ukukhula ethanda abasakazi abafana no Linda Sibiya no Dj Sbu kufane nesibusiso ukuzithola esakaza nabo emsakazweni iVuma FM lowo ngu A.T Nkosi onguwokuzalwa eNcotshane oPhongolo.
lensizwa ezifelayo ngezemfundo kwazise yathola ithuba lokusakaza yenza imfundo ephakeme, iphupho lokusakaza lachuma isencane lensizwa kwazise yaqala ngokuphatha imicimbi yesikole nalapha yazakhela udumo ngokuba nomdlandla nomfutho kwezokuphatha uhlelo.
ukufakazela uthando lwezemfundo yingakho enenhlangano engenzinzuzo yezemfundo ebizwa ngokuthi yi A.T Nkosi Education Foundation esiza abantu abasha ngezemfundo nangamathuba abakhona uma umuntu efundile. lensizwa esencane isasenabo abazali bobabili kanjalo nodadewabo abathathu.
nakuba lensizwa yakwa Nkosi ingakaganw futhi ingakabi nangane eminyakeni emihlanu ezayo ifisa ukuzibona isinohlelo lwayo olukhulu nakuba manje isakaza uhlelo olubizwa ngokuthi Backstage Pass olungena ngomgqibelo nangesonto kusukela ngehora lesithupha kuze kuyoba eleshumi ebusuku, nakuba emaxhapheshu ngokusakaza kanjalo nokubuye enake ezamabhizinisi kwazise ubuye engene kwezamabhizinizi, kodwa akumvimbi ukuzibukelela iRugby nebhola lezinyawo noma ezifundele izincwadi.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment