Lowo obengumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uMnuzane Stuart Baxter usevele wasula esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wesizwe, lezindaba siqinisekiswe nguye esithangamini abe naso nabezindaba namuhla ekuseni eGoli.
LOmqeqeshi odabuka ezweni lase England noneminyaka engu 65 ushiya kulesikhundla vele bekunongabazane ngekusasa lakhe kukesikhundla emva kokuthi iqembu lesizwe lingadlalanga kahle emqhudelwaneni we AFCON nobubanjwe ezweni lase Gibhithe nosekungumlando ukuthi liphume kwangu 8 asele nelazibekela indawo emva kokushaya osokhaya nokuyi Egypt kwayishumi nesithupha nakhona lalingene ngembobo yenalithi kwazise lalitomulwe kulawo enza kangcono naqede endaweni yesithathu.
Lomqeqeshi obesebuya isibili ekuqeqesheni iBafana Bafana Indlela akhuluma ngayo ebuya kulomqhudelwano yayivele isicacisa ukuthi umthwalo usobhokweni kwazise walibeka ngembaba elokuthi akawulambele umsebenzi ngakho uma exoshwa engeke ebenankinga.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment