Saturday, April 30, 2016

ukudla komphefumulo no Mfu SJ Mhlongo webandla le Apostle Paul Gospel Ministries eNkandla

Ngicela ukubingelela ngosuku olukhulu lokuyodumisa oMdala kunezinsuku umuntu uJesu wase Nazaretha. Ngicela ukuthatha lelithuba ngedlulise ukubonga ekutheni nami ngibe yingxenye yalengosi. Ngiyakholwa ngisindisiwe ngemukela uJesu ebufaneni bami ngakhuliswa ngalenkonzo. Ngicela kesibhekisane lendatshana eseBhayibhelini etholakala kumaHubo kaDavide. AmaHubo 126:5-6"Abahlwayela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza. 6 Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwayela, uyqkubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe". Bahlobo bami ngeqiniso sazi kahle kamhlophe ukuthi uDavide wayengumuntu owaebuthakathaka kanganani kodwa enjalo wayeqiniseka ukuthi usuku nosuku uyazibuyisela kuNkulunkulu muzwe lapho ethi"Amahubo 51:1 Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu 2. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami"Nalana ke simthola ebuka uhambo lwakhe nezinkinga abhekane nazo nasabhekene nazo, ebuka uNkulunkulu esemvunisa intokozo ngemva kwezinyembezi akade ezikhala, sithola ukubaluleka kokuzwa ubuhlungu endleleni yekholwa ukuthi kunenzuzo engakanani yizwa kuvesi 5 ukuthi uthini, ukhuluma ngokuhlwayela, uma umuntu ehlwayela akayazi imbewu ezomila nengezukumila kodwa wethemba ukuthi kukhona ayokuthola mhla esevuna, aqhubeke athi ohamba ekhala izinyembezi ephethe imbewu yokuhlwanyelwa, uyakubuya ngokuthokoza manje ke engasaphethe izinyembezi kodwa izinyanda zakhe. Asiphethe ke Bahlobo emhlabeni wonke abantu bayakhala okholwayo uyakhala nongakholwa naye unokwakhe okummise kabi inkinga isekutheni ukhala nje uphethe nhloboni yembewu ngoba umuntu ozophumelela lana ohlwayela imbewu nophethe imbewu eyizwi lika Nkulunkulu. Kuyahlupha ukuphatha loluhlobo lwembewu ngoba kumele abe Ngozithibayo, ozihloniphayo oqondisisa kahle izwi lika Nkulunkulu. Kumshikashika obhekene nawo qaphela ukuthi nhloboni yembewu ekugcineni iyokuvunisa yini izinyanda zentokozo. UJesu akusize usacabanga ngeleNtshumayelo. UJesu wezela izehluleki ezifana nami nawe noDavide kodwa uzenzela umusa ebuthakathakeni bazo.UJesu akubusise usazoqala iviki.

Friday, April 29, 2016

ingahle ivalwe imayini yase Klipwal

Izikhulu eziphethe imayini esematheni kulezinsuku iKlipwal esoPongolo emva kwesigameko sokugqibeka kwabantu abebemba igolide ngokungemthetho.

Lemayini kubikwa ukuthi abaphathi bayo bafuna ukuyivala ngenxa yokuthi baningi abantu abamba igolide ngokuemthetho kulemayini eyavulwa ngo nyaka ka 1898.

Kuyimanje kusamisiwe ukufunwa kwabantu abathathu abagqitshwa yinhlabathi ngenxa yokuthi kuthiwa ayikho esimeni esikahle lemayini.


ubuyele ebholeni uDumi Mkokstad

Isihlabani somculo wokholo uMdumseni Ndimande nodume ngelika Dumi Mkokstad nesidume ngezingoma zokholo ezivuselelayo sibuyele ebholeni.

UMkokstad ujoyine iqembu likaMabhuti Khanyeza ogijima ku Lamontville Golden Arrows nelibizwa nge Triton FC egijima ku SAB ngaphansi kukasoseshini wase Thekwini.

Lensizwa eneminyaka ewu 25 ayisiye umafundane kwezebhola kwazise ubedlala enkulisa yamaqembu afana no marizburg United ne African Wanderers.

Nakuba ematasa ngomculo kepha uthi akalenzi iphutha lokuphutha ukuyozilolonga neqembu kanjalo nangosuku lomdlalo uyazibandakanya nalo. Usazimisele ngokuthi uma livela ithuba lokuzibonakalisa emaqenjini agijima ku PSL alibambe ngezandla zombili lelothuba.

Wednesday, April 27, 2016

usizwe ukuthi nyawo zami ngibelethe uskhotheni obezama ukubamba inkunzi

Inswelaboya yomgulukudu kaskhotheni isinde ngokulambisa kubantu abebecela ukugitsheliswa izimoto empambanweni yomgwaqo obheke kwanongoma/ Vryheid naseMpangeni uma uphuma edolobheni lasoPhongolo.

Lowesilisa osekhulile ubeyocela ukugitshezwa naye empambanweni yomgwaqo kanti kuzothi esehamba phansi kwezihlahla wasumvukela lomgulukudu wazama ukuhlwitha isikhwama salobaba nalwe naso ebe ememeza ecela ukulekelelwa nokuthe uma abantu bezwa bazama ukuya khona wabaleka waswela isithunzi lomguludu

bekukuhle kudelile inyunyana yabasebenzi bezemfundo imukela amalunga amasha

Inyunyana yabasebenzi bezemfundo iNATU oPhongolo ibiyenze isiphihli somcimbi yamukela amalungu amasha ajoyine lenyunyana eneminyaka ewu 98 yasungulwa.

Abalelwa ku 150 amalunga amasha abezokwemukelwa kulomcimbi obuwenzelwe endaweni ebizwa ngokuthi iDweba lapha okuyindawo enedamu.

Nakuba lomcimbi ubukulendawo ebudebuduze nedolobha lasoPhongolo kuqalwe kwaviliyelwa nokungezinye zezinto leligatsha lalenyunyana oPhongolo elidume ngayo kwazise kuyoyonke imicimbi nemigubho yalenyunyana ibona abahlala beviliyela okwamasotsha.


Saturday, April 23, 2016

ithembise impilo engcono iDA uma inganqoba ukhetho lohulumeni basekhaya.

Iqembu le Democratic alliance nelaziwa ngokuthi iDA izolo lithule umqulu walo wokhetho lwalonyaka njengoba kuwunyaka wokuvotela omasipala, lengqungquthela ibibanjelwe eRand Stadium egoli izolo.

Kulengqungquthela bekugcwele intsha ebingqoke imibala yaleliqembu okuwumbala oluhlaza njengesibhakabhaka, enkulumeni ethulwe umholi waleliqembu u Mmusi Maimane uthembise ukuthi uma abantu bezovotela iqembu le DA kuningi abazokwenza okubala phakathi amathuba omsebenzi, amanzi nogesi nezindlu zangasese kanjalo nezindlu zokuhlala.

Nalaba abagaqele ezikhundla zokuba izimeya komasipala abakhulu okubalwa iTshwane, Mandela bay, Durban nowase Ekurhuleni nabo bakhulumile bathembisa abantu abazobenzela khona uma bengabavotela.

anqobe engasaphelele amabhakaniya kowe Nedbank cup ePitoli

Iqembu le Orlando Pirates lilingisi ibhubesi elilimele elilwela ukufa nokuphila, kanjalo namabhakaniya aphendule amatafula emdlalweni weNedbank cup ngesikhathi lishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-0 esikhathini esengeziwe phecelezi extra time.

Nakuba amabhakaniya kuthe ngomzuzu ka 70 asithola eseshoda emva kokuthi u Edwirn Gymah ethola ikhadi elibomvu nelidalwe ukuthola amakhadi amabili aphuzo.
Umdlalo uphele ngo 0-0 esikhathi esejwayelekile nokubese kuphoqa umdlalo ukuthi uye ku extra time nakhona isiwombe sokuqala siphele ngawo u0-0 nokuthe ngesiwombe sesibili se extra time wonke umuntu ubesebona ukuthi kuzoyiwa kumaphenathi kanti kuzongena uThabo Qalinga nongene neminyakazo emihle ehambisana nemijiko okunguyena ofake elihle ibhola nelithole uTendai Ndoro wangananaza uNdoro walibeka ezintanjeni nokuthe kungakapheli sikhathi esingakanani wabuya uMpho Makola washaya elesibili wacwila kanjalo ke umkhumbi ka Pitso Mosimane noqeda kuphuma futhi emidlalweni ye Caf Champions league ngolweaithathu.

Kweminye imidlalo ngolwesihlanu iBlack aces ishaywe iSupersport united ngo 2-1 kwathi khonà izolo iFree State Stars ishaye i Bidvest wits ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0 ku extra time.

Namuhla kulindeleke umdlalo ophakathi kwe Polokwane City ne Baroka FC okuyilona qembu eselisele elingadlali ku PSL.

babekwe endaweni yabo yokugcina abadlula emhlabeni bebuya kungqungquthela ka ANC

Amavolontiya ayishumi nanye adlula emhlabeni engozini yokuginqika kwebhasi ngesikhathi ebuya engqugqutheleni yokwethulwa komhlahlandlela wokhetho ka ANC afihlwe ngokwehlukana izolo.

Abayishumi benzelwe umngcwabo owodwa kwazise bebefihlwa emathuneni lapha kwafihlwa khona owangunobhala we SACP u Chris Hani ekuRhuleni Kwathi oyedwa ungcwatshwe kwa Zulu Natal.

Emngcwabeni obuseKurhuleni ubuhanjelwe ubuholi obuphezulu buka ANC kufaka phakathi uMongameli ka ANC uMnuz Jacob Zuma kanjalo nesekela lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa.

Friday, April 22, 2016

kwakhiwe umatilasi ozosho uma kuneshende

Inkampani yasezweni lase Spain isikhande umatilasi okwazi ukubikela umaqondana uma kuneshende elilele nomlingani walo embhedeni.

Lomatilasi obizwa ngokuthi yi Smarttress kuthiwa une App noma ukwazi ukuxhuma nawe ngomakhalekhukhwini uma kunento eyenzekayo embhedeni usho ukuthi lokhu okugxumayo embhedeni ngabe kuyini futhi kwenzani.

Lenkampani yakwa Durmet 3khiphe lomatilasa ikwenze lokhu kwazise izwe laseSpain kuthiwa lihamba phambili emhlabeni ngokuba nomakhwapheni kubantu bakhona..

angena engenile amazwi enduduzo emndenini wesihlabani somculo uPrince

Iningi labathandi bomculo lilale lishaqekile izolo emva kokuvela kwezindaba zokwedlula kwesinye isihlabani somculo esasishisa izikhotha ngameminyaka yo 80 nasekuqaleni kweminyaka yama 90 saziwa ngokuthi u Prince nongowokudabuka kwelase USA nobecula umculo we Funk,

UPrince nogama lakhe langempela nguPrince Rogers Nelson nokungakadalulwa imbangela yokudlula kwakhe emhlabeni nakuba kuvela ukuthi ubehlaselwe umkhuhlane nokwadala ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela emavikini adlule.

Baningi asebethumele nokubalwa uMongameli waseMelika uBarak Obama nabanye abaculi nabalingisi abaningi emhlabeni jikelele, kanti khona ezweni lase USA sekunezindawo lapho abantu ababeka khona izimbali nokuwuphawu lokubhonga emswaneni kuleliqhawe ebese lineminyaka ewu 57.

Thursday, April 21, 2016

ugwetshwe udilikajele obedlwengula izingane zakhe

Kubikwa ukuthi indoda eneminyaka engu 52 yakwaNongoma igwetshwe udilikajele nembhanselo yeminya engu 12 ngamacala okudlwengula ephindelela amadodakazi akhe amabili eneminyaka engu 12 nenye eñeminyaka engu 23.

Lomagaya azidlele wendoda ugwetshwe inkantolo yesifunda yakwa Nongoma namuhla emini.

kube nokukhombana ngeminwe kwabaqeqeshi kudlala i Arrows ne Marizburg izolo ebusuku

Abathandi bebhola basale bedangele izolo emva kwesigameko lapho iphini lomqeqeshi we Golden Arrows uMandla Ncikazi ebonakale ehlohloloza kanzima umqeqeshi weMarizburg United uErnst Middedorp nodabuka kwelase Germany.

Lomdlalo ophele ngo 1-1 kube nokungaboni ngaso linye kulabaqeqeshi nokudale ukuthi kube nalokhu kuhlohlolozana nokuthe esekhuluma nezintatheli uMidderdorp wathi uze wamkhahlela uNcikazi nomataniswa nesikhundla sokuyosuza umngani wakhe obhedelwa izinto ku Kaizer Chiefs u Steve Kompela.

Isiteshi sikamabonakude i enca sikhiphe nansi ivideo yalengxabano


https://youtu.be/PfO4JVWHeu8

sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi uzwakale emoyeni umsakazo wasoPhongolo iPCR


Uthi sekubalwa izinsuku umnikazi wesiteshi somsakazo esizovulwa oPhongolo nesezobizwa ngokuthi iPongola FM noma iPCR lowo nguMnuz Vincent Gwebu.


UMnuz Gwebu ubekhuluma ne NPG newsblog emva komhlangano abenawo namaciko ezomculo asoPhongolo nalapha athe bebezoxoxisana kwazise kunenkampani evela phesheya kwezilwandle ethembisa ukuzovula indawo yokuqopha umculo kulendawo.

Lesiteshi somsakazo esaba nelikhulu idumela eminyakeni eyedlule sizobuya nezinkulu izinguquko njengoba ngokusho kuka Gwebu ethe bazoqalaphansi inhlolokhono njengoba laba ababekhethiwe kuqala iningi labo seliyasebenza, kanjalo sizosakazela eduze nedolobha kwenye indawo eyayibizwa ngokuthi GG noma DW nokuyimanje kumatasa kulungiswa indawo lapho kuzosentshenzelwa khona. Ubuye waqinisekisa ukuba isisebenzisa ikhasi elisha kufacebooknelibizwa ngokuthi Pongola fm radio.

Esephetha umfoka Gwebu udlulise okukhulu ukubonga emphakathini ngokumeseka kanjalo wabonga ne NPG newsblog ngokuhlala ilandela indaba yalesiteshi.

Wednesday, April 20, 2016

ukhiphe umakhalekhukhwini othi yena uCassper Nyovest

Umrepha ongaconsi phansi kubantu baseNingizimu Africa u Casper Nyovest uqophe umlando ngesikhathi izolo kuthulwa ngokusemthethweni umakhalekhukhwini abeyingxenye enkulu ukhandwa nobizwa ngokuthi i AG #hashtag.

Lomakhalekhukhwini okubikwa ukuthi unezinto eziningi ezifaka umculo nezinkundla zokuxhumana wakhiwe ngokubambisa inkampani yakwa AG Mobile kanjalo no MTN nabuye ebe yinxusa lawo uNyovest.

Lomculi kubukeka zimzela kahle izinto njengoba nangonyaka ophelile aqopha umlando egcwalisa Ticketpro Dome nalapha kwafika abantu abangu 20000 kulomcimbi.


izofuna ukubuyisa izinduku kowe Caf Champions league iSundowns

Iqembu leMamelodi Sundowns lizobe lifuna ukubuyisa izinduku emdlalweni womzuliswano owandulela owamaqoqo emqhudelwaneni we Caf Champions league namuhla ebusuku nelizowudlala neqembu lase DRC elibizwa nge AS Vita club.

Abafana bezambane likampondo okungelinye lamavama okuteketiswa ngalo iSundowns beza kulomdlalo benephuphusi kwazise bathola induku ka 1-0 emavikini amabili edlule kumlenze wokuqala owawudlalelwa eDRC.

Leliqembu elizihola phambili ku PSL lifuna ukuba iqembu lesibili ukuphakamisa lendebe ye Caf kwazise lokhu yagcinwa i Orlando Pirates ngonyaka ka 1995, nakuba yaphunyukwa ilendebe kowamanqamu ngo 2000 iSundowns ngesikhathi ithola isibhaxu sika 3-1 kuqembu laseGibhithe i Al Ahly.

Kulindeleke ukuba abadlali abafana no Castro, Billiant , Dolly no Kekana baqhubeke nokuba iphela endlebeni kwasize kule season bashisa bengabaselwe.

Tuesday, April 19, 2016

bazonekelwa izwe othisha abalahlwe amacala

Umkhandlu olawula othisha eningizimu Africa obizwa ngokuthi i South African Council of Educators ngamafuphi i SACE kubikwa ukuthi uzokhipha uhlu lwabobonke othisha abalahlawa ngamacala okuphula imithetho ezikoleni abebefundisa kuzo.

Kulamacala kubalwa elokulala nezingane zesikole , elokushaya izingane, namanye amaningi angukwephula imithetho yezemfundo.

kuqhume isibhamu kubanjwa isitolo sokudla kwezinkukhu

Kuthe ngezithuba zehora lesishiyagalombili ekuseni kwezwakala ukuqhuma kwesibhamu phakathi nezitolo edolobheni lasoLundi nobekudalwa izigebengu okubikwe ukuthi bezizobamba inkunzi isitolo esidayisa ukudla kwezinkukhu nokwezingulube.

Lokuqhuma okwenzeke izikhawu eziningana kudale eaikhulu izididisi ngoba abantu bebebaleka nokuholele ekutheni kuze kufike amaphoyisa nagcine esefaka izivimbelo maduzane nalesitolo kanjalo avala nomgwaqo edlula ngakulesitolo okungaziwa noma ikhona yini imali ethathiwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi.

Monday, April 18, 2016

sisame kwabayishumi abalahlekelwe izimpilo zabo bebuya emcimbini ka ANC

Ubuholi benhlangano ka ANC eGauteng baqinisekiseli ukuthi baseyishumi kuphela abantu abashonile nakuba bekube nemibiko ethi bayishumi nanye phambili.

Lezisulu zengozi bezibuya emcimbini wokwethulwa kosomqulu wokhetho nobubanjelwe endaweni yase Bhayi empumalanga kapa. Lengozi yenzeke kusifundazwe sase Free state nokuqubuke amahemuhemu athi yadalwa ukuthi abashayeli babeshintsha ibhasi lihamba nokwaholela ekutheni liphaphalaze lase liyaginqika.

Sunday, April 17, 2016

uyavela kusasa enkantolo u Oscar Pistorious

Umsubathi wamabanga abafishane ogijima esigabeni sabakhubazekile uMnu Oscar Pistorious kulindeleke ukuba avele enkantolo kusasa lapha ayokuzwa khona ukuthi ugwetshwa iminyaka emingaki.

UPistorious uvela nje kusasa emva kokuthi umbuso wabuyekeza isigwebo sakhe emva kwecala lokubulala lowo owayeyisithandwa sakhe u Reeva Steenkamp nowayengumkhangisi.

Osibhincamakhasana bathi vele kuzohlehla ukulalelwa kokulalelwa kwecala lakhe nokuthiwa kungahle kihlehliselwe umhlaka 13 Ku June kuwona lonyaka.

Inkantolo yamthola enecala lokungaziphathi kahle nelokuphatha budlabha isobhamu.

Saturday, April 16, 2016

kushone ozamazama abahlanu emayini endala eKipwal

Kubikwa ukuthi kushone abantu abahlanu abebemba igolide ngokungemthetho emayini endala eKlipwal okuyindawo esemaphethelweni asoPhongolo.

Imbangela yokushona kwalaba abahlanu kuthiwa ibangelwe ukuwa kwetshe base bevaleleka emathunjini omhlaba. Kusinde oyedwa nokuthiwa ukhishwe abosizo oluphuthumayo. Labavukuzi abangekho emthethweni kusolakala ukuthi bangabasezweni laseLesotho.

sishoda ngawe ku ANC - Jacob Zuma

Idolobha laseBhayi belihlobe ngemibala eluhlaza, omnyama nosagolide kuzonazonke izindawo zalelidolobha ibigqame kakhulu enkundleni yezemidlalo i Nelson Mandela Stadium kwazise abalandeli balenhlangano bebeyolalela ukuthulwa kosomqulu wokhetho lohulumeni basekhaya noluzoba kulonyaka ngo mhlaka 3 ku August.

Lomcimbi obuhanjelwe ibonabonke ubuholi buka khongolose nohlelo obeluphethwe usihlalo kazwelonke umama uBaleka Mbete, enkulumweni kaMongameli uMnu Jacob Zuma nobeyisikhulumi sosuku uthule lomqulu nalapha athinte khona indaba yokuletha izindingo zabantu ebantwini, nokuthuthukisa izindaba zasemakhaya ngokuletha inqala sizinda okuwugesi namanzi nemigwaqo kanjalo nemfundo yamahhala ezikolweni zikahulumeni.

Ubethi uma ekhuluma okaMsholozi ebe enanela inkulumo yakhe yokuthi "Sishoda ngawe ku ANC" nobekungamazwi okunxenxa abantu ukuba bejoyine lombutho oneminyaka ewu 104 wasungulwa. Ubungeke uphele umcimbi engakenzi adume ngazo uMsholozi okuwubugagu bokucula nokuviliyela adume ngakho.

Abalandeli bakakhongolose nokubikwa ukuthi abanye bafike izolo balala ngaphandle kwenkundla bebekhombisa ukumthokozela uMongameli walenhlangano uMnu Jacob Zuma osekuqubuke imvunge ngokuthi akashenxe esikhundleni emva kombiko owakhishwa isigungu samajaji akuleli sokuthi akakhokhe imali okwalungisa ngayo umuzi wakhe.

usinde edutshulwa ngentululwane yezinhlamvu usihlalo we NFP uMlotshwa

Namanje usazibuza ukuthi usinde kanjani uSihlalo weqembu le National Freedom Party kwaZulu Natal uMnu Vikizitha Mlotshwa emva kokudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu izolo ebusuku.

UMlotshwa nobekumele eye emhlanganweni weqembu oseThekwini namuhla ekhuluma emsakazweni iGagasi Fm uthe ngeke esaya ngenxa yalesigameko.

Lesigameko sokudutshulwa kukaMlotshwa selama ezinye eziningi zokubulawa kwabantu kuleliqembu eligubezelwe yifu elimnyama lokulwa kwabaholi balo.


kungabe injani impilo emva komshado wabantu abasebasha

Esikhathini esiningi makushada abantu abasha kuyaye kube nezinto eziningi emshadweni wabo ezifakazela ukuthi laba abashadayo basebasha kanjalo nendlela izinga lomshado eliba yiyo.

Sixoxe nabantu abasha asebeshadile sezwa izinto eziyizinguquko ezenzakalayo empilweni yasemshadweni saphinda sezwa imiyalezo abayinika laba abasezinhlelweni zokuganwa nokuma ukugana. Kanjalo saxoxa noMfundisi ubaba S.J Mhlongo naye ongomunye wabantu abaganwa besebancane.


Ihambe kanje ingxoxo yethu nabashadile abehlukene


uMnu Mphathelwa Nxumalo no maZulu.
Baneminyaka emine besemshadweni 
"Inhle ngezizathu eziningi: 1Ukuhlala nomuntu omthandayo  nezingane zenu kuyathokozisa. 2 ukuhlala nomsizi okubonisayo  empilweni nalapho ubungaboni khona. 3 Ukuhlala ndawonye nezingane zenu nixoxe/nincokole ngezinto ezahlukene lesosikhathi simnandi.4 ukuba nomuntu uzokhala nokuthulula inhliziyo yakho uma ukhathazekile  ongamethemba. 5Esokugcina ukukhonza niyodumisa UJehova ninhlizonye.  ISELULEKO kabasafuna ukungena sithi . Mazi umuntu ofuna ukungena naye emshadweni ukuthi ujani , Okungenani akenze 80% of your requirement. Bese niyabekezelelana ezintweni ezahlukene nimazi no Nkulunkulu".




uMnu Lindelihle Zikalala nomaNgwenya
Sebeneminyaka emihlanu emshadweni
"Okokuqala, iza nokuzethemba - ngikusho lokhu ngoba ilapho osuke ubuka khona ngokwebanga olihambile. Uyazi thina maZulu siba nemicikilisho eminingi kusuka usayocela, wembesa, umkhehla, neminye neminye imicimbi ngaphambi kokuthi kuze kube ngumshado.

So kuthayisela lokho kuzethemba ngokuthi uzibona ungomunye wabantu aba responsible nabanangayesabi inselelo.

Kanti iphinde ithayisele ukuhlonipheka. Lolu shintsho - sigaba luba ngolunakeka kakhulu. Angeze isibonelo;  ngisho sekudliwa inyama, wena osukuleli zinga - uyashintshwa kuthiwe awusayidli nezinsizwa kodwa sewudla nezimpevu okudala kwasa zibona impilo.

Okwesithathu; Kukukhulisa kakhulu emqondweni. Ngokuthi umasewuthole ithuba lokujwayela ukuhlala nabantu obahloniphayo futhi abanye babo owawubukela kubo usakhula; lokho kukunika ithuba lokuthi uncele, uze utshikizise umsila, ukhihlize namagwebu ungaphazanyiswa muntu kulowo mbele.

Okwesine, kube ngukukhula ekukwazini cabangela Nabanye Abantu. Njengoba usuke usunomndeni kusuke sekusho ukuthi ekuthatheni kwakho izinwumo, sekufanele ungabuki nje okuhambisana nawe kodwa ube njengomphathi weqembu ocabangela nabadlali, nabaqeqeshi ngokunjalo nabalandeli.  Lokhu ngikusho ngoba kungenye yezinto eziyaye zibaluleke kakhulu ngangokuthi ikusasa nanokuthuthuka komndeni wakho, kuyaye kulale ekutheni ube muhle kanjani ekuthatheleni nabanye izinqumo.

Okwesihlanu, Ukubuka impilo ngobuHulumeni. Iyangijabulisa lena kodwa futhi iyaye ibashaye abaningi. Uma sewukulesi sigaba akube kusadinga ukuthi uma ucabanga okuthile ubheke uhlangothi okanye impilo nxanye kodwa kukudinga ukuthi ube ngokwazi ukubuka usabalale. Angenze isibonelo, kunezinqumo oyaye uzithathe ubuke ngakwezezimali, ngakwezemfundo, ngakwezempilo, ngakwezenkolo, nokunye nokunye. Yingakho ngisebenzisa igama lobuHulumeni yingoba nokucabanga, nokuhlela kwakho kuba kanjalo"

Sithi, "Bangesabi UkuLindelihle ILanga".

Miningi imishado ephelile ngenxa yokwesaba ukulinda. Ngesikhathi ukhula, ingcindezi yokuthi sekufanele uthathe ifakwa ngabaningi, abangani, abomndeni, abazali, ngisho nomphakathi.

Lokhu kutatazeliswa ingcindezi kwababona seliyozilahla kunina kwenza obephume eyotheza izinkuni bese evele ewola nanoma yimaphi amacaba bese kuphazamiseka ubuhle bomyaba nokugcina umlilo sewungavuthi kodwa ulanguke.

Kanti uma ungesabi ukuLinda kukwenza ukuthi ungagcini nje ngokuthola umuntu wesifazane kodwa uthole umuntu wesifazane onobufazi.

Angenze isibonelo, imizi eminingi ebisakhiwa iphelile ingaphelanga ngenxa yokujaha umlilo bese iwola amacaba.

Bengingathi kwabasha namusha, kwesinye isikhathi uma uphuma uya edolobheni - omunye uyashesha ukuthola itekisi kanti omunye kumdinga alinde. Kodwa uma ujahile kugcina sekwenza nanokuthi ugibele nanoma yini oyibona inamasondo. Ngalokho ngithi umshado uyisibusiso esivela kuNkulunkulu ngalokho ngithi abazigcine behamba emzileni ofanele ukuze uma isikhathi sabo sifika sibafice endaweni elungile."




uNkosikazi Sebenzile Ntoana umaLanga
Baneminyaka emihlanu bendawonye
"Ukusheshe ukhule ngokomqondo, kukwenza ungacabangeli into yanamuhla cabangele ikusasa,Ukuthi uhlezi uthobile kumuntu wakho mhloniphe kusuka nisaqala ukuthandana ungathi uzoqala sewushadile mthande ngaso Sonke iskhathi kukuhle kukubi nokukhulekela mshado wakho ngasosonke iskhathi"



uMfu Sabelo Shongwe nomaMvubu
Baneminyaka emihlanu emshadweni

To get married brings about being responsible and accountability. Uyaqoqeka futhy nemphumelelo eqhamile emphilweni nokuhlonopheka ukwazu ukuthy usuphilela ukuvikela umndeni wakho and u become focus and thinking positive n all. To de young stars willing to gt married. Its a gud nice journey to take and uqhale kahle imphilo.




uMnu Melusi Malinga no maSibiya
Baneminyaka emine besemshadweni
"Being more responsible, knowing that your biological family is not the only thing u need to take of but your future family as well. Making sure ukuth awubi ilabantu okuthiwa "onami ngshadile" bese uyahluleka endleleni. Ukuba yindoda eqinile kulokho okholelwa kukho ukuth uvuse umuzi kayihlo
 Umuntu ozimisele ukuganwa noma ukugana, kwamele angaxhamazeli uma ethatha leso sinqumo ngoba uma uke wathi "I do" futhi wathi "Size sahlukaniswe ukufa" komele lokho ukwenze. Umzimba wakho nowomuntu oshade naye kusuke sekungumzimba owodwa ngokusho kweBible lenkolo yobuKrestu. Ungangeni emshadweni ngezizathu okungezona ezinhle. Njengokuthi "ngimshada ngoba sekumele ngishade noma ingoba uyena engithandana naye manje noma ingoba muhle".  Umuntu akangabukeli kontanga yakhe asebeshadile kodwa akusuke kuye ngaphakathi ngoba kunezinselelo laphaya. Kumele ube ready enqondweni, kwezezimali, ukwazi ukuxhumana noPartner wakho noma ngani. Bese ke elokugcina. Nikhule ngakho konke okuthinta impilo noma ngabe kunzima kangakanani bese nikhulisana nasempilweni"





uMnu Mandlendoda Ndwandwe nokaMadlala
Bashade ngo ngozibandlela ngonyaka ofile
"Kodwa ke ukuganwa noma ukushada kuyisibosiso esivela kunkulunkulu.kanti ngokwe mpilo umuntu kumenza ayazi indawo yakhe nanokuthi ayibuke ngenye indlela impilo.ngoba uma ushada usuke usuzifunile wazithola ukuthi ufunani empilweni okukhulu umuntu usuke efuna ukwakha umndeni umndeni awukwazike ukuwakha singekho isisekelo ofuna ukuwakhela phezu kwaso. Ngamafuphi uhleleka kancono uma usuganiwe ngoba umqondo wakho usuke ungasasebenzi wodwa usuke usunomuntu obonisana naye nivele ninephupho elilodwa.uzongifakazela ukuthi umuntu oshade naye izinto nizibona ngeso elilodwa noma ngabe niqala ngokuphikisana kodwa ekugcineni niyasenza isivumelwano angeke nifane nabantu abalinde ibhasi or taxi beya edolobheni bangama ndawonye ngoba igibelelwa lapho ibhasi kodwa edolobheni nomunye oya kulokhu abekuphumele ekhaya".





uMnu Syabonga Mafambane nomaxulu
Bashade ngonhlolanja kulonyaka
 ukuba semshadwen into emnand wonke umuntu ophilayo ayufisayo, so ukuba semshadwen noma ukusuka ekuben single kuza nezinto ezinhle njengokuth u hv a partner enisizana naye to take dicision abt things going forward.
Ngingath nje abangajah ukungena emshadwen ngoba bebona abanye abantu bt they must take their time".




Umfundisi SJ Mhlongo uqhube wathi


uMfundisi SJ Mhlongo enomaMkhaliphi
Baneminyaka ewu 11 besemshadweni
"Eqinisweni engilaziyo nje umshado unezinto zawo noma ngabe abantu abangena kuwo bangakanani. Into elekelelayo emshadweni izimfundiso abantu abazitholile bengakangeni kulesi sibaya.Okunye okudala inkinga lana kuba ukung na emshadweni ngezinhloso ezithile komunye nomunye khona ebuncaneni(ukuqeda inkanuko). Okuhle ke ebuncaneni ukuthi baqala kahle izinto bendawonye ngoba bangena emshadweni with common understanding yobunye. Kanti abadala abanqeni ukungena emshadweni bashade umshado owehlukanisa amafa ngenxa ke yezigigaba ezithile asebezibonile empilweni.Umanka lana ogcina umshado umuhle inhlonipho komunye nomunye ebuncaneni babo. Okunye okuhle  yonke i asset abanayo bayayibonisana ngaphambi kokuyenza ibe yingxenye yempilo yabo. Engikulibalayo abantu abangena emshadweni bebancane abahlali beqhathanisana ngenxa yama ex abo ukuthi u ex wayenjena manje ngashada nalona unjena kodwa bazi lokhu kudla okuphambi kwabo okunongwe ngothando olunokuxolelana emaphutheni, Ngokweqiniso life is incomplete and disorganised uma umuntu engashadile ngoba akekho umuntu onamehlo esiphundu but Each person need someone to look after him/her worse uma kuziwa kuma asset. Ake ngisho kanje uma umuntu esebenza imali yakhe ingu 100% if lowo muntu edlula emhlabeni imali iyahlukaniswa u 50% owe spouse then enye eyama dependant then ke uma ungashadile lo 50%  we spouse udliwa istate then ke the rest iye kwi family yakho. Ekugcineni ukushadana ebuncaneni kuyasiza kakhulu yonke into yakho iyahleleka. Ngingezwakali kabi kwabangashadile nakulaba abanquma ukuhlalela iNkosi elithi izwi kukhona abathenwa yiNkosi kanti abanye bazithene bona".



















Friday, April 15, 2016

uthi kumyambusisa ukudlala isiginci uSnethemba

Intokazi esencane esake saxoxa nayo ngaphambili engu Snethemba Luh Mbokazi ithi isiginci siyawubusisa umphefumulo wayo njengoba uma isidlala kuvele kuthi cosololo, nakuba enethalente eliyisimanga kanje kodwa uthi akakacabangi ukuyoqopha icwecwe lakhe.



Buka nansi ivideo 

ulandela ubizo owesifazane odlondlobalayo kwezamabhizinisi

uNkosikazi Sebenzile Langa-Ntoana okhula ngesikhulu isivinini kwezamabhizinisi uthi ubonga ujehova ngokumnika inhliziyo ende ekwazi ukubekezela.

Lonkosikazi osemnosemn
cane udonsa uxhaxha lwamabhizinisi njengoba engene shi kwezokuqashisa ngezindlu zangasese ukuhlinzeka izikole ngezinto zokuhlanza kanjalo nelokudayisa izimpahla ezinamagama aphezulu nezithandwa yintsha nalabo ababizwa ngolimi lwesimanje oluthi 'basezintweni'. Nakuba enabo abantu abasebenza ngaphansi kwakhe kodwa ukhonze ukuzibambela yena mathupha  uma kuhlanzwa izindlu zangasese noma kudayiswa izinto ezahlukahlukene azidayisayo.

Nakuba ehlala ematasatasa njengoba uhlala ehamba phakathi kwegoli nekwazul Natal kwazise sewazinza ngaseGoli kepha uba naso isikhathi sokuba ngunkosikazi kumyeni wakhe asebensikhathi eside babopha elikasofa silahlane ephinde abe naso isikhathi sokunakekela amadodakazi akhe amabili


Thursday, April 14, 2016

imvunge ngomdlalo othandwa njengebhodwelesishibo uMMM

Emabhasini, ezitimeleni, ezindaweni zokuzicwala izinwele kuphi nakuphi lapha kuhlangene khona abantu ayipheli inkulumo ingakaphathwa indaba yomdlalo wokunikana imali obizwa ngo MMM okuqubuke imibiko ethi lelibhanoyi seliwile.

Bekhuluma abanikazi balomdlalo othandwa njengebhodwe elipheke isishibo ekhasini labo kufacebook bathe cha abantu abehlise imimoya lomdlalo awuyindawo,  kepha kuvalwe kwathuthwa labo abebedlala kulona owamazwe ngamazwe obuletha inzuzo ngamaphesenti awu 100 balethwa kulona wasezweni umuntu ahlala kulo noletha inzuzo yamaphesenti angu 30.

Amaphenya imidlalo efana no MMM bakuqinisekisile ukuthi lomdlalo nawo ukweminye ephenywayo kwazise akuvumelekile ukudlala umdlalo wamabhanoyi lapha emzansi Africa.

Tuesday, April 12, 2016

indida egaywa isitimela obegula

Owesilisa wasendaweni yaseNhlungwane ngasedolobheni lasoLundi utholakale enqanyulwe yiguzu lamalahle imilenze yomibili.

Lowesilisa ubese ephuthunyiswa esibhedlela , amalungu omphakathi asadidekile ukuthi ubesebekwa yini emzileni wesitimela njengoba ubengumuntu obuthaka ngasempilweni.
Isithombe sithunyelwe 

indida egagwa isitimela obegula

Owesilisa wasendaweni yaseNhlungwane ngasedolobheni lasoLundi utholakale enqanyulwe yiguzu lamalahle imilenze yomibili.

Lowesilisa ubese ephuthunyiswa esibhedlela , amalungu omphakathi asadidekile ukuthi ubesebekwa yini emzileni wesitimela njengoba ubengumuntu obuthaka ngasempilweni.

Monday, April 11, 2016

usizi lwengane ekhale emhlane kanina eseshonile kubulawa umndeni kwa Ceza

Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqothwa kwamalungu ayisithupha nokubalwa nezingane ezimbili ena 3 nena5 ngokusa kwayizolo.

Ngokubika kwephephandaba lelanga abanye badutshuliwe kwathi enye yezingane yahlahlelwa ngocelemba. Kusolwa udaba oluthinta imfuyo ngalesisigameko. Ngokwemibiko kuthiwa abahlaseli bafike bathungela ngomlilo enye yezindlu engu rondo kwathi uma bephuma bebaleka okungumama nobaba balomuzi wakwaZondo bahlangana nabahlaseli abavele bangabe besabuza badubula.

Kulesisigameko kutholwe nengane elinganiselwa eminyakeni emithathu ebisemhlane kamama wayo obeseshonile.

Kusaboshwe abasolwa abahlanu


Saturday, April 9, 2016

ayangokuqonda amatanisa uMandla Ncikazi nesokuqeqesha ku Chiefs

Alokhu eya ngokukhula amahemuhemu amatanisa umqeqeshi uMandla Ncikazi nesikhundla sokuba iphini lomqeqeshi ku Kaizer Chiefs neqeqeshwa ngumngani wakhe weminyaka u Steve Khompela.

UNcikazi oke waqeqesha iMarizburg United emva kokuhamba kukaKomphela kubikwa ukuthi akusasele nsukungaki ebonakale ehleli ebhentshini lamakhosi ezosiza uKomphela kwazise sebezebenze ezindaweni eziningi ndawonye njengoba bake basebenza ku Free state stars naku Marizburg United.

Osibhincamakhasana babika ukuthi lowo oyiphini lomqeqeshi manje kuMakhosi uDoctor Khumalo uzogixabezwa ngesikhundla sokuba ngusomaqhinga waleliqembu elibhinjelwa izinto kulesizini.

Friday, April 8, 2016

kube nenjabulo kubonakala uZanele Magwaza-Msibi okokuqala emphakathini

Kube nenjabulo nenhlokomo kubalandeli nabathandi beqembu le National freedom party basoLundi ngesikhathi bebona okokuqala uMongameli waleliqembu uNkosikazi Zanele Magwaza-Msibi nobesanyamalele eside isikhathi emva kokuhlaselwa isifo senhliziyo.

Izimoto bezihlabe inhlabaluhide zidlula edolobheni lasoLundi ziqashwe ngamaphoyisa, ukaMagwaza  Uvela nje kungekudala i NPG Newsblog ibikile ukuthi uzovela kungekudala emphakathini kwazise usengumqemane.

Thursday, April 7, 2016

kudibene ingwe nengonyama ku Nedbank

Kuzosiphuka izidindi emdlalweni weNedbank cup emzuliswaneni wesine nalapho sekusele khona amaqembu ayisishagalombili. Kuqeda kudonswa amawembu azodudulana kulomzuliswano.

Umdlalo ozodonsa amehlo abantu abaningi ngophakathi kwe Orlando Pirates ne Mamelodi Sundowns oshisa ingabaselwe kulezinsuku.

Omunye umdlalo olindelekile ukuthi ushise ngophakathi kwe Polokwane City ne Baroka FC ecobhoshisa kwasani njengoba ishaye kabuhlungu iGolden Arrows emzuliswaneni owandulela lona, iBaroka ijwayelekile ukuthi iyazenzela rmaqenjini amakhulu uma idibana nawo kulomqhudelwano njengoba yake yabhuquzisa iKaizer chiefs ne Moroka Swallows

Ime kanje isiyonke imidlalo
Nedbank Cup draw

SuperSport United v Black Aces
Polokwane City v Baroka FC
Free State Stars v Bidvest Wits
M Sundowns v Orlando Pirates ! ! !

isithi khumu insimbi ebholeni

Unkonk lomdlali wasemumva obeyibamba ku Orlando Pirates uSyabonga Sangweni nodume ngokuthi uNsimbi usethi khumu ebholeni lezinyawo.

UmfokaSangweni noneminyaka ewu 34 nowaqala ukugqama kuGolden Arrows ngaphambi kokuthi aye ku Orlando Pirates bese kunesikhashana agcina ukubonakala ensimini kwazise uhlushwa ukulimala kanti vele lokhu aba nesenyelo edolweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi lensizwa edabuka eDondotha eMpangeni nedume ngokuthi ayimsabi omunye umfana yake yaba sematheni ngaphambi kokuya ku Pirates ngesikhathi ibonakala ithulwa njwngomdlali weKaizer Chiefs nokwagcina kuba nesixakaxaka esaholela ekutheni egcine esayine Kwezimnyama. Lensizwa ebingesinye sezethenjwa ezweni kwazise uke wayibamba isikhathi eside eqenjini lesizwe nalapho ayephinde engqomfele amagoli amqoka yikhona ukulimala okuphinde kwamthiya ekutheni aqhubeke nokubonakala edlubhe ijezi leqembu lesizwe.

Izindaba zokuphanyeka amakhokho emgibeni zidalulwe isikhulu seqembu le Orlando Pirates ubaba uIrvin Khoza namuhla ekuseni kusithangami sezindaba.

uyashiya ku Generations -the legacy uKarabo

Umlingisi kazi nothathwa njengomunye wabahamba phambili ezwe uNkosikazi Connie Ferguson nodlala indawo ka Karabo kumdlalo owuchungechunge obizwa ngokuthi iGenerations- the legacy useyawushiya lomdlalo akhuza ibuya kuwo emva kokuhamba kuwo ngonyaka ka 2010 usabizwa nge Generations.

UConnie noshubisa izinto kulomdlalo ngemva kokuthi eshade nabesilisa ababili ubike ukuthi kuningi abhekane nakho nazogxila kukhona uma ehamba kulomdlalo osukhuza ibuya emva kokuhlala izinyanga ezintathu ungekho emoyeni ngonyaka ophelile emva kwesiteleka sabadlali balomdlalo abangu 16 nabagcina bexoshwa.

Wednesday, April 6, 2016

uthi bengakhotha indololwane laba abathi akaxoshe umqeqeshi uBobby Motaung

Uthi klibhi klolo kulaba abathi akuxoshwe umqeqeshi weKaizer Chiefs lowo oyisikhulu saleliqembu uMnu Bobby Motaung.

UBobby nodume ngelika Bobstek ukhuluma kanjena nje iqembu lakhe seliphenduke enkulu inhlekisa ezitheni zalo njengoba kubukeka lizosonga leseason lingaphethe ngisho eyodwa inkomishi.

Amakhosi alele endaweni yesine kulog aqeda kuphuma kanye nenkanyezi yokusa ku CAF Champions league nakuNedbank cup, aphinde atalajwa emidlalweni yamanqamu we MTN 8 nowe Telkom Cup.

UMotaung uthe ubeke u80 Million wokuthenga abadlali ngeseason ezayo, nakuba abaningi bengakholwa ukuthi uzokwenza lokho kwazise udume ngokuthola abadlali mahhala hha laba abasuke bephelelwe izinkontileka emaqenjini abebewadlalela.

uphinde wasinda uZuma eziphulwa esikhundleni

Uphinde wasinda uMongameli wezwe ekutheni aziphulwe esikhundleni ngesikhathi amaqembu aphikisayo ephakamise ukuthi kuvotwe ukuze aphume esikhundleni sokuhola izwe.

Lesiphakamiso esaphakanyiswa iqembu le DA nesasekwa amanye amaqembu ezepolitiki siza emva kokuba uMongameli elahlwe icala lokuthi akhokhe imali eyalungisa umuzi wakhe oseNkandla obizwa ngokuthi kukwa Dakudunuse.

Amaqembu aphikisayo athole amavoti awu 143 kwathi angu 233 athi akaqhubeke uZuma nokuba umongameli.

Tuesday, April 5, 2016

ishiye kukhalwa imvula ebihambisana nomoya eZululand

Isishingishane ebesihambisana nemvula enkulu ezinxenyeni eziningi ezakhele umasipala omkhulu wase Zululand sishiye kukhalwa njengoba kubikwa izigameko eziningi zemizi ephephukile neminye edilikile. Lesishingishane sihlasele ngezithuba zasemini namuhla.

Endaweni yasoPhongolo kubikwa ukuthi kunomuzi okudilike uphahla lwendlu kwalimala abantu abaphuthunyiswe eclinic yendawo.

Kunezinye izakhiwo okubikwa ukuthi ziphephukile ezindaweni ezakhele lomasipala.

usethathe ikhefu kuBafana Bafana oshiye angalazi kuShakes Mashaba

Isethenjwa somdlali waseswini ogijima eqenjini lase Hollard uKamohelo Mokotjo usethathe isinqumo sokuthi usathatha ikhefu emidlalweni yeqembu lesizwe iBafana Bafana kulandela ukushiya angalazi kumqeqeshi weqembu uMnu Shakes Mashaba.

UMokotjo nongesikhulu isethenjwa eqenjini lakhe lase Hollard i FC Twente uzwakale ekhuluma nephephandaba lakulelazwe ethi uShakes umbizela ukuzomhlalisa nezihlwele noma amgqume ebhentshini, usola uMashaba ngokuthi umbiza ngoba esuke evala umlomo abantu abalokhu bethi akambize kwazise udonse amehlo amaningi amaqembu emhlabeni wonke lomdlali owadla umhlanganiso we under 12 Danone cup nalapha ayengukaputeni weqembu lesizwe lika under 12

ziya ngokuncipha izinsuku zobumpohlo kumfundisi osemncane

Kubukeka kungasekude elethelwe ukudla okwemboziwe nge Tray uMfundisi osemncane uMfu Bheki Sithole.

Kuthe ngesonto uMfu Sithole nesithandwa sakhe uNkosazana Lerato Motshwene baphakanyiswa esontweni nokuyindlela okwenziwa ngayo ebandleni lakhe uma abantu sebezoshada. Lombungazwe wenziwe ebandleni lakhe i AFM Church nalapho engumfundisi omncane walelibandla e Witbank lapha asezinze khona kwazise ungowokudabuka oPhongolo.

Nakuba lungakakhishwa usuku kodwa kubukeka kungasekude beshanele amabala koJobe.


Monday, April 4, 2016

uya ngokuqonga umbango waMageza amahle

Ubukeka uya ngokujiya umbango wobunikazi beqembu likaMaskandi elibizwa ngokuthi Amagez' amahle nebeliholwanyilowo ongasekho uMtshengiseni Gcwentsa.

Umdonsiswano kubikwa ukuthi uphakathi kwalowo owayeyilunga laleliqembu uNjencane nongasaculi nalo nalowo osengumholi walo manje nowathatha emva kokudlula emhlabeni kwendidane uPotso umfoka Ngobese.

UNjencane ukhala ngokuthi leliqembu lasungulwa nguye, Indidane kanye no Sbongiseni osekushiya yena yedwa osaphila njengoba uSbongiseni ne Ndidane sebadlula emhlabeni.

Abameli bakaNjencane sebephoqe ukuba ingabe isadayiswa ezitolo zomculo i Album entsha yamageza amahle esanda kuphuma kwala ngisho nalawo asefakiwe ezitolo ezidayisa umculo azosuswa.

Saturday, April 2, 2016

imiphumela ye Nedbank cup

Ngolwesihlanu

Mangesi FC 0 - Bidvest Wits 6

Izolo
Sundowns 3 - Mbombela United 1

Polokwane city 2 -  Platnum Stars 1

Mpumalanga Black Aces 2 - Mariburg United 0

Free State Stars 1  - Santos 0


Imidlalo ezod

Friday, April 1, 2016

uyocela isihlobo esihle uMongameli wezwe

Kubikwa ukuthi uMongameli wezwe uMnu Jacob Zuma uyocela isihlobo esihle kusithandwa sakhe seminyaka esakwa Magwaza eNquthu.

Lezindaba ezixoxwa isinyelela kuthiwa kulindeleke azishaye zonke ziphelele kwaMagwaza nakuba lungakaqinisekiswa usuku

iphindele kubo inkosikazi kaMtshengiseni ngenxa yefa elibangwayo.

Kubikwa ukuthi umbango wamafa alowo obengumculi kaMaskandi ongasekho uMtshengiseni Gcwensa nobedume ngeleNdidane usudale ukuthi enye yamakhosikazi akhe ibuyele ekhaya kubo.

Kuthiwa lenkosikazi engu Ntokozo Dlamini isiqome ukubuyela ekhaya kubo iphinde yayoziqhubekela nesikole ngoba ithi umnakwayo ongumaZiqubu uyena oshaya amaphiko kuzozonke izinto zomyeni wabo ongasekho.

Kwala ngisho izinto ebezisentshenziswa nguye uMadlamini kusaphila iNdidane kuthiwa usevele wazigodla umaZiqubu kubika iphephandaba lelanga.

Lombango wamakhosikazi uvela nje kungekudala kuke kwaba nombango wabanye abebecula nababecula naye uMtshengiseni

angahle abonakale okokuqala kubalandeli uMongameli weNFP kulonyaka

Kubikwa ukuthi engahle ebonakale okokuqala ngqa ephakathi kwabalandeli beqembu lakhe iNational Freedom Party, nokungahle kube mhla kuhlangene leliqembu ethekwini ukuzothula uhlelo lomkhankaso kwazise kuzoba kunokhetho lohulumeni basekhaya.

UkaMagwaza-Msibi nosekunesikhathi eside agcina ukubonakala emphakathini emva kokuhlaselwa isifo senhliziyo ekwakhe ngonyaka ka 2014,

Nakuba kubikwa ukuthi useke ebonakale esemsebenzini wakhe wesikhundla sokuba usekela ngqongqoshe wezobuchwepheshe ubengakaze abonakala kumicimbi nakumihlangano engukhukhulela ngoqo yaleliqembu

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...