Tuesday, August 6, 2019

Kushiyane ukwenza kuma NATU Regional Games

uSihlalo weNATU olundi  Region uRev Mathabela no Kaputeni waMahlabathini
Bakhohlwe oshoki nezincwadi zokusebenza phecelezi olesson plan othisha abangaphansi kwenhlangano yothisha iNATU ngesikhathi kunemidlalo enhlobonhlobo ngempelasonto e Prince Mangosuthu Regional Stadium olundi.

Lemidlalo ebanjwa minyaka yonke ibe nedumela elikhulu kwazise cishe onke amagatsha phecelezi ama branch angaphansi ko Ulundi Region abemelelekile kuyona yonke imidlalo obekungeyebhola lezinyawo, ibhola lomqakiswano labesimame kanye nowenzinjulabuchopho nokuyi chess. Kuthe kugamandla ihora leshumi inkundla ibisithe shaye ngabalandeli bezemidlalo kwazise kwelezinyawo kuqale izinkunzi ezimalunda nokukade kwasa siphosana okuyi Mahlabathini no Nongoma nosekuwumlando ukuthi iMahlabathini iziphuzele isobho ngo 2-0  nokuthe kwelomqakiswano wavuka efile uNongoma wavuka efile wabhudluza i Mahlabathini ngo 20 - 8.

Ompetha bangokudlule kwelezinyawo nokuyi Ngwavuma badedele isicoco sabo emdlalweni wamanqamu bedlala neMahlabathini ngesikhathi beshaywa ngo 1-0 emva komuhle unyakazo ka thisha uMaduna nofundisa eMpumelelo nocwenga lonke udonga lwasemumva lweNgwavuma waze wayolithi khalakatha enethini nebiyigadwe uqweqwe oludala lukaNozinti ubaba u Chansa Mthembu nogcine ezizuzele umklomelo wokuba unozinti womqhudelwano (Goalkeeper of the tournament) ngenxa yekhono lakhe lokuvimba kwasani.

isiyonke imiqhudelwano ihambe kanje ompetha kwabesilisa kube iMahlabathini ishaya ingwavuma ngo 1-0, kwase kuthi ompetha bango 2011 okuwuPhongolo lwathola indondo yethusi emva kokushaya abalala isibili ngonyaka odlule nokuyiNkandla ngo 1-0. khona belu ngokuqhubeka kwalemidlalo kwelabesimame umhlanganiso udliwe ngu Nongoma ephuma ngembobo yenalithi ngo 9-7 eshaya Ingwavuma.

umpetha we Chess uMvungande ehalaliselwa nguShlalo uMathabela
nesekela sihlalolika NATU oLundi Region u Jiyane                                   
kowezincithabuchopho nokuyiChess umhlanganiso udliwe yi Maxhuma Branch emva kokushaya iQhudeni kowamanqamu.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...