Nakuba ebopha kunxeba lozomthetho uChristiana Ronaldo lokugwetshwa iminyaka emibili ebhadla ejele noma ekhokhe imali elinganiselwa Ku £18.8 Million kumacala abebhekane nawo okungahambisi kahle kwezentela.
Lomdlali wezwe lasePortugal uyishayele amagoli amathathu emdlalweni wabo wokuqala kuqoqo labo lesibili nalapho bebedlala nezwe elaba ngompetha bendebe yomhlaba ngo2010 neyayibanjelwe lapha emzansi okuyizwe lase Spain. Lomdlalo obuthandwa njengezinkani zababili upheld zibambene ngo3-3 uRonaldo uqobele amagoli amathathu nokube I penalty nedalwe uNacho odlalise kabi yena umfoka Rinaldo novuke wayibeka isisefeni kwandela elinye elibeinguzunga yeshodi nephunyeke ezandleni Ku De Gea nelokugcina okube I free kick nangayifanisanga nokuyifanisa uDe Gea kanti kwawe Spain anqomfelwe phakathi u Costa amabili nobengamuzwa nokuthi uyini u Pepe noyisitobha se Portugal kwase kuba umgundatshani oshaywe uNacho.
Kweminye imidlalo kuqoqo lokuqala iRussia ivule ngedili likamkhipheni ngesikhathi ibhaxabula I Saudi Arabia ngo 5-0, kwase kuthi iGibhithe nemele izwekazi lase Africa ilale ngemizuzu yokugcina yangenelwa igoli neliweze I Uruguay ngo1-0.
Kuphinde kwaba muncu futhi kuzwekazi lase Africa ngesikhathi kuqoqo lesibili iMorroco nenyamanambane kulelizwekazi ibhaxabulwa seliyoshona ngo1-0 ishaywa izwe lase Iran neliqeqeshwa ilowo owake waqeqesha iBafana Bafana u Carlos Qiuroz.
Kubukeka iMorocco ibenonyawo olubi kuleliviki njengoba ngolwesithathu ikhale ngaphansi emkhankasweni wayo wokusingatha indebe yomhlaba ngo2026 nokugcine ngokuthi inikwe amazwe amathathu asenhla neMelika okuyi USAUSA iCanada kanye neMexico
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment