Ngesikhathi isathi ithatha isigezugezu sensipho ikaizer Chiefs iwasha ijezi emdlalweni we MTN 8 kwazise iphume kusaphuma ilwezi kumqhudelwano ikhishwa iqembu elisasekwa ngendishi ukuze lihlale i Cape Town City ngo 1-0 izolo ebusuku kubonakale iPlatnum stars izofaka isinqe kuklele oluwashiswe amajezi alomqhudelwano onesizumbulu sika 8million kowunqobile.
IDikwena nokuyisiteketiso sePlatnum stars ikhishwe i Chippa united ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium nokuyinkundla yalliqembu lasebukhosini babafokeng.
Amagoli avulele iPlatnm stars okleleni lwendishinyejezi ashaywe ngu Rhulani Manzini no Menzi Masuku ochithwe i Orlando Pirates
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
U Senzo Mathebula nodume ngokuthi 'Senzohdapoet' nonethalente elimangazayo kwezokuhaya izinkondlo unesifiso sokuthuthukisa abanye ...
-
Imibiko ithi kube nokukhulu ukuphazamiseka kokusebenza egalaji likaphethilolo eShell nelidume ngokuthi kuse Emvoti plaza ngesikhathi kuqu...
-
Mfundisi Bheki KaMkhanduma Buthelezi eZio Christian Fellowship Church International kuGenesise 50:15-21, lithi: “Sebebonile abaf...
No comments:
Post a Comment