Balale zithr kla izinhliziyo abalandeli beqembu le Orlando Pirates izolo ebusuku ngesikhathi ibhabhadisa i Golden Arrows ngamagoli amathathu kwelilodwa.
Umgadli odabuka eZimbabwe u Tendai Ndoro ugile imikhuba engomfela enethini amagoli amathathu ezimnyama kwathi elokusula umlomo le Arrows lishaywe ngu Nduduzo Sibiya.
Leliqembu lika Iron Duke ubaba u Irvin Khoza neligadla ngomqeqeshi omusha ceke u Muhsin Ertugral noyingwazi ekunqobeni imikhumulajezi lilele izolo lithe chwa phezulu kulogi ngamaphuzu amathathu nokulenza lihleke uhleko lwasemfuleni malibona izimbangi zalo iKaized Chiefs ethe choshosho endaweni yeshuminambili emva kokusutha induku ka 2-1 kuBidvest Wits ngolwesibili ebusuku.
Sisekuzo ezithinta ibhola nakuba ivale ngenduku emidlalweni yamaqoqo eCaf Champions league iMamelodi Sundowns izogijima ne Zesco Rangers yase Zambia emidlalweni eyandulela eyamanqamu.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment