Emva kwensukanayikeyi ngodaba lokuthi uMongameli wezwe uMnuzane Jacob Zuma esule esikhundleni ekugcineni ugcine ehlela ngezansi njengoba ngolwesithathu ebusuku ememezele ukuthi uyasula kulesisikhundla ebesesiphathe iminyaka eyisishiyagalolunye nokube ngamahlandla amabili engumongameli walelizwe elizobe liqeda iminyaka engamashumi amabili nane (24) ngombasa (April) nonyak.
Nakuba ekugcizelela uMsholozi ukuthi akanikezwanganga izizathu zokumhoxisa kodwa uzokwehla kulesikhundla. Indlela ebesehleli ngesinqa esisodwa kulesihlalo ifakazelwe ukuhlehliswa kwenkulumo yesizwe nobekumele eyethule makuqala lenyanga kwazise amaqembu aphikisayo abeshaya phansi ngonyawo ethi awamfuni ethule inkulumo yesizwe.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment