Saturday, April 23, 2016

babekwe endaweni yabo yokugcina abadlula emhlabeni bebuya kungqungquthela ka ANC

Amavolontiya ayishumi nanye adlula emhlabeni engozini yokuginqika kwebhasi ngesikhathi ebuya engqugqutheleni yokwethulwa komhlahlandlela wokhetho ka ANC afihlwe ngokwehlukana izolo.

Abayishumi benzelwe umngcwabo owodwa kwazise bebefihlwa emathuneni lapha kwafihlwa khona owangunobhala we SACP u Chris Hani ekuRhuleni Kwathi oyedwa ungcwatshwe kwa Zulu Natal.

Emngcwabeni obuseKurhuleni ubuhanjelwe ubuholi obuphezulu buka ANC kufaka phakathi uMongameli ka ANC uMnuz Jacob Zuma kanjalo nesekela lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...