Uswele amaphiko okundiza umbhali wezincwadi wakwaNongoma uThulani Ka Seme ngenxa yenjabulo emva kokuthi uMasipala weTheku uzoba nomcimbi wokuthula kwezincwadi nalapho Impande yothando ingenye yezincwadi ezizobe zithulwa kulomcimbi uzoba zinga 28 November eNatural Science Museum.
Lensizwa ebuye ibe ngumfundi wezincwadi kumsakazo i Nongoma FM izwakalise okukhulu ukujabula mayelana nalezindaba " Angazi nokuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kuNkampani engishicilela ngaphansi kwayo nebizwa ngokuthi Iziko Art Publishers engaphansi kuka Baba uMntomuhle Mcambi nokuyiyona eyenze konke okusemandleni ukuthi Impande yothando ibe ngenye yezincwadi ezifakiwe kuloluhlelo olusingethwe umasipala weTheku, okubuhlungu ukuthi omasipala bethu lasisuka khona abasinakile singababhali futhi abazihluphi ngokwazi ukuthi kungaba sikhona yini".
Lencwadi Impande yothando isinesikhathi itholakala ezitolo zezincwadi kwazise ngoJune kulonyaka ithulwe ngokusemthethweni ehholo lomphakathi kwa Nongoma.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment