Tuesday, November 19, 2019

kuzotshalwa impande yothando kwelikaBhanana

Uswele amaphiko okundiza umbhali wezincwadi wakwaNongoma uThulani Ka Seme ngenxa yenjabulo emva kokuthi uMasipala weTheku uzoba nomcimbi wokuthula kwezincwadi nalapho Impande yothando ingenye yezincwadi ezizobe zithulwa kulomcimbi uzoba zinga 28 November  eNatural Science Museum.

Lensizwa ebuye ibe ngumfundi wezincwadi kumsakazo i Nongoma FM izwakalise okukhulu ukujabula mayelana nalezindaba " Angazi nokuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kuNkampani engishicilela ngaphansi kwayo nebizwa ngokuthi Iziko Art Publishers engaphansi kuka Baba uMntomuhle Mcambi nokuyiyona eyenze konke okusemandleni ukuthi Impande yothando ibe ngenye yezincwadi ezifakiwe kuloluhlelo olusingethwe umasipala weTheku, okubuhlungu ukuthi omasipala bethu lasisuka khona abasinakile singababhali futhi abazihluphi ngokwazi ukuthi kungaba sikhona yini".

Lencwadi Impande yothando isinesikhathi itholakala ezitolo zezincwadi kwazise ngoJune kulonyaka ithulwe ngokusemthethweni ehholo lomphakathi kwa Nongoma.


No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...