Wednesday, November 7, 2018

Bathe sebekhathele osonkontileka abancane basophongolo

Osonkontileka abancane basophongolo bamise yonke imisebenzi ekhiswayo kwamasipala wasophongolo bafuna u30% u subcontractor kosomabizinisi abancane bendawo. Bakhala ngokuthi yonke imisebenzi inikezwa abantu bokuhamba bona bengatholi lutho. Nokuthola I experiance abayitholi. Bazimisele ngokumisa onke ama briefing ukuqindezela umaspala ukuthi ashintshe amadocument  befake u 30% subcontractor kosokontileka bendawo

Monday, October 8, 2018

Ufuna ukuba ngu masta we hip hop uMaster Tizzer

Nakuba beya ngokundlondlobala abaculi bomculo kamasikandi endaweni yaseNtumbane kanjalo naSekhiphunyawo akumenzanga washintsha umgqondo ngothando lomculo we Hip Hop uMaster Tizzer.

Lensizwa esencane enguNduduzo Mdinisa nephusha Ingoma yayo ethi 'ikusasa lakho' inesifiso sokuthi ngelinye Izibone isibalwa nabanye abaculi abahamba phambili kuleli ngomculo weHip Hop.

Nakuba ebhekene nezingqinamba zokuthola inkampani yokuqopha nezophinde imsabalalisele umculo wakhe akumnqindi amandla okoqhubeka nokubhala izingoma.

Ithalente lalensizwa ike yalikhombisa kumncintiswano kamasipala obizwa ngombele wethu ngonyaka ophelile kanjalo nakulonyaka. Kulabo abafisa ukumqasha azonandisa uma kunemicimbi uyatholakala ku delisi lomoya elithi athabinonku@gmail.com Nakunazi izinombolo zikamakhalekhukhwini 0799144550/0836874908

Saturday, July 21, 2018

Ubuholi obusha bukaKhongolose kusifundazwe sakwaZulu Natak

Nakuba kube namaginxiginxi ngesikhathi sekubhaliswa izithunywa ebezize kungqungquthela yesishayagalombili yenhlangano ka ANC kusifundazwe iKwazulu Natal azivimbanga ukuthi iqhubeke njengoba namuhla isinobuholi obusha nobuholwa ngunguMnuzane Sihle Zikalala njengosihlalo.

Kuqale izolo ebusuku ukuvotwa nalapho uZikalala engene ngo ngelethu kwesikasihlalo  kwazise akabangisananga namuntu kwathi kwesikasekela sihlalo kuphumelele uMike Mabuyakhula nobesibanga no Willies Mchunu. KwesikaNobhala sithathwe nguMdumiseni Ntuli nobesibanga no Super Zuma. Kwathi esesekela nobhala sathathwa ngu ngu Sipho Hlomuka. UNkosikazi Nomusa Dube- Ncube naye ungene ngongelethu Kuwesikamgcini Mafa.

Lobuholi bulindeleke ukuthi bubhungule bukhankase kwazise ukhetho lukazwelonke selusemome.

Thursday, July 19, 2018

Uvundulula ithalente usonkondlo osemncane

Imbongi esencane yasendaweni yasoPhongolo u Senzo Mathebula inhlolokhono ebizwa nge Pongola Talent search ezoba eNtuthuko Sport Ground kusasa ekuseni.

Ngokusho kukaSenzo nobambisene nesiteshi somsakazo esitholakala Ku internet nesibizwa ngo Radio Ulundi lenhlolokhono izobe iqondene nalo lonke uhlobo lomculo. Nokuyothi oyophumelela kuwo bese ethola ithuba lokuthi atholelwe inkampani azoqopha kuyo kusabalaliswe nomculo wakhe kuziteahi zomsakazo ezweni lonkana.

Ababukeli bazongena mahhala bese abazozama inhlanhla bazokhokha uR30.

Uwole inqwaba yemiklomelo uNyathama kweyeZimnyama

Umdlali waseswini weqembu le Orlando Pirates uMusa Nyathama uwole imiklomelo emithathu emikhulu kumcimbi wokuklomelisa abadlali baleliqembu lika baba uDokotela Irvin Khoza nobubanjelwe egoli ngokuhlwa kwanamuhla.

Lomcimbi osuka ungukuklomelisa abadlali abenze kahle kusizini yonke ephelile bekulindelwe ukuthi azitamuzele uNyathama nofike washisa izikhotha kuleliqembu laseSoweto nelimthenge Ku Celtic ngokuqala kwesizini ephelile. uNyathama uqokwe njengomdlali wonyaka waphinda waba ngumdlali okhethwe ngabadlali waphinda wakhethwa ngabalandeli njengomdlali wonyaka.

Isiyonke imiklomelo ihambe kanje

Orlando Pirates Player Awards 2017-18:

Player of the Season: Musa Nyatama
Player's Player of the Season: Musa Nyatama
Fans' Player of the Season: Musa Nyatama
Chairman's Award: Happy Jele
Shield Development Player of the Season: Augustine Mahlonoko
LG Reserve Player of the Season: Samuel Nkomo
Golden Glove award (most clean sheets): Wayne Sandilands
Adidas Golden Boot: Luvuyo Memela
Caltex Goal of the Season: Augustine Mulenga (2-1 win v Bloemfontein Celtic, Orlando Stadium, April 4, 2018)
Shield Prospect of the Season: Innocent Maela

Iyaqala namuhla ingqungquthela yobuholi bukaKhongolose eKZN

Onke amabombho abheke eThekwini kubaholi bezifunda zenhlangano Ka ANC kwazise namuhla kuqala ingqungquthela yobuholi balenhlangano kulesifundazwe.

Lengqungquthela eza emva kokuhlakazwa kobuholi obabukhethiwe phambilini nobabuholwa nguMnuzane Sihle Zikalala nokwabikwa ukuthi babungakhethekile ngendlela, kulindeleke ukuthi lengqungquthela iphothulwe ngomgqibelo eNyuvesi yaseThekwini nebizwa ngeDurban University of Technology. lengqungquthela isibuya isibili kwazise ngenyanga kaMay yahlehliswa ngosuku okwakumele iqale ngalo emva kwesigetshana sabalandeli nayo abafaka isikhalazo enkantolo sokuthi ingaqhubeki nangempela yabavuna inkantolo.


UMnuzane Sihle Zikalala nowayengusihlalo walenhlangano kulindeleke aphinde alungenele ukhwtho njengosihlalo.

Tuesday, July 3, 2018

Ivalwe ngegiya eliphezulu inyanga yentsha eMthoba

Bebephume ngobuningi abantu abasha basoPhongolo nabasezindaweni ezingomakhelwane ngesikhathi kunomcimbi wokuvala inyanga yabantu abasha nobubanjelwe endaweni yobumnandi ebizwa ngokuthi iMthoba house eseNcotshane kusigceme sakwa A.

Umhleli walomcimbi nosubuya isibili kulonyaka uMuzi Mathe uzwakalise ukujabula okukhulu kwazise uthi adayise aphela amathikithi angu400 abebekelwe lomcimbi.
Abathandi bobumnandi abawanakanga amakhaza bashaye amavosho kwaze kwasa kwazise bekunohide loDJ obeludlala izingomo ikakhulukazi lezi ezegqomu nehouse.

Nakuba kuwunyaka wesibili lomcimbi wenziwa kubukeka unesasasa elikhulu kwazise baningi abebekhuluma ngawo ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.

Bazovuka ngochatha amasebenzi bakahulumeni ngolwesine

Bazohleka imizuzwana abasebenzi bakahulumeni ngokusa kwangolwesihlanu ngesikhathi benyuselwa amaholo ngo 6.4% nozoba uqale ukubala ngo April.

Kulindeleke ukuba abasebenzi bayithole isingumthanyana kwazise izobe ifake imali yango April, uMay kanye no June nokuyothi ukusukela ngoJuly ibisingena inyanga nenyanga.

Nakuba izinyunyana ezinye zisakhala ngalesiphakamiso sika6.4% esabekwa uhulumeni  sekufana nokukhalela ubisi oluchithekile kwazise zasayina ezinye izinyunyana nezahlanganisa isibalo esidingakalayo ukuze kuthathwe izinqumo mayelana namaholo.

Monday, July 2, 2018

Usemanzini owayengumongameli wakuleli

Usemanzini owayenguMongameli wakuleli uMnuzane Jacob Zuma emva kokudlula emhlabeni kwendodana yakhe ogama layo nguVusi.

Ngokwemibiko kubikwa ukuthi indodana kaMnuzane uZuma ishonele esibhedlela iMilpark emva kokugula isikhashana. uVusi nowavundla swini sinye noDuduzani bazalwa ngowayenguNkosikazi kaMnuzane uZuma umaMotaho nowazibulala ngonyaka ka2000

Mayelana nemininingwane yokufihlwa kwayo ibingakacaci ukuthi izofihlelwa kuphi.



Monday, June 25, 2018

Udle umhlanganiso kowama BET uSjaiva

UMrepha wakuleli uJabulani Hadebe nodule ngelikaSjaiva idle umhlanganiso kumiklomelo yaseMelika ebizwa ngokuthi I BET nabebanjelwe eLos Angeles kulona lelazwe ngempelasonto

Lensizwa edabuka endaweni yase Bergville ibiqokwe emnxeni womculi wangaphandle othandwe ngababukeli nalapho ibiqhathwe nabanye abase Africa noswkungumlando ukuthi izidlele amahlanga lensizwa eziqhenyanyo ngenkolo yayo yobuNazaretha kwazise nakuyo lemiklomelo ibigqoke iconsa ngezembatho ezivame ukubokala zigqokwe ngabesilisa abakhinza ekuphakameni okuyintolibhantshi ishethi elimhlophe ibheshu kanye namadavathi wase ephatha isicephu

Usinde ngokulambisa umongameli wasezimbabwe

Umongameli wesikhashana wasezweni lase Zimbabwe uMumzane Emmerson Mnangwagwa usinde ngokulambisa ngesikhathi kuqhuma ibhomu endaweni abezothula kuyo inkulumo ngempelasonto kulo leliyazwe.

Lomonakalo udlule nemiphefumulo yabantu ababili yalimaza inqwaba yabanye abantu abebekhona ngesikhathi kwenzeka lesigameko nesethuse abantu abaningi kwazise lelizwe libheke okhethweni emva kokutetulwa kombuso kaRobert Mugabe nobesephethe lelazwe iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu nanhlanu.

Tuesday, June 19, 2018

Ibuyuse ithemba lase Africa I Senegal

Iqembu lebhola lezwe lase Senegal libuyise ithemba kubantu base Africa ngokuthi kuzoba khona izwe elizodlulela kusigaba esilandelayo somzuliswano Ka 16 emdlalweni wendebe yomhlaba.

ISenegal iyiqale kahle imidlalo yayo njengoba ishaye iPoland NGO 2-1 nokuyenza izwe lokuqala lase Africa ukunqob kulemidlalo njengoba amazwe afana no Tunisia, Morocco, Nigeria kanye ne Egypt bethole induku emidlalweni yabo yokuvula. Kanti vele sekungaba umlingo wodwa ongasindisa I Egypt njengoba izolo iphinde yathola isibhaxu sika 3-1 kosokhaya balemidlalo yendebe yomhlaba okuyi Russia. 

Monday, June 18, 2018

Ayiqale ngebatha amajalimane eyendebe yomhlaba

Ompetha bendebe yomhlaba iGermany iyiqale ngenduku imidlalo yendebe yomhlaba ngesikhathi ithola induku Ka 1-0 ishaywa izwe lase Mexico.

Lomdlalo obubhekwe ñgabomvu kwazise lamazwe adlalile kumidlalo ye confederation cup ngonyaka odlule nalapha iMexico yathola induku Ka 4-1 emdlalweni wamanqamu bekulindeleke ukuthi kungenzeka yini iziphindiselele iMexico noma izihambele kalula iGermany.

Abafana base Mexico bashaye igoli ngomzuzu ka 22 nokube umgundatshani oshaywe ngu Lozano nelibe is imbelambelane kwaze kwayo phela umdlalo nokwale ngisho amajalimane esehlasela onke ngio nonozinti wawo uNeur.

Kanti komunye umdlalo obubhekwe ngamehlo abomvu i Switzerland ibambe iBrazil ngo 1-1. Komunye futhi umdlalo iSerbia ishaye iCosta Rica ngo 1-0. Kanti nezwekazi lase Africa liqhubekile nokuba isixhwa kulemidlalo njengoba iNigeria ithole induku Ka 2-0 Ku Croatia.

Sunday, June 17, 2018

Izophinde ivalwe ngegiya eliphezulu inyanga yentsha oPongolo

Umhleli wemicimbi yobumnandi uMuzi Mathe nodume ngelika Spectacular uthi kubukeka kuzohamba ngohlelo kumcimbi awuhlelile nozoba sekupheleni kwenyanga ephezulu uJune nozoba endaweni ebizwa ngokuthi iMthoba House nokuyindawo ewushisa nyama elaphaya encotshaneencotshane kusigceme sakwa A.

Lomcimbi osekuwunyaka wawo wesibili wenzeka kwazise ngonyaka odlule wawusendaweni yokuzijuxuza iNgwane park. Ngokusho kuka Muzi lomcimbi uzobe uhanjelwe umholi wentsha uMfanufikile Nxumalo ozone ezogqugquzela intsha nokuyiqwashisa ngezinto eziningi.

Ayizukugcina ngokuqwashiswa kuphela intsha kepha izobuye izijabulise ngomculo ozobe udidiyelwa ngo DJ abehlukahlukene. Njengoba lomcimbi uzobe ungomhlaka 30 kuzobe kuwu R20 ukungena bese ukuzohlala endaweni yezicubuthwane uR30 

Saturday, June 16, 2018

Uvele wagwazinxaba zibekwa uMessi

Balale bedumele abalandeli bebhola basezweni lase Argentine nabandeli bomdlali ongomunye wabahamba phambili emhlabeni u Lionel Messi ngesikhathi iqembu lesizwe linomdlalo wokuvula ne Iceland kuqoqo labo emidlalweni eqhubekayo ye world cup eRussia.

Lomdlali weBarcelona ubanjelwe I penalty ngesingesiwombe sesibili kanti vele umdlalo bekusengu 1-1 nogcine upheld ngawo. Uhluleke wancama ezama ukugqobhoza udonga Lee Iceland nobekungokokukuqala ukuthi izodlala kundebe yomhlaba

Kubukeka sisazoyigudla imbilaphu ngenxa kaphethilolo

Kungakapheli namasonto amangaki kunyuke intengo kaphethilolo ways wayokhuza kuR15 ilitha kunemibiko ethi kuzokwenzeka ngenyanga ezayo uphinde wenyuke ngo 32cents ilitha nokuzowenza uyohlala kuR16 ngelitha.

Nakuba zingakayithi vu iziphathimandla zalelizwe ngalamahemuhemu kubukeka umphakathi usuqalile ukuzwela kulokunyuka kwentengo kaphethilolo kanjalo nalena ekhokhwa izakhamuzi ebizwa nge VAT nenyuke yayohlala ku15%.

Friday, June 15, 2018

Ukhombise ukuba inkunzi emavava uRonaldo egila izimanga enenxeba

Nakuba ebopha kunxeba lozomthetho uChristiana Ronaldo lokugwetshwa iminyaka emibili ebhadla ejele noma ekhokhe imali elinganiselwa Ku £18.8 Million kumacala abebhekane nawo okungahambisi kahle kwezentela.

