Uzobe eyophephezelisa ifulege lasoPongolo u Dj Blaq Venomous kumqhudelwano wakwa Red Squere Dj Knockout Challege 2019 emva kokubaqwaqwada emakhanda bonke oDj abeqhathwe nabo ePorras ngomgqibelo womhlaka 23 ku November.
Lensizwa ogama layo langempela engu Sfiso Dlamini izobe iyomela uPhongolo eNewcastle kulindeleke ukuthi ahambe noMnikazi wePorras uMadakini, nalapho kuzobe kuhlungwa khona ozoyomela isifundazwe saKwazulu-Natal kundumezulu yomcimbi ozobe use Dickison Park eVereeniging ngomhlaka 16 kuze kuyoba umhlaka 17 ku December.
UBlaq Venomous ubuye wathembisa ukuthi uzodedela i EP ngonyaka obuyayo kwazise kulonyaka ubematasa nenkampani yakhe yokuqashisa ngezinsimbi zomsindo nebizwa iSelimathunzi .
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Kuphinde kwaba nokuthuthana ngamandla phakathi kwe EFF nabezokuvikela ephalamande izolo ebusuku ngesikhathi kuzokwethulwa inkuluma yesizwe p...
No comments:
Post a Comment