Sunday, July 21, 2019

UKUKHULA KANZIMA KWAMENZA WABATHANDA ABANTU u HLOPHE

Kukancane uthi uma uxoxo nomuntu osephumelele empilweni owakhulela endaweni yakwa Rouillard nokungelinye lamaplazi aso Phongolo engaliphathi igama lika baba u Edward Hlophe ukuthi wamsiza kanjani ngezinta ezithinta imfundo nanempilo jikelele.

Nakuba ayekhula kanzima eplazini azalelwa kulo lase Emvutshini Estates nelaziwa ngokuthi kukwa Rouillard nalapha ayekhuliswa khona isalukazi esizala uyise akuzange kwamnqinda amandla nomcabango wokuzithuthukisa  ngokufunda ubaba u Edward Hlophe. kwazise waqala ukufunda amabanga aphansi esikolweni esibizwa ngokuthi i Mgnama Primary School ngaphambi kokuyofunda Ophongolo high nase Dwaleni High nokuyizikolwe ezise Lokishini  eNcoshane nokwakumenza ahamba amakilomitha angaphezu kuka 30 ukuya nokubuya kwazise ziqhelile kakhulu kunalapha ayehlala khona

Exoxa ne NPG BLOG uHlophe mayelana nezimo abhekana nazo emva kokuphothula
umatikuletsheni ngo 1992 eDwaleni uthe "Ngenxa yokushoda kwemali yokufunda ngabe sengibuyela khona eplazini eMvutshini ngasebenza imisenzi efana nokugawula umoba, ukukha ama oranges, ukuhlakula kanye yonke imisebenzi yeplazi ongayicabanga yize senginesitifiketi sikamatikuletsheni"

"Kuleyo mnyaka yokusokola kwami ngafunda ukubaluleka kwesikole nokuyinto eyangenza ngakwazi ukwakha ngisho ikhaya. Ngangizama ukugqugquzela intsha yasemaplazini ukuthi nayo ifunde, eshodayo ngiyikhokhele esikolweni, izincwadi zesikole kanye ne uniform. Ngangiye ngiyithathe ngiyiyise eskoleni ngenkani uma ifuna ukuyeka.Abanye ngibakhokhele ngisho emabangeni aphezulu" kuqhuba uHlophe nobuye alwele amalungelo abasebenzi basemaplazini kanjalo nokulwela inhlalakahle yomphakathi wasemaplazini.

Ikhono lakhe lokudlala ibhola lamvulela amathuba  njengoba waqhashwa eSASA ngo 1996 nokwamenza wakwazi ukuqhubeka nemfundo njengoba abhalisela izifundo zezo limo phecelezi Diploma in Agriculture nanzenza e TechniKon SA neseyaziwa nge Unisa manje . wangagcina lapho njengoba ebuye wenza izitifiketi zeFacilitator,Assessor­ ne Moderator kanjalo ne Instructor Certificate ye First Aid.

Yize esebenze iminyaka ewu 22 years kwa SASA  ewu Training Supervisor/­Officer nalapha abebuye efundise emazweni afana no Tanzania, Swaziland, Mozambique, Zimbabwe, Malawi, Nigeria ,Zambia nase Chad wayelokhu eselulile isandla entsheni njengoba Namuhla kuno thisha, amaphoyisa,ababhali bezincwadi,abadlali bebhola elikhokhelwayo, ngisho nabo dokotela ngeqhaza banalo lokubagqugquzela ukuthi bekulwele abafisa ukuba yikho.

Uthando lwakhe ngabantu alusoze lwaphela njengoba ezoba enesidlo nabantu abaphila nokukhubaza  ngenyanga ezayo mhla ziwu 3 ku August ozoba se Ncotshane njengoba ethi uzwa ubuhlungu ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka abanakiwe ngisho kunemicimbi kaHulumeni noma yoMasipala akuhlanganyelwa nabo. "Uma Mfethu ungabuka oPhongolo izimoto zomphakathi azibalungele ukuthi zingasentshenziswa yibo, abaqashiwe ezitolo ngisho nakuwo umkhandlu, abakwazi ukusebenzela bancike kuhulumeni ngesibonelelo"

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...