli phambili njengoba ashaywa emlenzeni wokuqala ngo 1-0 owawulapha eningizimu Africa evikini eledlule.

Umqeqeshi wamakhosi uMbuyiselo Steve Khompela kubukeka ikusasa lakhe likwenkulu ingcuphe njengoba sekucacile ukuthi angeke esaphakamisa nkomishi amakhosi kule sizini ngoba nàku ligi izinto aziwahambeli kahle.

Kubikwa ukuthi baningi abaqeqeshi asebeqalile ukufaka izicelo zokuqeqesha amakhosi nokubalwa owayeqeqesha iOrlando Pirates u Rod Krol nabanye abanamava ebholeni lezinyawo.

Komunye umdlalo othinta i Champions league iMamelodi Sundowns idlulele emlenzeni olandelayo emva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne AC leopard yase Congo nokwenze kwaba ngu 3-1 sekuhlanganiswa yomibili imidlalo njengoba abafana bestayela banqoba ngo 2-0 bedlalela lapha ekhaya.

Komunye umdlalo nobekungowe Caf Confedarations cup i Bidvest Wits iphumile kulomwhudelwano emva kokushaywa ngo 7-3 sekuhlanganiswa imilenze yomibili nebiyidlala neqembu laseTanzania.

Amathemba asemzansi aselele ku Sundowns ukuthi ingabe izohamba yini ibanga elide njenge Orlando Pirates nesikujwayele ukufinyelela kweyamanqamu emiqhudelwano yalapha eAfrica kwazise nango 1995 yawunqoba lomqhudelwa we Champions league.

amazwibela ama SAFTA

Izolo imfashini ibidla lubi kubona bona osaziwayo kuleli njengoba bekunomcimbi omkhulu kunayoyonke lapha ezweni kwazise bekuzoklonyeliswa amaciko ahlukahlukene emdlalo kamabonakude.

Lomcimbi obuqeda ishumi leminyhaka wasungulwa ubuseGoli nalapho ubuqondiswa u Minnie Dlamini beno Katlego Maboe. 

Ihambe kanje yonke iminxa yabebeqokiwe 

Best TV drama
Umlilo

Best TV comedy
ZANews: Puppet Nation

Best TV soap
Rhythm City

Best achievement by a lead actress – TV drama
Ntathi Moshesh (Saints and Sinners)

Best achievement by a lead actor – TV drama
Siyabonga Radebe (Saints and Sinners)

Best achievement by a supporting actress – TV drama
Charmaine Mtinta (Matatiele)

Best achievement by a supporting actor – TV drama
Deon Lotz (When We Were Black)

Best achievement in directing – TV drama
Rolisizwe Nikiwe and Zuko Nodada  (Matatiele)

Best achievement by a lead actress – TV soap
Leeanda Reddy (Isidingo)

Best achievement by a lead actor – TV soap
Vusi Kunene (Isibaya)

Best achievement by a supporting actress – TV soap
Maggie Benedict (Ashes to Ashes)

Best achievement by a supporting actor – TV soap
Samson Khumalo (Isibaya)

Best achievement in directing – TV soap
Eric Mogale, Heather Cooke and Siyabonga Mkhize (Rhythm City)

Most popular TV soap voted by the public
Skeem Saam

Best achievement by a lead actress – TV comedy 
Robyn Scott (Those Who Can't)

Best achievement by a lead actor – TV comedy
Mandla Gaduka (Gauteng Maboneng)

Best achievement by a supporting actress –TV comedy
Linda Sebezo (Gauteng Maboneng)

abe Generations baphika amahlebezi ngenyoka ebufuna ukugiga u Amo

Umdlalo owuchungechunge novela ku SABC 1 owaziwa ngokuthi igenerations the legacy bathi kungamampunge ukuthi inyoka ebonakala kulomdlalo nebizwa ngomamlambo kuthe kusathathwe ikhefu yabonakala izama ukusobozela ingane edlala kulomdlalo ebizwa ngo Amo.

Baphinde baphika balala ngomhlane nokuthi ingane u Amo isesibhedlela ngenxa yokuyolashelwa ukuhlaselwa ilenyoka, nalapha bathe akulona iqiniso njengoba bathe iziqephu ezaqoshwa nalenyoka zagcina ngoNovember ngonyaka ofile.

Lomdlalo osematheni kulezinsuku kwazise kubukwa imigilingwane eyenziwa ilenyoka nesiqubule omkhulu umsindo kubelaphi bendabuko ngoba bethi okuvezwa ngohlangothi lwezinyanga akulona iqiniso kepha kuyizenzo zabathakathi abathwalisa abantu

Saturday, March 19, 2016

izinkumbi zabantu kufihlwa usomabhizinisi wakwaShoba

Bebetheleke ngobuningi babo abantu basoPhongolo emngcwabeni obusendaweni yakwaShoba kamakadebona kwezamabhizinisi uMnu Abel Mbokazi nobedume ngelika 'Khekhe' noma ngelika 'Vukamawulele'.

UMbokazi nobeyisakhamuzi esiqavile nebesiwusizo olukhulu endaweni udlule emhlabeni emavikini amabili edlule emva kokugula isikhashane.

Ikhuluma ne NPG newsblog enye yamadoda akhe engu Mabhuti Mbokazi ithe " Siyabonga kakhulu bakithi kubobonke abantu abasifihlise ubaba, indlela abebebaningi ngayo abantu ikhombise ngokusobala ukuthi ubengumuntu wabantu"

Okuqaphelekile kuzona zonke izikhulumi ukuthi bekungasali ubumnene nokuba namahlaya kwalensizwa

Ushiye emhlabeni amakhosikazi akhe amabili namadodana namadodakazi, abazukulu nabazukulwane

incwadi eyabhalwa iDA ibinga inconcoza emndenini wakwa Gupta

Igama lomndeni wakwa Gupta lisolimini cishe lwawo wonke umuntu emhlabeni emva kokuvela kwezinsolo zokuthi iwona ongungqo shishilizi ekuthatheleni izinqumo uhulumeni wakuleli noholwa uMnu Jacob Zuma.

Kungakapholi maseko naloludaba sekuvele incwadi eyabhalwa owayehola iqembu le DA unkosikazi Helen Zille eyayikubonga lomndeni ngoxhaso lwawo eyalubhekisa kuleliqembu neseliholwa ngu Mmusi Maimane.


Nansi lencwadi

unguzime wezwe owasemkhondo

Isiphalaphala esingu Ntombiyenkosi Kunene nesiteketiswa ngoNtando sichonywe uphaphe lwegwalgwala njengoba esibe nguzime wezwe kulonyaka ka 2016

Lentokazi ezalwa Emkhondo esifundazweni saseMpumalanga iziqwaqwade zonke emakhanda izintokazi ebibhekene nazo. Lonobuhle owenza ihonours kwezemfundo usezoyomela iningizimu Afrika kozime bomhlaba nokulindeleke ukuba asivikele lesicoco kwazise ngonyaka ophelile sathathwa intokazi yalapha emzansi.

Friday, March 18, 2016

uthi bewazi ukuthi uWandile waku Genrations the legacy ungowesifazane

Abalandeli abaningi bomdlalo kamabonakude owuchungechunge iGenerations the legacy ezingqondweni zabo akukaze kwaba khona ukuthi insizwa esencane edlala kulomdlalo ebizwa ngokuthi ngu Wandile Radebe empeleni iyintombazane.

Lentokazi ogama layo langempela elingu Chieleze Mhede nengoyokuzalwa eZimbabwe ishukumisa abantu abaningi kulezinsuku njengoba emdlalweni ephenduke amatafula njengoba kulomdlalo ubonakala egqokisa kwentombazane nokungekho mehluko.

Lomlingisikazi kubikwa ukuthi uthandana no Sandile Nebulele naye ongumlingisi

ilinganiselwa ku R650 Million imali yakwa NSFAS ebuyele emuva ingasebenzanga

Ngonyaka ophelile kuke kwadunguzela izwe lonke ngesikhathi abafundi bemfundo ephakeme bevuke indlobane bekhala ngokungaxhaswa yisikhwama esixhasa abafundi esibizwa nge NSFAS nosekuvela ukuthi kuno R650 million ongazange usebenze nokuphoqe ukuthi ubuyiselwe emumva kumgcini mafa wezwe.

nakuba esebhale izingoma ezingu 117 akaziboni ezidayisela abanye uMkheshisi

USiyabonga 'Mkheshisi/Zalwabefungile' Nxumalo noshaya umaskandi uthi akaziboni ethatha isinqumo sokudayisela abanye abaculi bakamaskandi ezingoma zakhe kwazise usebhale izingoma eziwu 117.

Lensizwa engeyokudabuka kwashoba esigodini saseZinketheni ishaya ngephimbo ongeke ulihlukanise nelika Mgqumeni izwakale kwenye ingoma ye hip hop, mayelana nokuthi engake eshintsheni ekuculeni umaskandi njengoba ezwakala ezihambela kuwo ngokushaya izihayo phecelezi ama rhyme uthe akasoze washintsha njengoba umaskandi usegazini kiye futhi enjalo uphila umaskandi.

Ebuzwa mayelana nalezingoma ezingaka ukuthi uzisuselaphi uphendule ngokuthi izingoma uziboniswa elele bese eyavuka edumela iphepha nepeni bese ebhala. Njengoba enenqwaba yezingoma usemkhankasweni wokukhipha i album kulonyaka njengoba ephansi phezulu efuna inkampani azoqopha kuyo, nokungadala ukuthi alifeze iphupho lakhe lokukhipha ama album awu 4 ngonyaka nathe ngeke kumfakele ingcindezi kwazise usuku nosuku kuba nengoma entsha ayibhalayo.


Thursday, March 17, 2016

owaseMkhwakhweni uzobe esina ededelana no Mfundisi uZondo inkundla

Libonakala liya ngokudlondlobala ikusasa lika Philangenkosi Zwane kwezokwethula izinkulumo ezakhayo njengoba ezobe esina ededelana nezinye izingqwayingqwayi emcimbini wezinkulumo ezakhayo ozobe useMpangeni eHholo lase Mbizo.

Lensizwa esizakhele udumo ngokukhuthaza abantu eMsakazweni iNongoma Fm njalo ngamasonto izobe isina idedelana no Mfundisi Sthembiso Zondo webZero to Hero, Sbu Buthelezi no Sya Mhlongo bo Khozi Fm.

Ekhuluma ne NPG newsblog uthe "Ngibona iphupho lami lifezeka njengoba ngaqala kwima Putaland radio njengentatheli. Ngahlanganisa kwiNongoma fm kumanje ngikhuthaza  khona njalo phakathi neviki ekuseni emva kwehora lesishiyagalombili". Kulandisa lensizwa ebuye ibe uthisha eLanga High School nebuya ibe ngubaba kwazise iganwe umaNgema.

Ubuye abe yilungu lokuqina lebandla lase CFC encotshane kanjalo ubuye ebe yingxenye yenhlangano esiza abahlwempu ngemifundazwe eholwa ubaba uNjilo ebizwa nge Butato Suppliers

Ephetha umfokaMangethe nongowokuzalwa emkhwakheni uthe "“Musa ukubiza isimo okuso ngokuthi esakho coz isimo siyezwa¤ sinobaba osinakekelayo uJehova¤ ungumzali kithi unendaba nathi. “
Abezebonke abantu bezo bona umsebenzi kaJehova• Ne thalente elisha"

kuzoncishiswa amabhange akwa FNB

Isikhondlakhondla sebhange lase Ningizimu Africa i First National Bank siqale uhlelo lokunciphisa amanye amagatsha alo ezweni ngenxa yokuthi landile inani labantu abasebenzisa  imishini eyenza konke okudingwa ikhasimende ngaleso sikhathi kanjalo nokusebenzisa imakhalekhukhwini.

Kubikwa ukuthi alinganiselwa ku 25 amagatsha azovalwa nokungenzeka bebalelwe ku 600 abasebenzi abazolahlekelwa umsebenzi ngenxa yaloguquko.

Isikhulu salelibhange sithe isizathu salokhu uguquko oselukhona emabhange nobuchwepheshe besimanje.

kuse nkwe ku Sundowns ishaywa iCeltic

IMamelodi Sundowns ayikholwanga ngesikhathi ibhabhadiswa iBloemfontein Celtic ngo 3-1 emdlalweni we ligi izolo ebusuku.

Abafana besitayela beza kulomdlalo behambela phezulu kwazise bashaya kwasani ababhekana nakho nalapho kubhoke khona abadlali abateketiswa nge CBD ( Castro, Billiant no Dolly) abavutha amalangabi uma bephethe ibhola kwazise bashaya amagoli sengathi bageza ubuso okuyinto yemihla ngemihla.

Lokushaywa kweSundowns kunciphise igebe eliphakathi kwabo ne Wits ngamaphuzu amane kwazise iWits italabhe iPirates khona izolo ebusuku, lomphumela ukhuphule amathemba amakhulu kuWits kanti ku Bhakaniya kube into ebingalindelwe abalandeli bayo njengoba ibuya ekungcwabeni iJomo Cosmos ngo 5-0 ngempelasonto.

Komunye umdlalo i Ajax Cape Town iphinde yetha elinye igalani likaPhethilolo emontweni ye Pretoia University ezoyisebenzisa uma isibheke ehlathini njengoba aphinde adliwa amaTuks ngo 1-0 eshaywa iyona belu i Urban Warrious izolo ebusuku.lomphumela uyishovela ezansi kakhulu iPretoria njengoba isishiyana ngamaphuzu amabili ne Matizburg United esemsileni nebukeka isivuke emaqandeni njengoba ishaye igolden arrows ngo 2-0 ngempelasonto esiphuma kuyo.

Wednesday, March 16, 2016

iphinde yathola amanye amakofo iMpofana kuMjomane

Kubukeka bengakezukuyiyeka ukuyicula ingomanethi 'usizi nalo lumi lodwa nezinhlupheko nazo zimi zodwa' abalandeli Kaizer Chiefs kwazise phinde yathola esinye isibhaxu sika 1-0 kuJomo Cosmos emdlalweni we ligi.

Impofana isiphenduke ukudla kwenduku kwazise besekuwumdlalo wesine ishaywa kwazise ishayee iPirates ngo 2-0 emdlalweni we Nedbank kwaba ngu 2-0 eyazititilizela wona ku Platnum Stars kuligi yabuya yathi iyobhodlela ku Asec Mimosa ku Caf Champions League kwaqhuma u 1-0 njengoba izolo isithola u1-0 kuJomo Cosmos nayo ebuya kweqhashisa izinkanyezi impama ka 5-0 eyithole ku Pirates ngempelasonto.

Abafana bokuthula noxolo bazolibangisa e Ivory Coast emlenzeni wesibili we Champions league nalapha kulindeleke khona ukuba bashaye amagoli amabili eqandeni ukuze bazodlulela kumzuliswano wamaqoqo.

sixoxa no Mgoba Simelane - Emkhondo


Sithathwe ku Facebook
Cishe kuzozonke izinhlelo zasemisakazweni ezivame ukunika abalaleli ithuba lokuzwakalisa imibono yabo kungaba ukufona noma ngokuthumela imilayezo alisali igama lika Mgoba Simelane -Emkhondo (MS), ukwazi kabanzi ngalesinzwa sithathe ithuba njenge NPG newsblog(NPG) saxoxa nayo.

Npg- kungabe ungubani uMgoba Simelane?
MS- Umgoba Simelane yinsizwa ezinze eMkhondo endaweni ebeyaziwa ngePiet Retief, indaeo engazalelwa kuyo kusoPongolo eBelgrade, ngakufunda eSiyeza primary school

Npg- uqale nini ukuthanda umsakazo?
MS- Ukuthanda umsakazo ngawuthanda ngineminyaka ewu11 ngoba ngangthanda ukulalela umdlalo womoya
Ngiphinde ngithande ukulalela izindaba nokuyilapho kodwa ngangiba neskhathi esincane somsakazo ngoba babesheshe bawuvale ekhaya ngoba bonga ibattery.

Npg- kungabe kwakuyisifiso sakho ukuthi ubalwe nabanye babalaleli abahamba phambili ezweni?

MS- (ehleka) ngathi sengiya ngokukhula ngezwa abalaleli befona emva kokuthi umsakazi ecelile,ngakuthanda lokho nokwenza ukuthi ngithande nami
Ukuthanda kwami umsakazo ngangizwa abalaleli bephawula kodwa ngingabezwa abendawo enghlala kuyo nokuyilapho ngezwa khona ubhuti Makhosonke Mkhaliphi ephawula ngamfuna ngaze ngamthola ngamcela ukuba angfundise ukuthi kungenwa kanjani emsakazweni,empeleni ngangingazi ukuthi ngiyogcine sengidumile ngokwenza njalo
Njengomlaleli wokhozi fm ngangizama ukuthamela zonke izinhlelo ngingathandi ukuphuthelwa izinhlelo zokhozi

Npg- kungabe uke usithole isikhathi sokulala njengoba nasezinhlelweni zasebusuku uyatholakala uphawula?
MS- Empeleni sincane iskhathi engisilalayo yingakho amehlo ami asehlala ebomvu

Npg- uma uMgoba esekhaya ngabe uma ngumuntu onjani? 
MS- Uma ngisekhaya nomndeni wami kuba yinjabulo enkulu baze bangbuze nabo ukuthi utholani ngokufona emsakazweni ngivele ngizihlekele.

Npg- manje njengoba uke uzwakale nasebusuku uphawula uhlala nobani ngempela?
MS- (ephela insini) Ngihlala nomama wezingane nezingane ezintathu ngisenza amalungiselelo okulobola kulonyaka.

Npg - ikuphi ukudla okukhonzile?
MS- Ukudla engikukhonzile amabhontshisi kanye nofish

Npg - awusixoxele ngendaba eyagcwala uzwe lonke mhla umwmezela ukuthi usuyayiyeka iSwallows usungumlandeli weBhakaniya?
MS- Empeleni  ukukhula kwami ngangiwathanda womabili lamaqembu akekho umuntu owangthandisa iSwallows kanjalo nePirates ngangiythanda kodwa ngingaveli kuyo kakhulu kodwa kwakuthi uma kuyiSoweto derby ngangiba khona enkundleni

Okuthi uma izinto zingasahambi kahle kuSwallows kwafika omunye umngani wami olandela iPirates wangipha ijersey lePirates nokwaba yinjabulo kimi.
Nasohlelweni lukaVictor Molefe ngakuqinisekisa ukuthi semngihamba nezimnyama manje

Npg- kungabe yiziphi izinhlelo ozikhonzile emsakazweni?
MS -  empeleni angikhethi ngilalela zonke kanjalo futhi nemisakazo ngilalela ukhozi,gwalagwala kanye nomkhondo fm

Npg - Kungabe kuke kwenzeke kodwa nangelilodwa ilanga kuthiwa awunayo i airtime? 
MS - Kuyenzeka ngiphelwe airtime kodwa ngiyazama ukuthi kube yilelolanga kuphela.

Npg - awufisi yini ukuthola ithuba lokusakaza ngelinye ilanga?
Kwathi ngonyaka ka2013 ngavakashela okhozini ngimenyiwe nokungagcinanga lapho ngaphinde ngacela ithuba lokudlala umdlalo womoya nganikwa kodwa ke akuhambanga kahle.

Npg - ufisa ukuzibona ukuphi eminyakeni ezayo?
MS- Eminyakeni ezayo bengfisa ukuzwa isibalo sabalaleli bokhozi sinyukile kunalesi esikuso manje

Npg - uthini umlayezo wakho kubona bonke abafisa ukufika ezingeni lakho?
Umlayezo engiwudlusayo ukuthi ngasosonke iskhathi hlala uzithobile futhi uma uzophawula emsakazweni wenze sure ukuthi uzwile ukuthi kukhulunywa ngani ukuze uzohlala odabeni, Kanjalo bonke abasakazi bayokuthokozela ukuphawula kwakho ezinhlelweni zabo


Npg - siyabonga kakhulu ithuba lokuxoxa nawe mfokaSimelane.
MS- Ngiyabonga

Tuesday, March 15, 2016

nansi ivideo yeSichomane sasoPhongolo

Njengoba uMlungisi Buthelezi nodume ngelesichomane ubematasa eqopha ivideo yengoma yakhe ethi isibivabiva isize yaphuma.

Ngena kunansis ilink ukuze uzibonele yona http://youtu.be/95nVHb6ZvbU

kuzoqedwa izipoki ezibhedlela

Umnyango wezempilo kwaZulu Natal uthathe isinqumo sokubala bonke abasebenzi balomnyango ngenhloso yokuqeda labo abaholelwa ilomnyango bengasekho emsebenzini.

Lesinqumo kulindeleke ukuba kuthi kuphela u October bebesebeqediwe ukubalwa bonke abasebenzi kwazise balinganiaelwa ku 1533 abasebenzi abaholelwayo kodwa bengaziwa ukuthi baphi.

Umnyango wezemfundo useluqedile olwakhe ubalo njengoba nawo ubenenkinga efanayo nowezempilo wokuholela abantu abangaziwa abakulomnyango.

lilokhu liphenyeka ibheshu le SAFA ngomkhonyovu ka 2010

Ilokho ingena igamanxa inhlangano engamele ibhola kuleli i South African Football Association (SAFA) ezigamekweni zenkohlakalo ezenzeka emdlalweni eyandulela eyebhola lomhlaba ngo 2010.

Izolo inhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA imiswe lowo owayeyisikhulu esiphezulu uMnu Lesly Sedibe iminyaka emihlanu  ngazibandakanyi nebhola likanobhutshuzwayo nemali elinganiselwa ku R311000 ngezinsolo sokubandakanyeka emkhonyovini owenzeka emdlalweni we Bafana Bafana ne Guatemala nowathela ngo 5-0 kuwina iBafana Bafana kanjalo no we Colombia lapha kwaphinda kwanqoba khona iBafana Bafana ngo 2-1 ngawo unyaka ka 2010 nokwakungeminye yemidlalo yokuzicijela iworld cup eyayizobanjwa lapha eNingizimu Africa.

IFiFA iphinde yagixabeza ngeminyaka emibili bengazihlanganisi nebhola okube ngu Mnu Steve Goddard no Adeel Carelse laba ababili babesekomidini eliqoka o ondweba ngaleso sikhathi.

Lababathathu balandela uMnu Andile  Nkinka naye owayesekomidini eliqoka onondweba owamiswa iminyaka eyisithupha engazihlanganisi ne bhola likanobhutshuzwayo

ukuba ingqungqulu kumbelewethu kwasivulela amathuba iSichomane sasoPhongolo

Ukuqwaqwa emakhanda abanye omasikandi abasafufusa kumncintiswano wamakhono obizwa ngoMbelewethu ohlelwa uMasipala wase Zululand omkhulu nabancane abakhele lomasipala kwamvulela amathuba amakhulu u Mlungisi Buthelezi nodume ngele Sichomane sasoPhongolo kubathandi bomculo kamaskandi.

Lensizwa edabuka endaweni yaseku Phileni eMahlangosi kwelasoPhongolo ayisiye umafikizolo kwezomculu njengoba isikhiphe ama album amabili nokwathi eyokuqala yayikhipha ngo nyaka ka 2014 eyayisihloko esithi "sebevumile" nokuthe ngonyaka ofile yakhipha eyesibili esihloko esithi " isibivabiva" nokuthe ngesonto eledlule ubematasa eqopha ivideo yengoma ethi "isibivabiva" nezotholakala ku youtube nakomabonakude nakuyo i NPG newsblog.

UMfoka Buthelezi eyafunda emamfene, Ozweni nase Mbhekwa yaqala ukuzakhela ugazi kubathandi bomculo ngesikhathi idla umhlanganiso kumncintiswano wombele wethu isacula neqembu elalibizwa Ngamaphatha Sibhamu neladla umhlanganiso ophongolo ngo 2011 nokwathi ngo 2012 waphinda wagadla eZululand kuwo uMbelewethu wadla umhlanganiso esehamba neqembu ayeselisungulile elalibizwa ngokuthi Amaswenka nagcina elishiya wasezimela yedwa njengeSichomane sasophongolo.

Echaza ngobudlelwano anabo no Govozile iTourist lasoPhongolo uthe into ebenza bezwane kanje ukuthi bazidlalela ushuni wabo bodwa futhi abakopeli kumuntu ngoba abafuni ukuzenza amafong -kong emculweni, kwazise basebenze ndawonye kwenye yezingoma ku album ka Govozile ezoPhuma ngamaholidi ephasika.

Ubukeka eya kude kakhulu kwazise uzibambela yena mathupha ekuhlanganiseni umculo kwazise une studio esethi yeña esibizwa ngokuthi Isichomane Production kanti nesiginci uyazidlalela kanjalo ubuye ezivumele ezingomeni zakhe,

Uzibona eminyakeni emihlanu eya kude kakhulu njengoba efisa ukubalwa nabaculi asebezuze izindondo eziningi nathi lokho kuyokwenziwa abantu nababonga kakhulu njengoba belokhu bemseka ngokuthenga umculo wakhe ikakhulukazi esitolo saseJunk, nakulabo abawuthengayo ezitolo zase Dakota kwazise iyatholakala nakwezinye izindawo ezidayisa umculo ezweni lonkana.


Monday, March 14, 2016

sifihliwe isaguga esahlaselwa kwashoba

Ugcine ebekwa endaweni yakhe yokugcina owesifazane osekhulile ngesabatha/ngomgqibelo endaweni yakwashoba oPhongolo.

Lowesifazane nokubikwa ukuthi wangenelwa abafana basendaweni bafika bamshaya nokwaholela ekutheni ephuthunyiswe esibhedlela nalapha afike aphangalalela khona. Ñgokusho kobekhulumela umndeni emgcwabeni bekungakaboshwa muntu ngalesigameko esishiye umphakathi uthukile.

usuxoze omunye umphini umthetho ngoluka Senzo Meyiwa

Luthatha elinye igxathu udaba lokubulawa kwalowo owayenguNozinti we Orlando Pirates ne Bafana Bafana u Senzo Meyiwa njengoba kubikwa ukuthi sekungene oKlebe nokuwuphiko oluphenya ngamacala oluzimele.

Ngokwemibiko ekhishwe iSolezwe kubikwa ukuthi amaphoyisa noKlebe bafike emzini wakubo kwaKelly Khumalo nalapha okwabulawela khona u Senzo ngenhloso yokuqala phansi kuqoqwe ubufakazi njengoba kubukeka ingathi kukhona okungahambanga kahle kulelicala.

Lelicala eselidonse unyaka nezinyanga ezinhlanu bekungakaboshwa muntu nakuba kwakhe kwaboshwa owesilisa nowaphinda wadedelwa nokwavelea ukuthi kungenxa yokuthi babungahlangani ubufakazi.

Njengoba kuqale uphenyo kabusha kubikwa ukuthi amaphoyisa abize bonke ababekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko sokubulawa kuka Senzo.


Sunday, March 13, 2016

usemanzini umbhali wezincwadi - Thulani Seme

Kungakapheli nsuku ngaki umbhali uThulani Seme ekhulume ne NPG newsblog ngenhlansi yethemba ebheke empumelelweni kwezokubhala, usemanzini emva kokudlula emhlabeni kuka baba wakhe uMnu Reginald Phumuza Seme.

UMnu Seme(65) udlule ngeviki eledlule esibhedlela sase Showe emva kokukhala ngezibhobo nasengesifuba, kulindeleke ukuba afihlwe ngesabatha/ngomgqibelo ekhaya kwaNongoma.

Lombhali wezincwadi novame ukuzwakala emsakazweni iNongoma Fm sekumphinda isibili ukufa kwazise ngo 2003 kwashona umama wakhe besahlala oPhongolo.

Saturday, March 12, 2016

ishaye ugesi wempama Emnyama ku Jomo

Balale zithe kla izinhliziyo zabalandeli be Orlando Pirates izolo emva kokuthi ezimnyama zithele iJomo cosmos ngo 5-0 e Orlando Stadium emdlalweni we league.

Ezimnyama nebeziingcwenga yabhola ziye ekhefini zihamba phambili ngo 4-0 nobekungamagoli ashaywe u Ayanda Gcaba, Sfiso 'Nsunda' Myeni, Mpho Makola no Tendai Ndoro nokungabe ushaye abalelwa kwamathathu ukuba ubewasebenzisa ngendlela amathuba.

Ezenkosi yami ziwuvule kabi umdlalo ngoba kuthe kusahambe imizuzu ewu 13 umdlali wasemumva u Jampies wathola ikhadi elibomvu emva kokudlalisa kabis u Memela nobeyiphela emasini kwazise ugcine eqokwe njengomdlali wosuku.

Esiwombeni sesibili uMbhashomnyama uwatholile amathuba ikakhulukazi uNdoro kodwa angangena enethi nokuthe noma uMemela eselinamathelisile enethini kwathiwa ubese off side. Ukungena kuka Gift Motupa kuthele izithelo ku mqeqeshi u Eric Tinkler ngoba lomdlali ushaye igoli lesihlanu nokuyilona ebelifana namazwi athi indlela isiyondlula ekhaya kwazise bekubukeka kuwumngcwabo weCosmos.

Kweminye imidlalo ye PSL iMarizburg United ibuyise ithemba lokuvika izembe ngesikhathi ibhaxabula iGolden Arrows ngo 2-0 eHarry Gwala Stadium.

Kwathi ama Tuks adlala ngokulingana ne Black aces ngo 1-1

kubukeka asazogcina ngokuyibona esibhakabhakeni amakhosi inkanyezi

Aya ngokushabalala amathuba okuthi iqembu leKaizer Chiefs lihambe umgamu omude emqhudelwaneni we CAF Champions league emva kokuthola isibhaxu sika 1-0 emlenzeni wokuqala kuwembu lase Ivory Coast i Asec Mimosa.

Sekwaba injwayelo ukuthi amakhosi angahambi kakhulu kulomqhudelwano omkhulu kunayoyonke kuzwekazi lase Africa.

Sisekuyo lemidlalo ye Champions league iMamelodi Sundowns inqobe ngo 2-0 ishaya iqembu le AC Leopard nokuyiqembu lase Congo nokubeka abafana besitayela emathubeni angcono ekutheni bazodlulela phambili.

Friday, March 11, 2016

kutholakale isidumbu sowesifazane sintanta emanzini

Kutholakale isidumbu sowesifazane sintanta edanyini elibudebuduze negalaji likaPhethilolo olundi nelakhe endaweni yaseMbilane ngokusa kwayizolo.

Imbangela yokufa kwakhe ibingakaqondakali

Thursday, March 10, 2016

limenyezelwe elizobhekana ne Cameroon

Umqeqeshi we Bafana Bafana u Shakes Mashaba ulimemezele elizobhekana ne Cameroon emdlalweni wokuhlungela iWorld cup nozodlalwa imilenze emibili ekuhambeni naseKhaya.  
IBafana Bafana kumele inqobe noma kanjani kwazise ayihleli kahle kuqoqo layo. uMashaba umangaze abaningi efaka onozinti ababili abakhuhla ibhentshi emaqembini abo okungu Khune no Mabokgwane.

Selilonke iqembu lime kanje 
Goalkeepers: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane and Darren Keet. 
Defenders: Siyabonga Nhlapo, Asavela Mbekile, Anele Ngcongca, Thabo Matlaba, Cheslyn Jampies, Erick Mathoho, Sifiso Hlanti, Rivaldo Coetzee and Thulani Hlatshwayo.
Midfielders: Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Thulani Serero, Themba Zwane, William Twala, Jabulani Shongwe, Mpho Makola, Mandla Masango and Hlompho Kekana.  
Strikers: Thamsanqa Gabuza, Prince Nxumalo, Tokelo Rantie and Dino Ndlovu.  

uzolala ebaliwe owabulala uFlava

uSindi Manqele uzolala ebaliwe emva kokugwetshwa iminyaka eyishumi nambili (12) ngecala lokubulala owayeyisoka la Flava.

Lesigameko senzeka ngonyaka ophelile lapha kubikwa ukuthi lezithandani zabanengxabano neyaholela ekutheni kugwaze kubulawe uFlavo nobeyilungu leqembu lomculo elashisa izikhotha iskwatacamp

aseqhathiwe ku Nedbank cup

Aqhathiwe azodudulana emzuliswaneni olandelayo we Nedbank cup.

Izinkundla nezinsuku kusazomenyezelwa
 Mpumalanga Black Aces vs Maritzburg United
Platinum Stars vs Polokwane City
Santos vs Free State Stars
Golden Arrows vs Baroka FC
Mamelodi Sundowns vs Mbombela United
Magesi vs Bidvest Wits
SuperSport United vs University of Pretoria
Jomo Cosmos vs Orlando Pirates.

sivele sacisha umndondo isitimela samakhosi eRoyal Bafokeng

Avele aphela nya swe amathuba okuthi IeKaizer Chiefs likwazi ukuvikela isicoco seligi izolo ngesikhathi lishaywa kabuhlungu iPlatnum Stars ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium ePhokeng.

Leliqembu ebelibizwa nge Gautrain ngesizini edlule ngenxa yokubhaxabula kwasani elidibana nalo kulonyaka izinto zigaya ngomunye umhlathi kwazise uthi lucobhoza kancane empumelelweni selokhu kuthathe izintambo zokuqeqesha uSteve Khompela ezithatha ku Sterward Baxter.

Amakhosi aye kulomdlalo wayizolo ebusuku izinhliziyo zisabhibha kwazise aphuma endukwini ka 2-0 ku Orlando Pirates emdlalweni we Nedbank cup ngempelasonto eyedlule.

Kucace bha okwempukane obisini ukuthi Amakhosi kuzophela isizini imilomo imhlophe qwa kwazise akukho sicoco abazobe besinqobile njengoba ashaywa ngo 1-0 i Ajax Cape Town kowamanqamu e MTN8 abuya athola enye induku ka 3-1 ku Mamelodi Sundowns kowamanqamu e Telkom cup.

Sekubukeka sibheke ePitoli lesicoco seligi kwazise iMamelodi Sundowns ihlezi ngokunethezeka phezulu ngamaphuzu angu 52 emidlalweni engu 22 bese ilandelwa iWits ngamaphuzu awu 45 emidlalweni engu 22 nokuthi aAmakhosi ethi coshosho endaweni yesithathu ngamaphuzu awu 39 emidlalweni engu 22.


Tuesday, March 8, 2016

uzophela umbuso ka Whatsapp wamahhala kwabasebenzisa iBIS

Amaphathi benkundla yezokuxhumana edume uhlaba wonke ebizwa ngo Whatsapp bakhiphe isinqumo esithi angeke usasebenza uwhatsapp komakhalekhukhwini bakwablackberry abasebenzisa iBIS.

Banxenxe abantu ukuba uma seziqalile lezinguquko bethenge ama data ukuze bekwazi ukusebenzisa lenkundla yezokuxhumana neqeda iminyaka eyisikhombisa yabakhona emhlabeni.

Kulindele lezinguquko ziqale ekupheleni kwalonyaka u2016

Thursday, March 3, 2016

ubhodla umlilo uKelly Khumalo ngathi ukhuleliswe u Arthur

Umzwilili we Afro pop ubhodla umlilo emva kokusabalala kwamahlebezi okuthi njengoba ukhuleliswe umakadebona we Kwaito uArthur Mafokate.

Lezindaba zokukhulelwa kuka Kelly ziphume kuwebsite ye Imzansi.co.za ekhiphe isithombe salomculi nodaba lokukhulelwa kwakhe.

Ebhala ku Instagram yakhe uKelly uthe "angithi yihlaya leli? Ngiyathemba yilo ngoba makungelona wezinja ngabe nangifunani, kulokhu ngizonibonisa unyoko nijwayele ukubhala amasimba ngami ngithule,nizonginikeza usuku ,isikhathi nendawo lapha angikhulelisa khona u Arthur nokuthi kanjani. Noma kufuze ukuba nginguMariya ngikhuleliswa ngumoya oyingcwele. Ngiyethemba kunkulunkulu ninabo ubufakazi balento eningisola ngayo"

Lomzwilili ohlala esematheni ngezigigaba ezithinta abesilisa kwazise eminyakeni emibili edlule kwabulawa owayengunozinti weqembu le Orlando Pirates uSenzo Meyiwa ekhaya kubo wakhe lomzwilili, kwathi kungakapheli nsuku ngaki kwaqubuka amahebezi okuthi usenike ucu inyanga yaseThekwini u Bhaka nakuba ubudlelwano babo baphela sebumuncu emva kokuthi kwasabalala izindaba zokuthi uKelly udlokodle lenyanga iso

kusuke isidididi owesifazane ejikitshela e office ngamatshe

Owesifazane osethe ukuqina udale okukhulu ukuphazamisa ehhovisi aqashisayo oLundi ngesikhathi eqonda elinye lamahhovisi omshwayilense eliqashe kulendawo wafika wabhodloza ngamatshe isivalo.

Lowesifazane obebukeka ephazamisekile emqondweni ubephethe izinguzunga zamatshe abezijikijela kuzamazame lamahhovisi ayezitezi ebe engazibekile ngaphansi kwekhala ekhipha lonke uhlobo lwenhlamba oluyamaniswa ngaphansi kweziketi.

Kuze kwasiza ukufika kwamaphoyisa nokuthe uma ezama ukumbambha wagadla nokuphoqe ukuthi amaphoyisa aze amlalise phansi, okuthe eselele phansi wathola ithuba lokuvula imilenze nalapha okuvike khona bonke abantu kwazise sivele sahlala sonke obala isibaya somnumzane.

Abese emshiya amaphoyisa Ngaphandle kwesizathu nokuthe makuqhubeka isikhathi wathi uzama ukubuya wahhahhamezwa ngabasebenzi abakulamahhobisi


Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...