Nakuba kube namaginxiginxi ngesikhathi sekubhaliswa izithunywa ebezize kungqungquthela yesishayagalombili yenhlangano ka ANC kusifundazwe iKwazulu Natal azivimbanga ukuthi iqhubeke njengoba namuhla isinobuholi obusha nobuholwa ngunguMnuzane Sihle Zikalala njengosihlalo.
Kuqale izolo ebusuku ukuvotwa nalapho uZikalala engene ngo ngelethu kwesikasihlalo kwazise akabangisananga namuntu kwathi kwesikasekela sihlalo kuphumelele uMike Mabuyakhula nobesibanga no Willies Mchunu. KwesikaNobhala sithathwe nguMdumiseni Ntuli nobesibanga no Super Zuma. Kwathi esesekela nobhala sathathwa ngu ngu Sipho Hlomuka. UNkosikazi Nomusa Dube- Ncube naye ungene ngongelethu Kuwesikamgcini Mafa.
Lobuholi bulindeleke ukuthi bubhungule bukhankase kwazise ukhetho lukazwelonke selusemome.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment