Uzobe eyophephezelisa ifulege lasoPongolo u Dj Blaq Venomous kumqhudelwano wakwa Red Squere Dj Knockout Challege 2019 emva kokubaqwaqwada emakhanda bonke oDj abeqhathwe nabo ePorras ngomgqibelo womhlaka 23 ku November.
Lensizwa ogama layo langempela engu Sfiso Dlamini izobe iyomela uPhongolo eNewcastle kulindeleke ukuthi ahambe noMnikazi wePorras uMadakini, nalapho kuzobe kuhlungwa khona ozoyomela isifundazwe saKwazulu-Natal kundumezulu yomcimbi ozobe use Dickison Park eVereeniging ngomhlaka 16 kuze kuyoba umhlaka 17 ku December.
UBlaq Venomous ubuye wathembisa ukuthi uzodedela i EP ngonyaka obuyayo kwazise kulonyaka ubematasa nenkampani yakhe yokuqashisa ngezinsimbi zomsindo nebizwa iSelimathunzi .
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...

No comments:
Post a Comment