Kuthele izithelo ukuba uhlupho komdlali weMariztburg United uJudas " Nkunzi" Moseamedi emdlalweni owandulela owamanqamu we Telkom knockout nalapho ibidlala khona ne Kaizer Chiefs eMbombela Stadium eNasipoti izolo ntambama nosekungumlado ukuthi iMariztburg inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa.
uMoseamedi nosezitholele igama elithi Nkunzi kwazise ufana noMasoja Msiza odlala emdlalweni kamabonakude uZalo, ubeso ukuyiqeda iChiefs njengoba emaningi amathuba angoqekelele abewathola nobekulamula unozinti we Chiefs uBvuma, igoli lokuqala lePeople's Choice nokuyisiteketiso seMariztburg lishaywe nguJudas emva kephutha lika Cardoso ohlulekile ukukhipha ibhola ngaphandle ngesiwombe sokuqala.
kuthe ngesiwombe sesibili yakwazi ukuthola igoli lokulinganisa iChiefs ngegoli lika Sassman obeqedela ibhola ebeliphebezwe unozinti we mariztburg u Ofori, akuphelanga sikhathi esingakanani wabuya uJudas lowo wanqomvela elesibili ngomzuzu ka 84 nokubese kuba ngeliweza abafana bowayeyinjini yeBafana Bafana u Eric Tinkler okunguyena oqhoqhobele isikhundla sokuqeqesha kuleliqembu lase Mphithi. ngalomphumela weMariztburg isizotholana phezulu ne Mamelodi Sundowns ngomhlaka ngenyanga ezayo, iDowns iguqise Lamontiville Golden Arrows ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ngomgqibelo ntambama.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umculi wekwaito u Busiswa uzozwakala ku album ka Beyonce ethulwe namuhla nglwesihlanu esihloko esithi Lion KIng -The gift, lentokazi yodum...
-
Kubobonke abathandi bebhola uma bexoxa alisali igama lika Sphelele 'mfanakagogo' Ntshangase obaba njengopelepele wezinyoni kulezin...

No comments:
Post a Comment