Umsunguli womcimbi obizwa ngokuthi Ishodozamaskandi uGovozile Khumalo uthi kulonyaka bazophuma bedelelile abathandi nabalandeli balomculo wesintu.
Lomculi nobuye aziwe ngokuthi ITourist lasoPhongolo nogadla ngolozolo lwezingoma ezihlala zithola indawo ku top 10 yo Khozi fm uthe kulonyaka uzobe evakashelwe ngu Khandalenja nabanye abaculi abaningi basoPhongolo namaphethelo kulomcimbi ozobe userenke yamatekisi kwaMashaya eNtumbane mhla ka 24 KuDesemba nokuzobe kungokwesithathu wenziwa selokhu waqala ngo 2014.
Ekhuluma be NPG newsblog uthe "Ngithi kubo bonke abantu abathanda ukubona into enhle nemnandi eyobe iqala ukwenzeka entumbane abeze bezozibonela".
Nakuba singalutholi uxhaso lokukhokhela abaculi esibadingayo..kodwa singalindela uKhandalenja Ngelo v. Nabo bonke abaculi abasophongolo" kuphetha lensizwa eyazamazamisa izwe ngengoma ethi 'Waxosha indoda'
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Akasekho emhlabeni uMampintsha
Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...
-
Mfundisi Sabelo Shongwe Apostolic Church - oPongolo Ukuthula akube nani bazalwane. imphela lolu,usuku oluhle iNkosy uJesu asenzele lona...
-
Umholi we-ANC Women’s League esifundeni saseMzala Nxumalo, uNkosikhona Mdlalose, udlule emhlabeni engozini yemoto ebuya engqungqutheleni ya...
-
Bewumbonga ngokukluluza umnikazi wamacwecwe angumkokotelo abephulwa ngamaphoyisa edolobheni lasoPhongolo endaweni eyingoje ebizwa ngokuthi k...
No comments:
Post a Comment