Tuesday, May 31, 2016

Beziwushaya kumfundisi osemncane

uMfundisi Bheki Sithole webandla le AFM church esifundazweni saseMpumalanga zimphelele izinsuku zokubizwa ngo Brother esontweni njengoba kuthe ngempelasonto esiphuma kuyo wabopha ifindo lomshado nesithandwa sakhe uNkosikazi Lerato Sithole umaMotshwenr ongowakhona eWitbank.

UMfu Sithole nobizwa phecelezi iJunior Pastor ebandleni ungowokuzalwa endaweni yakwaShoba oPhongolo kodwa usezinze eWitbank, lomshado obuyindumezulu ubuhanjelwe abantu abaningi bebandla kanjalo nabanyr abebephuma oPhongolo.

Lezithandani zibopha ifindo lomshado nje kuthe ngo April nonyaka kwaba nomthembiso nokwakudweba isithombe esicace bha ukuthi kungekudala kuzobe kuthiwa shanelani amabala zingane emzini wakwaSithole.

Kungahle kubonakale i Cape Town Spurs ku PSL ngesizini ezayo

Ukuqinisekiswa kwezindaba zokudayiswa kweqembu le Mpumalanga Black Aces ngabanikazi bayo kunyuse izinhloze kubathandi bebhola kwazise ebeseqalile ukuzwakala amahemuhembu okuthi lowo owayephethe iqrmbu le Ajax Cape Town u John Commits ufuna ukuthenga leliqembu ukuze ezovusa i Cape town Spurs.

Ngokwesitatimende esikhishwe ilabo abebengambanikazi be Aces okungumndeni wakwa Mourfor ukuqinisekisile ukuthi iqembu selidayiselwe lenkinsela yase Kapa lodumo. Kusazozwakala ukuthi kuzoqhubrka kanjani.

Isikole saseMlimisi singompetha bomncintiswane wakwaBuilt it

Iqembu lebhola lezinyawo labafanyana abafunda esikoleni sakwaShoba iMlimisi Primary School sibe ngompetha bomncintiswano wabangaphansi kweminyaka engu 13 obubekwe isitolo sezimpahla zokwakha sakwaBuilt it oPongolo.

Lomcintiswano obubanjelwe elokishini laseNcotshane ngempelasonto ubudlalelwa izikole zamabanga aphansi nogcine unqotshwa iMlimisi ngo 6-5 ishaya iSiyethemba sekukhahlelwa amaphenathi emva kokubambana ngo 0-0 emdlalweni.

iMlimisi izizuzele inkomishi nezikhwama umdlali nomdlali kanti futhi nomdlali wemncintiswano uphume kuso lesikole esiqeqeshwa uJacky Mavuso nobuye ebe nguthisha kulesikole esaziwa kakhulu ngokukhiqiza abantu abaningi abavelele emkhakheni eminingi ezweni.

Monday, May 30, 2016

Uwuqophe kabusha umlando we Comrades Marathon owakuleli

uDavid Gatebe ongumgijimi wamabanga amade uwubhale kabusha umlando kulomqhudelwano ngesikhathi ebeka isikhathi esingu 5:18:19 nokube isikhathi esisha esike sabekwa onqobe lomjaho obusuka ePitermarizburg uya eThekwini ngomgqibelo.

Lomgijimi odabuka kwelase North West ubegqiba ingqophamlando yesikhathi engu 5:20:21 eyabekwa ngu Rashiya u Leonid Shvetsov ngonyaka ka 2007.

uGatebe ubebonakala ewuthakasele lomqhudelwana ulandelwe ngu Ludwick Mamabolo nowake wawunqoba lomqhudelwano nobebonakala ezikhululekele ngoba uthe engaqeda ukushaya intambo washaya ingoma kanti no Gatebe uthe engaqeda washaya ama Push-up.

Sisekuwo lomqhudelwano obalwa neminye emikhulu emhlabeni kubese kuthi kwabesilisa kwaphuma u Bongumusa Mthembu endaweni yesithathu nowake waba ngumpetha ngonyaka ka 2014. Kanti kwabesifazane kunqobe owakuleli uNkszn Charne Bosman nodlule seziyela kumaliyede lowo onqobe ngonyaka ophelile u Nkszn Caroline Wotsmann nobesehlaselwa amajaqamba .

Saturday, May 28, 2016

Livuleke gengelezi isango lokuphuma u Tinkler kushaywa amabhakaniya kowe Nedbank Cup

Zizolala zibuhlungu zifutha bhe izinhliziyo zabathandi nabalandeli beqembu le Orlando Pirates ngesikhathi bebhaxabulwa kabahlungu iqembu le Supersports United ngo 3-2 emdlalweni wamanqamu we Nedbank cup.

Ezimnyama ngenkani ziphuthwe ithuba lokubuyela emidlalweni ye CAF Confederations cup ngonyaka obuyayo, lomphumela kubukeka uzolivula gengelezi isango lokuphuma komqeqeshi wezikamagebhula u Eric Tinkler olukhu ehlezi ngesinqa esisodwa kulesihlalo sokuqeqesha leliqembu lika baba u Irvin Khoza nelaba ngompetha be CAF Champions league ngo 1995.

sebeqalile ukufaka umsakazoi PCR kubantu

umsakazo osusemome ngokusho komphathi wayo uMnu Vincent Gwebu i Pongola Community Radio isiqalile ukuvakashela izindawo zomphakathi ezifana nezikole kanjalo namasonto.

lomsakazo osekunesikhathi eside ubikezelwa ukuthi uzovulwa uphinde wakuqinisekisa uMnu Gwebu ukuthi kungekudala uzobuqala uzwakala emoyeni.

Thursday, May 26, 2016

Akasekho u Ted 'Makepisi' Dumitru

Lowo owaduma ngokudla izicoco zeligi neqembu le Mamelodi Sundowns ne Kaizer Chiefs uMnu Ted Dumitru nomedume ngelika Makepisi akasekho emhlabeni kubikwa ukuthi uhlaselwe isifo senhliziyo esenxanxatheleni yezitolo egoli.

Lomqeqeshi ongowokudabuka ezweni lase Romania ubaziwa kakhulu ngokuba ungcweti ezifundweni ezithinta abadlali bebhola nomdlalo webhola ngobubanzi.

Owabamba iqhaza ekusungulweni kwe NFP usephume ibhodwe lakhe

uMnu Mzonjani Zulu nowabamba elikhulu iqhaza ekuzalekeni kweqembu le National Freedom Party nengamelwa nguNkosikazi Zanele kaMagwaza Msibi usezisungulele elakhe iqembu lezepolitiki elibizwa ngokuthi i Academic Congress Union.

uZulu nowabamba elikhulu iqhaza ekuzaleke kwe NFP uthi isizathu sokumenza alaxaze leliqembu izinxushunxushu eziningi zangaphakathi kuleliqembu.

uZulu usungula leliqembu le ACU kungekudala uke wezwakala ethi iNFP ingeyakhe.

Tuesday, May 24, 2016

kutholakale amaska ensangu Opongolo

kubikwa ukuthi kutholakale amasaka ayishumi nanye kwenye indawo oPongolo ngesikhathi maphoyisa enomkhankaso wokugasela izindawo ezinobugebengu endaweni.

ngokombiko wephephandaba lesolezwe kubikwa ukuthi lensanguingbiza u R250000 ngokwenani lokudayisa emgwaqeni. kusolakala ukuthi lensangu ibisendleleni ilibhekise ezweni lase Swazini

Friday, May 20, 2016

kusabalala athi kuzoxoshwa undunankulu wakwaZulu Natal

Kushone elayizolo sekusabalale amahemuhemu athi kuzoba noshintsho kukhabhinethi yesifundazwe sakwaZulu Natal nesiholwa ubaba Senzo Mchuno naye olumbeka ngaphandle lolushintsho.

Kubikwa ukuthi kube nomhlangano ngolwesihlanu nalapha kuthiwa kuthiwe uSenzo Mchunu akuthi kushaya umsombuluko ebe eseyilethile incwadi yokuwesula njengondunankulu wesifundazwe nalapha kubikwa khona ukuthi kuyothi ngolwesibili kufungiswe uMnu Willies Mchunu njengondunankulu omusha wesifundazwe.

Lolushintsho luphinde luveze ezinye izinguquko kukhabhinethi njengoba kuthiwa ungqongqoshe wezemfundo uNkosikazi Peggy Nkonyeni ezoshenxa kungene u Nkosikazi Nomagugu Simelane Zulu, bese kuthi ungqongqoshe wezokuvakasha uMike Mabuyakhulu eshenxe kungene uMnu Sihle Zikalala. Bese kuthi owezolimo ubaba uCyril Xaba eyidede indawo kufakwe uMthandeni Dlungwana.

Kusazobonakala noma lokhu kuzoba iqiniso yini noma kusengamampunge

Ulimemezele elizobhekana ne Gambia uMashaba

UMqeqeshi weBafana Bafana uMnuz Ephraem Shakes Mashaba ulimemezele iqembu elizodlala nezwe lase Gambia ekuhambeni ngenyanga ezayo emdlalweni wokuhlungela i Afcon ngonyaka ozayo.

IBafana Bafana nosekubukeka kungaba umlingo ukunqoba kwayo kuqoqo ekulo njengoba isendaweni yesithathu ngamaphuzu amane nokwenza kube nzima ukuthi mhlawumbe ingaphuma endaweni engcono yesibili njengoba amanye amazwe asendaweni yesibili kumaqoqo awo anamaphuzu amaningi kunalabompetha be Afcon bangonyaka ka 1996.

Selilonke iqembu limi kanje

Bafana Bafana squad:
Goalkeepers: Khune, Mabokgwane, Mhlongo
Defenders: Mphahlele, Thopola, Matlaba, Mathoho, Hlanti, Coetzee, Langerman
Midfielders;: Jali, Serero, Kekana, Masango, Dolly, Makola, Furman, Mahlangu
Forwards: Mabena, Gabuza, Mncwango, Vilakazi

Thursday, May 19, 2016

Kuthiwa ayikhokhe i EFF ngomonakalo ewudale ephalamende

Amaqembu ezepolitiki asephalamende akhuluma ngazwilinye ukuthi kuzomele iqembu le EFF likhokhe zonke izindlelo nomonakalo eliwenze ngesikhathi likhishwa ngesidlozana ephalamende likhishwa abaqaphi bephalamende.

Izithombe zikamabonakude zikhombisa amalungu eqembu le EFF etholene phezulu nabaqaphi abacelwa uSomlomo wephalamende ukuba bezokhipha i EFF eyayingalawuleki iphazamisa umongameli wezwe ethula inkulumo ngolwesibili.

Kusalindeleke ukuzwakala ukuthi zikhona yini izinyathelo ezizothathelwa amalungu e EFF abonakala eshaya ephinde ekhahlela kabuhlungu owesifazane ongumqaphi.

Wednesday, May 18, 2016

Isiphumile i Sundowns ku Caf Confederations cup

Ompetha beligi ye PSL iMamelodi Sundowns bazobuya imisila ithe ne phakathi kwemilenze emva kokuthola isibhaxu sika 2-0 kuqembu lase Ghana i Medeama FC nokwenze kwaba u 3-3 nokuvune iqembu lase Ghana kwazise lashaywa lapha eNingizimu Africa ngo 3-1 nokwalisiza ngoba lakwazi ukushaya igoli ekuhambeni.

ISundowns bese kuyilona qembu elisele elimele i South Africa emidlalweni ye CAF kwazise onke lamanye aphuma kusaphuma inkanyezi yokusa kulemiqhudelwano.

Angena elakanyana amazwi enduduzo emndenini wekhansela elibulewe kwaNongoma

Alokhu engena engenile amazwi athi dudu emndenini kalowo obeyikhansela kumasipala phecelezi PR councilor uMnuz Bhekithemba Nyembe nobedume ngelika Thami odutshulwe mahlanze ehamba ngemoto noNkosikazi wakhe endaweni yase Masundwini kwaNongoma ngomsombuluko.

UMnu Nyembe nobeneminyaka ewu 50 nonkosikazi wakhe baphuthunyiswe esibhedlela nalapho efike esethule uMnuz Nyembe kanti iNkosikazi isesimeni esibucayi.

Namuhla bekuze ubuholi obuphezulu benhlangano ka ANC nobebuholwa nguSihlalo wayo uMnu Sihle Zikalala ukuzoduduza emndenini wakwa Nyembe ngokulahlekelwa kwawo umholi nobethathwa njengokhuthele kwazise ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo 2011 wadla umhlanganiso ku ward 10 ngamaphesenti awu 54 nakuba lapho wayeseseqembini le IFP nagcina elishiya wayojoyina i ANC.

Imininingwane yokufihlwa kwakhe ibingakadalulwa.

Bathi bazolwela ukuthi kunganyuswa iminyaka yokuthenga utshwala

Inhlangano yamahwebi nebizwa nge National African Chamber of Commerce ithi izolwisana nomthetho ohlongozwayo yisigungu esigunyaza amalungelo okuphuzwa nokudayisa kotshwala i liquor bill.

Iliquour bill ifuna kuphasiswe umthetho othi kumele kuvunyelwe umuntu oneminyaka engu 21 ukuthi akwazi ukuthenga utshwala inyuke kwengu 18 ebekiwe ezweni.

Kanti inhlangano yabahwebi ithi uma kungaguqula lomthetho ungazwela kosomabhizinisi abasakhasa nongagxina ungabafakeli nzuzo.

Kuqhume amavelemane kukhishwa abe EFF ephalamende

Iqembu le EFF liphinde lenza elidume ngakho izolo okuwukuphazamisa uMongameli wesizwe uma ekhuluma.

Nayizolo kubekube yiso leso bephazamisa uMongameli wezwe ukuba akhulume kwazise bekuwusuku lapha ebezophendula khona imibuzo, lesi senzo se EFF neholwa ilowo owayengumholi wophiko lwentsha luka ANC uMnu Julius Malema siphoqe uSomlomo we Phalamende umama u Baleka Mbethe ukuba abize izigansonso ezingonogada bephalamende nezingene kwashuba isimo zakhipha ngodli amalungu ephalamende nathe azama ukugoloza kwaba khona abaqamela esibhakeleni.

Esengaphandle uMalem ubefunga egomela ethi uMongameli wezwe ubaba uJacob Zuma ngeke ekuthole ukuphumula besasekhona ePhalamende.

Kuthe sebephumile waqhubeka nenkulumo yakhe uMongameli nalapha eqhubekile nokuma emazwini akhe okuthi indlu wazilungisela yena ngemali yakhe umuzi wakhe naveze ukuthi waqala ukuwulungisa eseseyiphini likaMongameli ngo 2005.

Tuesday, May 17, 2016

Sixoxa ngomculo we House Music noKhulawazi Ankel Dee Magagula

House music update for NPG newsblog

Ngiyanibingelela nonke bathandi bomculo , ngilalela izinhlobo ezihluke ze-House music kodwa ngithanda ukuxhasa kakhulu ikhono laseMzansi, i-House music ukusungulwa kwayo yasungulwa e-USA edolobheni i-Chicago abantu ababe nesandla ngingabala uFrankie Knuckles osishiye emhlabeni ngonyaka ka-2014 March 31 ,Larry Heard aka Mr Fingers ,Glenn Underground aka CVO nabanye, yase iya ngokusabalala ngoba kumanje ngingabala amazwe anjengo-England ,Germany,Italy,Spain,France namazwe amaningi kakhulukazi eEurope bese kuba uMzansi osuzakhele kakhulu igama sinoDJ/Producers abaliphakamise kakhulu i-Flag lakuleli ngingabala uBlack Coffee, Culoe De Song,Da Capo,Shimza,Jazzuelle,nabanye.

Ngizokhuluma nje ngama-Artists ambalwa namuhla ,ngifikelwa injabulo ngesinqumo esithathwe i-SABC sokudlala 90%womculo wala eMzansi 24/7 kuzosiza kakhulu ikhono lakuleli,ngoba for me personally I wasn’t listening to radio because I’ve always believed there is so much good music in the underground scene that we don’t even get to hear on radio kulama-Artists engizowabala ngizofaka nalawo ma-Artists angayitholi i-exposure on our radios.
Culoe De Song – abaningi bazomazi ebesebenza kakhulu noBlack Coffee kwi-Soulistic music ogama lakhe langempela uCulolethu Zulu osuka endaweni yaseKZN eShowe osekhiphe amaAlbums like Elevation, wakhipha Exodus, wakhipha “Giant leap” nje ngoba esekhiphe iAlbum yakhe entsha isihloko “washa” edayise kahle kakhulu ike yaba uNo.1 kwiDigital store i-iTunes ngaphezu kwaBeyonce iAlbum emnandi kakhulu ekhombisa ukukhula kwalensizwa ngeke uzisole uma ungayithenga iyatholakala iHard copy naseMusica nakwamanye amaDigital stores like Traxsource.

Da Capo – this one is my best producer/remixer/DJ eMzansi uqeda kusayina esichemeni sikaBlack Coffee iSoulistic music igama lakhe uNicodimas Sekheta Mogashoa osuka eLimpopo osezakhele udumo ngamaRemix anenkosi phakathi uke wakhipha iAlbum ngaphansi kweHouse Africa sessions wase ekhipha iSolo Album yakhe yokuqala isihloko “music in me” engenzanga kahle ngenxa yeMarketing nokungadlalwa komculo waseMzansi kumaRadio stations ethu, uqeda kukhipha i-EP isihloko sayo “touched” enamaTracks ayisithupha lapho kuneRemix ayenzile kwingoma yeMiCasa “turn you on” ,iEP is short for Extended Play inamaTracks amaningi but not enough to qualify as a studio album, iyatholakala kwi-iTunes iphume ngomhlaka 13 May 2016 ngeke uzisole ukuzitholela leEP.

Brewed Souls – leli iqembu leHouse Music laseKZN ePietermaritzburg eselizakhele udumo ngomculo wabo ohlukile onambithekile isitayela sabo seHouse ileHouse ebizwa ngokuthi iAfro-House ineSoul phakathi iGroup yabantu abathathu uNjabulo Kunene iStage name sakhe uNjebster okunguDJ kuleliqembu bese kuba uGriffith Malo odlala okhiye bese kuba uThbza Keys oqeda kujoyina naye udlala okhiye banezingoma ezinjengo”move on” ,”listen and follow” and many more and they are going to release their EP soon they will be launching it end of May 2016 ,look out for this guys they are the future of Mzansi house.

Thanks till next time

Monday, May 16, 2016

Uhulumeni waKwazulu Natal usekhiphe izigidi ukulwa nama Blesser

Uhulumeni wakwazulu natal noholwa ngundunankulu ubaba uSenzo Mchunu usukhiphe imali elinganiselwa ku R440 Million ukuxhasa isikhwama esibizwa ngokuthi iGlobal fund nesizosiza uhlelo olubizwa ngokuthi i Dreams olusiza amantombazane ukufezekisa amaphupho nokukwazi ukuzimela.

Ihhovisi lika Macingwane lisukuma nje angenisile amablesser nokuyigama elisentshenziswa ukuchaza izinkoqoba zamadoda amadala adizela izingane ezincane ngemali nangobukhazikhazi ukuze ezoya nazo ocansini.

