Friday, August 5, 2016

Balifanisa noMose waseBhayibhelini ikhansela laku Wadi 15 oPongolo

Kungakapheli nsuku zingaki eqokelwe esikhundleni sokuba ikhansela lasewadini elisha okungu wadi 15 ngaphansi kumasipala waso Phongolo uMnu Sgcino Myeni iningi lezakhamuzi zalewadi neyakhiwe indawo yakwa Shoba nengxenyana yemizi yase Deckville bambona ezobakhipha ebugqilini obese bubabhuqabhuqe eside isikhathi.

Nakuba uMyeni emele inhlangano ka ANC okuyiyo edle umhlanganiso iningi lithi lona bekungekhona ukuthi belivotela uKhongolose kepha livote ngenxa yenhlonipho nokuzithoba kwalensizwa ebuye ibe ngumeluleki wezezimali kwa Sanlam.

Ebantwini abaningi abakhulume ne NPG Newsblog bebevumelana ngazwi linye lokuthi bazibona bebheke ezweni lesethembiso okuyizwe loju nezinyosi ngenxa yokuthoba nokuhlonipha kanjalo nobuhlakani balensizwa esencane.

Omunye owesifazane obekhuluma ne NPG Newsblog uthe " lomfana wangisiza esithwalela izingane zethu zishaywe ngamabhunu, wahlala ubusuku bonke ezisiza zivula icala"

Kanti abanye baqhubeka bathi " sinethemba lokuthi uma kunamathuba emisebenzi uzosisiza sikwazi ukuqasheka"

"Sesizoluthola ngokushesha ulwazi lwezinto ezifana nemifundazwe ekhishwa omasipala ngoba uSgcino usesemncane uyakwazi ukubaluleka kwemfundo"

" uma nje engasisiza esingqongqozele emnyangweni wezogesi sikwazi ukuthola ugesi singathokoza"

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...