Thursday, June 30, 2016

Uchonywe olwegwalagwala uMasipala wasoPhongolo

Umasipala wasoPhongolo oholwa uMnu Mashiya Hadebe uklonyeliswe ngomklomelo wokuba i Best Sukuma Sakhe Award ngesikhathi kunemiklomelo yomasipala bakulesiFundazwe izolo eMarizburg.

Lomklomelo iwuthole ngenxa yamagalelo ayo kuhlelo luka Sukuma Sakhe olwenziwa kubona bonke oMasipala.

Kanti noMasipala wesifunda sase Zululand ophethwe u Baba uHlatshwayo uthole umklomelo wokubaqwaqwada bonke omasipala bezifunda ngokuletha intuthuko edidiyelwe.g

Wednesday, June 29, 2016

Sizobe sibhukusha kwesimanzonzo isichomane sasoPhongolo

Kubathandi nabalandeli bomculo kaMaskandi ikakhulukazi abasoPhongolo bazobe bethe ne emsakazweni uKhozi fm kwazise umculi odabuka kuyo lendawo u Mlungisi Buthelezi odume ngelesichomane sasoPhongolo uzobe esohlelweni luka Zimiphi Biyela olubizwa ngokuthi Sibhukuda kwesimanzonzo noluzongena ngehora le 11 kuzekuyoshaya elesibili entathakusa.

Lensizwa yaseMphafeni khona oPongolo izobe izokwethula icwecwe layo elisihloko esithi "Isibivabiva" nelikhiphe kulonyaka uthwasa. Kubukeka liya ngokukhula izinga lika Maskandi endaweni yasoPongolo kwazise kunabaculi abafana no Govozile odume ngele Tourist yasoPongolo ozakabi ohlwini lwe Top 10 kuwo lomsakazo. Kanti kuzokhumbuleka ukuthi kwakunomunye umculi owayebizwa ngo Mpukanezimzwani wakhona oPongolo esigodini sakwaBhembe owayecula nenqwaba yabaculi abafana no Mgqumeni, Bhekumuzi Luthuli nabanye.

Ligwetshiwe ibhova lokuzibeka

Lowo owazamazamisa umhlaba ngo 2012 uSbusiso Gcabashe ngokuzibiza ngomculi ongasekho kaMaskandi uMgqumeni izolo ugwetshwe iminyaka ewu 28 ebhadla ejele ngamacala okudlwengula, ukuzenza umuntu engesiye, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelokushaya.

lendoda eyake yazama ukuphuma ibaleke ejele kusaqala ukuqulwa kwecala layo yazamazamisa umhlaba ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi ingu Mgqumeni yasho nokusho ukuthi ibithetshuliwe idla udaka nobulongwe yaze yasizwa uMholi webandla lakwaShembe owayikhipha kulenkinga yokwenziwa umantindane.

Nakuba esegwetshiwe kodwa umndeni wakwaKhumalo usasho namanje ukuthi lona ngu Mgqumeni yingakho uthe uzosedlulisa isigwebo enkantolo ephakeme lapha uzozama khona ukuthi inkantolo isichithe.

Tuesday, June 28, 2016

Ingahle ibukele amanye amaqembu evotelwa i NFP

Zilale zinkenketha izinhliziyo zabalandeli beqembu le NFP kwaZulu Natal emva kokuthi isikhulu esiphethe isigungu sezokuvotisa u IEC uMnu Mawethu Mosery ethe leliqembu eliholwa ngu Nkosikazi Zanele Magwaza Msibi ngeke lilungenele ukhetho emva kokufika lizokhokha sekwadlula isikhathi.

Ngokombiko okhishwe nguNobhala Jikelele waleliqembu uSolwazi Nhlanhla Khubisa uthe uMgcinimafa waleliqembu uMnu Xolani Ndlovu waphambanisa izinsuku zokuvalwa okwakuwumhlaka 2 June kulonyaka, kepha mafika sekulenga ukhiya emnyango lakwakumele bekhokhe khona imali ebalelwa ko R92000.

Nakuba echazile uNobhala waleliqembu kodwa ezihamba nomoya izindaba zithi kwakhokhwa ngesikhathi kodwa lafika labhampa isheke okwakuwuphawu lokuthi alinamali.

Kulindeleke isinqumo senkantolo yokhetho ukuthi iyayivuna yini yini i NFP kwazise ilubike kuyo udaba lokucelwa ukumpuntshiswa ukuze ikwazi ukuba ingxenye yamaqembu azoqhudelana okhethweni lohulumeni basekhaya ngomhlaka 3 ku August nonyaka.

Umisiwe uthisha wakwaNongoma owabonakala evithiza izingane ngepayipi

Uthisha okwaputshuka ivideo yakhe ezibusisa ngenduku kubafundi basesikoleni iTokoyoko kwaNongoma usemisiwe emsebenzini.

Ngokusho kukangqongqoshe wezemfundo izolo uMnu Myhandeni Dlungwane uthe uzozibambela yena mathupha udaba lwalothisha ovela kuvideo evithiza sandla nasinqa kubafundi balesikole esimaphakathi nekwazulu Natal

Unqunyelwa ogodweni umongameli wezwe ukuba akhokhe u 7.9 Million

uMongameli wezwe laseNingizimu Africa uMnu Jacob Zuma unqunyelwe ugwayi katiki ukuthi akhokhe u 7.9 Million wamarandi ngezindleko zokwakha nokulungiswa komuzi wakhe ose Nkandla.

Ngokweainqumo samajaji esanika umnuzane uZuma ukuba akhokhe siyaphela kusasa emva kokunikwa izinsuku eziwu60 nokudale ukuba izolo ihhovisi likamgcinimafa wezwe lethule umbiko eliwutholile ngesikhathi liyozenzela mathupha uphenyo emzini kaNxamama.

Ukusheba ipolitiki nomsebenzi akamthikamezi ndawo u Sgcino Myeni

Ngubani amagama akho aphelele?

NginguJotham Sgcino Myeni, ngihlala eDeckville,ekhaya besizelwe siwu 10,mina ngingowesi-6. Abahlanu ke sebadlula emhlabeni sisele sibahlanu.

Wafunda kuziphi izikolwe?

Ngizalelwe endaweni yakwaMlogo khona la oPhongolo, ngayoqala amabanga aphansi kwaNongoma eFundukhuphuke primary,ngedlulela eMaphophoma,nasoSuthu Primary ,ngase ngizokwenza my High School grades eMbhekwa.

Lwaqala nini uthando lwezepolitiki?

Uthando lwepolitiki luqale ngaboyear 2002 and then imembership yami kaANC ngiyithathe ngo2003 ngaqala ukungena ezinhlakeni zombutho ngo2005. Ngalesosikhathi uThabo Mbeki ubengumongameli weqembu.


 Usebenzaphi uma ungekho matasatasa nePolitiki?

Ngisebenzela uSanlam as a Financial Advisor khona lapha oPhongolo, kanti ngike ngasebenza as a Store Manager for Scooters Pizza in Pietermaritzburg.

 Ku ANC ngabe uphethe ziphi izikhundla?

Njengamanje nginguDeputy Chairperson weSub-Region okuyisigungu esiphezulu oPhongolo,ngiphinde ngibe unobhala weBranch yakuward -15. Ngike ngaba nguSihlalo webranch,kuward-13 noNobhala kuward-8. Ungakabibikho uward-13. Manje ngimele uANC kuward-15 kulolukhetho esiya kulo lwangoAugust 3.

Uma ungekho matasa ngomsebenzi wenhlangano noma wenkampani ka Sanlam ukhonze ukuphumula kanjani?

Ngibuka itelevision, ngifunde amaphephandaba nezincwadi ikakhulu zeANC,njengamanje incwadi engiyifundayo ngekhuluma ngoDr Nelson Mandela esihloko sithi: 'CONVERSATION WITH MYSELF'. Ngikhonze nokubukela ibhola ke,njengoba ngingumlandeli waleteam enkulu yala eMzansi! Ngiye ngihambele nemicimbi yomphakathi,kungaba yimingcwabo noma yimishado inqobo nje uma kuhlanganise abantu.

Ngabe insizwa isithathile , bangaki abantwana?

Nakuba bengingakathathi kodwa nginaye umaqondana. Nginabantwana abane abafana ababili namantombazane amabili.

Uma ungake unikwa ithuba lokuba uMongameli usuku olulodwa ikuphi ongakushintsha?

Uma ngingaba umongameli ilanga elilodwa,ngingaqeda uhulumeni wesifundazwe nomaspala weDistrict,bese komaspala abalocal kube namadepartments aligned with those in National government so that iBudget allocation isuke kuNational iye straight kuLocal,ngicabanga ukuthi lokho kungenza iservice delivery emakhaya siyithole ngokufana nasemadolobheni. Otherwise ngicabanga ukuthi uhulumeni okhona is trying its level best ukuphucula izimpilo zabantu,and most policies asetshenziswa uhulumeni wethu angamahle kakhulu. That is why we have achieved a lot as a nation noma kusekuningi okusamele sikwenze.

Monday, June 27, 2016

Aphenduke iqiniso amahemuhemu ngabadlali abeza ku Chiefs

Cishe emva kokuthi iqembu le Kaizer Chiefs sakhuculula inqwaba yabadlali eyayingasabadingi kwaqala kwaba nenqwaba yamagama abadlali ababemataniswa nayo ukuthi bazozithola bedlubhe imibala ephuzi okusagolide nomnyama okuyimibala yamakhosi.

Kuthe namuhla kwaba nenkomfa yezintatheli ebibizwe iqembu layo belu i Kaizer Chiefs ukuzothula abadlali bayo esebasayinisile nangempela ikwenzile lokho iChiefs yethula abayisishiyagalombili okuyilaba

Sbu Khumalo  (Supersport United)
Enocent Mkhabela (Supersports united)
Edmore Chirambadare ( Chicken inn , Zimbabwe)
Mitchell Katsvairo (Chicken inn, Zimbabwe)
Lewis Macha ( F de Maputo, Zambia)
Rama Mphahlele ( Sundowns)
Keagan Buchanan(Bloemfontein celtic)


Kusenamanye amagama alokhu eyamaniswa namakhosi okungelila Cheesboy Mokoena, Evans Rusike ne Derlon Makoe beMarizburg United.

Kanti nasebhentshini kwenziwe ushintsho kwasuswa uDoctor Khumalo kwesokuba isekela lika Steve Khompela kwalethwa uJohn Pinstil ongowokudabuka eGhana nobedlala ku Marizburg United oqome ukuwagaxa emgibeni amakhokho ngokuphela kwesizini edlule.



Sunday, June 26, 2016

Uqophe umlando uBlack Coffee

uNkosinathi Maphumulo odume ngelika DJ Black Cofee uqophe umlando ngesikhathi eba owokuqala eNingizimu Africa ukunqoba indondo kumklomelwane omkhulu emhlabeni obizwa ngama BET Awards nabebanjelwe kwelase USA.

UBlack  cofee unqobe kumkhakha we best international song song Africa. Kulomunxa ubeqhathwe nomunye odabuka kuleli ocula iHip hop u AKA kanjalo nabanye base Nigeria u Wizkid nabale baphetha ukuzoshutha no Black Coffee ngesikhathi esemukela indondo estage.

Friday, June 24, 2016

Uthisha obesina ezibethela kubafundi ngepayipi

Buka ivideo yothisha obetatabula izingane ngemvubu nokunamahemuhemu athi ukwesinye sezikolwe zakwaNongoma


Asezoboshwa onke amadoda anemilalazi efihliwe

Izwe lase Cameroon likhiphe umthetho omusha wokuthi onke amadoda aphingayo asezoboshwa njengoba bekwenzeka kwabesifazane abaphingayo bebeboshwa izinyanga ezintathu besejele.

Zingaphezu kuka 200 izicelo zokusakaza ku PCR

Umphathi wesiteshi uMnu Vincent Gwebu esizovulwa oPongola esibizwa ngokuthi iPongola FM uthi bamukele izicelo ezingaphezu kuka 200 zabafisa ukuzozama inhlanhla yokuba ngabasakazi.

Ebuzwa ngokuthi kuza kanjani ukuthi kubizwe inhlolokhono okwesibili nakuba yake yenziwa ngonyaka ka 2013 uphendule wathi baqale kabusha yonke into ephathelene nomsakazo.

Lenhlolokhono izoba isezindlini zomsakazo budebuduze nedolobhala lasoPongolo esakhiweni esibizwa ngokuthi i DW kusukela ngomsombuluko kuze kuyoba ulwesibili.

Thursday, June 23, 2016

Uthole ikhadi elibomvu ngenxa yokubhodla ngokhalo

u Adam Lindin Ljungkvis uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into emehlele emdlalweni weqembu lakhe i Jarna SK  ebeliwudlala esigabeni sabakhudla ibhenji phecelezi reserve league yezwe lase Sweden ngesikhathi eyhola ikhadi lesibili eliphuzu nebese lisho ukuthi usethole elibomvu.

Ngokombiko okhishwe ikick off magazine lensizwa ithi ithe uma ibuza kunondweba ukuthi yenzeni wathi unondweba ikhadi ilitholele ukuthi ishaye isilwanqa yingakho eyikhiphile kulomdlalo.

Namanje usamangele lomdlali ukuthi bekumele enzenjani uma ezwa indalo imemeza uthi ngabe uyezwa ukuba uthe uma ededela ukuba uqondise kuye unondweba.


Wednesday, June 22, 2016

Ufe ngezandla njengentwala kushaywa abebehlalise lubhojozi umphakathi

Kubikwa ukuthi umphakathi waseKhiphunyawo nokuyisigceme sesithathu kumasipala wasophongolo uthe sekwanele ubugebengu obudla lubi kulendawo.

Lomphakathi ubese uvulela ngesibhaxu kulabo abenza ubugebengu kulendawo okubalwa ukubamba inkunzi nokugqekeza imizi. Kubikwa ukuthi kushone oyedwa kulabasolwa ngenxa yokushaywa kanti abanye basagcwele esibhedlela nalapho kwembulwa kwembheswa.


Wagqugquzelwa ukufundiswa izincwadi esikoleni osekuku Nongoma FM

Uma ulalela umsakazo iNongoma fm uhlelo lukaMaskandi, ukufundwa kwezindaba kanjalo nomculo wokholo kunalelizwi elimtoti elizoyizayo kulezinhlelo lika Nonhlanhla Nxumalo, iningi lethu limazi ngendlebe kwazise simgcina emsakazweni, namuhla sixoxe kabanzi nalentokazi yakwa Fuduka eFilidi, ingxoxo yethu ihambe kanje
Ngabe ngubani uNonhlanhla?

NginguNonhlanhla Nxumalo intombi ethanda ujesu ngalendlela eyisimanga,ngazalelwa eVryheid kwaFuduka ngakhula khona njengoba naanje ngisahlala khona,
ngafunda amabanga aphansi eKlein-Eden Combined School ngaphinde ngaphinde ngaphothula khona umatric wami.

Ukhule uyingane enjani?

ngikhule ngiyingane ebiphaphile inabangani abaphaphile kodwa bengazi ukuthi ngifisa ini ngempilo yami,bekwala noma abangani bai benza izinto eziphambene bengima kwelokuthi engifundiswanga okunje ekhaya,futhi bengiyingane ebiziphethekahle njengoba ngize ngaphothula uatric ngisayintombi nto futhi nghamba nomkhosi womhlanga.

Lwaqala nini uthando lokusakaza?

uthando lomsakazo luqale ngisakhula lapho ngangihlala ngiphethe into ngithi imicrophone ngizisakazela ngingedwa,kanti nasesikoleni ngangihlala ngifunda ua kudingeka ozofunda nalokho kwase kungenza ngiba nothando lokuba iNews Reader.

Ngabe wenza luphi uhlelo ku Nongoma FM?

KuNongoma fm ngsebenza njenge News Reader,ngibuye ngizibambe izinhlelo okunjengolukaMaskandi,kanye noloKholo kanjalo nokuproducer izinhlelo ezithile.

Ngabe ikuphi oyaye ukwenze uma ungekho emva kombhobho?

.into engiyenzayo if ngingasebenzi ukut ngsuke ngiqhubekisa iphupho lami njengoba ngisafisa liqhubeke kakhulu kunalokhu.

Ukhonze ukuziphumelela kanjani?

if kungamaSunday ngiya esontweni,kokunye ngthanda ukuhlala nabazali bami kanye noboy,nokupheka ngikuthanda kakhulu if ngingekho emsebenzi ngiyathanda ukuphekela abantu ecibini yabo..

Ngabe usushadile uma abantwana bekhona bangaki?

angigananga yebo nginezingane eziwthu  okungabafana uBandiswa kanye NoPhilasande. 

Ufisa ukuzibona ukuphi eminyakeni emihlanu ezayo?

emnyakeni emihlanu ngfisa ukuzibona iphupho lami kanye nesifiso ngempilo yai sekukwelinye izinga,noma ngabe ngsekuyo iNongoma fm kodwa ngibe sengjabulise abazali bami kanye nezingane zami.

Ukhonze kuphi ukudla kanjalo nesiphuzo?

ukudla engikuthandayo ipapa nenyama angikudli ukudla okungenayo inyama,iziphuzo ngthanda ukuphuza ijuice namanzi.

Uthini umlayezo wakho ongawubhekisa entsheni esafisa ukuvezekisa amaphupho ayo?

Into engingayisho kakhulukazi kubantu abasha ukuthi ukubekezela kuzala ipumelelo,umele ukubekezela ukuze uzofika la ofisa khona nokuthi kungabibikho umsebenzi oweyayo nowubukela phansi if ufuna iphupho lakho lifezeke,bese ukhohlwa abangani ababi wenze lokhu ukufundiswe ekhaya nokhuliswe ngakho ekhaya.okukhulu kunakho konke ukuthi empilweni yakho ufake uJesu ukuze azokuphathela impilo yakho.ungaphili impilo yokujabulisa abangani ukudlula wena.jabula ngempilo yakho.Ungananki la ophuma KHONA,nala oKHONA kodwa bheka la oyaKHONA.

ngabe uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana?

yebo kufacebook nginguNonhlanhla MaMqabula  Nxumalo Evryheidkwafuduka,twitter @nhlanhlo_zwide.

Tuesday, June 21, 2016

Aliconsela amathe iwadi elisha oPongolo amaqembu ezepolitiki

Nguwashiywa emaqenjini ezepolitiki agaqele ukudla iwadi elisha ceke ngaphansi komasipala wasoPongolo okungu wadi 15 ofaka indawo yakwashoba neyase Deckville.

Lamaqembu abonakala engasabazi ubuthongo yinhlangano ka ANC iqembu le IFP nele NFP. Leliwadi libuhlubuke ku wadi 8 ophethwe yiqembu le IFP nelayinqoba emva kokuthi owayenqobile we NFP wakhumula umjezi enkundleni ekhala ngenjenje kwabangakubo.

Nakuba bengakaphanyekwa ezigxotsheni kodwa amahemu hemu athi u ANC ugabe ngo Sgcino Myeni ongomunye wosondonzima balenhlangano ebukeka ingasabazi ubuthongo ngoba usuku nosuku ihlala ihambela imizi, bese iqembu le IFP liza ngoyikhansela kuwadi 8 uMnu Mbhekiseni Nkumane kuthi iqembu le NFP ligadle ngoMnu Njingakayisweli Mavuso odume ngelikaJacky.

Kubukeka kuzowasebenzela amaqembu amaningi kuleliwadi ukunxenxa abavoti kwazise kusasele inyanga yonke kuvotwe.

Monday, June 20, 2016

uMholi we DA ubonakale eshaye ujenga ohlwini lwamablesser

Intokazi eyavusa izinhlonzi kubantu abaningi bakuleli engu Amanda Cele eyaphumela obala ngokuthi iphila impilo yokuba umbusiswa (blesee) yingakho iphila impilo ephezulu kangaka.

Umthombo wezindaba obizwa ngokuthi i ondimic.com uveze uhlu olukhishwe ilentokazi yabantu abangamablesser ayo kuloluhlu kukhona negama loholi we Democratic alliance uMmusi Maimane, Patrice Motsepe, Fikile Mbalula, Kenny Kunene , Itumeleng Khune nabanye abaningi okubalwa nabafundisi abadumile ezweni.

Kufezeke iphupho leminyaka kumculi wokholo wakwashoba

Umculi womculo wokholo uMandla Malinga nowaziwa ngo Nceku Mandla endimeni yezomculo uthi kufezeke iphupho lakhe emva kokukhipha icwecwe lakhe lokuqala.

Lensizwa ebuye ibe ngumakhenikha wezindizamshini iqhamuke ngecwecwe elisihloko esithi ' Alpha the begining' nayikhiphe ngaphansi kwesitebele sika Tefelo Ramoroka esibizwa ngokuthi i Baroka Production.

 Lelicwecwe elinezingoma eziwu 14 ligabe ngezingoma ezifana nethi 'Ngifumene umusa, Kwelokhaya, noma ngihlupheka , izibusiso' nezinye eziningi nathe u Nceku Mandla zizothokozelwa yibo bonke abantu kwazise zikhuluma nawowonke umuntu.

Kubukeka umculo usemndenini kwaMalinga kwazise nomnewabo omdala wakhe uMandla ungumculi kanjalo ubuye abe ngumfundisi.

Nakuba kuyicwecwe lakhe lokuqala leli uNceku Mandla kubukeka ekhiphe unyawo njengoba esebenze naye belu uMnewabo u PS Malinga, uBheki 'Digga' Zondo, u Mxolisi Mbokazi naye osanda kukhipha elakhe icwecwe.

Kulabo abafisa ukuzitholela lolulozolo lwe Album bengamthola kulezinkundla zokuxhumana ku Facebook, ku page , Nceku Mandla, naku Twitter @mandlamalinga2.

Friday, June 17, 2016

Awuzukucinywa ugesi kulobubusika kusho abakwa Eskom

Isikhungo sikahulumeni esihlinzeka ngogesi kulelizwe u Eskom ukuqinisekisile ukughi angeke uze unqanyulwe ugesi kulobubusika nokuyindlela yokuwonga.

Abakwa Eskom bakhuluma kanje yingoba bese kuyisejwayezi ukuthi njalo uma kusebusika kube khona ukunqanyulwa kukagesi ezweni ngokuhlukana kwezindawo nokwakudalwa ukuthi ayemancane amandla abephehlwa iziphehlimandla zikagesi ezweni.

Thursday, June 16, 2016

Kuyoba neaizungu makungahamba abelungu - Malema

Umholi weqembu le Economic freedom Fighters uJulius Malema uthe uma kungake kuthiwa abelungu bayahamba ezweni lase South Africa kunga bhora kakhulu okusho ukuthi kungaba neaizungu.

UJuju ubekhuluma emgubhweni wentsha izolo eMbalenhle eSecunda kusifundazwe saseMpumalanga. okaMalema uphinde wathi yena akakaze ethi akulwise abelungu nomam amabhunu ezweni kepha yena wathi akube khona ukulingana phakathi kwabamhlophe nabantu abamnyama kwezomnotho.


Kugqugquzelwe intsha ukuba ihlome ngemfundo emgubhweni wosuku lwentsha

Umnyango wezokuvikela ezweni wenze indumezulu yomcimbi lapha ibizonikela khona ngomfaniswano wesikolwe kulabo bafundi abawudingayo kakhulu.

Lomcimbi obuhambisana nokugutshwa kosuku lwentsha phecelezi youth day ububanjelwe kwashoba ehholo lomphakathi nalapha lomcimbi ubuhanjelwe eminye iminyango okungowezempilo nofike wabeka omahamba nendlwa kuhlolelwa izifo ezahlukenekanjalo nomnyango wezamaphoyisa nobuholi bendawo okuyizinduna nekhansela lesigceme sika Ward 8 ukhansela uMbhekiseni Nkumane.

Izikole bezisina zidedelana ngamakhono ehlukahlukene okubalwa indlamu, umculo wokholo, nezinkondlo nokunye okuningi. Okuphinde kwahlaba umxhwele intsha ukuthola izaluleko komunye wabantu abasebancane osephumelele ngaso isikhali semfundo nongowokuzalwa khona endaweni uSyabonga Nxumalo nosebenzela umnyango wezemfundo ephakeme.


Tuesday, June 14, 2016

uMuhsin Eturgral ngumqeqeshi omusha wezimnyama

Umqeqeshi odabuka ezweni lase Turkey uMuhsin 'Mshini' Eturgral umenyezelwe njengomqeqeshi omusha weqembu le Orlando Pirates izolo ntambama.

u Eturgral nobeqeqesha iqembu eliqedwa kudayiselwa u John Comitis i Mpumalanga Black Aces kubikwa ukuthi usahine iminyaka emithathu nezimnyama nebeziholwa ngu Eric Tinkler okubikwa ukuthi usazoba nomhlangano noShlalo we Orlando Pirates u Dokotela Irvin Khoza.

Lomqeqeshi odume ngokudlalisa abadlali abasebancane ngeminyaka nakhonze ukubabiza ngamachwane ngumakade ebona ebholeni laseNingizimu Africa useyiqeqeshe amahlandla amabili iKaizer Chiefs Kanjalo naku Ajax Cape town njengoba egcine eseqeqesha iqembu le Mpumalanga black aces.

Sunday, June 12, 2016

Iyezwakala imiphoso ye Tourist lasoPhongolo o Khozini FM

Umculi kamaskandi wasoPhongolo uMuzikayise 'Govozile' Khumalo nodume ngele Tourist ufike kwezwakala kuqoqo lezingoma ezihambe phambili emsakazweni omkhulu kunayoyonke eSouth Africa uKhozi fm.

ITourist lasoPongolo lilele endaweni yesithathu ngengoma yalo entsha ethi Hlabelamadlozi ephume ku Album yalo entsha ephume ngephasika esihloko esithi Hlabelamadlozi.

Lensizwa edabuka eNtumbane nebonakala ikhula mawala kulomculo kamaskandi ibonge abantu basoPhongolo ngokuyeseka yethembisa ukuthi izoqhubeka isebenze kanzima ukuze nomphakathi wasoPhongolo uzohlala uziqhenya ngaye.

Saturday, June 11, 2016

Ligcwale umoya kumsakazi obeziphatha ngophaphabheke ku Nongoma FM

Lithe lishona elayizolo bese zithe chithi saka izindaba zokuxoshwa komsakazi obedume ngelika Dj Jujucy nobesakaza uhlelo lwe Hip Hop nolubizwa ngokuthi i Show without a name, lezindaba zokukhonjwa isango kwalensizwa omagamayo empela u Nkonzenhle  Mbuyazi zibonakale ekhasini lika Facebook lomphathisiteshi uMntwana u Siboniso Zulu.

Ngokwesitatimende esichashunwe ekhasini likamphathisteshi lomsakazi ukhululwe ngokushesha emsebenzini ngenxa yokuqhubeka nokungaziphathi kahle.

Kulindeleke ukuthi isikhala salomsakazi obaziwa ngokusakaza ngesilungu  ukuthi sivalwe yilowo ozokhethwa kunhlolokhono ezokwenziwa ngenyanga ezayo.


Friday, June 10, 2016

Maningi amadoda anenkinga yokugamanxa kwehora lesithupha eNingizimu Afrika

Isikhungu esibizwa ngokuthi yi Pharma Dynamics aikhiphe umbiko othi abalelwa ku 5 Million amadoda aseNingizimu Africa anenkinga yokuthi induku ikhomba phansi makumele kuyiwe ocansini.

Lolucwaningo lubika ukuthi iningi lalamadoda azithola ekulenkinga yokugamanxa kwehora lesithupha nje yingenxa yezinto eziningi ezithinta ukungazinakekeli nokubese kudala izifo ezifana nesifo senhliziyo umfutho ophezulu wegazi ushukela ugwayi nokuphuza kakhulu utshwala.

Tuesday, June 7, 2016

Obekhonjwa kwesokuqeqeshe iPirates u Stephen Keshi akasekho emhlabeni

Umakadebona kwezebhola lezinyawo odabuka e Nigeria u Mnu Stephen Keshi akasekho emhlabeni.

UKeshi nowanqoba isicoco se Afcon njengomdlali waphinda wasinqoba njengomqeqeshi eseqeqesha izwe lakhe iNigeria kubikwa ukuthi umelwe inhliziyo washona esezweni lakhe eNigeria.

Lomqeqeshi obeseqeqeshe amazwe amaningi nokubalwa ne Togo ayifaka okokuqala ngqa emidlalweni yendebe yomhlaba uhamba nje emhlabeni ulandela unkosikazi wakhe nokubikwa ukuthi washona ngo December nyakenye.

Lokaputeni wakudala wezwe lase Nigeria uhamba nje bekusabalele amahemuhemu athi ufunwa yiqembu le Orlando Pirates uthuli ukuba azoliqeqesha.

Monday, June 6, 2016

Alokhu eba iqiniso okwabizwa ngamampunge ngokuxoshwa kongqongqoshe

Lilokhu ligecile izembe ezikhundlelni ezinkulu zikahulumeni kwaZulu Natal lokhu kuza emva kokuxoshwa kwalowo obephethe umnyango wezemfundo umama u Peggy Nkonyeni kwangena lowo obengusekela Ngqongqoshe kwezolimo namahlathi uMnu Mthandeni Dlungwane.

Emavikini angemangaki edlule kwaphuma uhlu longqongqoshe abazoxoshwa ezikhundleni kuloluhlu olwalubeke kwelenyoni lowo obengundunankulu wesifundazwe uMnu Senzo Mchunu nosekuwumlando ukuthi sewagawulwa izembe kwangena uMnu Willies Mchunu.

Amehlo omphakathi azolokhu ethe njo kanjalo nezindlebe zizocijela ukuzwa ukuyhi ngubani olandelayo kulabo abakuloluhlu noselubonakala luya ngokuncipha.

Akasekho umakadebona kwezokulingisa

Inkunzi emdwayidwa kwezokulingisa ubaba u Sbusiso Nyembezi nobaziwa ngamagalelo akhe kwezokulingisa emdlalweni wamahlaya owawuthi emzini wezinsizwa kushone elayizolo engena engenile amazwi enduduzo emndenini wakhe emva kokudlula ngokukhulu ukuzuma nokubikwa ukuthi ubenesifo sikashukela.

Saturday, June 4, 2016

Ubonga izimbuzi ngokulolonga ikhono lokusakaza oweNguna FM

Sithunyelwe
Ukukhula elingisa uKhetha Gwala ngesikhathi eluse izimbuzi ikhona okwalolonga ikhono lokusakaza kunsizwa esencane uNtozabantu Mpungose ongumsakazi wokuqina weNguna fm nokungumsakazo wamakholwa ozinze edolobheni lasoLundi.

Loluswahla lwensizwa oluneziqu zokusakaza nolwazithola e Intec College lwenza uhlelo lwezemfundo maphakathi neviki lubuye lushayele uhlelo lukaMaskandi ngesabatha/Mgqibelo ngehora leshumi nambili emini, nakuba egxile embhobheni kepha ubuye abe ngumdidiyeli wezinhlelo kulomsakazo otholakala ku 89.0 fm.

Lensizwa engubaba wendodakazi eneminyaka emihlanu izibona isakazela imisakazo emikhulu kanjalo isinohlelo lwayo kumabonakude eminyakeni ezayo nakuba ibonakala ihamba emzileni obheke phambili kepha ayikhohliwe imfundo njengoba yenza unyaka wesine ezifundweni zobuthushela ekolishi lase Saints.

Ekhuluma neNewsblog u Snebhesh nokuyigama abuye ateketiswe ngalo u Ntozabantu unxuse intsha ukuba izame ngakho konke okusemandleni ukuvezekisa amaphupho ayo bese idlalela kude notshwala nezidakamizwa.

Thursday, June 2, 2016

Isimanga senkonyane elizalwe linezinhloko ezimbili

Kube nesimanga senkonyane elizalwe linezinhloko ezimbili endaweni yakwaShoba oPhongolo.

Lelinkonyane elingaphilanga isikhathi eside ngoba ligcine ngokufa lazalwa emavikini edlule lizalwe linamehlo amane imilomo namakhala okubili .

NB: ngenxa yokuvikela nokuhlonipha isicelo somndeni ngeke sisiveze isithombe senkonyane

Wednesday, June 1, 2016

Inqwaba efakwe amasondo ku Chiefs

Iqembu leKaizer Chiefs nelithathwa njengelinye elikhulu ezweni kuthe kulalwa izolo bese kusabalele uhlu lwabadlali okuthiwa angeke bebonakale kuleliqembu.

Amakhosi nokuyigama eliteketiswa ngalo leliqembu lalowo owayeyibamba ku Orlando Pirates u Kaizer Motaung liqrde isizini linganqobanga ngisho esisodwa isicoco kweze PSL neze Caf. Indlela Amakhosi abedlala ngayo bekungeke kuthuse ukuwabona eliwasha ekuseni ijezi ngisho ezitekini zenkukhu ngendlela yebhola elinhlakanhlaka ebelidlala nokuyeka oqekele bamathuba okushaya amagoli.


Abangeke kuvuselelwe izinkontileka zabo ngu Morgan Gould Yeye Letsholonyane , Ryde Pieterse no Siboniso Gaxa

Abacelwe ukuthi becinge amanye amakhaya yilaba  Philani Cele, Ovidy Karuru, Levy Mokgothu, Simphiwe Mtsweni, Shandukani Mulovhedzi, Chris Matombo, Zitha Macheke

Abasohlwini lwabadayiswayo  Siyanda Xulu, Bongani Ndulula, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Sula Matovu, Ivan Bukenya

Ababolekiswayo David Zulu (Chippa United) no Andisiwe Mtsila

Okushintshiswane ngaye ngu Keegan Ritchie ku SuperSport United no Sibusiso Khumalo

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...