Friday, July 31, 2015

azobe ebophele kanje amaqembu ku Carling Black Label cup

Kaizer Chiefs: Goalkeeper: Pieterse ; Defenders: Moleko, Gaxa, Xulu, Masilela; Midfielders: Tshabalala, Letsholonyane, Maluleka, Lebese; Strikers: Zulu, Parker

Orlando Pirates: Goalkeeper: Mhlongo; Defenders: Jele, Gumede, Sangweni, Phungwayo; Midfield: Myeni, Sarr, Manyisa, Rakhale; Strikers: Gabuza, Majoro

lomdlalo uzoqala ligamenxe ihora lesithathu ntambama e FNB Stadium

UDavide WasOphongolo Ubabambile OGoliath Bama-ATM

Umfanyana omncane wasOphongolo (eligodliwe igama lakhe ngenxa yezokuphepha), uphenduke iqhawe ngesikhathi ebamba phansi amaqola abesebaqedile abantu basOphongolo kuma ATM.

La maqola alahlwe ngelakubo ngesikhathi ezama ukumubamba lomfanyana kwiATM engasePick n Pay. Athathe ikhadi lakhe yena wasala elokhu ethi ulilindele emshinini ukuthi ulibuyise kanti phinde. Ube esecebiswa abasesitolo ukuthi aphuthume ayolivala ngaphakathi eCapitec.

Lo mfanyana akawakholwanga amehlo akhe ngesikhathi eqhamuka ngase Capitec esebona lesi sigebengu siqeda ukukhipha imali yakhe engango R4000. Akabange esachitha skhathi wave esesidumela isgebengu lesi kuba ngongaphansi nongaphezulu. Ngemuva kwemizukuzuku kubukelwa umfanyana eshovashova iqola leli, ube esephumelela ukuthatha ikhadi lakhs nemali kubuya ngakuye.

Omunye obeshayela imoto enezinombolo zaseThekwini okukholakala ukuthi ubengomunye wamaqola ubelokhu ezwakale ememeza etshela uzakwabo ukuthi akamfake emotweni lo mfana bahambe naye, kodwa phinde - kuvele kwabangathi uthela umfanyana ngezibonkolo. Waqhubeka umfana edovadova iqola - abantu be mile bebuka.

Liphunyukile iqola, labaleka langena kuleyo moto encanyana yohlobo lakwaHonda, zashaya isondo - zabaleka izigilamkhuba efikile umfana nezibhakela. Umfanyana lo ube esephuthuma efonela amaphoyisa asOphongolo ewabikela ngodaba.

Amaphoyisa asOphongolo aqhubekile nokwenza kahle njengoba avele asukela phezulu evala zonke izintuba ezingenela Ophongolo nokuthe emuva kwemizuzu babe sebewabambile amadoda amabili, bawavalela.

Icala selivuliwe, kanti okwamanje izigilamkhuba lezi zisatoloza ngaphakathi.

INPG Newsblog ikwazile ukuxhumana nomfanyana obebukeka ethukile futhi engakholwa ukuthi le ndwayimane yezibhakela beyivela kuye, uphawule wathi "Ngiyambonga uNkulunkulu, bekungesiyo impi yami le kodwa bekungeyokuqoqa ubufakazi ngobukhona baKhe".

kuwaphethile amalunga ephalamende agolozela uSomlomo

iphalamende seligunyaze umthetho wesikhashana wokuthi labo abagolozayo ukulandela imiyalelo kaSomlomo wePhalamende uNkosikazi Baleka Mbete bekhishwe ngonogada, lomthetho uvotelwe ngamalungu awu 304 kwathi ithonsi elingu 16 laphikisana nalomthetho nokufane nokuthela ithonsi olwandle.

iphalamende ligunyaza lomthetho nje bese liphenduke inkundla yombholoho ngenxa yokuthi njalo uma lihleli iphalamende bese kuba nesiqubulo esishiwo yiqembu likaMnu Julius Malema I EFF esithi "Pay back the money" esiqondiswa kuMongameli wezwe ngenxa yemali ewu R246 Million eyakha umuzi wakhe. bese kuyinhlalayenza ukuthi njalo uma kuhlangene iphalamende bese kuqala leyonhlokomo.

nakuba amanye amalungu ePhalamende evumelene nalomthetho kepha athe kumele kuhanjiswe ngemigudu efanele kungaphindi isimo lapha kwagasela khona amaphoyisa nonogada bezokhipha iqembu le EFF elaliphazamisa uMongameli ethula inkulumo yesizwe ngonhlolanja kulonyaka nokwaba nemibiko ethi kwakukhala isibhaxu ngaphandle kwephalamende kumalunga aleliqembu nokwafakazelwa ngu Mnu Malema ukuthi baze bamdonsa nogwayi kagogo.

Thursday, July 30, 2015

kugqekezwe ihhovisi lika Malema

ihhovisi lomholi we Economic Freedom Fighters Umnu Julius Malema ligqekeziwe ngokusa kwanamuhla, lelihhovisi elise Cape Town kubikwa ukuthi kwebiwe amaphepha anemininingwane yezokuhamba kanjalo nawezokuphepha zalomongameli waleliqembu.

umkhulumeli waleliqembu uMnu Mbuyiseni Ndlozi ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokugqekeza nokweba, amaphoyisa aphansi phezulu afuna amasela kanjalo nethimba elizimele labaseshi selijutshiwe ukufuna lezigilamkhuba.

kuboshwe ababili bokufika eGolela

kubanjwe ababili okungowesilisa nowesifazane bokufika esangweni lomcele lase Golela ngomsombuluko, labababili babanjwe nezidakamizwa ezibalelwa kunani elingafika ku R500 000 ngokwenani lasemgwaqeni, okhulumela amaphoyisa esifundazwe uMnu Thulani Zwane ukuqinisekisile ukubanjwa kwalabababili " amaphoyisa ebenza umsebenzi wawo wokugada ukungena nokuphuma okwenzeka emnceleni wakuleli ase ekhuthuza izimpahla zalaba nalapha athole khona lezidakamizwa anesilinganiso esiwu 2,5 kg.

Wednesday, July 29, 2015

ababophe isifociya othisha bengasuli emsebenzini

inyunyana yabasebenzi bezemfundo  I NATU ishaye ikhwela kumalunga ayo ukuthi abophe isifociya engasheshi esule emsebenzini ukuze azogwema inhlupheko nokulahlekelwa ngenkulu imali kwazise iba ningi imali esalayo uma usule kungakafiki isikhathi.

lenyunyana ishumayela lelivangeli kuzozonke izindawo ezakhele iningizimu Afrika kwazise inochungechunge lemihlangano lapha ihlangana namalunga ayo. ekhuluma kwenye yemihlangano lowo oyiphini lika Mongameli uMnu Allen Thomson uthe " siyawufuqa lomkhankaso hhayi emalungeni ethu kuphela kodwa kubobonke abasebenzi bakahulumeni ukuze bethole imali yabo isaphelele, ngokuthi balinde beze befike eminyakeni engu 65, ngoba uma beshesha bashiye bathola imali encane".

eqhubeka uThompson uthinte nendaba yokunikwa ingxenye yempesheni kwabasebenzi bakahulumeni abasebenza emnyangweni wezemfundo " kweminye imisebenzi bayanikwa abasebenzi ingxenye yemali yabo ukuze befezakalise izidingo ezithile, nathi sithi abanganikwa yonke kepha abanikwe ingxenye ethile yemali yakhe ukuze kuzogwemeka lezizehlo ofica ukuthi uthisha uyasula emsebenzini ukuze ekwazi ukukhokhela ingane esikoleni.

linikwe uTshabalala ibhande ku Makhosi

isikhwishikhwishi somdlali waseswini eqenjini le Kaizer Chiefs uSimphiwe Tshabalala ukhethwe ngabadlali baloleliqembu ukuthi kube nguye umholi walo ukaputeni ukusho, lelinxele eselinesikhathi likumakhosi lithatha nje lelibhande ebeseliqala lilala izintuli kwazise lishiywe izinsizwa ezimbili ebezivame ukuligqoka okungu Itumeleng Khune no Tefu Mashamaite abangazivuselelanga izinkontileka zabo kubafana bokuthula noxolo.

inkonyane izobe ingathuki sisinga kuShabba ngokuhola izimpofana kwazise ubeke enikwe uma kwenzekile bangabibikho oKhune no Tefu, naku Bafana Bafana wake waligqoka kudlalwa umdlalo wobungani nezwe lase Madagascar

Tuesday, July 28, 2015

kungaba yini edala ukuhlukana noma ukuqembuqembuka kwebandla likajehova

Mfu Sabelo Shongwe
Apostolic Church



 
"zimbili izizathu ezidala inhlukano noma ukuqembuqembuka kwebanadla likajehova esokuqala indlala abanye abantu beyaye bebone ithuba lokuthiba indlala ngoba usuke ebona ukuthi umnikelo uzoza ngakuye esesebili ukuthi kunalabo bantu abayaye befune ukukhonza nezinto abakholelwa kuzo njengokuthi kunabantu abathi noma bekhonza kodwa bebe benza imikhuba ethile nezinkonzo zabo zibavumela ukwenza njalo, nokudalwa ukuthi kwamanye amabandla akuvumelekile ukukwenza lokho bese ebona kungcono eziqembukele elakhe ibandla"











Mfu Bheki Kamkhanduma Buthelezi
Zoe Christian Fellowship Church International
"Into eyenza amabandla ahlukane kanje among other things kuba wukungazethembi kwabefundisi. Uma iNceku ingaqeqeshekile ngokwezwi ivele icashe uma kufanele isondele kwezinye IziNceku. Okwesibili, ama Bible Colleges kufanele alekelele ukuletha imfundiso eqotho kubantu ababiziwe. Okwesithathu abanye abafundisi banenkolelo yokuthi bangcono kunabanye. Okwesine yi fear yokuthi kuzontshonthelwana abazalwane. Okwesihlanu, lento ibangwa ngabaholi abakhulu ebandleni senior leadershi, abaBhishop bashumayela ukwehlukana emapulpit abama kuwo. Okokugcina wuthando lwemali kubafundisi. Wonke imfundisi ufuna okuza kuye kuphela akafuni ukubona omunye umfundisi ekhula ambongele. Uvele agxeke".
 
 
 
 
 
 
Mfu Jeffrey Ndlangamandla
Good Samaritan Christian Centre
" ngiyaxolisa kulokhu engizokusho kodwa ngiyazi uzophoxeka, angazi ukuthi kudalwa yini ukuhlukana kwebandla likajehova"
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
Mfu Bheki Jobe Sithole
AFM Church
"Ngicabanga ukuthi imbangela kungaba indlela I Christianity eyalethwa ngayo e mzansi ne afrika abamhlophe bayiletha ngokuzama ukweba ubuthina manje wonke umuntu ufuna ukwenza into ngendlela acabanga ngayo, okunye kuwukuthi asifani futhi asenzi izinto ngendlela efanayo kufana nokuthi nje sonke singaba amazulu sithande umculo wesizulu kodwa abanye bazofuna uku rapper ngesizulu abanye benze umbhaqanga abanye isicathamiya njalo njalo kodwa ekugcineni sithi umculo, kanjalo naba bandla akhonza uthixo oyedwa kodwa ngendlela ezahlukile"
 
 
 
 
 
 
 
 
Mprof Mncedisi Mhlanga
Praise and worship Fellowship Church
" ha ha ha alikho maqembuqembu, but kuhluke amavisions ngokwama denomination, ibandla lakhiwa izinto ezimbili 1. spiritual body lelo yileli ongeke ulibone athi u Pawuli ngalo inkosi iyabazi abangabayo 2. bese kuba ne Organisation le eyinhlanganyelo yabantu bonke ebhaliswe ngokomthetho e Pitoli, kwi organisation wonke umuntuwamukelekile but spiritual body alaba athi ujesu akusibo bonke abathi nkosi nkosi abayongena ezulwini kodwa yilaba abenza intando yakhe, yini intando? yizwi lakhe"
 
 
 
 
 
Nhlalisuthi uNyawo
Mpumalanga Nazareth baptise Church 
" lilinyazwa umona ibandla lika jehova ngoba umuntu uthi engabona nje umfundisi wakhe ebangconywana bese naye efuna ukuba umfundisi engalandeli ubizo kepha elandele imali nodumo bese kuba nokukhohlwa imvelaphi yethu sibese sithatha konke okwezizwe okuqhamukayo sikuphakamisele phezulu bese sikhohlwa ngokwethu"
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
Inceku Melusi Malinga
Christian Church of Zion
"kuningi okudala lenhlukano kodwa engingakubalula indaba yomona ukuthi umuntu engabona nje ukuthi uMfundisi webandla akulo uphila kangconywana bese naye evuna ukuvula elakhe ibandla ukuze lokhu okomnikelo kuze ngakuye, bese kuba indaba yokuthi kube khona ukuhishana ngemibono ngaphakathi ebandleni noma esontweni bese umuntu ebona kungcono eziqembulele elakhe okusho ukuthi imbangela kube ukucasuka , kwesinye ke isikhathi uthole ukuthi kuba indlela uhlobo lwabantu olukholelwa kulo ngokwesintu lukhonze ngendlela ezovumelana nemikhuba yesintu abayenzayo, nendlela ke okugxekwana ngayo emasontweni nayo inomthelela ngoba ufica ukuthi umuntu uze esontweni ukuzokhonza evele uMfundisi agxeke into otholukuthi vele uyayenza lomuntu osenkozweni"
 
 
 
 
 
 

Monday, July 27, 2015

AYISEKHO INDIDANE EMHLABENI

akasekho emhlabeni umculi kamaskandi uMtshengiseni Gcwensa obaziwa ngokuthi indidane noma Isichomane noma Isipiklapiklane, lensizwa ebidume ngohleko lwayo nokuzibonga okunamahlaya idlule emhlabanei emva kokugula isikhathi eside ihlushwa isifo sofuba, lensizwa izokhumbuleka ngokuthi ibiyinkukhu nempaka nabaculi abaningi okubalwa uMgqumeni Khumalo osewashona, Thokozani Langa no Ali Mgube.

lensizwa ibihola amaqembu amaningi omculo kamaskandi okubalwa amagezamahle, ithwasalangempela noMtshengiseni sekukaningi ingena iphuma ezibhedlela ngenxa yaso lesisifo, n

liphendule amatafula ibhakaniya kwelase Tunisa

liqhubekile nokudlala kahle ekuhambeni iqembu le Orlando Pirates emidlalweni yase Afrika ngesikhathi libhaxabula kabuhlungu I CS Sfaxien ngegoli elilodwa eqandeni nokuyigoli elishaywe uThabo Rakhale ngomzuzu ka 46.


ezimnyama zinqoba nje besigezi ngozi eziyigqeneywe iqembu lase Gibhithe iZamalek eyabathela othulini ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni obudlalelwa lapha eningizimu Afrika emavikini ambalwa andlule. lomdlalo wayizolo ubuyise ithemba lokuthi lisazodlulela emzuliswaneni womkhumulajezi kwazise lilele endaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu kanti endaweni yokuqala kusanqenqeza IZamalek ngamaphuzu ayisishagalolunye emidlalweni emithathu.

sisekuzo ezithinta lomdlalo kunokwesabela ukuthi angahle ehlale isikhathi eside engabonakali enkundleni uThabo Matlaba ophume ngomzuzu ka 70 emva kokulimala isihluzi sethanga.

Saturday, July 25, 2015

ufihliwe umfundi owasala enkundleni kuliwa ekhulumeluzulu

Ungcwatshiwe umfundi owashona empini eyayiphakayhi kwabafundi abafunda ekhukumeluzulu ekuqaleni kwalesonto. Lempi yadlula nomphefumulo womfundi kwalimala kabi nomunye.

Friday, July 24, 2015

ifu elimnyama ku Thanda Royal Zulu

Ligubhuzelwe yifu elimnyama iqembu lebhola laKwazulu Natal I Thanda Royal Zulu emva kokudkula emhlabeni kwesikhulu esiphezulu saleliqembu uMnuz Thabani Gumede.
Lensizwa eyayingumkhulumeli walo leliqembu ngesikhathi lisagijima ku PSL idlule izolo emhlabeni emva kokugula isikhathi eside kungazeki ukuthi iphethwe yini nokuthe emavikini ambalea bayibamba odokotela inkinga emphethe obekuthiwa inkinga yokungagayeki ngendlela kokudla eswini nokuyikhona okugcine kumyisa koyisemkhulu.

inyukele ku NFD imbabala

Iqembu elinomlando omude ebholeni wase South Africa Umtata Bucks linyukele esigabeni esandulela I PSL esibizwa nge NFD emva kokuthi lilale endaweni yokuqala kuqoqo lesibili emidlalweni yokuhlungu ebidlalelwa eKimberly.
Leliqembu linqobe ngo 2-1 lishaya iShining Stars yase North west nokubuye kwasiza ukuthi amaqembu ebebangisana nawo okuyi Hungry lions ne Magesi FC badlale ngokulingana ngo 3-3,
Sisekuyo lemidlalo ne Mbombela United izonyuka kanye nayo iMbabala ukuzodlala kulesigaba se NFD emva kokushaya I African All Stars ngo 3-2. Nakuba lamaqembu omabili azobe egijima ku NFD ngeseason ezayo kodwa kusamele eqhuthane amakhizane ngesonto ebange ukuthi iyiphi inkunzi yesigaba esibizwa nge ABC Motsepe League ozodla umhlanganiso uzohamba nesigidi samarandi okuyi Million ngolwasemzini bese oyolala isibili ehambe namakhulu amahlanu ezinkulungwane (R500 000)

Thursday, July 23, 2015

uthi uzokhipha unyawo owaseKhiphunyawo ngenoni elisha

Umculi womculo wokholo uNkosazane Gugu Dlamini uthi luselude uhambo kulendima yomculo. Lentokazi ekhulele endaweni yase Khiphunyawo oPhongolo ayiyena umafikizolo kwezomculo ngoba kunecwecwe ake alikhipha ngaphambilini elalinesihloko esithi "Ufanelwe udumo
" elidlalwayo eziteshini zemiphakathi ezahlukahlukene. Nakuba ebuye esebenze ngokugcwele kuMasipala waseMajuba uthi lokho akumvimbi ukufezakalisa iphupho lakhe lokuba umculi ovelele nanethemba lokuthi usazoziwola izindondo emincintiswaneni eminingi ekhona kuleli okufaka phakathi na ma crown gospel awards.

Kulindeleke anandise emcimbini obizwa ngeCity to City ozoba seMadadeni ngo October nabuye ebe yingxenye yabahleli bawo ebambisene nomprofethi M.M Mhlanga webandla elibizwa  Praise and worship Centre elakhe endaweni yaseMpakama kwaNongoma.



OwaseMphafeni Uzama Inhlanhla KwiFree State Stars

Useqede izinsuku ezimbili eziqeqesha neqembu leFree State Stars ongumdlali weqembu elidlala kuSAB Ophongolo iTakalani. UNtriza oyibamba ophondweni nangemuva kwabagadli utheleke eFree State izolo ngoLwesithathu nabanye abadlali abebezohlolwa abalishumi kodwa ke ngemuva nje kokujima neqembu kakodwa, bonke laba abangu 9 bakhululiwe kwathiwa bengabe besabuya.

Kusasa sizongena osukwini lwesithathu lesi phekepheke somdlali siziiqeqesha naleli qembu ngethemba lokuthi luzothatha ihlo labaqeqeshi.

uwafa wafa nge MTN 8

Ime kanje imidlalo ye MTN 8 

August 4
Bitvest Wits v.s Suppersports united. - Bitvest Stadium
Orlando Pirates v.s Ajax Cape Town. - Orlando Stadium

5 August 
Mamelodi Sundowns v.s Bloemfontein Celtic - Lucas Moripe
Kaizer Chiefs v.s Marizburg United. - Fnb Stadium


Yonke lemidlalo iqala seligamenxe ihora lesikhombisa ebusuku.

Ngonyaka ofile kwaba iKaizer Chiefs eyaba ngompetha ishaya I Orlando Pirates ngo 1-0 nokuyigoli elashaywa ngowayengukaputeni wamakhosi u Tefu Mashamaite osekungomlando ukuthi uthe klibhi klolo ku Kaizer Chiefs ngesikhathi kumele evuselele inkontileka yakhe.

igcine iphume ibhodwe layo iNUMSA

Igcine ithathe isinqumo sokuzimela yodwa inyunyana yokusansimbi I NUMSA, kuzokhumbuleka ukuthi lenyunyana igcine ixoshwa kumfelandawonye wezinyunyana I COSATU ngonyaka ophelile. Okubonakala kuthele upelepele esilondeni ku NUMSA indlela okwenzeke ngayo ngesikhathi kunengqungquthela yeCOSATU laphaevele yangayingena indaba yokuxoxa ngodaba lwabo. Kulindeleke ukuba kubonakale ukuthi ngabe lezi ezinye izinyunyana ebeziseka iNUMSA sizoba mdibi munye yini nabo ukuqinisa lomfelandawonye omusha.

Wednesday, July 22, 2015

engahle.egijime kuTP Mazembe uBalloteli

Umdlali wase italy uMario Balloteli angahle abonakale egijima enqenjini le TP Mazembe yase DRC ngale season ezoqala. Lezindaba zidalulwe umthombonwezindaba wase France.

Imibiko ithi lomgadli we Liverpool ubhale.ekhasini lakhe le Twitter ethi usebolekiswe ku TP Mazembe. Kuzokhumbuleka ukuthi lensizwa edume ngokungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla ihluleke yancama ukuzakhela igama ku Liverpool kwazise ifike ithelwe ngeqoma ngonyaka ofile ishaye amagoli amane nje vo.

ubeziyela esiqiwini uMessi kwelaseGabon

Inhlangano ephikisayo yezepolitiki yase Gabon ithi iphoxekile ngendlela uMessi enze ngayo ngesikhathi eyisimenywa emcimbini wokuhlaba isoyi lapha kuzokwakhiwa khona inkundla yebhola ezosebenza ngesikhathi se Afcon ngonyaka ka 2017 kulelalizwe.

Lesihlabani sebhola esigijima ku Bacerlona sifike sidlubhe isikipa, isikhindi namateki okuchazwe ilenhlangano ngokuthi ubegqoke ingathi uya esiqiwini. Kuloluhambo kwalokaputeni wezwe lase Argentine kuthiwa ugixabezwe ngo R48 million

kungahle kwengezwe enye imali ekwakhiweni komuzi kaMongameli

UNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Nathi Nhleko uveze izolo ukuthi kungahle kudingeke enye imali ezosiza emzini kaMongameli uMnu Jacob Zuma lemali izolungisa ezinye zezinto ezishodayo nalezo esezingekho esimeni esihle, uNhleko ubekhuluma izolo emhlanganweni lapha abethula khona omunye umbiko ngomuzi kaMongameli okubikwa ukuthi kwadla izigidigidi zemali wakhiwa.

Tuesday, July 21, 2015

kulokoza inhlansi yethemba kulethwa isibambiso somtapo wolwazi kwashoba

Kulethe ithemba entsheni waKwashoba ukuthi ngelinye ilanga uyokwakhelwa umtapo wolwazi ngesikhathi kulethwa isibambiso somtapo wolwazi ngumnyango wezamisiko nobuciko ngomsumbuluko.
Lezindaba ziqinisekiswe uNkosazane Mphile Nxumalo omele uMasipala wasophongolo kulesigceme sesishiyagalombili somasipala, umaNxumalo nongowokuzalwa khona Kwashoba uthe " ngesikhathi sivakashelwe ungqongqoshe u Nksz Ntombikayise Sibhidla-Saphetha senza izethulo zethu ezazihlanganisa nakho ukwakhelwa uMtapo wolwazi, wahamba esithembisile ukuthi uzosilethela esizobambisa ngakho kwazise basazosicubungula isicelo sethu sokwakhelwa umtapo wolwazi".

Lendawo yakwashoba enenani eliphezulu labantu abaneziqu ezahlukahlukene zezemfundo ikhiqize abantu abafana no Mnuz JB Ngema usekela Meya womkhandlu waso Phongolo, uLanga Dlamini oyintatheli yoKhozi FM nentokazi ebeyiwubuso bomjaho wamahhashi uNayizolo Simelane nabanye abaningi abavelele emkhakheni eyahlukahlukene.




Monday, July 20, 2015

IFIKE KWEZWAKALA IFAYA SOCCER CHALLENGE EGODLWAYO NGEMANDELA DAY

Kube iMandela Day ehlukile emphakathini wasOphongolo eGodlwayo ngesikhathi kunemidlalo yeFaya Soccer Challenge enkundleni yaseMthokotshwayo.
UCllr Buthelezi obebukeka ejabule kakhulu ukubona isasasa ngokunjalo nezindimbane zabantu ebezethamele le midlalo, uzikhiphe izipho kwaze kwabuhlungu ingalo ....
* AmaTeam angu 6 amukeliswe amajezi ebhola amasha ohlobo lakwaAdidas.
* Ogogo abangu 10 banikwe izikhafu zenkampani yakwaSANRAL
* Izingane ezingu 10 zemukeliswe amabhola akwaDunlop.
* Abesifazane abangu 20 banikwe izigqoko zakwaSANRAL.
* Abagijimi abangu 35 bemukeliswe amabhengele akwaSANRAL azosiza ukuthi begqame uma beshaya iroad running
* Abangu 5 bamukeliswe ama R200 cash
* Abangu 5 bamukeliswe ama R100 cash
Kanti uMsunguli wale midlalo uphinde washaya ikhwelo elibhekise emphakathini ngelokuphepha emgwaqeni. Wacacisa nokunye okuningi okwakube yizinkinga ezithinta uN2 nezaziphakanyiswe nguMphakathi ngesikhathi kuhambele uMphathiswa woMnyango weZokuthutha uMnu Willies Mchunu emavikini amabili edlule.
Ube eseqhuba, wacela ukuthi kuqalwe imidlalo yebhola lezinyawo ezohlanganisa nezaguga endaweni. Kanti ube esevala ngokubonga I company avela kuyo yakwaSANRAL wabe esebonga nabo bonke abafake isandla ukuthi lolu suku lube impumelelo.
Kowamanqamu kunqobe iKPMM FC kwiFour Stars sekushaywa amaphenathi ngemuva kokuthi zilingene ngo 2 - 2 emdlalweni oshise usuka waze wayophela.
Kanti ke kube sekuvalwa ngokukhishwa kwemimiklomelo ibheke kulabo abavelele :
* Player of d Tournament : Sima (KPMM)
* Gkeeper of d Tournament : Thabiso (Four Stars)
* Golden Boot : Pencil (Four Stars)
* Man of d Final : Pencil (Four Stars)
* Sportsmanship : Mbongeni (Four Stars)
* Coach of d Tournament : Sandile (KPMM)
* Goal of d Tournament : By Smanga (KPMM)
* Best Celebration : Pencil (Four Stars)
* Man of Semi 1 : Thami (KPMM)
* Man of Semi 2 : Thulani (Four Stars)

kuphume isidumbu kugecana abafundi

Kubikwa ukuthi kugecene abafundi kwesinye sezikole ezisendaweni yase Mkhwakheni oPhongolo nokuholele ekutheni kube khona oshonayo nomunye uphuthunyiswe esibhedlela, labafundi kusolakala ukuthi bebenengxabano eyabakhona kuvalwa izikole.

zimkhalele umfundisi odlisa abazalwane izinyoka

Umfundisi Penuel Mnguni welinye lamabandla asepitoli ukhalelwe ngamasongo kasigonyela ngempelasonto emva kokuvulelwa icala inhlangano elwa nokuhkukunyezwa kwe zilwane I SPCA.

Kuzokumbuleka ukuthi lomfundisi ususa omkhulu umsindo kuleli nasmkumanye amazwe ngesikhathi kusabalala isithombe sakhe efunza omunye wabazalwane inyoka nazithethelela ngokuthi uthunywe unkulunkulu ukuba aphilise abantu ngokubadlisa izinyoka.

selusemome olwe Pongola Community Radio

umsakazo okwaba negidigidi lenjabulo eminyakeni emithathu eyedlule ngesikhathi kuthiwa uzovulwa owawubizwa nge Pongola Community Radio owawuteketiswa nge PCR akusensuku zatshwala ukuthi uzwakale emoyeni lezindaba ziqinisekiswe ilowo ongumsunguli wawo uMnu Vincent Gwebu ekhuluma ne NPG Newsblog ngempelasonto.

eqhubeka uMnuz Gwebu uthe konke sekume ngomumo ngasohlangothini lwabo kwazise nemvume yokusakaza isikhona phecelezi broadcasting Licence sebelinde uxhaso oluvela kwa MDDA okuyibona ababolekisa ngemali kumisakazo. lomsakazo ozobe usakaza ngesizulu, isingisi nesibhunu kulindeleke ukuba uzwakala emsakazweni uma uqondanise ku 107.9 fm, nakuba abanye babasakazi ababetholwe kunhlolokhono eyayenziwe eminyakeni emithathu edlule kuzochibiyelwa kulaba abangasekho asebathola imisebenzi kwezinye izindawo.

Lomsakazo usushintshe nesiqubulo sawo esithi 'Yizw'amanzabomvu' usubuye nesisha ceke esithi 'inkosazane' ezobe isiteketiswa ngaso, esevala uMfoka Gwebu ukuqinisekisile ukuthi lomsakazo uxhaswe uMasipala wasoPhongoli, isitolo esibizwa nge Junk shop ne nkampani ebizws nge Afriagri.

Sunday, July 19, 2015

ichonywe olwegwalagwala iTakalani FC

ITakalani FC ibe izingqwele zomqhudelwano webhola obuxhaswe isitolo sasophongolo esibizwa nge Junk, lomqhudelwano owaqala unamaqembu angaphezu kuka 30 ezinyangeni ezimbili ezimbili ezedlule enkundleni yase Sasa, iTakalani fc ishaye iJuventus ngo 1-0 nokuyihlomulise ngo R7500 nenkomishi , iJezi lebhola kanjalo nezindondo zegolide, nakuba iJuventus ishayiwe kodwa izihlomulele ngoR5000 nezindondo zesiliva kwase kuthi endaweni yesithathu kwalala I vlVery Nice FC eshaye I Pongola Black Tigers ngo 1-0 nokuyenze yahamba no R3000 nezindondo zethusi,

Sisekuwo lomqhudelwano uMqeqeshi we Takalani fc uMnuz V.D Gumede uthole R1000 ne nkomishi ngokuba umqeqeshi womqhudelwano kwase kuthi unozinti we Juventus u Tibiliza Mali wagoduka ne nkomishi yokuba unozinti oshaye into ecokeme kulomqhudelwano. U Bongi ' Starch'. Msuthu uhambe nomhlomelo wokuba umshayi magoli ovelele uhambe egugumba ne nkomishi.


Saturday, July 18, 2015

zishiye iMillion zathatha izinkomo zabuya izinkunzi zase Soweto eSwazini

I Orlando Pirates ne Kaizer Chiefs abalibonanga elidlalayo emqhudelwaneni ebebamenuwe kuwo yinkosi yase Swazini inkosi uMswati wesithathu, kuqale amakhosi akhishwa ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi, kwase kuthi emdlalweni wesibili eZimnyama zikhishwe ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi zibambane ngo 1-1 emdlalweni, nakuba zihluliwe lezinkunzi zaseSowerho kodwa zizobuya ziqhuba izinkomo ezimbili kwazise inkosi uMswati unike iqembu ngalinye inkomo.

Friday, July 17, 2015

luzogujwa ngentokozo olukaTata eGodlwayo

luzobungwa ngenjabulo usuku lokuzalwa kwalowo owaba nguMongameli wokuqala wentando yeningi uDokotela Nelson Mandela, lomgubho ohlelwe nguMnuzane Lindelihle Faya Zikalala nobuye abe ngumbhali we NPG News blog uzobe usenkundleni yemidlalo ebizwa ngokuthi kuse Mthokotshwayo endaweni yaso Godlwayo ku ward 4 ngaphansi kwekhansela uButhelezi.

kulomgubho kuzobe kunemidlalo yebhola lezinyawo ebizwa nge Faya Soccer Challenge kodwa ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo kuzonikelwa ngokudla kuleyo mindeni ehlwempu, kuphiwe amabhola kumaqemu ebhola asendaweni bese kutshalwa izihlahla khona belu enkundleni yezemidlalo, bese kuqwashiswa abantu ngokuphepha emgwaqeni, nokuyobe sekuqala lona ke ushikishi lwamaqembu amane azobe eshikashikana kwazise azobe ebanga inkulungwane yamaRandi nenguzanguza yenkomishi ehambisana nezindondo ezizotholwa abanqobile nalabo abazolala isibili nezijumbana zezikhwama ezinezipho. Phakathi. Akuzukugcina ngamaqembu ukuhlomula njengoba nabadlali abenze kahle kuyoyonke imidlalo bazohlumula.kanjalo.nomdlali.womqhudelwano, unozinti womqhudelwano, umshayi magoli ohambe phambili bese kuba nomqeqeshi womqhudelwano bonke laba bazozihlomulela.ngezindebe nokunye okuconsisa amathe.

uvukwe ufufunyane eshayela

Kube nesidididi edolobheni lasoLundi ngesikhathi owesilisa olinganiselwa eminyakeni eko 35 evukwa ukugula okungaqondakali esemgwaqeni ophakathi edolobheni. Lendoda kusoleka ukuthi ibisikuzwa ukugula ngoba ivele yama nje emgwaqeni nokwenze abantu baphuthuma base bebiza amaphoyisa nabosizo lokuqala, nakuba ethathwe wayiswa esibhedlela ubese phapheme kodwa umqondo ubukeka usagijima kwezinye izinkalo namathafa

Thursday, July 16, 2015

basinde engozini abadlali bo Suthu

abadlali beqembu lamazulu abango Tshepo Luphoko no Mbongeni Gumede basinde engoziyi yemoto ngolwesibili bebuya kuyoziqeqesha neqembu. umbiko oqinisekisiwe ophuma kulowo onguMxhumanisi kuleliqembu elizobe lidlala ehlathini nge season ezayo ukuqinisekisile ukuthi labadlali behlakalelwe ingozi kepha baphume bengenamyocu kwazise nayizolo bebeziqeqesha neqembu.

uphika eyokukhululwa nguMandela owe IFP

uMnumzane Mkhuleko Hlengwa ongusihlalo wentsha we qembu le Inkatha Freedom Party uthi yena akazange akhululwe uDokotela Nelson Mandela ngoba uMandela wayesejele lase Robben Island.
uMnu Hlengwa nobuye abe ilungu lePhalamende likazwelonke ubekhuluma emhlanganweni wokucobelela abafundi ngolwazi obuse hholo lomphakathi oLundi ngomsombuluko, nakuba bekunedlanzana labafundi ebelinemvunge ekhombisa ukungakuzwa okushiwo umfoka Hlengwa uqhubekile wathi yena umuntu amaziyo ukuthi wamkhulula uMntwana wakwaPhindangene u Dokotela M. G Buthelezi nongumholi wayo belu I IFP okunguyena owathi ku Mongameli waleso sikhathi u FW De Klerk akakhulule uMnadela ukuze kuzoxoxwa ngokubuyisana,

Wednesday, July 15, 2015

izinqinamba izona ezabhuntshisa izinhlelo zokuvula umsakazo oPhongolo

uNkosazane Gugu Dlamini uthi ukungasekwa kungezinye zezinqinamba ezamthiya ekufezekiseni iphupho lokuvula umsakazo endaweni yaso Phongolo owawuzobizwa ngokuthi Olumanzabomvu Comminity Radio Station. Ekhuluma nethimba le NPG Newsblog uthe " Ngifisa ukuthi ngisho nje ukuthi usakazo awusaqhueki ngenxa yezingqinamba ezithinta nokungasekwa uMasipala wasoPhongolo mayelana namanye amaphepha okwakumele enginike wona" uqhubeke wathi "ngike ngazama nokuthola abanye engezwa ukuthi nabo bake bazama ukuwuvula umsakazo nengingakwazanga ukubathola".

ngelinye ilanga uyafisa ukuphinda ezowuvula umsakazo noma aseke noma ubani onesifiso sokuwuvula kwazise uthi unothando lomsakazo. ebuzwa ukuthi ngabe wabatshela yini laba abese bethemile ukuthi bazoba ngabasakazi kwazise batonyulwa kunhlolo khono eyayingonyaka ofile eNcotshane, uziphendulele ngokuthi ubengakabatsheli ngethemba lokuthi bazobona liphakama ilanga ukuthi ayikho lenkukhu awachithwe lamanzi.

Tuesday, July 14, 2015

engahle eyogijima egibhithe u Erasmus

Umgadli we Orlando pirates u Kermit Erasmus engahle eyogijima eqenjini le Zamalek yase Gibhithe kwazise lezinkunzi zasezweni lika Faro zimfuna eyogijima kuzo kulonyaka webhola ozoqala, ngemibiko ephuma kwezimnyama kuthiwa uShlalo weqembu le Orlando pirates uthe yena akanankinga uma iZamalek no Erasmus bevumelane ngeke eze eme endleleni yomdlali ilinganiselwa ku 20 million imali ebekwe iqembu le Zamalek ngalomgadli

sixoxa no Siphelele Ntshangase

Kubobonke abathandi bebhola uma bexoxa alisali igama lika Sphelele 'mfanakagogo' Ntshangase obaba njengopelepele wezinyoni kulezinsuku. Ithimba le NPG newsblog limfuna laze lamthola lase lixoxa naye, ihambe kanje ingxoxo yethu.
1. Ngabe ngubani uSphelele Ntshangase?
= uSiphelele ngumfana nje oneminyaka ewu 22, owazalwa wakhulele eNcotshane, oPhongolo
2. Ngabe ufunde kuziphi izikole?
= ngiqale ukufunda eMagadlela ngase ngidlulela eSimandlangentsha, ngibese ngiwela ngiyofunda e Phongola High School eyaziwa ngeJunior nalapha engagxina khona kwa Standard 7 ngase ngiyahamba ophongolo ngaya eThekwini.
3. UQale nini kuzibona ukuthi ikhono lokudlala ibhola unalo?
=(ehleka) bhuti ngeke uze ukholwe ukuthi ngangena kanjani ebholeni, ngisakhula bekunomakhelwane wami owayene qembu lebhola elalibizwa ngeMightiles FC okuthiwa ngu Thabo Ngwenya odume ngelika Matwister nowathi ngenye intambama asambe siyejimini. Kwathi uma ebona ukuthi ngiyalithanda ibhola nekhono nginalo wase engithengela elami ibhola enzela ukuthi ngizidlalele ngalo ekhaya uma ngisamlinde ukuthi angithathe siye ejimini.
3. Kungabe udlale kumaphi amaqembu ophongolo?
= ngidlale ku Mightiles FC ka Matwister ngize ngahamba ophongolo ngidlala kuyo futhi ilona qembu elangakha ngaze ngaba nje ngoba okuningi ngikufunde kulo.no mqeqeshi owangipheka wangikhulisa ngu Matwister.
4. Ufike kanjan ku leopard?
= kwaba ukusebenza kanzima okwangenza ngaze ngayozama inhlanhla kuleopard, ngoba ngangizitshela ukuthi ithalente enginalo ilona eliyithikithi lami lokuya empumelelweni futhi ilona eliyongikhipha ekuhluphekeni.
5 . Awutshele thina njengoba kusukela ngonyaka ophelile maningi amaqembu omataniswa nawo kungabe ubhekephi uSphelele?
= (edonsa umoya) Eh eqinisweni bhuti okwamanje ngisesengumdlali we Leopard njengoba ngisasalelwe iminyaka emibili kunkontileka yami, futhi izindaba zami ngizishiye ku Agent yami. Okwamanje ngingasho nje kugcwale umlomo ukuthi angazi lutho ngokushiwoyo ngami.
6. Uzizwe kanjan uqala ukudlubha ijezi lesizwe futhi wazizwa kanjan uqeda kuthola ithuba elaliyobeka izwe eqhulwini emdlalweni wegambia ukuba langena?
= kunalento enginganayo lebizwa ngokuthi uvalo mina njalo uma ngidlala ngisuka ngidlala ngendlela engiyijwayele angizifaki igcindezi, ukubuyela embuzweni wakho bhuti wami ngalithokozela kakhulu ithuba lokudlalela izwe lakithi, futhi ngibonga unkulunkulu ngokungipha ithalente elifana naleli ngizimisele ukulibamba ngezandla zombili.
7. Uzibona ukuphi eminyakeni emihlanu ezayo?
= eqinisweni bengizibekele emhlanu kodwa ke ngizophendula ngemihlanu ongibuze yona bhuti ngizibona ngikhulile ebholeni, njengawo wonke umfana osesemncane ongumdlali webhola ngizibona ngigijima kwenye yamaligi aphesheya kwezilwandle.
8. Uthini umlayezo wakho entsheni engangawe nencane kunawe esafisa ukufezakalisa amaphupho ayo?
= ngaphambi kokuthi ngisho umlayezo bhuti kunalento engiphatha kabuhlungu le eyenzakalayo ophongolo leyama group ocelemba ngoba iningi lalabafana abenza lamagroup ngiyabazi futhi ngidlalile nabo ibhola ngiyafisa ukuba bayeke izidakamizwa kanjalo nalamagroup bese belandela amaphupho abo, kunoma ngubani ke umlayezo wami uthi asisebenzise ithalente esiliphiwe unkulunkulu bese siyazimisela kwesikwenzayo singadikibali endleleni.
9. Uthini umlayezo wakho kubonabonke abantu abangabalandeli bakho ikakhulukazi basophongolo?
= ngithanda ukubabonga kakhulu abantu basophongolo ngendlela abangiseke ngayo kuyoyonke leminyaka kuze kuzoba imanje, ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubrka ngihloniphe ngisebenze kanzima, futhi udumo angeke ngiluthwale ekhanda, ngiyabonga ukungeseka.
10. Siyabonga nkunzi ngesikhathi osiphe sona sikufisela ikusasa eliqhakazile.
= ngiyabonga nami kakhulu ithuba ongiphe lona.

sixoxa no Govozile

Uma ungumlaleli wohlelo lukaSgiya ngengoma lwasokhozini , selokhu kuqale uhlelo lwe top 10, ayisali ingoma ka Govozile ethi 'Waxosha indoda', ukwazi kabanzi ngalensizwa sixoxe nayo ihambe kanje ingxoxo yethu
1. Ngabe ngubani uGovozile wazalelwaphi wafundaphi?
= igama lami lokuzalwa nginguMuzikayise .ngowakwa Khumalo ..ngazalelwa eNtumbane.
2. Ngabe ufunde kuziphi izikole?
= ngafunda e Klipwal primary school .ngaya e Khoza high ..kodwa ngiqede u grade 12 e Mtshekula high khona eNtumbane ngo 2003.
3. Luqale nini uthando lokucula?
= bengilokhu ngingumlandeli kamaskandi kusukela ngama 90s ..kwathi ngo 2010 ngase ngithi ake ngicule nami manje.
4. Yahamba kanjan I album yakho yokuqala?.
= yahamba kahle kangangoba azange ngikholwe nami.
5. Kunalengoma eyayikhuluma ngentombi yakwashoba ngabe wayisuselaphi lengoma?
= cha kwake kwenzeka ngathi ngiyobona intombi yami ngangayithola kwaze kwaba kathathu ..ngase ngikhanda lengoma.
6. ngabe uzizwa kanjan njengoba usohlwini lwabaculi abadayisa kakhulu abayishumi abadlalwa njalo kusigiya ngengoma ?
= kungijabulisa kakhulĆ¼ ..ngoba kukhomba ukuthi iyezwakala ingoma engiyidlalayo.
7. Ngale komculo ngabe kukhona okwenzayo okukungenisela amasente.
= ngisebenza kwa Eskom kwesinye sesiphehlimandla esibizwa nge Duvha esise Witbank ngisebenza njenge plant operator.
8. Eminyaken emihlanu uzibona ukuphi?
= ngizobe ngibalwa neynkunzi futhi ngiyobe senginayo. indondo yomculo.
9. Uthini umlayezo wakho obheke kubaculi abasafufusa kanjalo nowubhekise kubathandi nabalandeli bakagovozile?
= kubaculi ngithi abafunde iskole ukuze bebe neziqu okungezabo zomsebenzi .ngoba umculo awusenamali njengakuqala manje ..kanti uma ungenamali ekhikhini ngeke ukwazi ukuqala ukucula ngoba konke kufuna imali .....kubalandeli ngithi abangabi navalo abakhululeke .ngami .inkulu kabi ingoma engiseza nayo.
10. Sesigcina mfokamashobane ngabe ukhonze kuphi ukudla kanjalo nesiphuzo?
osikhonzile
= ngiyayithanda inyama yenkomo eyosiwe ..and ukudla oku namabhontshisi..ngithanda i juice i Tropica ..

Bachithwe Yiguzu O-MEC Kolumanz' Abomvu!


Ngokujwayelekile kulezi zinsuku zokuphela nokuqala kwenyanga, isiphithiphithi esibakhona endaweni eseNyakatho neKZN Ophongolo sisuke sisedolobheni njengoba uyaye uthole ujenga ezitolo zizokhipha imali yezibonelelo.
Namuhla kulindeleke ukuthi kube isimo esifuze leso Ophongolo lonkana njengoba UPremier waKwaZulu Natal ephelezelwa ngabo MEC abangu 11 neziNhloko zeMinyango ethile ngokunjalo nezimeya namaKhansela bezobe betshalwe uPhongolo lonke njengoba kuzobe kuyiCabinet Day ngaphansi kohlelo luka Operation Sukuma Sakhe.
Lelithuba elingandele bani lokuhanjelwa iPhalamende kanti ke futhi nokuyinto eyayingabonwa sanhlobo kusenguHulumeni omdala, linohlelo oluzoqala ngehora lesishiyagalolunye ngokuthi oMEC bavakashele ama ward ngokwehluka hlukana behlole amaprojects bese luvalwa ngokuthi kube nemibiko kusuka ngehora lesibili kuya kwelesine eBelgrade Community Hall. Nokuyilapho ke umphakathi uyothola khona ithuba lokuzibuzela NGQO kwabeMinyango ethintekayo ngezimo zasendaweni yabo.
Selulonke Uhlelo Lokuvakashela AmaWard, Lumi Kanje :
* Ward 11 eNtshiyangibone Sports field, Kuzobe kunoPremier ES Mchunu no MEC Nkonyeni, nezinye izikhulu.
* Ward 4 Godlwayo One Stop, KunoMEC TW Mchunu no HOD SE NzimaƱde nabanye.
* Ward 2 & 10 eNcotshane Hall, KunoMEC Mabuyakhulu no HOD Sushi nabanye.
* Ward 9 eMadanyini Sports field, KunoMEC WG ThusI no HOD R Naidoo nabanye.
* Ward 7 eSthambi Hall, KunoMEC SM Shlomo no HOD Khanyile nabanye.
* Ward 6 eNtumbane, KunoMEC Dube-Ncube no HOD S Magagula nabanye.
* Ward 8 kwaShoba, KunoMEC Sbhidla-Saphetha no HOD Qhobosheane nabanye.
* Ward 5 eBelgrade Hall, KunoMEC R Pillay no HOD SF Mkhize nabanye.
* Ward 14 eMyekeni Sports field, KunoMEC VC Xaba no HOD S Gumbi nabanye.
* Ward 12 kwa Ndlangamandla TO, KunoMEC BF Scott no HOD A Apelgreen nabanye.
* Ward 1 Magudu, KunoDistrict Mayor MH Hlatshwayo no Snr GM nabanye.
* Ward 3 PR Bekayiphi Hall, KunoAbaqulusi Mayor P Khaba no HOD CT Mavundla nabanye.
* Ward 13 eMagengeni, KunoDumbe Mun Mayor MB Nxusa no HOD R Govender.
Kanti ke kuleli Page le ‪#‎NPG‬ Newsblog, sizolokhu sikucoshela okuqhubekayo kwamanye amaward.

Ulandela ubizo ngomculo wokholo uMxolisi mbokazi.



Insizwa esencane yasendaweni yakwaShoba ophongolo ebizwa ngoMxolisi Mbokazi ithi umculo akulona iphupho layo kepha kuwubizo oluvela kumdali, lensizwa ekhonza ebandleni I Standstill Ministry ephethwe umfundisi Sibusiso Malinga ikhiphe umucu phecelezi (single) obizwa ngokuthi "Biz'igama lakhe" awucule ngokuhlanganyela nentokazi ebizwa ngoLwazi ngaphansi kwesitebele somculo esibizwa I Baroka Records emavikini amabili edlule. Nakuba ithi ayikaze yaziphupha icula kepha kube ngamazalwane ekhonza nayo abayigqugquzele ukuthi icule kwazise inekhona eliyisimanga lokucula nokudale ukuthi kuthi ngonyaka ka 2012 yaqala yangqongqoza kuminyango yezokuqopha nokugcine kufezeka kulonyaka. 

Lensizwa ebuye isebenze njengomeluleki enkampanini yezobuchwepheshe ebizwa nge Sinethemba IT consultations ezinse eGoli ibonge kakhulu ugogo wayo umaNgema ngeqhaza alidlalile empilweni yakhe kanjalo nabaphathiswa bevangeli okunguMfu Dumisani Ntshakala (ongasekho), Mfu Sibusiso Malinga, Mfu Jeffrey Ndlangamandla no Mfu Manyika ngeqhaza abalibambile empilweni yakhe kanjalo noMnuz Herbert Ngwenya ongumphathi womculo wakhe.

UmfokaMbokazi obuye aziwe ngelika Kaka kwazise uphinde azibandakanye nezikanobhutshuzwayo uthi abathandi bomculo wokholo abalindele I cwecwe ungakapheli lonyaka. Kulabo abafisa ukumthola bangaxhumana naye kumakhalekhukhwini kulezinhlamvuzokubala ezithi 0733776787.

INgwijikhwebu ngolwamazulu



Emva kokuthi abalandeli bamazulu bebejabula beshaya imbokloklo emva kwezindaba zokuthi Amazulu athenge ilungelo lokudlala kuPSL ngokuthenga isitifiketi se Mpumalanga Black Aces.
Kube muncu okwenhlama yencwancwa ngesikhathi abanikazi be Mpumalanga black Aces bekhipha isitatimende esithi bayakweshwama ukuthi sebedayise iqembu kuMazulu bakuphinde bakuqinisekisa ukuthi angeke bachayise abantu base Mpumalanga ngaloluhlobo, nakuba lezindaba zisabalale zagcwala izwe lonke kwaphinda kwaqinisekiswa nokuthi amazayoni aqiqinge nesheke lika 82 million aphinde anika nomqeqeshi wawo uMuhsin Eturgral u 1 million wokuvala kwazise uqeda kusayina kuleliqembu laseMpumalanga. Akwaziwa mbhantshi kujiya uma kunje.
Sisekuzo ezithinta ibhola
U Elias Pelembe usayine ku Bidvest Wits kwase kuthi iKaizer Chiefs yaphinda yagawula e Uganda ngokusayinisa Matovu ogijima oezinhlangothini eswini

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...