Nakuba beya ngokundlondlobala abaculi bomculo kamasikandi endaweni yaseNtumbane kanjalo naSekhiphunyawo akumenzanga washintsha umgqondo ngothando lomculo we Hip Hop uMaster Tizzer.
Lensizwa esencane enguNduduzo Mdinisa nephusha Ingoma yayo ethi 'ikusasa lakho' inesifiso sokuthi ngelinye Izibone isibalwa nabanye abaculi abahamba phambili kuleli ngomculo weHip Hop.
Nakuba ebhekene nezingqinamba zokuthola inkampani yokuqopha nezophinde imsabalalisele umculo wakhe akumnqindi amandla okoqhubeka nokubhala izingoma.
Ithalente lalensizwa ike yalikhombisa kumncintiswano kamasipala obizwa ngombele wethu ngonyaka ophelile kanjalo nakulonyaka. Kulabo abafisa ukumqasha azonandisa uma kunemicimbi uyatholakala ku delisi lomoya elithi athabinonku@gmail.com Nakunazi izinombolo zikamakhalekhukhwini 0799144550/0836874908
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment