Tuesday, November 29, 2016

Hlakanipha ngemali yakho no Nhlanhla Dlamini

Isihloko sanamuhla sithi iziphi izindlela ongalungiselela ngazo umhlala phansi
Ngenkathi edlule sthe wonkumuntu mele abenayo I retierement annuity kanye ne life cover.sikubalile la usizakala khona,sabala ukuthi imali leyo yandisa iholo uma usuthathe umhlala phansi kuretirement kanti I life cover izokusiza mangase ungafiki kwi retirement usasebenza ngenxa yokukhubazeka noma ukufa.
Kukhona ke nomkhuba owandile woku resigner kwabasebenzi okwenza ukuthi kubenzima.uma uresigner emsebenzini.itax iyaye ibenkulu.kanti futhi angigcizelele mlandeli we newsblog ukuthi uma usondele kumhlala phansi ziningi izinto okumele uzibheke,okungabalwa kukho ukukhokhela zonke izikoloti onazo,ukubheka amapolisi ongeke uwakhokhele uma usuthathe wona belu umhlala phansi.
Ukwenaba lapho Mfikaluvuno,akhona amapolicy othi ma uretire mhlampe I funeral cover kwenziwe lento phecelezi premium paid up meaning usuke usenayo leyo policy kodwa ungasakhokhi.
Manje ke okunye uma ususondele ekuthatheni umhlala phansi usuke unomsebenzi omkhulu wokubuyekeza amaqhinga owenzile ukuze wenze impilo yakho ibelula ngenkathi usphuma emsebenzini.kukhona ke lama policy abizwa ngegroup scheme esivamise ukuwahlelelwa umqashi.amanye awo awakuvumeli uqhubeke nokuwakhokhela uma usuthathe umhlala phansi,
So ke kobaluleka ukufuna lawo azoqhubeka nawe,amanye ama plolisi akho azothi ke ngoba uskhulile noma usuya ngasekukhuleni.azonciphisa icover lokho okwenza futhi ubheke ukuthi ungakhona yini ukumelana nesimo esinjalo.
Asikhumbuze ke abathandi be newsblog ukuthi uma uhlala phansi kwi pension onayo.kesithi uno 2million Rand.kwenzeka kanje
Step 1.uthola I lumpsum ka 1/3 okuwu R700 000 obese kusala 2/3 ongu R1 300 000.
Step 2 lowo R1 300 000 iwona ke oyodla amankonyane awo uze ufe.
Step 3.umake usufile iyaye ikhishweke leyo mali inikwe lababantu aba nominatwe uwe kwi pension.kanye nama dependants.
Kubalulekile ukuthi ubheke kwi pension yakho ukuthi ama nominees nama dependents abhaliseke ngendlela yini ngoba inking aiqala uma kunabantu abebe ngabhalisiwe okuthi uma sebevela usufile.labo baphathi be pension bese bethi ukuzindela nokufuna ukuthi ngabe bakhona yini abangasala ngaphandle.
Kuningi esingakusho,sincane isikhathi.uma unombuzo unga commenta ngombuzo lowo,ngokuphendula khona la kwi newsblog.

Sunday, November 27, 2016

KUME izimoto edansa iNay Nay ehambaze

Kukhale amabheli kwaba nekuxokozela edolobheni lasoPhongolo ngesikhathi owesifazane ekhumula esala nqunu phakathi nomgwaqo wasedansa.

Lowesifazane obebonakala enokuphazamisekile emqondweni ubenemibhalo enhlobonhlobo emzimbeni phecelezi amatatoo kanti ubephethe nokoplastiki okuncane obekungaqondakali obekuphakathi kuwo. kuze kwasiza ukufika komunye owesifazane nofike wamthatha wahamba naye.

Abantu bese beme izixhongololo kwazise ubedansa phakathi nomgwaqo. Kuzona lezixhongololo bekukhona abebethi lowesifazane koba Khona akudlile ngoba mabazi engenalutho kwazise ungumhlengikazi kwesinye sezibhedlela eVryheid.

