Iqembu le Orlando Pirates lilingisi ibhubesi elilimele elilwela ukufa nokuphila, kanjalo namabhakaniya aphendule amatafula emdlalweni weNedbank cup ngesikhathi lishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-0 esikhathini esengeziwe phecelezi extra time.
Nakuba amabhakaniya kuthe ngomzuzu ka 70 asithola eseshoda emva kokuthi u Edwirn Gymah ethola ikhadi elibomvu nelidalwe ukuthola amakhadi amabili aphuzo.
Umdlalo uphele ngo 0-0 esikhathi esejwayelekile nokubese kuphoqa umdlalo ukuthi uye ku extra time nakhona isiwombe sokuqala siphele ngawo u0-0 nokuthe ngesiwombe sesibili se extra time wonke umuntu ubesebona ukuthi kuzoyiwa kumaphenathi kanti kuzongena uThabo Qalinga nongene neminyakazo emihle ehambisana nemijiko okunguyena ofake elihle ibhola nelithole uTendai Ndoro wangananaza uNdoro walibeka ezintanjeni nokuthe kungakapheli sikhathi esingakanani wabuya uMpho Makola washaya elesibili wacwila kanjalo ke umkhumbi ka Pitso Mosimane noqeda kuphuma futhi emidlalweni ye Caf Champions league ngolweaithathu.
Kweminye imidlalo ngolwesihlanu iBlack aces ishaywe iSupersport united ngo 2-1 kwathi khonĂ izolo iFree State Stars ishaye i Bidvest wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0 ku extra time.
Namuhla kulindeleke umdlalo ophakathi kwe Polokwane City ne Baroka FC okuyilona qembu eselisele elingadlali ku PSL.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umculi wekwaito u Busiswa uzozwakala ku album ka Beyonce ethulwe namuhla nglwesihlanu esihloko esithi Lion KIng -The gift, lentokazi yodum...
-
Kubobonke abathandi bebhola uma bexoxa alisali igama lika Sphelele 'mfanakagogo' Ntshangase obaba njengopelepele wezinyoni kulezin...
No comments:
Post a Comment