Lomdlali wezwe lasePortugal uyishayele amagoli amathathu emdlalweni wabo wokuqala kuqoqo labo lesibili nalapho bebedlala nezwe elaba ngompetha bendebe yomhlaba ngo2010 neyayibanjelwe lapha emzansi okuyizwe lase Spain. Lomdlalo obuthandwa njengezinkani zababili upheld zibambene ngo3-3 uRonaldo uqobele amagoli amathathu nokube I penalty nedalwe uNacho odlalise kabi yena umfoka Rinaldo novuke wayibeka isisefeni kwandela elinye elibeinguzunga yeshodi nephunyeke ezandleni Ku De Gea nelokugcina okube I free kick nangayifanisanga nokuyifanisa uDe Gea kanti kwawe Spain anqomfelwe phakathi u Costa amabili nobengamuzwa nokuthi uyini u Pepe noyisitobha se Portugal kwase kuba umgundatshani oshaywe uNacho.

Kweminye imidlalo kuqoqo lokuqala iRussia ivule ngedili likamkhipheni ngesikhathi ibhaxabula I Saudi Arabia ngo 5-0, kwase kuthi iGibhithe nemele izwekazi lase Africa ilale ngemizuzu yokugcina yangenelwa igoli neliweze I Uruguay ngo1-0.
Kuphinde kwaba muncu futhi kuzwekazi lase Africa ngesikhathi kuqoqo lesibili iMorroco nenyamanambane kulelizwekazi ibhaxabulwa seliyoshona ngo1-0 ishaywa izwe lase Iran neliqeqeshwa ilowo owake waqeqesha iBafana Bafana u Carlos Qiuroz.

Kubukeka iMorocco ibenonyawo olubi kuleliviki njengoba ngolwesithathu ikhale ngaphansi emkhankasweni wayo wokusingatha indebe yomhlaba ngo2026 nokugcine ngokuthi inikwe amazwe amathathu asenhla neMelika okuyi USAUSA iCanada kanye neMexico

Unkanise emgwaqeni umphakathi ngenxa kaphethilolo

Umphakathi wasoPhongolo usuvele wazijuba wankanisa ngezimoto emgwaqeni omkhulu u N2 endaweni ebizwa ngomlogo.

Lomphakathi ukhethe ukuqhinqa ngezimoto nangamatekisi ngoba uhlaba ikhwele kuhulumeni mayelana nendaba yokunyuka ngamandla kwenani lika phethilolo kulelizwe njengoba ilitha selibiza uR15 noma ngaphezulu nokusenamahemuhemu athi kusengenzeka inyuke lemali.

Ilunga lomphakathi elikhulume ne NPG newsblog lithe "sifuna ukuzwakalisa ukungenami kwethu ngendlela uphethilolo onyuke ngayo futhi sikwenze ngebomu ukuqhinqa kanjena njengoba kunephalamende lentsha Khona bonke ongqongqoshe"

Nakuba lokuqhinqa kusheshe kwahlakazeka njengoba amaphoyisa afike avulela ngezinhlamvu zenjoloba kumphakathi.

Sunday, February 18, 2018

Ifu elimnyama embonini yezokuncebeleka oPongolo

Kukhalwa nxazonke embonini yezokuncebeleka oPongolomva kokudlula ngokukhulu ukuzuma kukaDj obese mncane uMthokozisi Zwane nobedume ngelika DJ Mthoko nodlule izolo engozini yemoto.

Abantu abafana no Dj Blaqvnomous nobuye aziwe ngelika Feleba kanjala nomhleli wemicimbi yobumnandi bangabanye yabantu ababonakale bezwakalisa ukushaqeka ngalezindaba zokudlula kwalensizwa bebla emakhasini about kafacebook


Thursday, February 15, 2018

Akasekho emhlabeni uMorgan Tshangarai

Lowo ongumholi weqembu eliphikisayo ezweni lase Zimbabwe uMnuzane Morgan Tshangarai udlulile mhlabeni kwesinye sezibhedlela zalapha eNingizimu Afrika.

Kubikwa ukuthi ubesenesikhathi eside ephethwe isifo somdlavuza nokuze kwaba yiso esimnqobayo. Umndeni wakwaTshangarai kuzokhumbuleka ukuthi awuqali ukuba semanzini njengoba eminyakeni eyedlule kwadlula emhlabeni engozini yemoto uNkosikazi wakhe uMorgan Tshangarai neyenzeka ezweni laseZimbabwe.

Ufungiswe njengebamba lokungamela izwe uRamaphosa

UMnuzane Cyril Ramaphosa ufungiswe njengomengameli wesikhashana wezwe lase Ningizimu Africa ngolwesine lomhlaka 17 kunhlolanja.

Nakuba amaqembu afana ne DA kanye ne EFF ephume aduba ephalamende ngoba engahambisani nokuqokwa kuka Ramaphosa ngoba ekhala ngokuthi akuhlakazwe iphalende kuqalwe phansi ukhetho kepha inhloko yamajaji kuleli uMnuzane Mogoeng Mogoeng uqhubekile nokufungisa lenkinsela engusihlalo we nhlangamo ka ANC ngene kulesikhundla sokuba ngusihlalo emva kwenqunquthela ebisePitoli ngoZibandlela nalapha ahlula khona uNkosazane Dlamini-Zuma naye owayegaqele lesikhundla egabe ngamava okuhola inhlangano yamazwe ase Africa nake ake aba nguMongameli wayo.

Usesulile esikhundleni sokuhola izwe okaNxamalala

Emva kwensukanayikeyi ngodaba lokuthi uMongameli wezwe uMnuzane Jacob Zuma esule esikhundleni ekugcineni ugcine ehlela ngezansi njengoba ngolwesithathu ebusuku ememezele ukuthi uyasula kulesisikhundla ebesesiphathe iminyaka eyisishiyagalolunye nokube ngamahlandla amabili engumongameli walelizwe elizobe liqeda iminyaka engamashumi amabili nane (24) ngombasa (April) nonyak.

Nakuba ekugcizelela uMsholozi ukuthi akanikezwanganga izizathu zokumhoxisa kodwa uzokwehla kulesikhundla. Indlela ebesehleli ngesinqa esisodwa kulesihlalo ifakazelwe ukuhlehliswa kwenkulumo yesizwe nobekumele eyethule makuqala lenyanga kwazise amaqembu aphikisayo abeshaya phansi ngonyawo ethi awamfuni ethule inkulumo yesizwe.

Inqume ukumhoxisa kwesokungamela izwe uZuma i ANC

Isigungu esiphezulu senhlangano kaKhongolse sithathe isinqumo sokumhoxisa ekubeni uMongameli wezwe uMnuzane Jacob Zuma emva komhlangano wangesonto walesigungu.

UMnuzane Zuma uzithola esebizwa nje ngenxa yencindezi eningi ebhekiswe kuye yokuthi akasule esikhundleni ngoba esoleka ekudayisweni kombuso emndenini wezimpunyela zasedinyà zomndeni wakwaGupta.

Lesimemezelo sokwehla esikhundleni kukamnumzane Zuma senziwe nguNobhala jikelele walenhlangano ngomSombuluko uMnumzane Ace Magashule ekomkhulu lalenhlangano eqeda ikhulu neminyaka eyisishagalombili lasungulwa.

Tuesday, January 30, 2018

Obemataniswa ne Chiefs uzogijima kusupersports United

Abalandeli beChiefs babuyele kwamhlaba emva kokuthi bebephakeme kwazise iqembu labor lisayinisa abadlali abanohlonze kulezinsuku abamataniswa naleliqembu lika Kaizer Motaung.

Emva kweside isikhathi umdlali odabuka ezimbabwe u Evans Rusike obemataniswa neChiefs ugcine esayinde iminyaka emithathu ku Supersports United nokubikwa ukuthi inkontileka yakhe ingalulwa ngeminyaka emibili kube ngemihlanu.

Lomgadli obeyisethenjwa eqenjini le Marizburg United nelishisa lingabaselwe kulezinsuku uzohlangana nozakwabo abasha nabadonsa kanzima kulezinsuku nokubonakala ukuthi bakhandlwe imidlalonye Caf cenfedaration cup nabadliwe emidlalweni yamanqamu ngonyaka ophelile.

UCapitec uyimpisi embethe isikhumba semvu

Inkampani eyenza uphenyo ngokusebenza kwezamabhange i viceroy ibika ukuthi ibhange i Capitec lifana nse nobaba wasendaweni obolekisa ngemali bese eyifuna ngehheshe inzalo.

Ngokutholwe ilenkampani inzalo ekhokhiswa ababoleka imali iyafana nse nekamashonisa nokwenze ukuthi kube nesigungu sesikhashana esibhekele ukusebenza kokubolekwa kwemali kulelibhange elithathwa njengelinozwelo kubantu kuleli.

Sunday, January 28, 2018

Anqobe eyesihlanu I Grammy Awards Amambazo amnyama

Izinqalabutho zomculo wesichathamiya kuleli iLadysmith Black Mambazo liphinde ladla umhlanganiso kumiklomelo ethathwa njengephezulu emhlabeni ebizwa ngama Grammy Awards.

Leliqembu elasungulwa ubaba uJoseph Shabalala oneminyaka engama 76 nosewathatha umhlalaphansi kwezokucula linqobe indodo yesihlanu izolo eMelika nalapho bekubanjwe khona lomcimbi osunesikhathi eside ukhona.

Tuesday, January 23, 2018

Enye ingqalabutho yezomculo uBra Hugh Masekela sewendela kwelaphakade

Iphinde yagqemeka uduma lengozi imboni yezomculo kuleli ngokudlula kwengqalabutho yomculo weJazz uHugh Masekela obeseneminyaka engu 78.

UBra Hugh nobedume kanjalo kubathandi bomculo udlule emhbeni ngokusa kwanamuhla ngenxa yesifo somdlavuza kapopopo. Lenqgalabutho neyake yaganwa uMiriam Makeba naye osewendela kwelimagade ahlabayo naye owayengumculi we Afropop.

"Usabophela amadiya emva kwendlu uBennie" Ertugral

Umqeqeshi we Ajax Cape Town uMuhsin Ertugral ubize uMqeqeshi we Cape Town City uBennie McCarthy ngomfana omncane osazokhula.

Labaqeqeshi bahlohlolozane ngeminwe kwashoda ozogadla ngesikhathi kunomdlalo wabakhaya baseKapa lodumo phakathi kweAjax Cape town he Cape Town city nosekuwumlando ukuthi uphele 1-0 ngegoli elishaywe ngu Martin.

Lempi yamazwi equbuke kulabaqeqeshi idaleke ngesikhathi umdlali we City uKwanda Mngonyama engena enkundleni engakaphumi uMartin ngesikhathi beshintshana nalapha ethe uErtugral badlalisa abadlali ababayishumi nambili.

Friday, January 19, 2018

Iwusizo olukhulu emphakathi i Angels Charity

Nakuba ematasa ngimsebenzi wokuba ngumfundi wezindaba emsakazweni iNongoma FM kepha akumvimbi ukuba alule isandla kulaba abadinga usizo uNkosazane Nonhlanhla Nxumalo ongumsunguli wenhlangano engenzinzuzo ebizwa nge Angels Charity.

Lentokazi edabuka endaweni yase Vryheid esigodini sakwaFuduka miningi imisebenzi emihle eyenzela umphakathi njengoba ngenyanga edlule ubevakashele esibhedlelkwaNongoma nalapha ayenokhisimuzi okhethekile nezingane ezihlala ngaphakathi kulesibhedlela ngenxa yezimo ezahlukene zezempilo. Kulomcimbi odado bazititilizela izinto zokudlala, izimpahla zokugqoka kanjalo nezinto eziningi ezishiywa kubo.

Ekhuluma ne NPG news uNonhlanhla uthe kusasekuningi asafisa ukukwenzela labo abadinga usizo kwazise akabuthi quthu ubuthongo uma eke wabona umuntu edinga usizo.

Angeke eliqede ihlandla lesibili lokuba umongameli wezwe uZuma

Isigungu sokuphatha senhlangano ehola izwe I African National Congress kubikwa ukuthi sithathe isinqumo sokuthi lowo owanikwa isikhundla sokungamela izwe uMnuzane Jacob Zuma ngeke eliqede ihlandla lakhe lesibili lokuhola izwe neliphela ngonyaka ozayo.

Lesinqumo sithathwe emhlanganweni walesigungu obuyizolo ePitoli nobekuwumhlangano wokuqala walesigungu esikhethwe ngenyanga edlule okhethweni lobuholi nolwadonsa amehlo omhlaba kwazise kwakuqhudelene uNkosazane Dlamini Zuma nowake wahola inhlangano yobumbano lwase Africa kanjalo noMnumzane uCyril Ramaphosa nosekuwumlando ukuthi wadla ukhetho lokuba uMongameli ka ANC.

Nakuba kungakaqinisekiswa ukuthi uzokhishwa nini esikhundleni uZuma kodwa kubikwa ukuthi kuzoba nganeno kokuqala kwemikhankaso yokhetho lukahulumeni lukazwelonke noluzoba ngonyaka ozayo. Kubukeka kuzobe sekufana nokhondolo ukuthi lowo osuke ekhethwe njengoMongameli wezwe kuKhongolose engaliqedi ihlandla lesibili njengoba no Thabo Mbeki waphuma sekusele izinyanga ebeke phansi kwangena uKgalema Motlathe njengebamba likaMongameli.

Monday, January 15, 2018

Kungabe kufakaza umakatshane ngamaZulu Fc

Kubukeka kufakazeleka isisho sesilungu esithi okuza kalula kuhamba kalula ngesimo seqembu lakwaZulu Natal eligijima esigabeni sePSL Amazulu Fc nathenga ilungelo lokudlala kulesigama emva kokuthenga ubulungu beThanda Royal Zulu neyadla umhlanganiso wokuba ngompetha beNFD ngesizini edlule.

Amazulu abukeka ewukudla enduku kulesizini njengoba nayizolo aphinde aguqiswa ngo2-0 esgaywa iqembu ke Baroka FC emdlalweni obuse Peter Mokaba Stadium eLimpopo izolo ntambama.

Usuthu nokuyigama okuteketiswa ngalo Amazulu ayibambe indaweni Ka 14 ngamaphuzu angu15 emva kwemidlalo ewu 15. Bese kungoka 6 luthola induku kulesizini leliqembu eliqeqeshwa uCalvin Johnson wodumo lokuvundulula ikhono lika Steven Pinaar nosanda kukhonjwa indlela iBidvest Wits emva kwezinyanga eziyisithupha engumdlali waleliqembu elibhinjelwa izinto emva kokunqoba isicoco seligi ngesizini eyedlule.

Friday, January 12, 2018

UMONGAMELI WASEMELIKA UBIZE ABASE AFRIKA NGEBHODWELENJA

UMNUMZANE uDonald Trump nonguMengameli wasezweni lase Melika uqhubekile nokuveza imizwa yakhe ngokucwasa ngokwebala ngesikhathi ekhuluma komunye umhlangano obukuleliviki khona eMelika nalapha efanise yabantu abaphuma ezwenikazi lase Afrika kanjalo nasemazweni ayiziqhingi zabamnyama ngembobo ephuma indle phelezi (Shithole).

Nakuba ephike wahlanza okwayizolo ebhala ekhasini lakhe likaTwitter ukuthi ubengaqondile lokhu okucatshangwa yabantu kodwa akukona okokuqala ezidalela amazinyo abushelelezi ngokucwasa yabantu bakwamanye amazwe njengoba ake abiza yabantu baseMexico ngabadlwenguli nababulali nokwafakazelwa ukwakhiwa komthangala kakhonkolo ohlukanisa lamazwe amabili.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...