Saturday, July 27, 2019

kuphinde kwahlwa emini kuMakhosi

Iqembu le Kaizer Chiefs liqhubekile nokuphoxa abalandeli balo njengoba beshaywe izimbangi zabo ezinkulu okuyi Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni we Carling Black label nobubanjelwe enkundleni i FNB eGoli.

Amagoli e Orlando Pirates angene ngesiwombe sokuqala nalapha ashaywe khona ngu Cliford Mulenga kwathi elesibili lashwaya ngu Thembinkosi Lotch nokube ngelihle igoli nalishaye engaphandle kwebhokisi nahluleke wancama u Bruce Bvuma nobesemapalini eKaizer Chiefs. nakuba izamile ukubuya i Kaizer Chiefs kepha ibibuye ibulawe ukushweba amathuba komdlali wayo omusha u Lazarus Kambole nobethola ohlabudle bamathuba kepha ewakhiphe eceleni.

Lomqhudelwano we Carling Black label nowasungulwa ngonyaka ka 2011 ubusudlala ihlandla lesishangalombili kwazise ngonyaka ophelile awudlalanga ngenxa ye World Cup nebibanjelwe e Russia nosekuwumlando ukuthi yanqotshwa iFrance. 

Iqembu le Orlando Pirates seliyinqobe amahlandla ayisihlanu kanti Ikaizer Chiefs iyiqukule amahlandla amathathu. 

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...