Tuesday, November 1, 2016

Izwakale okokuqala ngqa emoyeni iPongola FM

Kuphenduleke imibuzo eminingi ebihlale ibuzwa ngokuqala komsakazo wasoPongolo obizwa nge Pongola FM nedume ngePCR emva kokuzwakala okokuqala emoyeni namuhla.

Lomsakazo oholwa ngu Mnu Vincent Gwebu ongumphathisteshi uthe " Kwamanje ngabe ngiqamba amanga angazi ukuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kakhulu umphakathi wasoPhongolo namaphethelo ngokusibekezelela sonke lesikhathi sisahlanganisa, kodwa ekugcineni sigcine siphumelela".

Selokhu kusile bekuphayiza ulaphayiza ezinkundleni zokuxhumana abantu bezwakalisa ukuthokoza kwabo ngokuzwakala kwalomsakazo ozosakaza ubusuku nemini kusifunda sase Zululand, kwezinye izindawo emkhanyakude, eSwazini kanjalo nakwezinye izindawo sasesifundazweni saseMpumalanga.

Mayelana nokwethulwa kwalomsakazo ngokusemthethweni uMnu Gwebu uthe " Okwamanje sisazama ukuhlanganisa ezinye izinto njengoba sisamatasa ngewebsite lapho abantu bezokwazi ukusithola ku internet ngakho uma yonke into isime ngomumo sesiyokwazi ukuthi siwethule ngokusemthethweni".

Ubonge kakhulu umphakathi wasoPhongolo ngokuthi ube nethemba ngalomsakazo ozinze budebuduze nedolobha lasoPhongolo kusakhiwo sase DW nedume ngokuthi kuse GG.

No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...