Isizulu siyaye sithi ukhamba lufuza imbiza sibuye siziphikise sithi umfundisi akamzali umfundisi kodwa ku Thulasizwe Simelane nodume ngelika Ghost-feary ongumculi weHip hop kwenzeka lesisaga esithi ukhamba lufuzimbiza.
Lensizwa esencane yasoPhongolo kodwa ekhulele kwaNongoma nengumfundi waseNyuvesi yaso Ngoye kubukeka ihamba ezinyathelweni zikayise uVumile Simelane nodume ngelika CV nobambe elikhulu iqhaza emculweni wezikolwe endaweni yakwa Nongoma, Ikhiphe izingoma ezihamba ngazodwa eziyisithupha phecelezi i EP nokungeyokuqala selokha aqala ukucula kwazse ubevame ukukhipha izingoma ngazizodwa. kule EP ucule ngokuhlanganyela nentokazi u Amanda engomeni ethi Hard times never kills, My wounds will kill nethi Listen to my story nezitholakala ku youtube kanjalo naku www.tubidy.mobi.
Ekhuluma ne NPG online news uthe " Umculo wami ngifisa ukwazi ukuxoxa nabantu abanezinkinga ezehlukene ukwazi ukubalapha" kuphetha lensizwa ebuye icule nomfowabo omdala nowaziwa ngelika Alpha Hydranoid naye obuye abe ngumculi weHip hop.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
-
Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqoth...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
No comments:
Post a Comment