Lomkhuba wamablesser kuthiwa yiwona obhebhethekisa igciwane lengculazi nesandulela salo ngoba kubikwa ukuthi lamadoda asulela lamantombazanyana okubikwa ukuthi iningi lawo lineminyaka engaphansi kuka 18.

Sunday, May 15, 2016

Kumiswe izwe lika Bukenya kumidlalo yabafanyana ngenxa yozehlisa iminyaka

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iCAF imise izwe lase Uganda emidlalweni yokudlungela imidlalo yendebe yomhlaba yabafana abangaphansi kweminyaka ewu 20 ngenxa yokudlalisa indoda endala.

Lomdlali obambise i Uganda ngunozinti okuvela ukuthi uneminyaka yokuzalwa engafani ngoba kusitifiketi sokuzalwa ngowango 1997 kanti kupasipoti ungowango 1998 nokudale isididi ngoba kwawona lo 1997 ukhalisa ngoba lensizwa ibukeka ikhulile. Lomkhonyovu utholakale ngesikhathi i Uganda idlala umdlalo wokuhlunga nezwe lase Rwanda nogcine unqotshwa i Uganda ngo 3-2 sekuhlanganiswa imilenze yomibili nokugcine kuphoqa ukuthi kuhambe iRwanda emjikelezweni wesibili ezowudlala ne Egypt. i Uganda isiphuthwe ithuba lokuyodlala indebe yomhlaba ngonyaka obuyayo e Korea.

Izwe lase Uganda linabadlali abaningi abadlala kuleli njengoba kuno Bukenya no Denis Onyango ukubala abambalwa.

Ukhamba lufuze imbiza kumsubathi osemncane

Sithunyelwe
Nakuba isizulu sithi uMfundisi akamzali uMfundisi kodwa kubukeka uLwandile Zikalala ehamba ezinyathelweni zikababa wakhe ngokuba bukhali kwezemidlalo njengoba izolo egile izimanga emidlalweni yamasekhethi ezikolwe ezakhele iRichards bay.

Lomfanyana oneminyaka eyisikhombisa unqobe umzuliswano we 100 mitres waphinda waba yingxenye ye relay nokumenze wazizuzela izitifiketi ezimbili ngalempumelelo.

uLwandile nofunda eGlobal Christian Academy khona eRichards bay ubukeka eya kude kwezemidlalo njengoba nangesikhathi esafunda kwesinye sezikolwe oPhongolo ubezibandakanya nezokubhukuda,

Kubukeka ukhamba lufuze imbiza ngoba ubaba wakhe uLindelihle Faya Zikalala waziwa kakhulu ngokuthanda ibhola njengoba wayengumdlali webhola kanti manje usengumphathi weqembu elibizwa ngokuthi iJoyouse FC neladla umhlanganiso kumaplay off okuyongena ku SAB eminyakeni edlule. Naphinde abe ngumsunguli womncintiswana webhola obizwa ngeFaya Soccer Challenge noba ngumantuntanendishi ngoba awubi endaweni eyodwa minyaka yonke.

Saturday, May 14, 2016

Kudibane igoli ne Pitoli kowamanqamu e Nedbank cup

Kuzodibana amaqembu ahlale ethwesana ubunzima uma edibene okuyi Orlando Pirates ne Supersport United emdlalweni wamanqamu we Nedbank cup.

Ezimnyama zizicabele indlela ebheke kowamanqamu emva kokushaya kabuhlungu i Free State Stars eGloble Park kwelase Free State ngo 4-2 amagoli ezimnyama ashaywe ngu Mohomi nokube umkhonto ogwaze ekhaya namabili kaLuvuyo Memela nogcine eqonkwe njengomdlali wosuku kwase kuba elokugcina lika Thamsanqa Gabuza kwase kuthi awe Stars ashaywa ngu Nkosi naye u Mohomi.

Kanti komunye umdlalo wesibili owandulela owamanqamu obusePitoli phakathi kwe Supersport United ne Baroka FC edume ngokuginqa obhutabadala ngoba ivele izicoboshisele emaqenjini ePSL kulomqhudelwano kepha izolo akubanga njalo ngoba iSupersport ibathele induku ka 2-0 nokube amagoli ashaywe u Bradley Glober no Thuso Phala.

Kusazomenyezelwa usuku nenkundla okuzodlalelwa kuyo.

Kuqopheke umlando owesifazane wase Africa eqokelwa kusikhundla se FIFA

Inhlangano engamele ibhola emhlabeni iFIFA iqophe umlando izolo ebusuku ngesikhathi iqoka uNkosikazi Fatma Samba Diouf Samoura nodabuka kwelase Senegal esikhundleni sokuba unobhala jikelele walenhlangano.

uNkosikazi Samoura noneminyaka engu 54 ungene esikhundleni ebesiphethwe ngu Mnuz Jerome Valcke nowamiswa ngezinsolo zenkohlakalo ekanye nabanye abebephethe ethimbeni ebeliholwa nguMnuz Sepp Blatter naye owamiswa ngazo izinsolo zokugwazisa. Kulindeleke ukuba aqale umsebenzi wakhe ekuqaleni kwenyanga ezayo uNkosikazi Samoura nogabe ngamava ekuphatheni izinhlangano kwazise ubekwesinye isikhundla kunhlangano yamazwe ngamazwe nabeseyisebenzele iminyaka engu 21.

Sishayelwe ihlombe amaciko amaningi isinqumo se SABC

Abaculi basishayele ihlombe isinqumo senhlangano yezokusakaza kuleli i SABC sokuthi umculo wakulelizwe usuzodlalwa ngamaphensenti angu 90 eziteshini ezingaphansi kwalenhlangano nezingu 18 sezizonke.


Lesimemezelo senziwe oyisikhulu esiphezulu kulenhlangano uMnuz Hlaudi Motsoeneng. Lesimemezelo siza nje kudala abaculi bekhala ngokungadlalwa ngendlela komculo wabo eziteshini ezinkulu ezingaphansi kwalenhlangano.

Kuqeda kumenyezelwa lezinguquko abaculi abafana nomakadebona kwezomculo uDon Laka uzwakalise okukhulu ukujabula kwazise ubehlale njalo egxeka indlela okwenzeka ngayo ezintweni ezithinta umculo wakuleli.


Friday, May 13, 2016

Iyolala ibonene kweye Nedbank cup

Kuyothi kusa kusasa abathandi bebhola eningizimu Africa bazobe sebazi ukuthi imaphi amaqembu azogijimisana kowamanqamu emqhudelwaneni wakwa Nedbank.

Kuzothi namuhla ngehora lesithathu ntambama i Orlando Pirates izotholana phezulu ne Free State Stars egloble Park Stadium kusifundazwe sase Free state, bese kuthi ebusuku khona namuhla i Baroka FC nedume ngokucoboahisa amaqembu amakhulu adlala ku PSL izobhekana ne Supersports United ePitoli.

Ozonqoba lomncintiswano uzoyomela iningizimu Africa emidlalweni ye CAF Confederations cup ngonyaka obuyayo.

Umnyango uthi ngamampunge ukuthi kuzoba nemali ezotholwa abangasebenzi

Umnyango wezezimpesheni phecelezi Social development uthi kungamampunge ukuthi kuzoba nemali ezotholwa ilabo abangasebenzi kusukela ngonyaka ozayo.

Umnyango ukhuluma kanjena nje ezinsukwini ezedlule bekusabalele ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni ethile yezindaba ukuthi kuzoba nemali elinganiselwa ku R1420 ezotholwa abantu abangasebenzi abaneminyaka esukela ku 19 kuze kuyofika ku59.

Thursday, May 12, 2016

usinde engozini yemoto uSomnandi

Umculi kamaskandi odabuka esigodini sakwaGqikazi eMahlabathini uThokozane 'Somnandi' Langa usinde kukubi engozini yemoto emehlakalele izolo esifundazweni saseFree State.

USomnandi nobehamba ngemoto yakhe yohlobo lwe Toyota Fortuner kuthiwa udlulwe imoto ethe uma isingaphambi kwakhe yase inciphisa ijubane nokudale ukuthi eye eyoyingena ngemumva. Nakuba esekhishiwe esibhedlela ngenxa yokushayeka kabana ekhanda kodwa abehamba naye uMnu Khwezi Mngcwango kubikwa ukuthi kungenzeka ehlale esibhedlela njengoba elimele kabana ekhanda.

lokhu kuqhubeka ukubulalana kwamaqembu emidlwembe oPhongolo

Kubikwa ukuthi basalokhu beqhubeka ngokubulala bodwa abamaqembu emidlwembe oPhongolo. Ngesonto kubikwa ukuthi bekugcwatshwa omunye welunga lamanye wamaqembu owagwazwa wabulawa. Kanti kuzothi ngalo isonto kuphinde kubulawe omunye welunga lalamaqembu.

Selokhu kwachuma lempi yamaqembu miningi imiphefumulo esiphumile yalabo abangamalunga alamaqembu ngoba ngonyaka ophelile bake baphuma uqhude qhude begwazana begecana bukhona.

Wednesday, May 11, 2016

imizwa ehlukahlukene ngemiphumela yeye PSL izolo

Abalandeli bebhola eningizimu Afrika balale benemizwa ehlukahlukene emva kwemiphumela yemidlalo ebidlala izolo.

Abalandeli be Orlando Pirates balale izinhliziyo zithi nkenkenke iminjunju emva kokuthola isibhaxu sika 2-0, kwathi abe Kaizer Chiefs baqhubeka nokubamba imilomo kwazise lidlale ngokulingana ne Free State Stars ngo 2-2 nobe nezikhalazo eziningi emva kokuba unondweba engeze isikhathi esiningi kanti ebelandela ngemumva amakhosi. Kwathi iMamelodi Sundowns iqhubekile nokudlala kahle njengoba ishaye ngo 1-0 iqembu le Bidvest Wits okuyilona elilele isibili kulog. IMarizburg United ibuyise amathemba kubantu bakwa Zulu Natal ngesikhathi ishaya i Ajax capr town ngo 1-0 kanti ne Arrows yenzele iMarizburg umthwalo olula ngesikhathi ishaya iJomo Cosmos ngo 1-0.

IPolokwane City ifuqele Amatuks emsileni ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 2-2. Kwathi iPlatinum Stars elele isithathu kuLog yathola induku ka 3-2 ku Bloemfontein celtic.

Lemidlalo yayizolo yenze laba likhulu ilukuluku lokuthi kaze kuzokwenzekani emidlalweni yokugcina yeligi ezoba ngomhlaka 21 yonke iyoqala ngo 3 ntambama. Nakuba izobe ibhekiwe imidlalo kodwa ozobe umkhulu kunayoyonke ngowe Marizburg United ne Jomo  Cosmos kwazise bobabili balwela ukusinda ezembeni kanjalo nasemidlalwrni yama play offs.

Tuesday, May 10, 2016

enye ingxabano ku Dj Tira no Mampintsha

Umphathi wesitebele esikhulu nesihlonishwayo ezweni u DJ Tira nogama lakhe langempela ngu Mthoko Khathi kubikwa ukuthi kube nokungaboni ngasolinye nelunga leBig Nuz uMampintsha nokuholele ekutheni bengayi emcimbini obusubakhokhele u R55000.

Ngokwrmibiko kubikwa ukuthi uMampintsha uxolisile kumhleli womcimbi wathembisa nokuyibuyisela lemali ebisikhishiwe. Sekubukeka kuyisejwayezi ukungaboni ngasolinye phakathi kuka Tira no Mampintsha njengoba nasekuqaleni kwalonyaka kwabikwa ukungaboni ngasolinye nokwabikwa ukuthi kudalwa ukuthi uTira ubaholela 'amakinati' abaculi abangaphansi kwesitebele sakhe esibizwa nge Afrotainment

lithathe elinye igxathu uhlelo lwama ARV

Umnyango wezempilo kuleli usumemezele ukuthi bonke abantu abazothola ukuthi banesandulela ngculazi bazoqala imishanguzo noma ngabe i CD4co yabo ime kanjani.

Lezizindaba ziqinisekiswe ungqongqoshe wezempilo kuleli uMnu Aron Motsoaledi nothe ngaloluhlelo bahlose ukuthi abantu basheshe bayithole imishanguzo bangaze baqale bagule. Njengoba bekwenzeka ekuqaleni lapha umuntu abewaqala amaphilisi uma amasotsha omzimba esehlile.

Monday, May 9, 2016

isemanzini indima kamaskandi kudlula emhlabeni u Lahlumlenze

Umculo kaMasikandi ugqemeke engeqiwa ntwana ngesikhathi kudlula emhlabeni uMshayinkositini uLahlumlenze ogama lakhe langempela ngu Sipho Nxumalo.

UNxumalo nodabuka esigodini saseMatheni kwaNongoma utholakale eseshonile endlini yakhe ehostela lase Emazulwini eGoli. Kubikwa ukuthi ukhale ngomlenze emavikini amabili.

basinde engozini yezimoto abadlali brPlatnum Stars

Kuphose kwavalwa ngehlahla eqenjini eligijima ku PSL i Platinum Stars ngesikhathi abadlali bayo ababili abamqoka uNdumiso Mabena no Mbongeni Mzimela ongunozinti behlelwa ingozi yezimoto zabo izolo ebusuku.

Imibiko ithi laba ababili bebehamba ngezimoto zabo emva kokushiywa yimoto yeqembu sekubuywa emidlalweni abebewudlala ne Free State Stars nosekungumlando ukuthi uphele ngo 1-1 nokube nguMabena oshaye ele Platinum Stars. Kuthiwa imoto ka Mabena iphaphalazile emajikeni akulendawo yase Phokeng nokuthe uma uMzimela ebona lengozi eyehlela uMabena wama nokuthe esamile kwaqhamuka umqeqeshi wonozinti baleliqembu u Stephane Ekakala nothe esamile kwaqhamuka imoto yazongena kweyakhe nokudale ukuthi eyakhe ishayise ekaMzimela.

Nakuba labadlali ababili uMabena no Mzimela kepha u Ekakala kubikwa ukuthi ulimele kabi ngokuqinisekisa komqeqeshi waleliqembu u Calvin Johnson.

Sunday, May 8, 2016

seziqinisekisiwe izinsolo zetulo lokusoconga uThuli Madonsela

Umvikeli womphakathi uThuli Madonsela useqinisekisile ukuthi uwutholile umlayezo kamakhalekhukhwini obumxhwayisa ngetulo lokumbulala.

UMvikeli womphakathi uthi lomlayezo uchaza kabanzi ngokuthengwa kwenkunzi yomgulukudu waseKàpa osekhokhelwe ukuba athole inkabi ezomsonconga.

ithele mumva njengembumbha iDowns kowe CAF

Ompetha beligi yase Ningizimu Africa iMamelodi Sundowns ibuye seliyoshona yanqoba umdlalo wayo ngo 3-1 ishaya iqembu lase Ghana i Mediana FC izolo ebusuku ePitoli emdlalweni we Caf Confederations cup.

Kulomdlalo iqembu laseGhana lithuse abaningi ngesikhathi lihamba phambili kungakapheli nomzuzu umdlalo uqalile nokubikwa ukuthi kuthe ngesikhathi sokushintsha umqeqeshi weSundowns kuthiwa uvele wadumela ikhofi waziphuzela lona wangaqhamuka namaqhinga abazowasebenzisa ngesiwombe sesibili.

Ngesiwombe sesibili kutheul umdlalo usuyophela yabuya iSundowns namagoli amathathu angene onke sekusebele imizuzu eyishumi nokube ngamagoli ashaywe Castro, Billiant no Malajila. Izolibangisa eGhana ukuyodlala umlenze wesibili nokuyothi uma inqoba izobe isidlulela emidlalweni yamaqoqo.

Saturday, May 7, 2016

kuphinde kwashona umdlali wase Cameroon emva kokuwa kudlalwa

Izwe lase Cameroon liphinde lehlakalelwa umshophi wokulahlekelwa ngomunye umdlali webhola weqembu lesizwe u Patrick Ekeng(26) owe enkundleni edlalela iqembu lakhe lase Romania i Danamo Bucharech izolo ebusuku.

Lomdlali nobesanda kungena enkundleni ngesiwombe sesibili uvele wawa nokusolakale ukuthi umelwe inhliziyo nokuphethe ngokuthi aphuthunyiswe esibhedlela nalapha afike waphelela khona emva kwamahora amabili kuzanywa ukuhlenga impilo yakho.

Ama Indominable Lions okuyisiteketiso sezwe lase Cameroon aseshayeka isibili ngalesisehlo njengoba kwathi ngo 2003 idlala ne Colombia emdlalweni ye Confedaration cup kwenzeka okufanayo ngesikhathi lowo owayeyisikhonkwane somdlali wase swini uMac Vivian Foe wawa washona nokwagcina kutholakala ukuthi umelwe inhliziyo.

Thursday, May 5, 2016

uzobonakala maduze kuGenerations u Tau

Isilomo somdlalo owuchungechunge i Generations the legacy u Rapulana Seiphumo nodlala indawo yenkinsela u Tau Mogale uzobonakala maduzane kulimdlalo.

UTau usenesikhathi anyamalala kulomflalo emva kokubandakanyeka engozini yemoto neyedlula nemiphefumulo yabantu abathathu nokuvela ukuthi yabangwa ukuthi kwakunabantu ababezama ukumduna imoto yakhe yohlobo lwe Mercedise benz.

Kulindeleke aqale ukubonakala ezinyangeni ezimbili ezizayo nakuba eseqalile ukuqopha eziqeshini zalomdlalo.

Wednesday, May 4, 2016

asaqhubeka nobandlululo amabhunu oPhongolo

Kungakapheli sikhathi esingakanani kuqubuke umsindo abelungu bebize abantu abamnyama ngezimfene kuthe ngomsombuluko abafana abane nantombazane amabili bohlanga lwamabhunu bashaye babuye bahlukumeza abafanyana abane basendaweni yakwashoba ngesikhathi bebothola bezidobela izinhlanzi emfuleni uPhongolo.

Labafanyana bathi bashaywa ngezimpama kuqhunyiswa izibhamu bekhonjwa ngezizibhamu bekhahlelwa uma bebuza isizathu kulabontamolukhuni bathi babashayela ukuthi abantu abamnyama bayadelela,

Kwavulwa icala esteshini sasoPhongolo emva kokungenelela kuka Mnu Sgcino Myeni ubeumesiya walabafanyana emva kokuthi kwaba namaphoyisa ayebachitha labafanyana ethi abayeMagudu beyovula khona icala. Nokuthe makubeqeda ukuvula icala wabahambisa emakhaya kubo ebusuku.

Kusalindelwe usuku lokuqulwa kwecala

iMbongi yabantu izobonakala ku Sibaya

Imbongi edume umhlaba wonke uMzwakhe Mbuli uzobonakala maduze emdlalweni oyintandokazi kuleli obizwa ngokuthi Isibaya.

IMbongi yabantu nokungelinye igama abuye aziwe ngalo uMbuli uzobe elingisa indawo yokuba uMfowabo ka Judas Ngwenya nelingiswa uMenzi Ngubane. Kulomdlalo uzobe ebizwa ngokuba ngu Ngonyama Ngwenya.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...