Saturday, April 16, 2016

kungabe injani impilo emva komshado wabantu abasebasha

Esikhathini esiningi makushada abantu abasha kuyaye kube nezinto eziningi emshadweni wabo ezifakazela ukuthi laba abashadayo basebasha kanjalo nendlela izinga lomshado eliba yiyo.

Sixoxe nabantu abasha asebeshadile sezwa izinto eziyizinguquko ezenzakalayo empilweni yasemshadweni saphinda sezwa imiyalezo abayinika laba abasezinhlelweni zokuganwa nokuma ukugana. Kanjalo saxoxa noMfundisi ubaba S.J Mhlongo naye ongomunye wabantu abaganwa besebancane.


Ihambe kanje ingxoxo yethu nabashadile abehlukene


uMnu Mphathelwa Nxumalo no maZulu.
Baneminyaka emine besemshadweni 
"Inhle ngezizathu eziningi: 1Ukuhlala nomuntu omthandayo  nezingane zenu kuyathokozisa. 2 ukuhlala nomsizi okubonisayo  empilweni nalapho ubungaboni khona. 3 Ukuhlala ndawonye nezingane zenu nixoxe/nincokole ngezinto ezahlukene lesosikhathi simnandi.4 ukuba nomuntu uzokhala nokuthulula inhliziyo yakho uma ukhathazekile  ongamethemba. 5Esokugcina ukukhonza niyodumisa UJehova ninhlizonye.  ISELULEKO kabasafuna ukungena sithi . Mazi umuntu ofuna ukungena naye emshadweni ukuthi ujani , Okungenani akenze 80% of your requirement. Bese niyabekezelelana ezintweni ezahlukene nimazi no Nkulunkulu".




uMnu Lindelihle Zikalala nomaNgwenya
Sebeneminyaka emihlanu emshadweni
"Okokuqala, iza nokuzethemba - ngikusho lokhu ngoba ilapho osuke ubuka khona ngokwebanga olihambile. Uyazi thina maZulu siba nemicikilisho eminingi kusuka usayocela, wembesa, umkhehla, neminye neminye imicimbi ngaphambi kokuthi kuze kube ngumshado.

So kuthayisela lokho kuzethemba ngokuthi uzibona ungomunye wabantu aba responsible nabanangayesabi inselelo.

Kanti iphinde ithayisele ukuhlonipheka. Lolu shintsho - sigaba luba ngolunakeka kakhulu. Angeze isibonelo;  ngisho sekudliwa inyama, wena osukuleli zinga - uyashintshwa kuthiwe awusayidli nezinsizwa kodwa sewudla nezimpevu okudala kwasa zibona impilo.

Okwesithathu; Kukukhulisa kakhulu emqondweni. Ngokuthi umasewuthole ithuba lokujwayela ukuhlala nabantu obahloniphayo futhi abanye babo owawubukela kubo usakhula; lokho kukunika ithuba lokuthi uncele, uze utshikizise umsila, ukhihlize namagwebu ungaphazanyiswa muntu kulowo mbele.

Okwesine, kube ngukukhula ekukwazini cabangela Nabanye Abantu. Njengoba usuke usunomndeni kusuke sekusho ukuthi ekuthatheni kwakho izinwumo, sekufanele ungabuki nje okuhambisana nawe kodwa ube njengomphathi weqembu ocabangela nabadlali, nabaqeqeshi ngokunjalo nabalandeli.  Lokhu ngikusho ngoba kungenye yezinto eziyaye zibaluleke kakhulu ngangokuthi ikusasa nanokuthuthuka komndeni wakho, kuyaye kulale ekutheni ube muhle kanjani ekuthatheleni nabanye izinqumo.

Okwesihlanu, Ukubuka impilo ngobuHulumeni. Iyangijabulisa lena kodwa futhi iyaye ibashaye abaningi. Uma sewukulesi sigaba akube kusadinga ukuthi uma ucabanga okuthile ubheke uhlangothi okanye impilo nxanye kodwa kukudinga ukuthi ube ngokwazi ukubuka usabalale. Angenze isibonelo, kunezinqumo oyaye uzithathe ubuke ngakwezezimali, ngakwezemfundo, ngakwezempilo, ngakwezenkolo, nokunye nokunye. Yingakho ngisebenzisa igama lobuHulumeni yingoba nokucabanga, nokuhlela kwakho kuba kanjalo"

Sithi, "Bangesabi UkuLindelihle ILanga".

Miningi imishado ephelile ngenxa yokwesaba ukulinda. Ngesikhathi ukhula, ingcindezi yokuthi sekufanele uthathe ifakwa ngabaningi, abangani, abomndeni, abazali, ngisho nomphakathi.

Lokhu kutatazeliswa ingcindezi kwababona seliyozilahla kunina kwenza obephume eyotheza izinkuni bese evele ewola nanoma yimaphi amacaba bese kuphazamiseka ubuhle bomyaba nokugcina umlilo sewungavuthi kodwa ulanguke.

Kanti uma ungesabi ukuLinda kukwenza ukuthi ungagcini nje ngokuthola umuntu wesifazane kodwa uthole umuntu wesifazane onobufazi.

Angenze isibonelo, imizi eminingi ebisakhiwa iphelile ingaphelanga ngenxa yokujaha umlilo bese iwola amacaba.

Bengingathi kwabasha namusha, kwesinye isikhathi uma uphuma uya edolobheni - omunye uyashesha ukuthola itekisi kanti omunye kumdinga alinde. Kodwa uma ujahile kugcina sekwenza nanokuthi ugibele nanoma yini oyibona inamasondo. Ngalokho ngithi umshado uyisibusiso esivela kuNkulunkulu ngalokho ngithi abazigcine behamba emzileni ofanele ukuze uma isikhathi sabo sifika sibafice endaweni elungile."




uNkosikazi Sebenzile Ntoana umaLanga
Baneminyaka emihlanu bendawonye
"Ukusheshe ukhule ngokomqondo, kukwenza ungacabangeli into yanamuhla cabangele ikusasa,Ukuthi uhlezi uthobile kumuntu wakho mhloniphe kusuka nisaqala ukuthandana ungathi uzoqala sewushadile mthande ngaso Sonke iskhathi kukuhle kukubi nokukhulekela mshado wakho ngasosonke iskhathi"



uMfu Sabelo Shongwe nomaMvubu
Baneminyaka emihlanu emshadweni

To get married brings about being responsible and accountability. Uyaqoqeka futhy nemphumelelo eqhamile emphilweni nokuhlonopheka ukwazu ukuthy usuphilela ukuvikela umndeni wakho and u become focus and thinking positive n all. To de young stars willing to gt married. Its a gud nice journey to take and uqhale kahle imphilo.




uMnu Melusi Malinga no maSibiya
Baneminyaka emine besemshadweni
"Being more responsible, knowing that your biological family is not the only thing u need to take of but your future family as well. Making sure ukuth awubi ilabantu okuthiwa "onami ngshadile" bese uyahluleka endleleni. Ukuba yindoda eqinile kulokho okholelwa kukho ukuth uvuse umuzi kayihlo
 Umuntu ozimisele ukuganwa noma ukugana, kwamele angaxhamazeli uma ethatha leso sinqumo ngoba uma uke wathi "I do" futhi wathi "Size sahlukaniswe ukufa" komele lokho ukwenze. Umzimba wakho nowomuntu oshade naye kusuke sekungumzimba owodwa ngokusho kweBible lenkolo yobuKrestu. Ungangeni emshadweni ngezizathu okungezona ezinhle. Njengokuthi "ngimshada ngoba sekumele ngishade noma ingoba uyena engithandana naye manje noma ingoba muhle".  Umuntu akangabukeli kontanga yakhe asebeshadile kodwa akusuke kuye ngaphakathi ngoba kunezinselelo laphaya. Kumele ube ready enqondweni, kwezezimali, ukwazi ukuxhumana noPartner wakho noma ngani. Bese ke elokugcina. Nikhule ngakho konke okuthinta impilo noma ngabe kunzima kangakanani bese nikhulisana nasempilweni"





uMnu Mandlendoda Ndwandwe nokaMadlala
Bashade ngo ngozibandlela ngonyaka ofile
"Kodwa ke ukuganwa noma ukushada kuyisibosiso esivela kunkulunkulu.kanti ngokwe mpilo umuntu kumenza ayazi indawo yakhe nanokuthi ayibuke ngenye indlela impilo.ngoba uma ushada usuke usuzifunile wazithola ukuthi ufunani empilweni okukhulu umuntu usuke efuna ukwakha umndeni umndeni awukwazike ukuwakha singekho isisekelo ofuna ukuwakhela phezu kwaso. Ngamafuphi uhleleka kancono uma usuganiwe ngoba umqondo wakho usuke ungasasebenzi wodwa usuke usunomuntu obonisana naye nivele ninephupho elilodwa.uzongifakazela ukuthi umuntu oshade naye izinto nizibona ngeso elilodwa noma ngabe niqala ngokuphikisana kodwa ekugcineni niyasenza isivumelwano angeke nifane nabantu abalinde ibhasi or taxi beya edolobheni bangama ndawonye ngoba igibelelwa lapho ibhasi kodwa edolobheni nomunye oya kulokhu abekuphumele ekhaya".





uMnu Syabonga Mafambane nomaxulu
Bashade ngonhlolanja kulonyaka
 ukuba semshadwen into emnand wonke umuntu ophilayo ayufisayo, so ukuba semshadwen noma ukusuka ekuben single kuza nezinto ezinhle njengokuth u hv a partner enisizana naye to take dicision abt things going forward.
Ngingath nje abangajah ukungena emshadwen ngoba bebona abanye abantu bt they must take their time".




Umfundisi SJ Mhlongo uqhube wathi


uMfundisi SJ Mhlongo enomaMkhaliphi
Baneminyaka ewu 11 besemshadweni
"Eqinisweni engilaziyo nje umshado unezinto zawo noma ngabe abantu abangena kuwo bangakanani. Into elekelelayo emshadweni izimfundiso abantu abazitholile bengakangeni kulesi sibaya.Okunye okudala inkinga lana kuba ukung na emshadweni ngezinhloso ezithile komunye nomunye khona ebuncaneni(ukuqeda inkanuko). Okuhle ke ebuncaneni ukuthi baqala kahle izinto bendawonye ngoba bangena emshadweni with common understanding yobunye. Kanti abadala abanqeni ukungena emshadweni bashade umshado owehlukanisa amafa ngenxa ke yezigigaba ezithile asebezibonile empilweni.Umanka lana ogcina umshado umuhle inhlonipho komunye nomunye ebuncaneni babo. Okunye okuhle  yonke i asset abanayo bayayibonisana ngaphambi kokuyenza ibe yingxenye yempilo yabo. Engikulibalayo abantu abangena emshadweni bebancane abahlali beqhathanisana ngenxa yama ex abo ukuthi u ex wayenjena manje ngashada nalona unjena kodwa bazi lokhu kudla okuphambi kwabo okunongwe ngothando olunokuxolelana emaphutheni, Ngokweqiniso life is incomplete and disorganised uma umuntu engashadile ngoba akekho umuntu onamehlo esiphundu but Each person need someone to look after him/her worse uma kuziwa kuma asset. Ake ngisho kanje uma umuntu esebenza imali yakhe ingu 100% if lowo muntu edlula emhlabeni imali iyahlukaniswa u 50% owe spouse then enye eyama dependant then ke uma ungashadile lo 50%  we spouse udliwa istate then ke the rest iye kwi family yakho. Ekugcineni ukushadana ebuncaneni kuyasiza kakhulu yonke into yakho iyahleleka. Ngingezwakali kabi kwabangashadile nakulaba abanquma ukuhlalela iNkosi elithi izwi kukhona abathenwa yiNkosi kanti abanye bazithene bona".



















2 comments:

Viktória Peričková said...

Again, I feel so blessed in my marriage after Dr. Igbinovia returned my wife, who separated with me for a good six years.I am Luja-men Mengu by name i am from Hankey, Eastern Cape, South Africa Even though I have a mouth all over my body, it would not be enough to thank DrIgbinova for helping me with my life. My wife had been divorced with me for six years now, and I was sore and sore without my wife So, I was looking for help everywhere, but nothing worked until I thought of Dr. Igbinovio who I contacted online. I explained my situation to him and he promised that my Wife would return to me within three days, as long as my heart was still beating after him. I believed in him and he prepared the magic for me and my wife called me right when DrIgbinovia's commercial. she will plead and say that i will need to come back and now we have been happily living again for the last six years. All of you reading my article that should help let him know. Email: doctorigbinovia93@gmail.com or whatsapp / viber on +2348144480786 and find a quick answer to your problem

Viktória Peričková said...

Nakulokhu futhi, ngizizwa ngibusiseke kakhulu emshadweni wami ngemuva kokuba uDkt Igbinovia ebuyisele unkosikazi wami, ohlukanise nami iminyaka eyisithupha enhle. NginguLuja-amadoda uMengu ogama lakhe ngivela kwaHankey, e-Eastern Cape, naseNingizimu Afrika yize ngine umlomo wonke umzimba wami, bekungeke kwanele ukubonga uDrIgbinova ngokungisiza ngempilo yami. Umkami wayehlukane nami iminyaka eyisithupha manje, futhi nganginobuhlungu futhi ngibuhlungu ngaphandle komkami Ngakho-ke, bengifuna usizo kuyo yonke indawo, kepha akukho lutho olwalusebenza ngaze ngacabanga ngoDkt Igbinovio engixhumene naye online. Ngamchazela isimo sami futhi wathembisa ukuthi unkosikazi wami uzobuyela kimi kungakapheli izinsuku ezintathu, inqobo nje uma inhliziyo yami isashaya ngemuva kwakhe. Ngakholelwa kuye futhi wangilungiselela lona lomlingo futhi umkami wangibiza ngqo lapho kuthengiswa kukaDktIgbinovia. uzoncenga athi ngizodinga ukubuya futhi manje sesiphile iminyaka eyisithupha sijabule. Nonke nifunda i-athikili yami okufanele imsize azise. I-imeyili: doctorigbinovia93@gmail.com noma ku-whatsapp / viber ku +2348144480786 futhi uthole impendulo esheshayo ngenkinga yakho

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...