Bebephume ngobuningi abantu abasha basoPhongolo nabasezindaweni ezingomakhelwane ngesikhathi kunomcimbi wokuvala inyanga yabantu abasha nobubanjelwe endaweni yobumnandi ebizwa ngokuthi iMthoba house eseNcotshane kusigceme sakwa A.
Umhleli walomcimbi nosubuya isibili kulonyaka uMuzi Mathe uzwakalise ukujabula okukhulu kwazise uthi adayise aphela amathikithi angu400 abebekelwe lomcimbi.
Abathandi bobumnandi abawanakanga amakhaza bashaye amavosho kwaze kwasa kwazise bekunohide loDJ obeludlala izingomo ikakhulukazi lezi ezegqomu nehouse.
Nakuba kuwunyaka wesibili lomcimbi wenziwa kubukeka unesasasa elikhulu kwazise baningi abebekhuluma ngawo ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment