Sunday, December 1, 2019

Uvele walala amagenu uTete eNgilandi

Umshayibhakela wakuleli nobethwelengeqoma uZolani Tete ukuthi uzolivikela ibhande le WBO Bantamweight ku Filipino Casimero wase Philliphines empini ebise Birmingheim kwelase Ngilandi ngomGqibelo ebusuku.

uTete nodabuka e East Londan  ubegcine ukulwa nyakenye uyiqale kahle impi kumijikelezo emibili yokuqala nokuthe kowesithathu wazithola eselele ebheke phezulu nagcine ngokuhluleka ukuvuka nokuphoqe ukuthi unompempe awuqede umdlalo.



Saturday, November 30, 2019

unxenxa amavoti owaseMadanyini - Dj Nox

Cishe uma kukhulunywa ngendawo yaseMadanyini kwabaningi kuvuka ukuthi yayidume ngokuba nabadlali bebhola abaningi abadumile njengbadlali ababefana no Mthabeleni, Gorowa, Nzoyi, Ndumane nabanye abaningi. Kepha uthando lomculo kuMuzi Mhlongo odume ngelika Dj Nox lwamenza wangafuna ukuduma ngebhola.

Lensizwa yaseMadanyini iqokiwe kumklomelo ye Live your dream SA Awards nalapho ingenele khona ngengoma yakhe ethi 'NGIFUNINTOMBEYODWA' napike kuyo u Alla D beno Lavisa neqokwe kumunxa we Best upcoming artist. ekhuluma ne NPG Online news uthe "ngicela umphakathi wakithi oPongolo ungivotele, ukuze uvote kumele uthumele i SMS ethi LDYD526 kunombolo ethi 45633".

kulindeleke ukuthi ube namuhla ebusuku eThekwini umcimbi wokumemezela abanqobile.


Tuesday, November 26, 2019

Wakhetha ukubalapha ngokomoya kunokubalaphangomjovo

Cishe emhlabeni wonke jikelele uma ukhuluma ngegama lika Nkululeko Khanyi wonke umuntu ujikanawe kungakhathalekile ungowaliphi ibala kwazise izinkulumo zakhe ezakhaya kulabo abafuna ukuzibulala azikhethi bala lamuntu. iNPG Online news ikwazile ukuxoxisana nalensizwa ebiqokiwe kweminye yemiklomelo yama Crown Gospel awards. inxoxo yethu ihambe kanje. (Qonda u NPG umele uNPG online News bese u NK umele uNkululeko Khanyi)

NPG : Ngabe ngubani uNkululeko Khanyi?
N.K:    Unkululeko khanyi ungusaziwayo endimeni kamabonakude kwezokusakaza
Ophinde abe usomabhizimisi odume umhlaba wonke ngezinkulumo zakhe ezakhayo.usehambe amazwe anjengoMalawi,Ghana,Botswana and Swaziland e Africa bese phesheya kuba iLondon, Australia nase America. ngineminyaka engamashumi amane 40 ) ngidabuka esifundazweni saKwaZulu Natal kusifunda saseZululand endaweni yasoPhongola .
Ngifunde Ibanga eliphansi eMasithokoze primary school opongola ngendlulela ekhulumeluzulu ilapho ngaqeda umatikuletsheni.ngaqhubeka ngayofundela ubuhlengikazi Easter Nursing College ngonyaka ka2003 ngaqeda ezobuhlengikazi.ngisebenze laa esouth Africa naseGauteng njengomhlengikazi kwaze kwaba inkosi iyangikhipha .

NPG: Uzizwe kanjani njengoba ubuqokelwe kweminye imikhakha kuma Crown Gospel awards?
NK: Kube intokozo enkulu kimi nethimba engisebenza nalo ukufakwa ohlwini lwamaSabc crown award 2019 ebenzeka ngomhlaka 24 November e inkosi Albert Luthuli .okungokuqala kowaseZululand owokuqala owasoPongola .kungikhombisa ukuthi umsebenzi engiwenzayo umhlaba uwubonile angiqhubeke ngenze kakhulu ukushintsha izimpilo zabantu sibuyise ithemba sibe isibuko nesibonelo emphakathini kwasakhula abasibhekile njengesibuko kubo.
NgoOctober kulonyaka ngigqokiwe Emalawi yinhlangano ezimele njengenxusa laseAfrica  yonkana kumkhankasoobizwa nge Face Man of Africa kwangithinta ukuthi ngize ngiyobonwa kude kodwa ke ngiyimele iAfrica yonke kakhulu abantu besilisa abadala nabancane abasakhula.
Ngo 2011 ngiqale iNgqungquthela ehambela umphakathi nezifundazwe zonke eAfrica ukuzofundisa ukuthi abantu abangazibulali bengabulalani .kube nezehlakalo eziningi kakhulu kulonyaka kubulawa abesifazane nabantwana.nozakwethu kwezikaqeda isizungu benencindezi enkulu bezibulala Hhp,Nichume,Thami Shobede abanye babo abasishiye ngenxa yedepresion and Suicide okungithinta kakhulu ngabo abasaba ukuphumela obala ngezimo zabo baphila impilo enepressure nezimo ezibacindezelayo bekulomkhakha okuyibona abazibulala kakhulu.

NPG: Ngaphandle kokugquqguzela isizwe yikuphi okunye obuye ukwenze?
NK: Okunye engikwenzayo ngiwusomabhizinisi ngibuye ngibe nestolo esithengisa izimpahla Esesinamahhovisi eGoli kanjalo naseMpumalanga
Okunye engikwenzayo uma ngingenzi lutho, Ngiyaye ngiziphumule nomndeni wabi abantwana abathathu inkosi engibusise ngabo amantombazane amabili nomfana oyedwa 14 Amanda & Meloh 13 and Andiswa 12. nezingangane zabafowethu abasishiye emhlabeni  ababili kabuhlungu ngiba adoptile nabo.ngiwumuntu womndeni .ngikhonze ukuvakasha kakhulu ngibuke imvelo ngiyawesaba amanzi ulwandle ngilusaba kabi nenyoka kodwa ngingayibulala uma ngiyithola endleleni ngihamba ebusuku ingafuni ukuqhela noma kungathiwa inkulu kanjani ngigaqunga isibindi .ngithanda izintaba .Nginabangani abaningi manje angikhoni ukubanelisa bonke uma bengidinga ngenxa yomsebenzi wami.yingakho ngithi kungcono umndeni wami.

NPG: Kungabe zikhona izizathu ezake zakwehlakalela empilweni nowagcina uzigqugquzela kwanawe uqobo?
NK: Ngike ngazama ukuzibulala kabili ngisobishini lwezikoloto ngadlelwa imoto nomuzi ngashonelwa abazali kanye kanye kanye okwangishiya ngisebuhlungwini obukhulu bempilo .kwashona nabafowethu belandelaba  okwangiholela ekutheni ngithi ukwatalala isona sizathu nokuzibulala kwaba impendulo kanti angazi ukuthi ngiyoba ithemba lomhlaba wonkana.

NPG: Kunomuntu osekhaya ocabanga ukuzibulala ungathini umlayezo wakho kuye?
NK: Umlayezo enginawendlulisela bonke abazizwela ithemba lempilo lingekho ngingathi abangalahli ithemba ababuke kimi ngiyisibuko zonke izimo ziyafika kodwa azifikeli ukukuqeda kunalokho ukuzokwakha ukuthi ube umholi omqotho
Ukwendlulisa ubufakazi nakwabanye ukuthi impilo ifuna ukuqinisela.

Monday, November 25, 2019

izoke ithathe ikhefu iGenerations the legacy

Umdlalo kamabonakude nosuneminyaka uyintandokazi kubabukeli kuleli nobizwa ngokuthi iGeneration the legacy kubikwa ukuthi uzoke uthi nya ukuveza iziqephu ezintsha kusukela kuleliviki nokuzokwenzeka isikhathi esingangenyanga. Yize isazoqhubeka ukubonakala ngesikhathi esijwayelekile kepha izobe iveza iziwombe zakudala ezahlabahlosa kulomdlalo.

Ngokwemibiko evelayo kuthiwa u SABC nenkampani iMorula production basavalelene emhlanganweni ngenxa yokungavumelani ngesivumelwano sokusebenzisana phecelezi i contract, Lomdlalo kaMvundi Vundla ozobe uqeda unyaka ka 28 waba semoyeni awuqali ukuthi unqamuke emoyeni njengoba eminyakeni eyedlule uke wangavezwa ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi kuka Vundla nabadlali balomdlalo nokwaphetha ngokuthi baxoshwe bonke ababedlala ngaleso sikhathi okwakufaka phakathi abantu abafana no Menzi Ngubane owayaziwa ngelika Sibusiso Dlomo.

azodedela unqambothi amawele akwaQwabe

Amawele alethe igidigidi kumncintiswano wama Idols walonyaka u Vigirnia no Viggy kulindele bethule ngokushesha ingoma yabo ethi HAMBA.

Lamawele abe sematheni kulenzisuku ngesikhathi uViggy eduba lomcintiswano wama Idols ephuma emva kokuphuma kukawele wakhe uVirginia nokwavela amahemuhemu athi bebengezwani no Sneizy Msomi nosekungumlando ukuthi uhlulwe ngu Luyolo Yiba ngeludlule. Ngeviki eledlule kube nokujabula kubalandeli balamawele ngesikhathi kusabalala ivideo ku Instagram eyayifakwe uqweqwe lomculi uMondli Ngcobo nowazakhela udumo ngengoma ethi 'Kozekuse" ayepike kuyo ngu Dj Merlon.

Ngokuthola kwe Npg Newsblog lengoma yalamawele akwaQwabe ididiyelwe ngu Dj Tira 

Uzomela uPhongolo kowokuklwebha u Blaq Venomous

Uzobe eyophephezelisa ifulege lasoPongolo u Dj Blaq Venomous kumqhudelwano wakwa  Red Squere Dj Knockout Challege 2019  emva kokubaqwaqwada emakhanda bonke oDj abeqhathwe nabo ePorras ngomgqibelo womhlaka 23 ku November.

Lensizwa ogama layo langempela engu Sfiso Dlamini izobe iyomela uPhongolo eNewcastle kulindeleke ukuthi ahambe noMnikazi wePorras uMadakini, nalapho kuzobe kuhlungwa khona ozoyomela isifundazwe saKwazulu-Natal kundumezulu yomcimbi ozobe use Dickison Park eVereeniging ngomhlaka 16 kuze kuyoba umhlaka 17 ku December.

UBlaq Venomous ubuye wathembisa ukuthi uzodedela i EP ngonyaka obuyayo kwazise kulonyaka ubematasa nenkampani yakhe yokuqashisa ngezinsimbi zomsindo nebizwa iSelimathunzi .

Sunday, November 24, 2019

Uyikhaphele uJudas iChiefs kwe Telkom

Kuthele izithelo ukuba uhlupho komdlali weMariztburg United uJudas " Nkunzi" Moseamedi emdlalweni owandulela owamanqamu  we Telkom knockout nalapho ibidlala khona ne Kaizer Chiefs eMbombela Stadium eNasipoti izolo ntambama nosekungumlado ukuthi iMariztburg inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa.

uMoseamedi nosezitholele igama elithi Nkunzi kwazise ufana noMasoja Msiza odlala emdlalweni kamabonakude uZalo, ubeso ukuyiqeda iChiefs njengoba emaningi amathuba angoqekelele abewathola nobekulamula unozinti we Chiefs uBvuma, igoli lokuqala lePeople's Choice nokuyisiteketiso seMariztburg lishaywe nguJudas emva kephutha lika Cardoso ohlulekile ukukhipha ibhola ngaphandle ngesiwombe sokuqala.

kuthe ngesiwombe sesibili yakwazi ukuthola igoli lokulinganisa iChiefs ngegoli lika Sassman obeqedela ibhola ebeliphebezwe unozinti we mariztburg u Ofori, akuphelanga sikhathi esingakanani wabuya uJudas lowo wanqomvela elesibili ngomzuzu ka 84 nokubese kuba ngeliweza abafana bowayeyinjini yeBafana Bafana u Eric Tinkler okunguyena oqhoqhobele isikhundla sokuqeqesha kuleliqembu lase Mphithi. ngalomphumela weMariztburg isizotholana phezulu ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka ngenyanga ezayo, iDowns iguqise Lamontiville Golden Arrows ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ngomgqibelo ntambama.

Wednesday, November 20, 2019

Bazowunqamula ngestayela unyaka oPongolo

Umphathi wenkampani ehlela imicimbi yobumnandi i Dusty Street Entertainment uLucky 'Boateng' Mthembu uthembisa ukuthi abathandi bobumnandi endaweni yaso Pongolo bazowunqamula ngenjabulo unyaka ka 2019.

lomcimbi uzobe ungomhlaka 31 ku December e FAT Leisure House eseNcotshane noyoqala ngo 6 ntambama kuze kuse, kulindelwe ukuthi abazobe bedlala kube izinsizwa ezaziwayo kulomkhakha wokuba ngo DJ njengoba kuzobe kuboshelwe u Dj Ashora, Fannie,Histo, Titan, Dambai, Blaq Venomous, Mr P Lyfy, Lucky Boateng kanye no Megarockz waseMandeni.

Esephetha uLucky Boateng ucele kubona bonke abazoza kulomcimbi beswenke beconse ngoba kuzobe kuthathwa izithombe kanti njalo kuzobe kungenwa ngo R50 emnyango.

Ukhamba lufuzimbiza ku Ghost-Feary

Isizulu siyaye sithi ukhamba lufuza imbiza sibuye siziphikise sithi umfundisi akamzali umfundisi kodwa ku Thulasizwe Simelane nodume ngelika Ghost-feary ongumculi weHip hop kwenzeka lesisaga esithi ukhamba lufuzimbiza.

Lensizwa esencane yasoPhongolo kodwa ekhulele kwaNongoma nengumfundi waseNyuvesi yaso Ngoye kubukeka ihamba ezinyathelweni zikayise uVumile Simelane nodume ngelika CV nobambe elikhulu iqhaza emculweni wezikolwe endaweni yakwa Nongoma, Ikhiphe izingoma ezihamba ngazodwa eziyisithupha phecelezi i EP nokungeyokuqala selokha aqala ukucula kwazse ubevame ukukhipha izingoma ngazizodwa. kule EP ucule ngokuhlanganyela nentokazi u Amanda engomeni ethi Hard times never kills, My wounds will kill nethi Listen to my story nezitholakala ku youtube kanjalo naku www.tubidy.mobi.

Ekhuluma ne NPG online news uthe " Umculo wami ngifisa ukwazi ukuxoxa nabantu abanezinkinga ezehlukene ukwazi ukubalapha" kuphetha lensizwa ebuye icule nomfowabo omdala nowaziwa ngelika Alpha Hydranoid naye obuye abe ngumculi weHip hop.

Tuesday, November 19, 2019

ufisa anqobe esengane yonyaka


Umama ka Simikuso Ndlangamandla unethemba lokuthi uzowudla umhlanganiso wesitolo sezimpahla sakwa Ackermans nobizwa nge  Baby of the year nehambisana nomklomelo ka R20 000.

Ukuze ukwazi ukuvotela u Simikuso nongowasendaweni yasePhondwane esigodini sakwaMafela ungathumela i SMS ethi Simikuso Ndlangamandla kulenombolo ethi 40107.

Ekhuluma ne NPG Newsblog uNkosikazi Nontobeko Sibiya- Ndlangamandla nongumama ka Simikuso unxenxe abantu ukuthi bemsize bethumele lemiyaleso ukuze ekwazi ukunqoba.

kuzotshalwa impande yothando kwelikaBhanana

Uswele amaphiko okundiza umbhali wezincwadi wakwaNongoma uThulani Ka Seme ngenxa yenjabulo emva kokuthi uMasipala weTheku uzoba nomcimbi wokuthula kwezincwadi nalapho Impande yothando ingenye yezincwadi ezizobe zithulwa kulomcimbi uzoba zinga 28 November  eNatural Science Museum.

Lensizwa ebuye ibe ngumfundi wezincwadi kumsakazo i Nongoma FM izwakalise okukhulu ukujabula mayelana nalezindaba " Angazi nokuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kuNkampani engishicilela ngaphansi kwayo nebizwa ngokuthi Iziko Art Publishers engaphansi kuka Baba uMntomuhle Mcambi nokuyiyona eyenze konke okusemandleni ukuthi Impande yothando ibe ngenye yezincwadi ezifakiwe kuloluhlelo olusingethwe umasipala weTheku, okubuhlungu ukuthi omasipala bethu lasisuka khona abasinakile singababhali futhi abazihluphi ngokwazi ukuthi kungaba sikhona yini".

Lencwadi Impande yothando isinesikhathi itholakala ezitolo zezincwadi kwazise ngoJune kulonyaka ithulwe ngokusemthethweni ehholo lomphakathi kwa Nongoma.


Monday, November 18, 2019

ulapha izinkulungwane ngoNontsika

Uma umlalele esevukwe usinga esehaya uyaye umbone ukuthi into ayishoyo isuka ngaphakathi lowo ngu Nomkhosi 'Nonsika' Zungu nongusonkondlo.
Lentokazi engeyokuzalwa kwa Ndundulu e Melmoth ivame ukuzwakala emisakazweni yomphakathi yenza edume ngazo nalapha asuke ehambisana negroup yabasonkondlo nabuye abeyingxenye yayo ebizwa ngokuthi Unbreakable. Uthando lokubhala nokuhaya izinkondlo lwaqala isencane nalapha yayizibhalela izindatshana izisusela ekhanda nokwakuyinto eyayingayinakile nokwathi ngonyaka ka 2015 yaqala yazibonakalisa ngekhono layo lokuhaya esontweni nokwakuyiyona ndlela yokudlulisa umlayezo kubantu abasha.

Ekhuluma ne NPG Online news mayelana nenkondlo yakhe adumengayo ethi uNontsika uyichaze kanje  "Mmmh uNonsika enye yezinkondlo engingasho ukuth ihlobene kakhulu nempilo yami,ngayibhala ngisezinhlungwini ngiphelelwa umoya nganquma ukuth mangsinde lana angsophinde ngiphile impilo yami engathi ngiyazisola kzomele ngempela ngishiye umlando kulimhlaba"

'Icharacter kaNonsika ithi angaba oweslisa noma owesfazane kodwa ithuba lami lokuqala lokuyohaya lenkondlo kwakuyinyanga yabesfazane kwaba sengath ungowesfazane".

uNonsika ukhuluma ngentombazane ekhule kanzima yavalelwa izimo kodwa kuzo zonke izimo wagcina ephumelele.Kyenzeka impilo ibe nzima ekuqaleni abazali awanabo bonke kodwa nalokho akusona isqiniseko sokuth ngeke usaphumelela".

Isiphetha lentokazi egabe ngeziqu ze Bachelor of Science(BSc)  in Biochemistry &Chemistry naziphuthule oNgoye igqugquzele abesifazane abasebancane ukuthi bavuke bazithathe bengavumi ukuhlala ezimweni ezibabukela phansi.



Sunday, November 17, 2019

UDLE UMHLANGANISO KUMA IDOLS ULUYOLO

Umculi wase Baffalo River nokuyidolobhalase Mpuma koloni u Luyolo Yiba unqobe umncintiswano wama IDOLS alonyaka emcimbini obuyizolo eCarnival City.

Lomculi ubesesele neNtokazi yase KZN u Sneizy nokuke kwasuka omkhulu umsindo ngaye ukuthi ubenokuhlukumeza amawele akwa Qwabe nawo abezozama inhlanhla kulomqhudelano nosekungumlando ukuthi kwathi kungaphuma elilodwa nelinye lathi liyamlandela udadewabo.
Emva kokunqoba lomcintiswano lensizwa eneminyaka engu 24 izihlobulele ngenkontileka yokuqopha mahhala enkampanini i Gallo Music, imali engu R1 Million, Huawei Matebook X, iwashi lakwa GT, Imoto iFord Fiesta, i B525 Router ehambisana namadata angu 2o gigs akwa Telkom, ivoucher yokuthenge izimpahla kwa Truworths yenani lika R80000 kanye nemali engu R80000 yokuthenga izinsimbi zomclu zakwa Yamaha. lensizwa ibukeka izinto zaye ziyihambela kahle ngoba nengoma yayo ethi Sunshine through the rain yenza kahle kuma iTunes njengoba ilele endaweni yesibili.

Ngokomlando wama Idols u Luyolo ungowesithathu wesilisa ukunqoba lomncintiswano njengoba kwaqala uKhaya Mthethwa kwalandela uMusa Sekwene


BEKUKHALA u EISH kunqoba iBAFANA BAFANA

 Cishe kubobonke abalandeli beqembu lesizwe lase Ningizimu Africa abebebukela umdlalo wokuhlungena i AFCON ne Sudan uthe uphela umdlalo baphuthuma amaphilisi ekhanda kwazise maningi amathuba abeshweba abadlali nabebashiya bebambe amakhanda.

Nakuba ezika Ntseki zinqobe ngo 1-0 ngegoli lika Lebogang Phiri sekuzoyiwa ekhefini maningi amathuba angoqekelele ayekwe umgadli wakuleli nozinze phesheya u Mothiba nabedalwa iminyakazo emihle ibidalwa ukudlala ngokuzwana phakathi kuka Percy Tau, Morena, Mokotjo, Phiri kanye no Furman obeshanela kwasani okuza ne Sudan.

lomphumela wanamuhla ubeke iBafana Bafan endaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili nokuthi endaweni yesibili kube iGhna enamaphuzu amathathu nomdlalo owodwa nokubese kuthi iSudan ibe sendaweni yokuqala ngamaphuzu amathathu nemidlalo emibili.

IBHAXABULWE NGAMABILI IBAFANA BAFANA EGHANA

Iyivule ngebatha imidlalo yokuhlungela umqhudelwane we Total Afcon iBafana Bafana ngesikhahi ithola isibhaxu sika 2-0 kuqembu lesizwe lase Ghana.

lomdlalo obongolwesine (14/11/2019) enkundleni i Cape Coast Stadium bekungowesibili kuMqeqeshi weBafan Bafana uMolefi Ntseki kwazise owokuqala bekuwumdlalo weMandela Challenge neyawunqoba ngo 2-1 ishaya iqembu laseMali.

umdlalo olandelayo we Bafana Bafana ungesonto neqembu lase Sudan nelinqombe ngo 3-0 emdlalweni wokuvula lemidlalo yokuhlunga nalapho belidlala nezwe lase Sao Tome ePrincipe.

khonamanjalo iqembu lama Glug Glug nokuyiqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engu 23 lizibekele indawo kuma semi final e Total under 23 AFCON edlalelwa ezweni lase Egypt nokuzothi umdlalo we Semi final lizowudlala nosokhaya okuyi Egypt nokulindeleke ukuthi kube umdllalo wamagqubu kwasize ngo June Ibafana Bafana yayaliguqisa lelizwe emidlalweni ye Afcon ngegoli lika Thembinkosi Lorch.
Abafana baka David Notoane bazibekele lendawo ngokudlala ngokulingana ne Nigeria banqoba ku Ivory Coast ngo 1-0 bahlulwa kowokuvula yi Zambia ngo 1-0

Thursday, August 22, 2019

Kugcine kumenela umgadli wase Ghana

UMgadli wase Ghana owazenzela igama kumqhudelwano we AFCON ngo 2008 u Junior Agogo ugcine endela kweloyisemkhulu emva kokugula isikhathi eside ehlaselwe isifo sonhlangothi nesamhlasela eminyakeni embalwa eyedlule.

Ngokwemibiko lomdlali odlale emazweni afana no Egypt, England no USA udlule emhlabeni esesibhedlela sase England nalapho abengeniswe khona ngenxa yokuxinwa ilesisifo ebessimshiye engakwazi ukukhuluma kanjani nokubhala.

Tuesday, August 6, 2019

Kushiyane ukwenza kuma NATU Regional Games

uSihlalo weNATU olundi  Region uRev Mathabela no Kaputeni waMahlabathini
Bakhohlwe oshoki nezincwadi zokusebenza phecelezi olesson plan othisha abangaphansi kwenhlangano yothisha iNATU ngesikhathi kunemidlalo enhlobonhlobo ngempelasonto e Prince Mangosuthu Regional Stadium olundi.

Lemidlalo ebanjwa minyaka yonke ibe nedumela elikhulu kwazise cishe onke amagatsha phecelezi ama branch angaphansi ko Ulundi Region abemelelekile kuyona yonke imidlalo obekungeyebhola lezinyawo, ibhola lomqakiswano labesimame kanye nowenzinjulabuchopho nokuyi chess. Kuthe kugamandla ihora leshumi inkundla ibisithe shaye ngabalandeli bezemidlalo kwazise kwelezinyawo kuqale izinkunzi ezimalunda nokukade kwasa siphosana okuyi Mahlabathini no Nongoma nosekuwumlando ukuthi iMahlabathini iziphuzele isobho ngo 2-0  nokuthe kwelomqakiswano wavuka efile uNongoma wavuka efile wabhudluza i Mahlabathini ngo 20 - 8.

Ompetha bangokudlule kwelezinyawo nokuyi Ngwavuma badedele isicoco sabo emdlalweni wamanqamu bedlala neMahlabathini ngesikhathi beshaywa ngo 1-0 emva komuhle unyakazo ka thisha uMaduna nofundisa eMpumelelo nocwenga lonke udonga lwasemumva lweNgwavuma waze wayolithi khalakatha enethini nebiyigadwe uqweqwe oludala lukaNozinti ubaba u Chansa Mthembu nogcine ezizuzele umklomelo wokuba unozinti womqhudelwano (Goalkeeper of the tournament) ngenxa yekhono lakhe lokuvimba kwasani.

isiyonke imiqhudelwano ihambe kanje ompetha kwabesilisa kube iMahlabathini ishaya ingwavuma ngo 1-0, kwase kuthi ompetha bango 2011 okuwuPhongolo lwathola indondo yethusi emva kokushaya abalala isibili ngonyaka odlule nokuyiNkandla ngo 1-0. khona belu ngokuqhubeka kwalemidlalo kwelabesimame umhlanganiso udliwe ngu Nongoma ephuma ngembobo yenalithi ngo 9-7 eshaya Ingwavuma.

umpetha we Chess uMvungande ehalaliselwa nguShlalo uMathabela
nesekela sihlalolika NATU oLundi Region u Jiyane                                   
kowezincithabuchopho nokuyiChess umhlanganiso udliwe yi Maxhuma Branch emva kokushaya iQhudeni kowamanqamu.

Friday, August 2, 2019

ISIVELE YAWULAHLA UMTHWALO KU BAXTER

Lowo obengumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uMnuzane Stuart Baxter usevele wasula esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wesizwe, lezindaba siqinisekiswe nguye esithangamini abe naso nabezindaba namuhla ekuseni eGoli.

LOmqeqeshi odabuka ezweni lase England noneminyaka engu 65 ushiya kulesikhundla vele bekunongabazane ngekusasa lakhe kukesikhundla emva kokuthi iqembu lesizwe lingadlalanga kahle emqhudelwaneni we AFCON nobubanjwe ezweni lase Gibhithe nosekungumlando ukuthi liphume kwangu 8 asele nelazibekela indawo emva kokushaya osokhaya nokuyi Egypt kwayishumi nesithupha nakhona lalingene ngembobo yenalithi kwazise lalitomulwe kulawo enza kangcono naqede endaweni yesithathu.

Lomqeqeshi obesebuya isibili ekuqeqesheni iBafana Bafana Indlela akhuluma ngayo ebuya kulomqhudelwano yayivele isicacisa ukuthi umthwalo usobhokweni kwazise walibeka ngembaba elokuthi akawulambele umsebenzi ngakho uma exoshwa engeke ebenankinga.

Thursday, August 1, 2019

Uthathe umhlalaphansi uKhuzwayo ngenxa yeqakala

uNozinti we Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo umemezele ukuthi usethi khumu emdlalweni kanobhutshuzwayo emva kohlushwa iqakala isikhathi eside.

lomdlali odabuka Emlaza ufike kwezimnyama ethwele ngeqoma esuka kuzimbangi zayo ezinkulu okuyi Kaizer Chiefs ngesizini edlule, kepha lokhu efikile kwezimnyama akakaze adlala ngisho owodwa umdlalo weligi kanjalo nowomkhumulajezi kwazise ubehlezi elimele nodokotela bezama ukumnyanga.

Lonozinti onemnyaka ewu 29 noqale ukugqama eqenjini laMazulu kanjalo naku Thanda Royal Zulu ngaphambi kokuyodlala kuMakhosi bekulindeleke ebonakale ngempelasonto edlule emdlalweni we Carling Black label kepha uhoxiswe ngemizuzu yokugcina ngenxa yakho ukuthunukala eqakaleni.

Sifisa lindlondlobale ibhola labesifazane oPhongolo - Mphile Nxumalo

sithunyelwe
Isasasa nedumela eqale ngalo iligi yabantu besifazane ophongolo ekuqaleni kwalonyaka nesongwe phakathi nawo kulethe ithemba nogqozi lokuthi kukhulu okusazokwenzeka okuhle mayelana nalemidlalo.

Leligi engaphansi kuka SAFA nengqotshwe yi  Mpakama Ladies okuyiyona eqede iphezulu ku log ebinamaqembu ayisithupha ingeyokuqala ukuthi ibe khona kusifunda sika SAFA wase Zululand. Ngokusho koMgqugquzeli walemidlalo uNksz Mphile Nxumalo nongaphansi kweSAFA uthe isifiso sabo njengabahleli balemidlalo ukuthi ikhule ikwazi nokuthola abaxhasi ukuze bezokwazi ukuthi iqembu elingompetha likwazi ukwedlulela esigabeni sika zwelonke I Sasol league.

"Ziseningi izinto okumele sizilungise njengoku phumela ngaphandle sifune amaxhasi abazosixhasa ngezinto zokuhamba kanye nemidlalo yemikhumulajezi ezoba seceleni kwelgi ukuze abantu bezoba nomdlandla ,siyabanxusa abantu abeze bazongenela kwazise kumahhala" kusho uMphile

Njengoba izoqala maphakathi nenyanga leligi kulindeleke ukuba ebe esemaningi amaqembu azokwelama i Mpakama Ladies(ward 1) nengompetha nokuyiyona kanye na Mavolovolo FC(ward 4) nokuyibona  abazoyomela isifunda sase Zululand kumidlalo yesifundazwe kwabaneminyaka engaphansi kuka 17 no 19, First Touch(Ward 9),  Future Stars (Ward 2/10) kanye ne Baroka Ladies yaku ward 7.

"Sicela ukubonga kakhulu ku Department of Health njalo uma sidlala ibisilethela ithimba labo lapha sidlala khona, Umasipala wasoPhongolo, osehovisi lezemidlalo uMnumzane Mthandeni Buthelezi . ikomidi lonke lezemidlalo indlela abasinike ngayo uxhaso, SAFA Pongola Local Football Association neholwa uMnuz FF Simelane kanjalo nabobonke abaholi bezemidlalo kuwona onke amawadi ikakhulukazi uMdu Mathe kanye no Sisi Zodwa" kuphetha uMphile Nxumalo.


  • Sisekulo ibhola labesifazane iBanyana Banyana ibhudluze i Comoros ngo 17 - 0 izolo emidlalweni ye COSAFA CUP.

Monday, July 29, 2019

Udlulile emhlabeni ubaba ka Senzo Meyiwa

Ubaba kalowo owayengunozinti we Orlando Pirates uSenzo Meyiwa udlulile emhlabeni emva kokuhlaselwa isifo sikanhlangothi nebese sinesikhathi samhlasela.

uMnumzane Sam Meyiwa ushone ngokusa kwanamuhla esibhedlela, ngokomndeni wakhe uveze ukuthi selokhu kwashona uSenzo ngokudutshulwa nokwenzeka ngo 2014 ubelokhu ehlala ebalisa kwasize kuze kube imanje akakaze atholakala umbulali noma ababulali blomdlalo owayengukapteni we Orlando Pirates kanjalo neqembu lesizwe iBafana Bafana.

Saturday, July 27, 2019

kuphinde kwahlwa emini kuMakhosi

Iqembu le Kaizer Chiefs liqhubekile nokuphoxa abalandeli balo njengoba beshaywe izimbangi zabo ezinkulu okuyi Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni we Carling Black label nobubanjelwe enkundleni i FNB eGoli.

Amagoli e Orlando Pirates angene ngesiwombe sokuqala nalapha ashaywe khona ngu Cliford Mulenga kwathi elesibili lashwaya ngu Thembinkosi Lotch nokube ngelihle igoli nalishaye engaphandle kwebhokisi nahluleke wancama u Bruce Bvuma nobesemapalini eKaizer Chiefs. nakuba izamile ukubuya i Kaizer Chiefs kepha ibibuye ibulawe ukushweba amathuba komdlali wayo omusha u Lazarus Kambole nobethola ohlabudle bamathuba kepha ewakhiphe eceleni.

Lomqhudelwano we Carling Black label nowasungulwa ngonyaka ka 2011 ubusudlala ihlandla lesishangalombili kwazise ngonyaka ophelile awudlalanga ngenxa ye World Cup nebibanjelwe e Russia nosekuwumlando ukuthi yanqotshwa iFrance. 

Iqembu le Orlando Pirates seliyinqobe amahlandla ayisihlanu kanti Ikaizer Chiefs iyiqukule amahlandla amathathu. 

Wednesday, July 24, 2019

IZOBE ISHAYA NGOLUNYE UNYAWO IMEBRA TOURNAMENT

Umqhudelwano kanobhutshuzwayo nohlala ubanjwa minyakayonke nowaziwa nge Mebra Tournament nobanjelwa enkundleni yakwaLubisi uzobe ushaya ngolunye unyawo kulonyaka njengoba kuzobe kunomqhudelwano wabesifazane kanjalo nowabesilisa abangaphansi kweminyaka eyishumi nesikhombisa.

Ekhuluma ne NPG Blog u Pepe 'Mebra' Xaba nongumsunguli walomqhudelwano uthe "Kulonyaka umqudelwano uzoqala ngomhlaka 17 ku Disemba nalapho kuzobe kusadlala ibhola labesifazane kanjalo nabesilisa abangaphansi kweminyaka ewu 17, kuyobese kuthi ngomhlaka 22 bese kuqala umqhudelwano omkhulu noyoze uphele ngomhlaka 31 Disemba".

kulonyaka kulindeleke ukuthi amaqembu ebe amashumi amane(40) azodlala kumqhudelwano omkhulu bese kuthi azodlala kowabesifazane azoba nowabesilisa abangaphansi kweminyaka ewu 17 azobe emane nazoqala ngokudlala imidlalo yokuhlunga (preminary rounds) nokuyoba kuwukuzibekela indawo kumaqembu ayishumi nesithupha ayobe eseqhuthana kuze kuyosala inkunzi eyodwa. nokungaziwa mbhantshikujiya ukuthi kungabe i Ntumbane FC izosivikelani isicoco sayo kwazise yiyona omanqoba balomqhudelwano ngonyaka ophelile.

Ngokusho kuka Mebra nakulonyaka lomqhudelwano usazobe uxhaswe uMasipala wasoPhongolo noholwa ngu Meya uMama B.C Nhlabathi. Amaqembu aseqalile azibekisela izindawo kulomqhudelwano ngokukhokha imali engu R1700 kwazodlala kumqhudelwano omkhulu bese kuthi labo abazodlala kowabesimame nabesilisa abangaphansi kuka 17 kuzobe kuwu R150.


Tuesday, July 23, 2019

AZOBE EKHANGULA AWASE SOWETO KOWE CARLING BLACK LABEL

ithathwe ku kickoff magazine


Amaqembu athathwa njengezinkunzi zase Soweto okuy Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates azobe eswenke econsa emdlalweni wawo wesicoco se Carling Black label nozobe use FNB Stadium ngomgqibelo ntambama.




lamaqembu aya kulomdlalo azobe ezama ukuthobisa abalandeli bawo izinhliziyo kwazise nge sizini edlule ahluleka ancama ukuletha inkomishi. iPirates yaze yaqhotha izama ukuthola isicoco se ligi njengoba yalala isibili kwase kuthi ku Telkom Knockout yancela izithupha ishwaywa iqembu le Baroka FC kowamanqamu.

iKaizer Chiefs ngakolwayo uhlangothi  ihluleke yancama ukuhlekisa abalandeli bayo njengoba kuyona yonke imincintiswano ibiphuma iseva ngaphandle kwe Nedbank cup lapho ikhishwe izingane ze TS Galaxy kowamanqamu ngegoli lika Lepasa nosekuwumlando ukuthi wayebolekwe ku Orlando Pirates ingasaphathwake eye ligi njengoba kusizini edlule ilale kundawo yeshumi, akuthusike nokho njengoba nangsizini ka 2006/07 yalala ngaphandle kwe top iqeqeshwa ngu Ernest 'Mazinyo' Midderdorp nokunguye oqhoqhobele lesikhundla nasithatha ku  Steve 'Mphathi' Komphela noseqeqesha iqembu le Lamontville Golden Arrows nelake lanqoba indebe ye MTN 8 ngo2009 lisaqeqeshwa nguMnqoba Mgqhithi noseyisekelamqeqeshi lompetha beligi okuyi Mamelodi Sundowns.

Sunday, July 21, 2019

UKUKHULA KANZIMA KWAMENZA WABATHANDA ABANTU u HLOPHE

Kukancane uthi uma uxoxo nomuntu osephumelele empilweni owakhulela endaweni yakwa Rouillard nokungelinye lamaplazi aso Phongolo engaliphathi igama lika baba u Edward Hlophe ukuthi wamsiza kanjani ngezinta ezithinta imfundo nanempilo jikelele.

Nakuba ayekhula kanzima eplazini azalelwa kulo lase Emvutshini Estates nelaziwa ngokuthi kukwa Rouillard nalapha ayekhuliswa khona isalukazi esizala uyise akuzange kwamnqinda amandla nomcabango wokuzithuthukisa  ngokufunda ubaba u Edward Hlophe. kwazise waqala ukufunda amabanga aphansi esikolweni esibizwa ngokuthi i Mgnama Primary School ngaphambi kokuyofunda Ophongolo high nase Dwaleni High nokuyizikolwe ezise Lokishini  eNcoshane nokwakumenza ahamba amakilomitha angaphezu kuka 30 ukuya nokubuya kwazise ziqhelile kakhulu kunalapha ayehlala khona

Exoxa ne NPG BLOG uHlophe mayelana nezimo abhekana nazo emva kokuphothula
umatikuletsheni ngo 1992 eDwaleni uthe "Ngenxa yokushoda kwemali yokufunda ngabe sengibuyela khona eplazini eMvutshini ngasebenza imisenzi efana nokugawula umoba, ukukha ama oranges, ukuhlakula kanye yonke imisebenzi yeplazi ongayicabanga yize senginesitifiketi sikamatikuletsheni"

"Kuleyo mnyaka yokusokola kwami ngafunda ukubaluleka kwesikole nokuyinto eyangenza ngakwazi ukwakha ngisho ikhaya. Ngangizama ukugqugquzela intsha yasemaplazini ukuthi nayo ifunde, eshodayo ngiyikhokhele esikolweni, izincwadi zesikole kanye ne uniform. Ngangiye ngiyithathe ngiyiyise eskoleni ngenkani uma ifuna ukuyeka.Abanye ngibakhokhele ngisho emabangeni aphezulu" kuqhuba uHlophe nobuye alwele amalungelo abasebenzi basemaplazini kanjalo nokulwela inhlalakahle yomphakathi wasemaplazini.

Ikhono lakhe lokudlala ibhola lamvulela amathuba  njengoba waqhashwa eSASA ngo 1996 nokwamenza wakwazi ukuqhubeka nemfundo njengoba abhalisela izifundo zezo limo phecelezi Diploma in Agriculture nanzenza e TechniKon SA neseyaziwa nge Unisa manje . wangagcina lapho njengoba ebuye wenza izitifiketi zeFacilitator,Assessor­ ne Moderator kanjalo ne Instructor Certificate ye First Aid.

Yize esebenze iminyaka ewu 22 years kwa SASA  ewu Training Supervisor/­Officer nalapha abebuye efundise emazweni afana no Tanzania, Swaziland, Mozambique, Zimbabwe, Malawi, Nigeria ,Zambia nase Chad wayelokhu eselulile isandla entsheni njengoba Namuhla kuno thisha, amaphoyisa,ababhali bezincwadi,abadlali bebhola elikhokhelwayo, ngisho nabo dokotela ngeqhaza banalo lokubagqugquzela ukuthi bekulwele abafisa ukuba yikho.

Uthando lwakhe ngabantu alusoze lwaphela njengoba ezoba enesidlo nabantu abaphila nokukhubaza  ngenyanga ezayo mhla ziwu 3 ku August ozoba se Ncotshane njengoba ethi uzwa ubuhlungu ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka abanakiwe ngisho kunemicimbi kaHulumeni noma yoMasipala akuhlanganyelwa nabo. "Uma Mfethu ungabuka oPhongolo izimoto zomphakathi azibalungele ukuthi zingasentshenziswa yibo, abaqashiwe ezitolo ngisho nakuwo umkhandlu, abakwazi ukusebenzela bancike kuhulumeni ngesibonelelo"

Friday, July 19, 2019

I Algeria ingompetha be AFCON 2019

Uzike ngemizuzu yokuqala emibili umkhumbi we Senegal ngesikhathi ibhekene nezwe lase Algeria emdlalweni wamanqamu kumqhudelwano we AFCON nobudlalelwa e Cario International Stadium ezweni lase Egypt izolo ebusuku.

iSenegal nebigabe ngo Sedio Mane wodumo ku Liverpool ishaywe ngo 1-0 omude nokube igoli elishaywe u Baghdad Bounedjah we Algeria kusahambe imizuzu emibili umdlalo uqalile. lomdlalo obunezinkulumo eziningi ngaphambi kokuthi uqale kwazise ekuqaleni kweviki bekukhishwe uhlu lwabazodlalisa lomdlalo njengoba bekuthiwe u Victor Gomes wakuleli nguye ozobe ephethe lomdlalo nokubese kushintsha kwathiwa uzophatha ngu Sidi Alioum wase Cameroon nokunguyena obewudlalisa izolo.

khona manjalo izolo kuqeda kuphela umdlalo wamanqamu kubese kuklonyeliswa abadlali abenze kahle njengoba imiklomelo ihambe kanje.

Total man of the competition
     ðŸ‡©ðŸ‡¿Ismaél Bannacer

Top goal score 
🇳🇬Odion Ighalo (5)

Goalkeeper of the competion
 ðŸ‡©ðŸ‡¿Rais M'Bolhi

Fair play prize
🇸🇳 Senegal


kuzozwakala u Busiswa ku Album ka Beyonce ekhishwe namuhla

Umculi wekwaito u Busiswa uzozwakala ku album ka Beyonce ethulwe namuhla nglwesihlanu esihloko esithi Lion KIng -The gift, lentokazi yodumo lwengoma eyayithi Lahla izozwakala engomeni kaBeyonce ethi My power.

le ALbum ithathelwe ezingomeni ezizozwakala kumdlalo wopopayi nobizwa i Lion king ozobonakala maduzane nje. kule Album akuzukuzwakala u Busiswa yedwa owakuleli njengoba no Moonchild ezophinde ezwakale kulengoma ethi My Power nalesihlabani sase USA esingu beyonce.

BEKUGEMBULWA NGE VAR KOKA FAYA


Umnikazi weqembu lebhola i Joyouse FC uMnumzane Lindelihle 'Faya' Zikalala uqhubekile nokwenza okwehlukile ebholeni lezinyawo ngaphansi komqhudelwane wakhe obizwa nge Faya Soccer Challenge njengoba esenomqhudelwano lakudlawa khona esihlabathini futhi abadlali abafaki lutho onyaweni.


Lomqhudelwano obizwa ngoMgembulo soccer challenge nobudlalelwa phakathi kwemizi endaweni yase Mandlanzini ubusubuya isibili kulonyaka njengoba uqale ukudlalwa ngonyaka ophelile nosekungumlando ukuthi wanqotshwa yi Dlabantu Fc nalapho kwakunamaqembu awu 8. " Lapha kulomqhudelwano sivumela wonke umuntu onothando lwebhola njengoba kungasiwo amaqembu aziwayo adlalayo kepha kuba ngabantu nje abazibumbela amaqembu abo kwazise kudlala amadlali abayisikhombisa futhi akufakwa mali mawufuna ukungena " kuchaza u Faya

Eqhuba uZikalala uthe " Akuna offside futhi niyakwazi ukushintsha noma kangaki kodwa uma iqembu lakho lahamba phambili ngamagoli amabili uyaphela umdlalo"
kulonyaka umqhudelwano uhambe ne Mbuso Stars ezihlomulele ngo R1000 nokuthe isibili kwaba Dlabantu Fc nebizovikela isicoco yon izitholele u R300 kulonyaka amaqembu ebiyishumi nesithupha. Obekuhlukile kulonyaka ukuthi kulomqhudelwano bekunonompempe obesebenza ukuchubungula izinqumo zodlalisayo phakathi enkundleni phecelezi VAR Referee.

Lensizwa eyayihola i Joyouse FC ngesikhathi inqoba i Pongola LFA kuleminyaka eyedlule ibonge kakhulu ebibambisane nabo kulomqhudelwano nokuyi SANRAL, BEN 10 okuyiqembu labadansi kanye nebandla le AFM Solid Rock.



Wednesday, July 17, 2019

kuphinde kwagadla ukufa endimeni kaqedisizungu

kungaka pheli maseko izwe lisalila ngokudlula emhlabeni kwezihabani zikaqedusizungu ezinjengo mama Nonku Nkonyeni no Mark uButchelor kuphinde kwagadla  njengoba izolo kusihlwa kudlule esinye isihlabani somculo obuxube ipop no Maskandi u Jonny Clegg ngenxa yesifo somdlavuza noshonele emzini wakhe osegoli Goli.

uSkeyi woza eshobeni kwazise bekuyigama abaziwa ngalo endimeni uClegg ubesendimeni somculo eside isikhathi kwazise waqala ukucula ngeminyaka Yamaha 80s endimeni elalibizwa ngesavuka nelagcina lihlakazeka nokwathi makuqhubeka isikhathi wasungula elinye elalibizwa ngesavuka

uqhululwe ngetululwane yezinhlamvu u Mark Butchelor

udutshulwe ngetululwane yezinhlamvu lowo owayeyifolosi le kaizer Chiefs u Mark Batchelor eyongena emzini wakhe osegoli. ngokubika kwalowo okhulumela amaphoyisa ase Goli uLungelo Dlamini ubike ukuthi lomdlali one ndondo eGolide ye CAF Champions League nayinqoba ne Orlando Pirates ngo1995 udutshulwe  ngabesilisa ababili abebehamba ngesithuthuthu. lenkakha kubikwa ukuthi ibihamba nomsizi wayo wasenzimini nozzle engenmyocu emv kwalesigameko.

kuzokhumbulukela ukuthi uButchelor waqala ukudla ibhola ku Wits University wasedlulela ku Kaizer Chiefs, Sundowns ,neqembu lase Belgium ngaphambi kokuphanyeka amakhokho ku Moroka Swallows

Wednesday, January 16, 2019

Ubona unyaka Omuhle uMasta Tizzer

Umrepha osemncane uMasta Tizzer wasendweni yaseKhiphunyawo ubona unyaka uzoba ngomuhle kakhulu kuye ngasekukhuleni endimeni yezokucula.

Lensizwa enguNduduzo Mdinisa ithi izokhipha I album yayo yokuqala nezobe inezingoma ze hip-hop nokulindeleke ukuthi ibekhona ingoma aziwa ngayo ethi iKusasa lakho naphinda ayikhipha okwesibili eseyenza nomculi kaMaskandi uNonkenyana.
"Ngizozama ukuyifaka emisakazweni ukuze idlalwe Khona, ngifuna nokuthi ngisebenze kanzima ukuze ngizoqashwa ezindaweni zobumnandi" kuchaza lensizwa nebuye I've ngumcwali wezinwele kwazise ekhaya kubo kuendawo yokucwala izinwele.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...