U-ISAYA 40:29-31 Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
UNkulunkulu akanayo inkinga ngokuphendula imikhuleko yethu kodwa unenkinga ngabantu abangakwazi ukulinda. Miningi imikhuleko osuyikhulekile kodwa kubonakala kuhamba isikhathi. Ungakhathazeki.
Linda kuJehova. Abanye impendulo yabo ifika sebesukile endaweni abebekindele kuyo. Ungasuki endaweni yakho isicelo sakho siyalungiswa.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment