Isihlabani somculo wokholo uMdumseni Ndimande nodume ngelika Dumi Mkokstad nesidume ngezingoma zokholo ezivuselelayo sibuyele ebholeni.
UMkokstad ujoyine iqembu likaMabhuti Khanyeza ogijima ku Lamontville Golden Arrows nelibizwa nge Triton FC egijima ku SAB ngaphansi kukasoseshini wase Thekwini.
Lensizwa eneminyaka ewu 25 ayisiye umafundane kwezebhola kwazise ubedlala enkulisa yamaqembu afana no marizburg United ne African Wanderers.
Nakuba ematasa ngomculo kepha uthi akalenzi iphutha lokuphutha ukuyozilolonga neqembu kanjalo nangosuku lomdlalo uyazibandakanya nalo. Usazimisele ngokuthi uma livela ithuba lokuzibonakalisa emaqenjini agijima ku PSL alibambe ngezandla zombili lelothuba.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment