Friday, July 1, 2016

Uphila iphupho lakhe osenamabhizinisi phesheya kwezilwandle

Insizwa esencane engu Mloti Mhlophe engoyokuzalwa kwashoba oPongolo nesiyisakhamuzi saseNgilandi kwelendlovukazi ithi kwakubiza ukuba aqine ukhakhayi ukuhamba ekhaya esesemncane eyozinsa phesheya kwezilwandle.

Lensizwa eyafunda eMlimisi khona kwashoba neyayaziwa ngokuba namahlaya kanjalo nokuhlala iphapheme ithi nakuba yayinovalo mhla iya kozinsa phesheya kepha yayikhona injabulo kwazise kwakuyiphupho layo ukuyohlala phesheya kwezilwandle. Nakuba iveza ukuthi unyaka wokuqala awubanga lula kwazise kwakumele ijwayele impilo, isimo sezulu, ukudla, abantu bendawo kanjalo ke nolimi olukhulunywayo ezweni lendlokukazi.

Ngesikhathi efika kwelendlovukazi wafika wenza eminingi imisebenzi ngasese kwasize wayefunda eBirmingham University enza izifundo Civil Engineering kanti kuyimanje ufunda e Imperial College London lapha enza khona izifundo zezobuchwepheshe phecelezi IT ngasese kwazise ungumnikazi wezinkampani ezimbili kulona lelazwe.

Kubukeka uthando lokufunda lulukhulu kulensizwa eyafunda kwa Notshelwa High School eFilidi kwazise yaqala yafundela ukubaza e KZN Coastal College in Durban yadlulelea eMtashana College kwaNongoma yayokwenza ugesi.

Nakuba eseyisakhamuzi kwelamangisi kodwa uthi kuyokwenzeka ngenye imini abuye azosebenzela lapha emzansi njengoba ingekho indawo efana nekhaya.






No comments:

Akasekho emhlabeni uMampintsha

Ushayeke udume lwengozi umkhakha wezomculo kuleli emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kuka Mandlenkosi 'Mampintsha' Maph...