Friday, November 25, 2016

Isizothakwa ngoMthunziwezinkukhu eminye imithi yokwelapha kuleli

Kufezeke iphupho lalowo owayeyilungu leqembu le IFP uMnumzane Mario Ambrosini nongasekho lokuthi kugunyazwe umthunziwezinkukhu ukuba ube semthethweni kuleli uma usentshenziselwa ukuthaka imithi yokwelapha izifo ezifana nomdlavuza nezinye izifo eziyingozi.

Lezindaba zokugunyazwa kogwayiwabadala zethulwe ephalamende yisigungu esengamele ukulawula imithi yokwelapha kuleli nalapha Sikuqinisekisile ukuthi ngonhlolanja wonyaka ozayo izobe isiqalile ukutholakala imithi yokwelapha ethakwe ngensangu.

Lomthetho usagunyazelwe ukwenza ucwaningo kwazise akukachibiyelwa umthetho wezwe osabeka insangu njengesinye sezidakamizwa.


Thursday, November 24, 2016

Uhelezelwe ngamaklabishi namakani amagruvi umqeqeshi weKaizer Chiefs

Uphume enyobozela umqeqeshi weKaizer chiefs uMnumzane Steve Khompela emva kokuyhi abalandeli baleqembu elithathwa njengelikhulu eAfrica lidlale ngokulingana ngo 1-1 ne Super sport United ethathwa njengelahle le Kaizer Chiefs kwazise inabadlali abacela kwabayisikhombisa abebedlala Ku Chiefs kanjalo nomqeqeshi wayo uMnumzane uBaxter ubengumqeqeshi wayo nowayinqobisa izicoco kezimbili zeligi kumasizini amabili edlule.

Sisekuzo ezeligi iqembu le Mamelodi Sundowns inwobe NGO 3-0 ishaya iGolden Arrows.

Tuesday, November 22, 2016

Hlakanipha ngemali yakho no Nhlanhla Dlamini

kwingosi yanamuhla ngifuna sibheke kakhulu impilo yakho mthengi kusuka ezinsukwini zokuthenga.mhlampe sibheke i life cover, retirement annuity kanye ke nama tax implicatios akhona singakhohlwa ukubheka ukuthi ukudinga kangakanani.

angithathe isbonelo ngomuntu oqale ukusebenza eno 25 years bese eshona eno 33 years,kulowo muntu uselahlekelwe imali eningi ebezoyihola kuze kuhlangane u 65 noma u 60 okanye u 55yrs uma ezothatha i early retirement.pension wise siyazi ukuthi umuntu onjalo usuke esaqongelele okuncane,so ke umbuzo uthi ke uma ebenezingane zizosala zibhekwa ubani?ne education plan siyathola ukuthi ubesabeke kancane..isolution yalapho ke kuba i life cover engavala ama short falls.
akesithathe isibonelo ke sabantu oshadile ku incommunity of property,sithi eyedwa ukhokha neskoloti sika R200 000,lokho okwenza mhlape bekhokhele iskoloti sika R400 000,uma sihlanganisa zonke izikoloti,bese ke utholukuthi abanayo i life cover ,iskoloti se partner sisala nosele,hence ilife cover basuke bezoyidinga uku ceder ngayo,hlampe akengichaze ukuthi kuyini uku ceder,ukuceder kukubambisa ngento uma uthatha iskoloti kwenzelwa uma ungase ushone singaphelanga isikoloti.
kunento ke eyimvama e south africa irate yabasebenzayo aba kuma credit abangasakhoni ukuwakhokha bacelwa ku 60% okwenza kube nophawu lubekwe ku payslip noma ku salary advise ukuthi wena awuthembakele ekukhokheni kanti lento yenziwe into obungayinakanga.kuwumthelela nasezweni ukuthi ama investor angathandi ukuthenga ezweni lethu ngenxa yerisk yezimali ezingenzi nzuzo.
asiphinde sithi hlaba hlosi kwi retirement.ithi mayifane ne pension but ke yona iyinto oyithatha volunterily ngenxa mahlampe usubonine ukuthi ipension yakho angeke yanela ukukunika i income encono uma ufika kwiskhathi somhlala phansi,umake uyithathile lokho kusho ukwehla kwejoka kuhulumeni uma use mpeshenini ngoba uzokwazi ukukhokhela izinto ezifana no medical aid kwelakho iphakethe,mhlampe futhi ungabi nasdingo sika poyinandi (old age pension)ka hulumeni.uye unikwe ke ne exemtion kwi tax yakho eyislinganiso sika 100%.lokho kushukuthi uma wena ucontributhe R1200 kwi service provider thizeni kuye ke uthole imali engaba idue to you ewu R12000.siyeke sibe nenxaki kulolo daba sithola imibuzo ethi omunye unayo kodwa kuthiwe kuye uyakolota.ziningi izinto ezibhekwa usars uma ngithi i exemtion ngiqonde ukuthi ezibalweni onazo mayelana ne icome vs imali yentela oyikhokhile,mhlaphe kuthiwe ubu under tax inani lika R5000.wenake ngoba ubune exemtion ka R12000.kuzothiwake R12000-R5000 bese uthola u R7000.
yizeke noma kungekhona uku under tax okuyimbangela yokukolota u sars,okunye kungaba izimali ezikungenela eceleni ezingaku beka kwi tax band.

asibuye siqhubeke naloke loludaba,siikhulume ngokuzayo siluqhuba lalugcine khona.

Iphinde yaqoqa agcwele ibhakaniya ku Chippa United

Kubukeka elala njengoswane uMqeqeshi osabambile Ku Orlando Pirates u Augusto Palacious njengoba Eznyama zibukeka zibuyele uphawini wokunqoba imidlalo selokhu kwaqala ukuthi licijwe uNjeje leliqembu lase Orlando.

Nayizolo ebusuku alizifunzanga isihlathi kepha liwaphose eswini amaphuzu amathathu neliwathatha Ku Chippa United ngo 1-0 nokube yigoli layo leyondoda engalibheki ipali uTendai ' Maseven' Ndoro.

Kanti komunye umdlalo lowo owayeqeqesha I Orlando Pirates u Eric Tinkler uqhubekile nokudlondlobala njengomqeqeshi ngesilhathi iqembu lakhs I Cape town City ibhabhadisa iMarizburg United NGO 3-2.

Sunday, November 20, 2016

Iphakamise izincomo zika R3500 ngenyanga ikhomishana

Ikhomishana ebijutshwe ukuthi yenze uphenyo mayelana nenani lemali okumele ngabe itholwa umsebenzi kuleli ithule umbiko othi kumele umuntu ahole imali esukela ku R3500 kuyaphezulu uma eqashwa.

Lombiko unikwe lowo ongusekela Mongameli wakuleli uMnuzane Cyril Ramaphosa izolo.

Saturday, November 19, 2016

Udle umhlanganiso wokuba ngumuntu ovelele e Africa kulonyaka ukaMadonsela

Lowo obenguMvikeli womphakathi kuleli u Advocate Thuli Madonsela idle umhlanganiso wokuba ngumuntu ovelele e Africa emcimbini we Phephabhuku I Forbes Africa obungolwesine ebusuku kwelase Kenya.

UkaMadonsela unqobe lomunxa ngenxa yesibindi nobuqhawe ekwenzeni ukulungiswa emphakathini. Kulomunxa bekuboshelwe omongameli ababili base Africa okungowase Tanzania nowase Mauritius kanjalo nesiqumama sakuleli esingumsunguli webhange i Capitec bank.

Friday, November 18, 2016

I the chithi saka eye PSL namuhla

Abathandi nabalandeli bebhola bazophinde bethole ithuba lokujabulela ukubona amaqembu awo edlala emva kwekhefu lemidlalo ye fifa nalapho bekuhlungelwa khona imidlalo ye world cup ezobe ise Russia ngo 2018.

Nakuleli imidlalo yesigaba slesikhulu ibuyile njengoba imidlalo isiyonke yosuku lwanamuhla ime kanje.

Mamelodi Sundowns vs Kaizer Chiefs
Baroka vs Supersport United
Chippa United vs Capetown city
Orlando Pirates vs Free state stars
Ajax vs Marizburg United
Platinum Stars vs Ajax Cape town

Bazobhekana nolaka lomnyango abacwasa abafundi abanezihluthu

Ungqongqoshe wezemfundo esifundazweni sakwaZulu Natal uMnuzane Mthandeni Dlungwana ukhiphe umyalelo wokuthi labothisha abacwasa baphinde bephoqe abafundi bebandla la Manazaretha ukuba bagunda bazoyikhotha imbenge yomile ngoba lesisenzo siphambene nomthethosisekelo  wakuleli.

Lesinyathelo sikaNgqongqoshe siza emva kokuthi kubikwe izehlakalo eziningi ebezibikwa ezikolweni lapho othisha bebecwasa bephinde baphoqe abafundi ukuba bagunde nokuphambene nenkolo yobuNazaretha nedume ngokuthi yibandla lakwaShembe.

Thursday, November 17, 2016

Izobe idlubhe elinenkanyezi iDowns ngempelasonto

Ompetha base Africa I Mamelodi Sundowns izobe igqobe ijezi eselifakelwe uphawu lwenkanyezi olufakwa kumpetha onqobe indebe ye Caf Champions league.

Kulindeleke ukuthi kusasa emdlalweni wayo neKaizer chiefs ibonakale okokuqala ngqa nalelijezi nokuyiqembu lesibili kuleli ukuthi linqobe i Champions league kwazise kwaba i Orlando Pirates ngo 1995.

Sunday, November 13, 2016

Uyamaniswa nothinteka ekushushumbiseni ezobhejana uMngqongqoshe wezobunhloli

Usomabhizinisi wase China uMnu Guan Jiang Guang uveze ukuthi ungumngani noNgqongqoshe wezobunhloli kuleli uMnuzane Davin Mahlobo.

Losomabhizinisi othintekayo ekubulaweni nasekudayiseni izimpondo zobhejana ubekhuluma ohlelweni lukamabonakude i Eljazeera. Lemibiko ekhishwe yi SABC eziphendulela uMahlobo uthe yena akahlanganisi luthu nalosomabhizinisi ngaphandle kokuthi uke eye endaweni yakhe yokuzibhucungu, nakuba u Guang kuthiwa ukuqinisekisile ukuthi bona noMahlobo bangayezwana beke bephuze itiye ndawonye emzini walempunyela enoxhaxha lwamabhizinizi eMbombela.  

Umiswe emsebenzini umqeqeshi weBafana Bafana

Inhlangano engamele ibhola kuleli I south African Football Association imise umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo uMnu Shakes Mashaba ngezinsolo zokuthuka uMongameli walenhlangano u Danny Jordan izolo emva komdlalo wokuhlungela I world cup neSenegal nonqotshwe elakuleli ngo 2-1.

Kubikwa ukuthi uMashaba usebenzise iminwe ukuthuka lesisikhulu nose lines I khat hi beside kubikwa ukuthi abahoshelani kahle kusukela elakuleli lehluleka ukungena emidlalweni ye Afcon ezobanjelwa kwelaseAngola ngonyaka ozayo.

Ngokwesitatimende esikhishwe iSAFA uMashaba umisiwe emsebenzini nokwenza ukuthi angahambi neqembu ukuya emdlalweni wesihle ne Mozambique ngolwesibili kusihlwa nokuzothi uMsizi wakhe uMnu Owen Da Gama kube nguye osebhentshini kulomdlalo.

Lithembisa ulozolo lodwa iTourist lasoPhongolo kushodozamaskandi

Umsunguli womcimbi obizwa ngokuthi Ishodozamaskandi uGovozile Khumalo uthi kulonyaka bazophuma bedelelile abathandi nabalandeli balomculo wesintu.

Lomculi nobuye aziwe ngokuthi ITourist lasoPhongolo nogadla ngolozolo lwezingoma ezihlala zithola indawo ku  top 10 yo Khozi fm uthe kulonyaka uzobe evakashelwe ngu Khandalenja nabanye abaculi abaningi basoPhongolo namaphethelo kulomcimbi ozobe userenke yamatekisi kwaMashaya eNtumbane mhla ka 24 KuDesemba nokuzobe kungokwesithathu wenziwa selokhu waqala ngo 2014.

Ekhuluma be NPG newsblog uthe "Ngithi kubo bonke abantu abathanda ukubona into enhle nemnandi eyobe iqala ukwenzeka entumbane abeze bezozibonela".

Nakuba singalutholi uxhaso lokukhokhela abaculi esibadingayo..kodwa singalindela uKhandalenja Ngelo v. Nabo bonke abaculi abasophongolo" kuphetha lensizwa eyazamazamisa izwe ngengoma ethi 'Waxosha indoda'



Saturday, November 12, 2016

Kubashele abebezitamuzela kupoyinandi wezaguga

Lufike emaphethelweni uhlelo lukuvala Zonke lezinkampani ebezizidonsela imali ngokungemthetho empeshenini yezaguga.

Uphiko lozokuholela kuleli I south African Social Security (SASSA) iqinisekise ukuthi kusukela mhla lulunye kwezokwethwasa angeke besadonselwa lemali ebivele kuthiwe ngeyesivumelwano somshwayilense me Airtime.

Kugunyazwe izinkampani zomasingcwabisane kuohela ukuthi zidonse nakhona inani elingu 10% kuya phansi emiholweni yezaguga.

Friday, November 11, 2016

Siyashiya isikhulu esiphezulu sakwa Eskom

Isikhulu esiphezulu kwa Eskom uMnu Brian Molefe uzoshiya esikhundleni asengamele ekupheleni konyaka.

Ngokwesitatimende esikhishwe okhulumela lenhlangano engamele ezogesi kuleli, uMolefe ungomunye wabavelayo kumbiko kalowo obenguMvikeli womphakathi lombiko okhuluma ngokuzisikela kwelinonile komndeni wakwa Gupta.

Ngokombiko woyengumvikeli womphakathi umakhalekhukhwini kaMolefe uvela iziqubu emzini walezimpunyela zakwa Gupta nalapha aziphendulela ngokuthi usuke engekho kwaGupta uMolefe kepha usuke eyocima ukoma budebuduze nakwa Gupta endaweni yokucima ukoma.

Mayelana nokusula kwakhe emsebenzini uMolefe uthe akabalekeli lutho kodwa lesi kube yisinqumo sakhe nesingahlangene nombiko kaMadonsela.

Thursday, November 10, 2016

iYogurt ingahle ifake uKhune eNkingeni Ku Chiefs

Unozinti we Kaizer Chiefs neBafana Bafana u Itumeleng Khune angahle ezithole esenkingeni eqenjini lakhe iKaizer Chiefs emva kokusayinda isivumelwano sokusebenzisana nenkampani yakwa Danone emkhiqizweni wayo obizwa ngokuthi yi Danup yogurt.

Ngokwemibiko ekhishwe iSunday world I chiefs ingahle imthathele ingalo yomthetho lonozinti ngoba ithi uphule umthetho wenkontileka yakhe ayisayina naMakhosi ngonyaka opheleli okuthiwa inomunxa othi uma kunezinkampani ezifuna asebenzisane nazo kumele indaba iqale ibukwe yi Kaizer Chiefs base kuba yiyona ethatha isinqumo kwazise uKhune ungowayo.

Lonozinti ease Ventersdorp kubonakala izinto zimvuma kwazise nangenyanga edlule usayinde isivumelwano sokusebenzisana nenye inkampani yaseThekwini I Newton Sports Agency.

Iphinde yagwaza ingxabu iDA ñgokususa uMongameli wezwe esihlalweni

Iphinde yabuya ekamabuyaze iDemocratic Alliance emizameni yayo yokuthi ehle esihlalweni sokuhola izwe uMnu Jacob Zuma ngesikhathi kuvotelwa ukungamethembi kulesisikhundla.

Izolo bekunenkulumompikiswano ebeshisa nalapho amaqembu aphikisayo ebekhuluma ngezintobathi yizona ezenza zimbone kungasafanele ahole izwe uZuma kulandela ukukhishwa kombiko ngomndeni wakwa Gupta noMengameli wezwe.

Kulokhu Kuvota nosekungokwesibili kwenzeka kulonyaka babe ngu 214 abathe abavumi aphume esikhundleni kwathi abangu 126 bathing akaphume kanti abangu 54 abavotanga nokubalwa umngqongqoshe wezezimali zezwe uMnu Pravin Gordan.

Lizobhantinta emihlanu iPhoyisa lomgwaqo ebiligwazisa oPhongolo

Ungqongqoshe wezokuthutha, ukuphepha nokuxhumana komphakathi kusifundazwe uMnu Mxolisi Kaunda uncome isenzo sethimba ebelijutshwe ukuphenya ngezinsolo zokudayiswa kwezincwadi zokushayela endaweni yasoPongolo.

Loluphenyo loholele ekuboshweni nokugwetshwa iminyaka eyishumi kwalengiswa emihlanu  kuka Mnu Bukhosi Sibiya obeliphoyisa ngaphansi kukaMasipala wasoPhongolo nalowo abemgwazela iMnu Zazi Buthelezi nogwetshwe iminyaka emihlanu nelengisiwe.

Loluphenyo lwaqala ukwenziwa ngo 2011 emva kokuthi kwaba nezinsolo ngokusebenza kwalesiteshi njengoba  kugcine kuvela ukuthi kube nenqwaba yofakazi ekhombe ukuthi izincwadi bezithengisa ngo R5000 kuya Ku R7000.

*Loluludaba luthathwe kusitatimende sabezindaba esibuya kungqongqoshe wezokuthutha kwa Zulu Natal.

Monday, November 7, 2016

Bazonyuselwa imali abangabasizi basezindlini

Umnyango wezabasebenzi umemezele ukuthi kusukela ngenyanga ezayo bonke abasebenzi umsebenzi wokuba ngabasizi basezindlini kungaba ogada abantwana oncendisa ngemisebenzi yasendlini noma owenza ingadi bazonyuselwa imali NGO R19,38 ngehora kulabo abasebenza emizini engaphansi komasipala abakhulu nokusho ukuthi bazobe behola u R2422,54 ngenyanga bese kuthi labor abasebenza emizini eyakhele omasipala abancane bona bazothola u R16,41 ngehora nokusho ukuthi bazothola u R2205,17 ngenyanga.

Sunday, November 6, 2016

Kusuke uqweqwe kwavuka isilonda esidala ku Kaizer Chiefs

Abalandeli beKaizer Chiefs bathunukele isilonda esidala sokuthi iqembu labo liphenduke ukudla kwenduku njengoba liphumile emqhudelwaneni we Telkom Knockout.

Amakhosi aphume ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi umdlalo uphele ngo 2-2 sekungezwe isikhathi phecelezi Extra time.


Saturday, November 5, 2016

Zivakashele izindlebe kubalandeli be Orlando Pirates

Balale beqhilika injabulo abalandeli be Orlando Pirates emva kokuthi Ezimnyama zinqobe ngo 2-1 ku Highlands park emqhudelwaneni we Telkom Knockout izolo ebusuku e Orlando Stadium.

Ezikamagebhula bezidlala ibhola elehlukile kakhulu kunaleli ebezilidlala ngolwesibili ngesikhathi ixexebulwa ngo 6-1 yi Supersport United nokwaholela ekuhambeni kukaMuhsin Ertugral nosekungene u Augusto Palacious eßikhundleni sakhe.

Kweminye imidlalo iMamelodi Sundowns ilale ilinekile ijezi kuwo lomqhudelwano emva kokushaywa ngo 3-1 yi Supersport United sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi uphele ngo 0-0 umdlalo.

Komunye umdlalo khona belu izolo iCape Town City ka Eric Tinkler iphume ngembobo yenalithi ku Baroka FC ngesikhathi umdlalo uphela ngo 4-3 kunqoba ezika Tinkler kulomdlalo obunemvula yamagoli.

Friday, November 4, 2016

Kuqopheke umlando kusayindwa isivumelane sokuveza ibhola laseSwazini

Zilale zizincinza izakhamuzi zaseSwazini zizibuza ukuthi aziphuphinyini emva kokumenyezelwa kwezindaba zokuthi isiteshi sakumabonakude sakulelazwe i Swazi TV nenhlangano eyengamele ibhola basayinde isivumelwano sokusakaza bukhoma ibhola kumabonakude.

Lokhu kuthakaselwe iningi lezakhamuzi emva kokuthi ekhasini lika Facebook weSwazi TV ukhiphe lezindaba eziyinqophamlando kwazise lelizwe selokhu lathi nhlo alikakaze liveze ibhola elidlalwa kulelazwe.

Izozibamba ziqine iDowns ku Supersport United

IMamelodi Sundowns kuzodingeka izibambe ziqine emdlalweni womkhaya ne Supersport United namuhla kusihlwa emqhudelwaneni we Telkom Knock out nozodlalelwa ePitoli.

iSupersport iya kulomdlalo nje imisila iphakeme kwazise iqeda kubukisa nge Pirates emdlalweni welogi ngolwesibili nalapha yayivavabula ngo 6-1 nokwaholela ekutheni kusule umqeqeshi wayo uMuhsin Ertugral nosekungumlando ukuthi kuthathe u Augusto Palacious njengabamba kuze kube uZibandlela.

Kweminye imidlalo i Orlando Pirates izobhukula namuhla ebusuku nalapha izobe ibhekane ne Highlands Park nesiqeqeshwa u Gordon Igesund.

IBaroka FC izotholana phezulu ne Cape Town City ntambama ngehora lesithathu.

Zikhala ngabazisengayo izitabane

Abesilisa abaphila impilo yokuthandana nabanye abobulili obufana nobabo bakhala ngabesilisa abafika benze ingathi bazofuna uthando kanti  akunjalo bazofuna imali kwazise loluhlobo ludume ngokuba nezimali.

Ngokubikwa kwephepha lesizulu Isolezwe libike ukuthi iningi labayengi kusuka kungabesilisa abanabo abesifazane abathandana nabo kuthi abanye ufice ukithi bashadile banabafazi nezingane.

Kugcine kumnqoba ukufa owaboshelwa ukuba neqhaza ekufeni kuka Hani

Lowo owayeyilunga le Conservative Party uMnu Derby Lewis(80) ngezikhathi zobandlula nowayengungqoshishilizi ekuboshweni kwetulo lokusoconga uChris Hani udlulile emhlabeni emva kokugula isikhathi eside ephethwe umdlavuza.

uDerby-Lewis uze wedlula emhlabeni engakalikhiphi iqiniso lokuthi wabulawelani lomholi wamadlela ndawonye ka ANC okuyi SACP ngonyaka ka 1993.

Udlula nje emhlabeni usanda kuphuma ngoshwele ejele emva kokudonsa iminyaka ewu 20 ejele.

Thursday, November 3, 2016

LITHE phenqu ibheshu emadodeni ngombiko kawayengumvikile womphakathi

Umbiko obulindwe ngabomvu yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika mayelana nomndeni wakwa Gupta osolwa ngokuba ubhongoza ekulawuleni kukahulumeni wezwe ugcine uphuma.

Lombiko wophenyo olwalwenziwa yilowo obengumvikeli womphakathi u Adv Thuli Madonsela uveze ukuthi lomndeni yiwona ozikhombela ngobhoko ongqongqoshe abazodanselanisiginci sabo, kulombiko kuphinde kwavela nokuthi indodana kaMnu Zuma ongumengameli wezwe uDuduzani Zuma ubezenzela umathanda  eminyangweni kahulumeni ukuze kuphume izimali zamathenda.  Ngokubika kwamaphephandaba.

Lombiko kuningi okuqukethe njengoba abalelwa ku 300 amakhasi aqukethe lombiko.

Wednesday, November 2, 2016

Amathe abuyele kwasifuba kubalandeli beKaizer Chiefs

Balale begwajaza abalandeli beKaizer Chiefs emva kokuthi iqembu labo lidlale ngokulingana ngo 0-0 ne Baroka fc eMoses Mabhida Stadium eThekwini izolo ebusuku.

Labalandeli bagwajaza nje bekade bedelela udede izimbangi zabo okuyi Orlando Pirates ethole udume lwengozi ka 6-1 ishaywa iSupersport United kuthangi kusihlwa nokuholele umqeqeshi uMuhsin Ertugral ethi usegadle zephuka usacela ukushenxa.

Ukuyekela amathuba kwe Chiefs kulomdlalo yikhona okuyilimazile kwazise ibiwathola kepha ingawasebenzisi lomphumela uyenze yahlala endaweni yesithathu kulogi kanti ukuba ibinqobile ngabe iqhwakele phezulu ngamaphuzu angu 17 kepha manje inawu 15 isele ngelilodwa ku Bidvest Wits eqhwakele ngawu 16.

Kweminye imidlalo i Golden Arrows ithole induku ka 1-0 ku Platnum Stars, kwathi Cape Town City yanqoba ngo 1-0 ishaya iCeltic engenamqeqeshi emva kokusula kuka Roger De Sa ngeledlule.

"Akashenxe uMongameli wezwe" - Nehawu

Inyunyana yabasebenzi bezempilo iNehawu isiphakamise ukuthi ashenxe esikhundleni sokungamela izwe uMnuzane Jacob Zuma ngenxa yokuthi ubuholi bakhe buhlulekile.

Lenyunyana ikhiphe lesitatimende emva komhlangano wobuholi bawo nalapha ibalule ukufadalala komnotho, inkohlakalo nokuphelelwa yithemba kwabantu bakulelizwe.

Lenyunyana engaphansi komfelandawonye wezinyunyana i Cosatu ayiqali ukuphakamisa lokhu njengoba yaba inyunyana yokuqala ukuthi akehle esikhundleni uMongameli wezwe.

Yamukelwe incwadi yokuthi khumu komqeqeshi we Orlando Pirates

Uyamukele usihlalo we Orlando Pirates uDokotela Irvin Khoza  incwadi yokubeka phansi amathuluzi okuqeqesha leliqembu lase Orlando.

UMuhsin Ertugral nolibeke ngembaba elokuthi kuyothi kusa namuhla ebe esemnikile usihlalo weqembu emva kokushaywa ngembhudlu yamagoli nokube ngu 6-1 yiSupersport United izolo ebusuku.

Tuesday, November 1, 2016

Imbulele uVan Damme iSupersport izolo kusihlwa

Abalandeli bebhola baseNingizomu Afrika bamatanise ingoma kaMroza ethi 'Sobulala u Van Damme' nomphumela obuphakathi kwe Suppersport United ne Orlando Pirates nalapho i Supersport ishaye yaze yayibeka umunwe esweni ngo 6-1 izolo ebusuku emdlalweni obudlalelwa e Mbombela Stadium.

Lomdlalo we Absa Premiership ushiye abalandeli bebhakaniya bekhexile kwazise yizona Ezimnyama ezibone kuqala inethi ngesiwombe sokuqala kwathi ngesiwombe sesibili abuya Amatsatsatsa pitori ashaya ayisithupha nokuthe makuphrla umdlalo wathi uMqeqeshi we Orlando Pirates u Muhsin Ertugral uzosula njengomqeqeshi emva kwehlazo elingaka.

Sisekuzo ezithinta iPSL iBidvest Wits idlule ngo 1-0 ishaya iqembu le Chippa United khona belu izolo ebusuku.

Izwakale okokuqala ngqa emoyeni iPongola FM

Kuphenduleke imibuzo eminingi ebihlale ibuzwa ngokuqala komsakazo wasoPongolo obizwa nge Pongola FM nedume ngePCR emva kokuzwakala okokuqala emoyeni namuhla.

Lomsakazo oholwa ngu Mnu Vincent Gwebu ongumphathisteshi uthe " Kwamanje ngabe ngiqamba amanga angazi ukuthi ngithini ngendlela engijabule ngayo, ngibonga kakhulu umphakathi wasoPhongolo namaphethelo ngokusibekezelela sonke lesikhathi sisahlanganisa, kodwa ekugcineni sigcine siphumelela".

Selokhu kusile bekuphayiza ulaphayiza ezinkundleni zokuxhumana abantu bezwakalisa ukuthokoza kwabo ngokuzwakala kwalomsakazo ozosakaza ubusuku nemini kusifunda sase Zululand, kwezinye izindawo emkhanyakude, eSwazini kanjalo nakwezinye izindawo sasesifundazweni saseMpumalanga.

Mayelana nokwethulwa kwalomsakazo ngokusemthethweni uMnu Gwebu uthe " Okwamanje sisazama ukuhlanganisa ezinye izinto njengoba sisamatasa ngewebsite lapho abantu bezokwazi ukusithola ku internet ngakho uma yonke into isime ngomumo sesiyokwazi ukuthi siwethule ngokusemthethweni".

Ubonge kakhulu umphakathi wasoPhongolo ngokuthi ube nethemba ngalomsakazo ozinze budebuduze nedolobha lasoPhongolo kusakhiwo sase DW nedume ngokuthi kuse GG.

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...