Emabhasini, ezitimeleni, ezindaweni zokuzicwala izinwele kuphi nakuphi lapha kuhlangene khona abantu ayipheli inkulumo ingakaphathwa indaba yomdlalo wokunikana imali obizwa ngo MMM okuqubuke imibiko ethi lelibhanoyi seliwile.
Bekhuluma abanikazi balomdlalo othandwa njengebhodwe elipheke isishibo ekhasini labo kufacebook bathe cha abantu abehlise imimoya lomdlalo awuyindawo, kepha kuvalwe kwathuthwa labo abebedlala kulona owamazwe ngamazwe obuletha inzuzo ngamaphesenti awu 100 balethwa kulona wasezweni umuntu ahlala kulo noletha inzuzo yamaphesenti angu 30.
Amaphenya imidlalo efana no MMM bakuqinisekisile ukuthi lomdlalo nawo ukweminye ephenywayo kwazise akuvumelekile ukudlala umdlalo wamabhanoyi lapha emzansi Africa.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
No comments:
Post a Comment