Cishe emhlabeni wonke jikelele uma ukhuluma ngegama lika Nkululeko Khanyi wonke umuntu ujikanawe kungakhathalekile ungowaliphi ibala kwazise izinkulumo zakhe ezakhaya kulabo abafuna ukuzibulala azikhethi bala lamuntu. iNPG Online news ikwazile ukuxoxisana nalensizwa ebiqokiwe kweminye yemiklomelo yama Crown Gospel awards. inxoxo yethu ihambe kanje. (Qonda u NPG umele uNPG online News bese u NK umele uNkululeko Khanyi)
NPG : Ngabe ngubani uNkululeko Khanyi?
N.K: Unkululeko khanyi ungusaziwayo endimeni kamabonakude kwezokusakaza
Ophinde abe usomabhizimisi odume umhlaba wonke ngezinkulumo zakhe ezakhayo.usehambe amazwe anjengoMalawi,Ghana,Botswana and Swaziland e Africa bese phesheya kuba iLondon, Australia nase America. ngineminyaka engamashumi amane 40 ) ngidabuka esifundazweni saKwaZulu Natal kusifunda saseZululand endaweni yasoPhongola .
Ngifunde Ibanga eliphansi eMasithokoze primary school opongola ngendlulela ekhulumeluzulu ilapho ngaqeda umatikuletsheni.ngaqhubeka ngayofundela ubuhlengikazi Easter Nursing College ngonyaka ka2003 ngaqeda ezobuhlengikazi.ngisebenze laa esouth Africa naseGauteng njengomhlengikazi kwaze kwaba inkosi iyangikhipha .
NPG: Uzizwe kanjani njengoba ubuqokelwe kweminye imikhakha kuma Crown Gospel awards?
NK: Kube intokozo enkulu kimi nethimba engisebenza nalo ukufakwa ohlwini lwamaSabc crown award 2019 ebenzeka ngomhlaka 24 November e inkosi Albert Luthuli .okungokuqala kowaseZululand owokuqala owasoPongola .kungikhombisa ukuthi umsebenzi engiwenzayo umhlaba uwubonile angiqhubeke ngenze kakhulu ukushintsha izimpilo zabantu sibuyise ithemba sibe isibuko nesibonelo emphakathini kwasakhula abasibhekile njengesibuko kubo.
NgoOctober kulonyaka ngigqokiwe Emalawi yinhlangano ezimele njengenxusa laseAfrica yonkana kumkhankasoobizwa nge Face Man of Africa kwangithinta ukuthi ngize ngiyobonwa kude kodwa ke ngiyimele iAfrica yonke kakhulu abantu besilisa abadala nabancane abasakhula.
Ngo 2011 ngiqale iNgqungquthela ehambela umphakathi nezifundazwe zonke eAfrica ukuzofundisa ukuthi abantu abangazibulali bengabulalani .kube nezehlakalo eziningi kakhulu kulonyaka kubulawa abesifazane nabantwana.nozakwethu kwezikaqeda isizungu benencindezi enkulu bezibulala Hhp,Nichume,Thami Shobede abanye babo abasishiye ngenxa yedepresion and Suicide okungithinta kakhulu ngabo abasaba ukuphumela obala ngezimo zabo baphila impilo enepressure nezimo ezibacindezelayo bekulomkhakha okuyibona abazibulala kakhulu.
NPG: Ngaphandle kokugquqguzela isizwe yikuphi okunye obuye ukwenze?
NK: Okunye engikwenzayo ngiwusomabhizinisi ngibuye ngibe nestolo esithengisa izimpahla Esesinamahhovisi eGoli kanjalo naseMpumalanga
Okunye engikwenzayo uma ngingenzi lutho, Ngiyaye ngiziphumule nomndeni wabi abantwana abathathu inkosi engibusise ngabo amantombazane amabili nomfana oyedwa 14 Amanda & Meloh 13 and Andiswa 12. nezingangane zabafowethu abasishiye emhlabeni ababili kabuhlungu ngiba adoptile nabo.ngiwumuntu womndeni .ngikhonze ukuvakasha kakhulu ngibuke imvelo ngiyawesaba amanzi ulwandle ngilusaba kabi nenyoka kodwa ngingayibulala uma ngiyithola endleleni ngihamba ebusuku ingafuni ukuqhela noma kungathiwa inkulu kanjani ngigaqunga isibindi .ngithanda izintaba .Nginabangani abaningi manje angikhoni ukubanelisa bonke uma bengidinga ngenxa yomsebenzi wami.yingakho ngithi kungcono umndeni wami.
NPG: Kungabe zikhona izizathu ezake zakwehlakalela empilweni nowagcina uzigqugquzela kwanawe uqobo?
NK: Ngike ngazama ukuzibulala kabili ngisobishini lwezikoloto ngadlelwa imoto nomuzi ngashonelwa abazali kanye kanye kanye okwangishiya ngisebuhlungwini obukhulu bempilo .kwashona nabafowethu belandelaba okwangiholela ekutheni ngithi ukwatalala isona sizathu nokuzibulala kwaba impendulo kanti angazi ukuthi ngiyoba ithemba lomhlaba wonkana.
NPG: Kunomuntu osekhaya ocabanga ukuzibulala ungathini umlayezo wakho kuye?
NK: Umlayezo enginawendlulisela bonke abazizwela ithemba lempilo lingekho ngingathi abangalahli ithemba ababuke kimi ngiyisibuko zonke izimo ziyafika kodwa azifikeli ukukuqeda kunalokho ukuzokwakha ukuthi ube umholi omqotho
Ukwendlulisa ubufakazi nakwabanye ukuthi impilo ifuna ukuqinisela.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
-
Usathuka izanya umphakathi wesinye zezigodi zasendaweni yakwaCeza budebuduze nedolobha lasoLundi emva kwesigameko ezinyantisa igazi sokuqoth...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
No comments:
Post a Comment