Wednesday, July 24, 2019

IZOBE ISHAYA NGOLUNYE UNYAWO IMEBRA TOURNAMENT

Umqhudelwano kanobhutshuzwayo nohlala ubanjwa minyakayonke nowaziwa nge Mebra Tournament nobanjelwa enkundleni yakwaLubisi uzobe ushaya ngolunye unyawo kulonyaka njengoba kuzobe kunomqhudelwano wabesifazane kanjalo nowabesilisa abangaphansi kweminyaka eyishumi nesikhombisa.

Ekhuluma ne NPG Blog u Pepe 'Mebra' Xaba nongumsunguli walomqhudelwano uthe "Kulonyaka umqudelwano uzoqala ngomhlaka 17 ku Disemba nalapho kuzobe kusadlala ibhola labesifazane kanjalo nabesilisa abangaphansi kweminyaka ewu 17, kuyobese kuthi ngomhlaka 22 bese kuqala umqhudelwano omkhulu noyoze uphele ngomhlaka 31 Disemba".

kulonyaka kulindeleke ukuthi amaqembu ebe amashumi amane(40) azodlala kumqhudelwano omkhulu bese kuthi azodlala kowabesifazane azoba nowabesilisa abangaphansi kweminyaka ewu 17 azobe emane nazoqala ngokudlala imidlalo yokuhlunga (preminary rounds) nokuyoba kuwukuzibekela indawo kumaqembu ayishumi nesithupha ayobe eseqhuthana kuze kuyosala inkunzi eyodwa. nokungaziwa mbhantshikujiya ukuthi kungabe i Ntumbane FC izosivikelani isicoco sayo kwazise yiyona omanqoba balomqhudelwano ngonyaka ophelile.

Ngokusho kuka Mebra nakulonyaka lomqhudelwano usazobe uxhaswe uMasipala wasoPhongolo noholwa ngu Meya uMama B.C Nhlabathi. Amaqembu aseqalile azibekisela izindawo kulomqhudelwano ngokukhokha imali engu R1700 kwazodlala kumqhudelwano omkhulu bese kuthi labo abazodlala kowabesimame nabesilisa abangaphansi kuka 17 kuzobe kuwu R150.


No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...